Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 5

Sizohamba Nani

Sizohamba Nani

“Sizohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.”—ZAK. 8:23.

INGOMA 26 Nikwenzile Kimi

AMAZWIBELA *

Abezinye izimvu (“amadoda ayishumi”) bayakujabulela ukukhonza uJehova bekanye nabagcotshiwe (‘indoda engumJuda’) (Bheka isigaba 1-2)

1. Yini uJehova athi yayizokwenzeka esikhathini esiphila kuso?

UJEHOVA wabikezela lokhu ngesikhathi esiphila kuso: “Amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe [ayobamba], yebo, impela abambe umphetho wengubo yendoda engumJuda, athi: ‘Sizohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’” (Zak. 8:23) ‘Indoda engumJuda’ okukhulunywa ngayo lapha imelela labo uNkulunkulu abagcobe ngomoya ongcwele. Babizwa nangokuthi “u-Israyeli kaNkulunkulu.” (Gal. 6:16) “Amadoda ayishumi” amelela labo abanethemba lokuphila phakade emhlabeni. Bayazi ukuthi uJehova uye wakhetha leli qembu labagcotshiwe futhi bakubheka njengelungelo ukumkhonza bekanye nalo.

2. “Amadoda ayishumi” ‘ahamba’ kanjani nabagcotshiwe?

2 Nakuba kungenakwenzeka ukubazi ngamagama bonke abagcotshiwe abasemhlabeni namuhla, * labo abanethemba lokuphila emhlabeni ‘bangahamba’ nabo. Kanjani? IBhayibheli lithi “amadoda ayishumi” ayeyobamba “umphetho wengubo yendoda engumJuda, athi: ‘Sizohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’” Leli vesi likhuluma ngendoda eyodwa engumJuda. Kodwa igama elithi “nani” nelithi “unani” abhekisela kubantu abangaphezu koyedwa. Lokhu kusho ukuthi le ndoda engumJuda ayiyena umuntu oyedwa kodwa imelela lonke iqembu labagcotshiwe. Labo abangagcotshiwe bakhonza uJehova bekanye nabagcotshiwe. Nokho, abababheki njengabaholi babo ngoba bayaqonda ukuthi uMholi wethu uJesu.—Math. 23:10.

3. Yimiphi imibuzo esizoyiphendula kulesi sihloko?

3 Njengoba asekhona amaKristu agcotshiwe phakathi kwabantu bakaNkulunkulu namuhla, abanye bangase bazibuze: (1) Kufanele azibheke kanjani amaKristu agcotshiwe? (2) Kufanele sibaphathe kanjani labo abadla izifanekiselo ngeSikhumbuzo? (3) Kufanele yini sikhathazeke uma inani labantu abadlayo likhula? Lesi sihloko sizophendula leyo mibuzo?

KUFANELE BAZIBHEKE KANJANI ABAGCOTSHIWE?

4. Isiphi isixwayiso esitholakala kweyoku-1 Korinte 11:27-29 okufanele abagcotshiwe bacabangisise ngaso, futhi kungani?

4 Abagcotshiwe kufanele bacabangisise ngempela ngesixwayiso esitholakala kweyoku-1 Korinte 11:27-29. (Funda.) UmKristu ogcotshiwe udla kanjani “ngokungafanele” eSikhumbuzweni? Uyokwenza lokho uma edla futhi ephuza izifanekiselo kodwa engayilaleli imithetho kaJehova. (Heb. 6:4-6; 10:26-29) Abagcotshiwe bayaqaphela ukuthi kumelwe bahlale bethembekile uma befuna ukuthola “umklomelo wobizo lwaphezulu lukaNkulunkulu ngoKristu Jesu.”—Fil. 3:13-16.

5. AmaKristu agcotshiwe kufanele azibheke kanjani?

5 Umoya ongcwele kaJehova usiza izinceku zakhe ukuba zithobeke, zingaqhoshi. (Efe. 4:1-3; Kol. 3:10, 12) Ngakho abagcotshiwe abaziboni bengcono kunabanye. Bayazi ukuthi uJehova akabaniki umoya ongcwele omningi kunezinye izinceku zakhe. Abacabangi ukuthi baliqonda kangcono iBhayibheli kunabanye. Ngeke batshele amanye amaKristu ukuthi nawo agcotshiwe futhi kufanele aqale ukudla izifanekiselo zeSikhumbuzo. Kunalokho, ngokuthobeka bayaqaphela ukuthi nguJehova kuphela omemela abantu ukuba baphile ezulwini.

