Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 1

‘Hambani Niyokwenza Abafundi’

‘Hambani Niyokwenza Abafundi’

ISIHLOKO SETHU SONYAKA KA-2020: “Ngakho-ke hambani niyokwenza . . . abafundi, nibabhapathize.”—MATH. 28:19.

INGOMA 79 Zifundiseni Ukuma Ziqine

AMAZWIBELA *

1-2. Yini ingelosi eyitshela abesifazane abasethuneni likaJesu, futhi yisiphi isiqondiso uJesu abanikeza zona?

KUSENTATHAKUSA ngo-Nisani 16, 33 C.E. Belusizi, abesifazane abesaba uNkulunkulu basendleleni eya ethuneni lapho kungcwatshwe khona iNkosi uJesu Kristu emahoreni angu-36 adlule. Lapho befika ethuneni bezogcoba isidumbu ngeziqholo nangamafutha anamakha, bayamangala ngoba isidumbu asikho ethuneni. Ingelosi iyabatshela ukuthi uJesu uvusiwe, bese ithi: “Uyanandulela uya eGalile; nizombona khona.”—Math. 28:1-7; Luka 23:56; 24:10.

2 Lapho abesifazane besuka ethuneni, uJesu ngokwakhe uya kubo bese ebanika lesi siqondiso: “Hambani niyobikela abafowethu, ukuze bahambe baye eGalile; bazongibona khona.” (Math. 28:10) Kumelwe ukuba kuneziqondiso ezibalulekile uJesu afuna ukuzinika abafundi bakhe njengoba lona kuwumhlangano wokuqala nabo ngemva kokuba evusiwe!

UMYALO WANIKEZWA OBANI?

Ngesikhathi uJesu ehlangana nabaphostoli bakhe nabanye abafundi eGalile ngemva kokuvuswa kwakhe, wabayala ukuba ‘bahambe bayokwenza . . . abafundi’ (Bheka izigaba 3-4)

3-4. Kungani singathi umyalo okuMathewu 28:19, 20 wawunganikezwa abaphostoli kuphela? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

3 Funda uMathewu 28:16-20. Emhlanganweni uJesu aba nawo nabafundi bakhe, wakhuluma ngomsebenzi obalulekile abafundi bakhe ababeyowenza phakathi nekhulu lokuqala—okuwumsebenzi nathi esiwenzayo namuhla. UJesu wathi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”

4 UJesu ufuna bonke abalandeli bakhe bashumayele. Akazange ayale kuphela abaphostoli bakhe abathembekile abangu-11 ukuba benze lo msebenzi. Kungani siqiniseka ngalokhu? Ingabe kwakukhona abaphostoli bodwa entabeni yaseGalile ngesikhathi uJesu ekhipha lo myalo wokwenza abafundi. Khumbula lokho okwashiwo ingelosi kwabesifazane: “Nizombona khona [eGalile].” Ngakho, kumelwe ukuba babekhona nabesifazane abathembekile kulowo mhlangano. Kodwa akugcini lapho. Umphostoli uPawulu uveza nokuthi uJesu “wabonakala kubazalwane abangaphezu kwamakhulu amahlanu ngesikhathi esisodwa.” (1 Kor. 15:6) Babekuphi?

5. Yini esiyifunda kweyoku-1 Korinte 15:6?

5 Sinezizathu ezinhle zokucabanga ukuthi uPawulu wayebhekisela emhlanganweni owawuseGalile okukhulunywa ngawo kuMathewu isahluko 28. Yiziphi lezo zizathu? Esokuqala, abafundi bakaJesu abaningi babehlala eGalile. Ngakho kwakuyoba lula ukuba nomhlangano nabantu abaningi entabeni yaseGalile kunokuba ube semzini wothile eJerusalema. Esesibili, uJesu ovusiwe wayesebonene nabaphostoli bakhe abangu-11 emzini oseJerusalema. Ukube uJesu wayefuna ukuyala abaphostoli bakhe kuphela ukuba benze abafundi, wayeyobatshela lapho kulowo muzi kunokuba abacele kanye nabesifazane nabanye ukuba bahlangane naye eGalile.—Luka 24:33, 36.

6. UMathewu 28:20 ubonisa kanjani ukuthi umyalo wokwenza abafundi uyasithinta nathi namuhla, futhi abantu bawulalela ngezinga elingakanani lo myalo?

6 Cabanga ngesizathu sesithathu esibalulekile. Umyalo kaJesu wokwenza abafundi wawungathinti nje kuphela amaKristu ayephila ngaleso sikhathi. Sazi kanjani? UJesu waphetha ngala mazwi: “Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 28:20) Namuhla kunjengoba uJesu asho, umsebenzi wokwenza abafundi wenziwa ngezinga elikhulu kakhulu. Cabanga nje! Unyaka ngamunye abantu abangaba ngu-300 000 bayabhapathizwa ukuze babe oFakazi BakaJehova nabafundi bakaJesu Kristu!

7. Yini esizoxoxa ngayo manje, futhi kungani?

7 Abantu abaningi abafundelwa iBhayibheli bayathuthuka futhi babhapathizwe. Nokho, abanye esifunda nabo iBhayibheli bangase babe madolonzima noma besabe ukuba abafundi. Bayakujabulela ukufunda nathi, kodwa abathuthuki babhapathizwe. Uma kunomuntu ofunda naye, siyaqiniseka ukuthi ufuna ukumsiza akusebenzise ekuphileni kwakhe lokho akufundayo futhi abe umfundi kaKristu. Lesi sihloko sizoxoxa ngendlela esingabasiza ngayo abantu esifunda nabo iBhayibheli bathande uJehova futhi bathuthuke ekumkhonzeni. Kungani kudingeka sixoxe ngalokhu? Yingoba ngezinye izikhathi kungase kudingeke sinqume ukuthi siyaqhubeka yini sifunda nothile noma siyayeka.

ZAMA UKUSIZA UMFUNDI ATHANDE UJEHOVA

8. Kungani ngezinye izikhathi kunzima ukusiza esibafundela iBhayibheli ukuba bathande uJehova?

8 UJehova ufuna abantu bamkhonze ngoba bemthanda. Ngakho umgomo wethu uwukusiza abantu esibafundela iBhayibheli baqonde ukuthi uJehova ubakhathalela ngokujulile futhi ubathanda kakhulu. Sifuna ukubasiza babone ukuthi uJehova “unguyise wentandane nomahluleli wabafelokazi.” (IHu. 68:5) Lapho obafundelayo bebona ukuthi uNkulunkulu uyabathanda, cishe bayothinteka enhliziyweni futhi baqale ukumthanda. Kungase kube nzima ngabanye ukubheka uJehova njengoBaba onothando ngenxa yokuthi bakhuliswe obaba ababengabathandi futhi bengenandaba nabo. (2 Thim. 3:1, 3) Ngakho lapho ubaqhubela isifundo seBhayibheli, gcizelela ukuthi uJehova unezimfanelo ezinhle. Basize baqonde ukuthi uNkulunkulu wethu onothando ufuna bathole ukuphila okuphakade futhi uzimisele ukubasiza ukuze bakuthole. Yikuphi okunye esingakwenza?

9-10. Yiziphi izincwadi okufanele sizisebenzise lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli, futhi kungani sisebenzisa lezo zincwadi?

9 Sebenzisa incwadi ethi “Lingasifundisani IBhayibheli?” nethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu.” Lezo zincwadi zenzelwe ukusisiza sikwazi ukuthinta izinhliziyo zabantu esibafundelayo. Ngokwesibonelo, isahluko 1 sencwadi ethi Lingasifundisani siphendula le mibuzo: UNkulunkulu uyasithanda yini noma akanandaba nathi?, UNkulunkulu uzizwa kanjani lapho abantu behlupheka? nothi Ungaba yini umngane kaJehova? Incwadi ethi Zigcineni Othandweni yona? Le ncwadi izosiza umfundi aqonde indlela izimiso zeBhayibheli ezingakuthuthukisa ngayo ukuphila kwakhe futhi zimsize asondelane noJehova. Ngisho noma bekhona abanye osufunde nabo lezi zincwadi, lungiselela kahle isifundo ngasinye ucabanga ngezidingo zomfundi ngamunye.