6. Ngokweyoku-1 Korinte 4:7, 8, amaKristu agcotshiwe kufanele aziphathe kanjani?

6 Nakuba abagcotshiwe bekubheka njengelungelo ukumenyelwa ukuyophila ezulwini, abalindele ukuba abanye babaphathe ngendlela ekhethekile. (Fil. 2:2, 3) Bayazi nokuthi ngesikhathi uJehova ebagcoba, akatshelanga muntu ngakho. Ngakho umuntu ogcotshiwe ngeke amangale lapho abanye bengamkholwa zisuka ukuthi ugcotshiwe. Uyazi ukuthi iBhayibheli lisitshela ukuthi singasheshe simkholwe umuntu othi uNkulunkulu uye wamnika ilungelo elikhethekile. (IsAm. 2:2) UmKristu ogcotshiwe ngeke afune ukunakwa ngokuthi ahambe etshela wonke umuntu aqalayo ukumbona ukuthi ugcotshiwe. Ngeke alokothe aqhoshele abanye ngokuthi ugcotshiwe.—Funda eyoku-1 Korinte 4:7, 8.

7. Yini abagcotshiwe abazogwema ukuyenza, futhi kungani?

7 AmaKristu agcotshiwe awacabangi ukuthi kufanele abe nabangane abagcotshiwe kuphela, njengokungathi bayingxenye yeqembu elithile elikhethekile. Awahambi ecinga abanye abagcotshiwe, benethemba lokuthi bazoxoxa ngokugcotshwa kwabo noma bavule amaqembu abo okutadisha iBhayibheli. (Gal. 1:15-17) Ibandla ngeke libe nobunye uma amaKristu agcotshiwe engenza lezo zinto. Ayobe emelene nomoya ongcwele, osiza abantu bakaNkulunkulu babe nokuthula nobunye.—Roma 16:17, 18.

KUFANELE SIBAPHATHE KANJANI ABAGCOTSHIWE?

Akufanele siphathe abagcotshiwe noma abanye abaholayo njengosaziwayo (Bheka isigaba 8) *

8. Kungani kufanele uqaphe indlela ophatha ngayo labo abadla izifanekiselo zeSikhumbuzo? (Bheka nombhalo waphansi.)

8 Kufanele sibaphathe kanjani abafowethu nodadewethu abagcotshiwe? Kungaba kubi ukumhlonipha ngokweqile, ngisho noma engumfowabo kaKristu ogcotshiwe. (Math. 23:8-12) Lapho iBhayibheli likhuluma ngabadala, lisikhuthaza ukuba ‘silingise ukholo lwabo,’ kodwa alisho ukuthi sibheke noma yimuphi umuntu njengomholi wethu. (Heb. 13:7) Kuyiqiniso ukuthi iBhayibheli lithi abanye ‘bafanelwe udumo oluphindiwe.’ Kodwa lokhu kungenxa yokuthi ‘bengamela ngendlela enhle’ futhi ‘basebenza kanzima ekukhulumeni nasekufundiseni,’ hhayi ngenxa yokuthi bagcotshiwe. (1 Thim. 5:17) Uma sibanaka ngokweqile noma sibancoma kakhulu abagcotshiwe, singase sibabangele amahloni. * Noma okubi nakakhulu, singabenza baqhoshe. (Roma 12:3) Akekho kithi ofuna ukuba yisizathu sokuba omunye wabafowabo bakaKristu enze iphutha elibi kangaka!—Luka 17:2.