10 Nokho, ake sithi umfundi uthanda nifunde ngokuthile okusencwadini engekho eBhokisini Lamathuluzi Okufundisa. Mhlawumbe ungamkhuthaza ukuba azifundele yena leyo ncwadi ngesikhathi sakhe ukuze nikwazi ukuqhubeka nifunda nisebenzisa izincwadi okusanda kukhulunywa ngazo.

Qala ngomthandazo lapho nifunda (Bheka isigaba 11)

11. Kufanele siqale nini ukuvula nokuphetha ngomthandazo lapho sifunda, futhi ungamsiza kanjani umfundi aqonde ukubaluleka kwalokhu?

11 Qala ngomthandazo lapho nifunda. Uma kungenzeka kuhle ukusheshe niqale ukuvula nangokuphetha ngomthandazo lapho nizofunda, mhlawumbe ngemva kwamaviki ambalwa niqalile ukufunda. Kumelwe sisize abantu esifunda nabo baqaphele ukuthi okuwukuphela kwendlela esingaqonda ngayo iZwi likaNkulunkulu iwukucela umoya kaNkulunkulu. Ukuze asize abafundi baqonde ukuthi kungani kubalulekile ukuthandaza lapho bezofunda, amanye amaKristu asebenzisa umBhalo kaJakobe 1:5, othi: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu.” Abe esebuza umfundi, “Singakucela kanjani ukuhlakanipha kuNkulunkulu?” Cishe umfundi uyovuma ukuthi kufanele sithandaze kuNkulunkulu.

12. Ungalisebenzisa kanjani iHubo 139:2-4 ukuze usize umfundi athuthukise imithandazo yakhe?

12 Fundisa umfundi indlela yokuthandaza. Mqinisekise ngokuthi uJehova uyafuna ukuyizwa imithandazo yakhe esuka enhliziyweni. Mchazele ukuthi lapho sithandaza sisodwa, singakwazi ukutshela uJehova okusezinhliziyweni zethu—simtshele zonke izinto esingase singathandi ukuzitshela abanye abantu. Phela uJehova uyayazi indlela esizizwa ngayo ekujuleni kwezinhliziyo zethu. (Funda iHubo 139:2-4.) Singamkhuthaza nokuba acele usizo lukaNkulunkulu ukuze akwazi ukuyeka imikhuba nemicabango emibi. Ngokwesibonelo, umuntu osunesikhathi ufunda naye angase athande ukugubha iholidi elingamjabulisi uNkulunkulu. Uyazi ukuthi akufanele aligubhe kodwa iqiniso liwukuthi kunezinto asazithanda ngalo. Mkhuthaze ukuba atshele uJehova ngokuqondile indlela azizwa ngayo futhi acele usizo lwakhe ukuze athande kuphela izinto ezijabulisa uNkulunkulu.—IHu. 97:10.

Cela umfundi eze emihlanganweni yethu (Bheka isigaba 13)

13. (a) Kungani kufanele sibamemele emihlanganweni zisuka nje abantu esifunda nabo? (b) Yini esingayenza ukuze umuntu esifunda naye azizwe ekhululekile lapho eseHholo loMbuso?

13 Mcele zisuka nje umfundi ukuba eze emihlanganweni yethu. Lokho umfundi akuzwa nakubona emihlanganweni yethu yobuKristu kungamthinta inhliziyo futhi kumsize athuthuke. Mbonise ividiyo ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso? bese umcela ukuba ahambe nawe. Uma ungakwazi, mtshele ukuthi uzomlanda. Kuhle uhambe nabamemezeli abahlukahlukene lapho uyoqhuba isifundo. Ngaleyo ndlela, umfundi uyosheshe ajwayelane nabanye ebandleni futhi uyokujabulela ukuya emihlanganweni yethu.

SIZA UMFUNDI ATHUTHUKE

14. Yini engasiza umfundi athuthuke?

14 Umgomo wethu uwukusiza umuntu esimfundela iBhayibheli athuthuke. (Efe. 4:13) Lapho umuntu evuma ukuba sifunde naye iBhayibheli, kungenzeka usuke ecabanga indlela azozuza ngayo yena. Nokho, lapho esethanda uJehova, cishe uyoqala ukucabanga ngendlela angasiza ngayo abanye, okuhlanganisa nalabo asebeyingxenye yebandla kakade. (Math. 22:37-39) Ngesikhathi esifanele, ungesabi ukumtshela ngelungelo esinalo lokusekela umsebenzi woMbuso ngezimali.