9. Singabonisa kanjani ukuthi siyawahlonipha amaKristu agcotshiwe?

9 Singabonisa kanjani ukuthi siyabahlonipha labo abagcotshwe uJehova? Ngeke sibabuze ukuthi bagcotshwa kanjani. Leyo akuyona indaba yethu futhi asinalo ilungelo lokwazi. (1 Thes. 4:11; 2 Thes. 3:11) Akufanele sicabange nokuthi uma umuntu egcotshiwe kusho ukuthi nomyeni noma inkosikazi, abazali noma elinye ilungu lomndeni nalo ligcotshiwe. Umuntu akalizuzi njengefa emndenini wakhe ithemba lokuphila ezulwini. Ulithola kuNkulunkulu. (1 Thes. 2:12) Kufanele sigweme nokubuza imibuzo engacasula abanye. Ngokwesibonelo, ngeke simbuze udade onomyeni ogcotshiwe ukuthi uzizwa kanjani njengoba ezophila phakade emhlabeni umyeni wakhe engasekho. Esingaqiniseka ngakho ukuthi ezweni elisha, uJehova ‘uyokwanelisa isifiso sayo yonke into ephilayo.’—IHu. 145:16.

10. Sizivikela kanjani lapho sigwema ukuncoma abanye ngokweqile?

10 Sisuke sizivikela nathi lapho singaphathi abagcotshiwe njengababalulekile kunabanye. Kanjani? IBhayibheli lisitshela ukuthi abanye abagcotshiwe bangase behluleke ukuhlala bethembekile. (Math. 25:10-12; 2 Pet. 2:20, 21) Kodwa uma sikugwema ukuhlonipha abanye ngokweqile, ngeke sibe abalandeli babo, ngisho noma kuthiwa bagcotshiwe, bayaziwa noma sebeneminyaka bekhonza uJehova. (Jude 16) Ngakho, uma bekhetha ukungathembeki noma beshiya inhlangano, ngeke siphelelwe ukholo kuJehova noma siyeke ukumkhonza.

KUFANELE YINI SIKHATHAZEKE NGENANI LABADLA IZIFANEKISELO?

11. Yini ebilokhu yenzeka ngenani lalabo abadla izifanekiselo zeSikhumbuzo?

11 Eminyakeni eminingi ngaphambili, inani labantu abadlayo ngeSikhumbuzo lalilokhu lincipha. Kodwa eminyakeni yakamuva, isibalo silokhu sikhula unyaka nonyaka. Kufanele kusikhathaze yini lokhu? Cha. Ake sibone ukuthi kungani kungafanele kusikhathaze.

12. Kungani kungafanele sikhathazeke ngenani lalabo abadla izifanekiselo zeSikhumbuzo?

12 “UJehova uyabazi abangabakhe.” (2 Thim. 2:19) Ngokungafani noJehova, abazalwane ababala inani lalabo abadla izifanekiselo ngeSikhumbuzo abazi ukuthi obani abagcotshwe ngempela. Ngakho kusuke kubalwa nalabo abacabanga ukuthi bagcotshiwe bebe bengagcotshiwe. Ngokwesibonelo, abanye ababedla ngokuhamba kwesikhathi bayeka. Abanye kungenzeka banezinkinga ezibacindezelayo kangangokuba baze bacabange ukuthi bayobusa noKristu ezulwini. Iqiniso liwukuthi asazi kahle ukuthi bangaki abagcotshiwe abasele la emhlabeni.

13. Ingabe iBhayibheli liyasho ukuthi bangaki abagcotshiwe abayobe besele emhlabeni lapho kuqala usizi olukhulu?

13 Kuyobe kunabagcotshiwe ezingxenyeni eziningi zomhlaba lapho uJesu ezobathatha ukuba baye ezulwini. (Math. 24:31) IBhayibheli liyasho ukuthi phakathi nezinsuku zokugcina, kuyobe kusele inani elincane labagcotshiwe emhlabeni. (IsAm. 12:17) Kodwa alisho ukuthi bangaki abayobe besele lapho kuqala usizi olukhulu.

Kufanele sisabele kanjani lapho othile edla izifanekiselo zeSikhumbuzo? (Bheka isigaba 14)