Fundisa umfundi lokho okumelwe akwenze lapho ebhekana nezinkinga (Bheka isigaba 15)

15. Singabasiza kanjani abantu esibafundela iBhayibheli bakwazi ukwenza okulungile lapho bebhekana nezinkinga?

15 Fundisa umfundi lokho okumelwe akwenze lapho ebhekana nezinkinga. Ngokwesibonelo, ake sithi umuntu ofunda naye, osengummemezeli ongabhapathiziwe, ukutshela ukuthi othile ebandleni umphathe kabi. Kunokuba umtshele ukuthi ubani owenze iphutha, mchazele lokho iBhayibheli elithi kufanele akwenze. Angase akhethe ukumxolela umfowabo noma, uma engakwazi ukuyidlulisa leyo ndaba, akhulume naye ngendlela ebonisa umusa nothando, enomgomo ‘wokumzuza umfowabo.’ (Qhathanisa noMathewu 18:15.) Msize umfundi alungiselele lokho azokusho uma esexoxa nomfowabo. Mbonise ukuthi angayisebenzisa kanjani i-JW Library®, INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova ne-jw.org® ukuze afunde ngezindlela zokuxazulula izinkinga. Uma efunda indlela yokuxazulula ukungezwani ngaphambi kokuba abhapathizwe, uyokwazi ukusebenzelana kahle nabanye ebandleni ngisho nalapho esebhapathiziwe.

16. Kungani kukuhle ukuhamba nabanye abamemezeli lapho uyoqhuba isifundo?

16 Cela ukuhamba nabanye ebandleni—kanye nombonisi wesigodi uma ehambele ibandla okulo—lapho uyoqhuba isifundo. Kungani? Ngaphezu kwezizathu esesikhulume ngazo, abanye abamemezeli bangase bakwazi ukusiza umuntu omfundelayo ngezindlela wena ongeke ukwazi ukumsiza ngazo. Ngokwesibonelo, ake sithi umfundi usezame kaningi ukuyeka ukubhema kodwa uyehluleka. Cela ukuhamba noFakazi owayebhekene nenkinga efanayo kodwa wagcina enqobile ngemva kokwehluleka izikhathi eziningi. Lowo mmemezeli angase atshele umfundi amacebiso awadingayo. Uma wesaba ukuqhuba isifundo lapho uhamba nomzalwane osengumakad’ ebona, mcele asiqhube yena. Lapho uhamba nabanye, umfundi angazuza kakhulu kubo. Khumbula ukuthi umgomo wethu uwukusiza umfundi athuthuke.

NGIYEKE YINI UKUFUNDA NOMUNTU ENGIMFUNDELAYO?

17-18. Yini okufanele uyicabangele lapho unquma ukuthi kufanele uyeke yini ukufunda nomuntu?

17 Uma umuntu ofunda naye iBhayibheli engazenzi izinguquko ekuphileni kwakhe, ngokuhamba kwesikhathi kuyofanele uzibuze, ‘Ngiyeke yini ukufunda naye?’ Ngaphambi kokuba wenze leso sinqumo, kuhle ucabange ngamakhono omfundi. Abantu abathuthuki ngejubane elifanayo. Zibuze: ‘Ingabe umfundi uthuthuka ngejubane elifanele izimo zakhe?’ ‘Ingabe useqala “ukugcina,” noma ukusebenzisa izinto azifundayo?’ (Math. 28:20) Umfundi angase ephuze ukuthuthuka, kodwa izinguquko azenzayo ekuphileni kufanele zibonakale kancane kancane.

18 Kodwa-ke kufanele senzeni lapho sesifunde nomuntu isikhathi eside futhi engabonisi nakancane ukuthi ukufunda kubalulekile kuye? Cabanga ngalesi simo: Umuntu omfundelayo useyiqedile incwadi ethi Lingasifundisani, mhlawumbe useqale ngisho nethi Zigcineni Othandweni, kodwa akakaze alubhade emihlanganweni yebandla—akakaze eze ngisho naseSikhumbuzweni! Uma kumelwe nifunde, akatholakali ngenxa yezizathu ezingathi shu. Esimweni esinjalo, kuyofanele ukhulume naye umtshele amaqiniso. *

19. Yini ongase uyisho kumuntu ongabheki ukufunda njengokubalulekile, futhi yini okuzodingeka ucabange ngayo?

19 Ungase uqale ngokumbuza, ‘Ucabanga ukuthi yini ekuvimbela ukuba ube uFakazi KaJehova?’ Umfundi angase aphendule athi, ‘Ngiyakuthanda ukufunda iBhayibheli, kodwa angisoze ngaba uFakazi KaJehova!’ Uma esho kanjalo nakuba senifunde isikhathi eside, sisekhona ngempela yini isidingo sokuqhubeka ufunda naye? Ngakolunye uhlangothi, umfundi angase akutshele ukuthi yini embambile njengoba engathuthuki. Ngokwesibonelo, angase akutshele ukuthi unomuzwa wokuthi akasoze akwazi ukushumayela endlini ngendlu. Ngakho, njengoba usuyazi indlela azizwa ngayo, kuyoba lula ukuqonda ukuthi ungamsiza kanjani.

Ungachithi isikhathi sakho ufunda nomuntu ongazimisele ukuthuthuka (Bheka isigaba 20)

20. Ukuqonda izEnzo 13:48 kungasisiza kanjani sibone ukuthi kufanele siyeke yini ukufunda nomuntu noma siqhubeke?

20 Kuyadabukisa ukuthi abanye abantu esifunda nabo bafana nama-Israyeli angosuku lukaHezekeli. Phawula lokho uJehova akusho ngawo kuHezekeli: “Bheka! kubo ufana nengoma yothando oluvusa imizwa, unjengomuntu onezwi elimtoti futhi obetha kahle insimbi yomculo enezintambo. Ngokuqinisekile bazowezwa amazwi akho, kodwa akekho noyedwa [ozowenza].” (Hez. 33:32) Kungase kube nzima ukutshela umuntu ukuthi siyayeka ukufunda naye. Nokho, “isikhathi esesisele sinciphile.” (1 Kor. 7:29) Kunokuba sichithe isikhathi sethu esiningi sifunda nabantu abangafuni ukuthuthuka, kumelwe sizame ukucinga labo ababonisayo ukuthi ‘bathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’—Funda izEnzo 13:48.

Kungase kube khona abanye ensimini yenu abathandazela usizo (Bheka isigaba 20)

21. Uthini umBhalo wethu wonyaka ka-2020, futhi kungani ufaneleka?

21 Phakathi nonyaka ka-2020, isihloko sonyaka sizosisiza sizimisele ukuwenza kangcono umsebenzi wokwenza abafundi. Sithathelwe emazwini uJesu awakhuluma kulowaya mhlangano obalulekile owawusentabeni yaseGalile, athi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza . . . abafundi, nibabhapathize.”Math. 28:19.

Kwangathi singazimisela ukuwenza kangcono umsebenzi wokwenza abafundi futhi sisize abantu esifunda nabo iBhayibheli babhapathizwe (Bheka isigaba 21)

INGOMA 70 Funani Abafanelekayo

^ par. 5 UmBhalo wethu wonyaka ka-2020 usikhuthaza ukuba ‘senze abafundi.’ Zonke izinceku zikaJehova kumelwe ziwulalele lo myalo. Singazisiza kanjani izifundo zethu zeBhayibheli ukuze zikwazi ukuba abafundi bakaKristu? Lesi sihloko sizosibonisa indlela esingabasiza ngayo abantu esifunda nabo iBhayibheli ukuze basondelane noJehova. Sizoxoxa nangokuthi singanquma kanjani ukuthi kufanele siyeke yini ukufunda nothile noma kufanele siqhubeke.

^ par. 18 Bukela ividiyo ethi Ukuyeka Ukutadisha IBhayibheli Nabantu Abangathuthuki ku-JW Broadcasting®.