14. Njengoba kuboniswe kweyabaseRoma 9:11, 16, yini okudingeka siyiqonde ngokukhethwa kwabagcotshiwe?

14 UJehova nguye onqumayo ukuthi ubakhetha nini abagcotshiwe. (Roma 8:28-30) UJehova waqala ukukhetha abagcotshiwe ngemva kokuba uJesu evusiwe. Kubonakala sengathi wonke amaKristu eqiniso angekhulu lokuqala ayegcotshiwe. Eminyakeni eyalandela, abaningi kulabo ababethi bangamaKristu babengamlandeli ngempela uKristu. Noma kunjalo, phakathi naleyo minyaka, uJehova wabagcoba abambalwa ababengamaKristu eqiniso. Babefana nokolweni uJesu athi wawuyokhula nokhula. (Math. 13:24-30) Phakathi nezinsuku zokugcina, uJehova uye waqhubeka ekhetha abantu abazoba ingxenye yabangu-144 000. * Ngakho, uma uNkulunkulu enquma ukukhetha abanye ngaphambi nje kokuba kufike ukuphela, ngokuqinisekile akufanele sikungabaze ukuhlakanipha kwakhe. (Funda eyabaseRoma 9:11, 16.) * Kumelwe siqaphe singenzi njengezisebenzi uJesu akhuluma ngazo komunye umfanekiso wakhe. Zakhononda ngendlela inkosi yazo eyaphatha ngayo izisebenzi ezaqala ukusebenza ngehora lokugcina.—Math. 20:8-15.

15. Ingabe bonke abagcotshiwe bayingxenye ‘yenceku ethembekileyo neqondayo,’ okukhulunywa ngayo kuMathewu 24:45-47? Chaza.

15 Akubona bonke abantu abanethemba lokuphila ezulwini abayingxenye ‘yenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Funda uMathewu 24:45-47.) Njengasekhulwini lokuqala, uJehova noJesu namuhla basebenzisa abazalwane abambalwa ukuze bafundise abantu abaningi. Ambalwa kuphela amaKristu agcotshiwe asetshenziswa ukuze abhale imiBhalo YamaKristu YesiGreki ngekhulu lokuqala. Nanamuhla, kunamaKristu agcotshiwe ambalwa kuphela anomthwalo wokunikeza abantu bakaNkulunkulu “ukudla kwabo ngesikhathi esifanele.”

16. Yini oyifundile kulesi sihloko?

16 Lesi sihloko sisifundiseni? UJehova unqume ukunika abantu bakhe abaningi ithemba lokuphila phakade emhlabeni, wanika abambalwa ithemba lokubusa noJesu ezulwini. UJehova uvuza zonke izinceku zakhe—‘indoda engumJuda’ kanye ‘namadoda ayishumi’—udinga nokuba bonke balalele imiyalo yakhe efanayo futhi bahlale bethembekile. Bonke kumelwe bahlale bethobekile. Bonke kumelwe bamkhonze ndawonye futhi babe nobunye. Bonke kumelwe bazikhandle ukuze bagcine ibandla linokuthula. Njengoba sisondela nakakhulu ekupheleni, kwangathi singaqhubeka sikhonza uJehova futhi silandela uKristu ‘siwumhlambi owodwa.’—Joh. 10:16.

^ par. 5 Kulo nyaka, iSikhumbuzo sokufa kukaKristu sizobe singoLwesibili, Ephreli 7. Kufanele sibabheke kanjani labo abadla izifanekiselo ngalobo busuku? Kufanele sikhathazeke yini uma inani lalabo abadlayo liqhubeka likhula? Sizozithola izimpendulo zale mibuzo kulesi sihloko, esithathelwe kuleso esaphuma kuyi-Nqabayokulinda kaJanuwari 2016.

^ par. 2 Ngokwencwadi yeHubo 87:5, 6, esikhathini esizayo, uNkulunkulu angase asembulele amagama abo bonke labo abayobusa noJesu ezulwini.—Roma 8:19.

^ par. 8 Bheka ibhokisi elithi “Uthando ‘Aluziphathi Ngokuhlazisayo’” kuyi-Nqabayokulinda kaJanuwari 2016.

^ par. 14 Nakuba incwadi yezEnzo 2:33 ibonisa ukuthi umoya ongcwele uthululwa uJesu, nguJehova omema umuntu ngamunye.

^ par. 14 Ukuze uthole okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda kaMeyi 1, 2007.

INGOMA 34 Ukuhamba Ngobuqotho

^ par. 56 INCAZELO YESITHOMBE: Ake ucabange ummeleli wendlunkulu nomkakhe bezungezwe abantu ababashuthayo emhlanganweni wesifunda. Lokhu kubonisa ukungabahloniphi ngempela!