Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 3

Uyigugu KuJehova UNkulunkulu Wakho!

Uyigugu KuJehova UNkulunkulu Wakho!

“Wasikhumbula ngesikhathi sisesimweni esiphansi.”—IHU. 136:23.

INGOMA 33 Phonsa Umthwalo Wakho KuJehova

AMAZWIBELA *

1-2. Iziphi izimo abantu bakaJehova abaningi ababhekana nazo, futhi zingaba namuphi umphumela kubo?

CABANGA ngalezi zimo ezintathu: Umzalwane osemusha uthola ukuthi unesifo esikhubazayo. Umzalwane owevile eminyakeni engu-50 uphelelwa umsebenzi, uyazikhandla ukuze athole omunye, kodwa akawutholi. Udade osekhulile uya ngokuya eba buthaka futhi kuba kuncane akwazi ukukwenza enkonzweni kaJehova.

2 Uma ubhekene nesinye salezi zimo, ungase uzizwe sengathi awuselusizo lwalutho. Lezi zimo zingakwenza uphelelwe injabulo, ungabe usazihlonipha futhi zingaphazamisa nobungane bakho nabanye abantu.

3. USathane nalabo abalawulwa ithonya lakhe bakubheka kanjani ukuphila?

3 Umbono waleli zwe ngokuphila uye wathonywa uSathane. USathane ubelokhu ephatha abantu njengabangelusizo lwalutho. Wathembisa u-Eva ukuthi wayeyothola inkululeko, azi kahle ukuthi ukungalaleli uNkulunkulu kwakuyoholela ekufeni. USathane ubelokhu elawula ezentengiselwano, ezepolitiki nezenkolo kuleli zwe. Ngakho akumangazi ukuthi osomabhizinisi abaningi, abezepolitiki nabaholi benkolo abakuhloniphi ukuphila futhi abanandaba nendlela abantu abazizwa ngayo.

4. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

4 Ngakolunye uhlangothi, uJehova ufuna sikujabulele ukuphila futhi uyasisiza lapho sibhekene nezimo ezingasenza sizizwe singelutho. (IHu. 136:23; Roma 12:3) Kulesi sihloko sizoxoxa ngendlela uJehova asisiza ngayo kulezi zimo: (1) Lapho sigula, (2) lapho sibhekana nezinkinga zezimali, nalapho (3) izinkinga zokuguga zisenza sizizwe sengathi akusekho esingakwenza enkonzweni kaJehova. Kodwa masiqale sixoxe ngokuthi yini engasenza siqiniseke ngokuthi ngamunye wethu uyigugu kuJehova.

SIYIGUGU KUJEHOVA

5. Yini ekwenza uqiniseke ukuthi abantu bayigugu kuJehova?

5 Nakuba senziwe ngothuli lomhlabathi, siyigugu kakhulu. (Gen. 2:7) Cabangela izizathu ezisenza sibone ukuthi siyigugu kuJehova. Wadala abantu bakwazi ukulingisa izimfanelo zakhe. (Gen. 1:27) Ngokwenza kanjalo, wasiphakamisa saba ngaphezu kwayo yonke enye indalo, wasibeka ukuba sibuse phezu komhlaba nezilwane.—IHu. 8:4-8.

6. Yisiphi esinye isizathu esisenza sibone ukuthi abantu abanesono bayigugu kuJehova?

6 Ngisho nangemva kokuba u-Adamu enze isono, uJehova waqhubeka ebheka abantu njengabayigugu. Siyigugu kuye kangangokuba wanikela ngeNdodana yakhe ayithandayo, uJesu, ukuze ibe isihlengo sezono zethu. (1 Joh. 4:9, 10) Ngesisekelo sesihlengo, uJehova uyobavusela ekuphileni labo asebafa ngenxa yesono sika-Adamu, kokubili “abalungile nabangalungile.” (IzE. 24:15) IZwi lakhe libonisa ukuthi siyigugu kuye ngisho noma sigula, sinezinkinga zezimali noma sesigugile.—IzE. 10:34, 35.

7. Iziphi ezinye izizathu abantu bakaJehova abanazo ezibonisa ukuthi bayigugu kuJehova?

7 Sinezinye izizathu ezisenza sibone ukuthi siyigugu kuJehova. Uye wasidonsela kuye futhi wabona indlela esazamukela ngayo izindaba ezinhle. (Joh. 6:44) Lapho siqala ukusondela kuJehova, naye wasondela kithi. (Jak. 4:8) UJehova uzinika nesikhathi namandla okusifundisa, okusenza sibone ukuthi siyigugu kuye. Uyalwazi uhlobo lwabantu esiyilo manje nalokho esingaba yikho. Usinika nesiyalo ngoba uyasithanda. (IzAga 3:11, 12) Lobu ubufakazi obunamandla bokuthi siyigugu kuJehova!

8. Amazwi asencwadini yeHubo 18:27-29 angayithinta kanjani indlela esibheka ngayo izinkinga esibhekana nazo?

8 Abanye babebheka iNkosi uDavide njengengelusizo lwalutho, kodwa yayazi ukuthi uJehova uyayithanda nokuthi uyayisekela. Ukwazi lokhu kwayithinta indlela uDavide ayezibheka ngayo izinkinga zakhe. (2 Sam. 16:5-7) Lapho sizizwa sidikibele nalapho sibhekene nezinselele, uJehova angasisiza sibheke izinto ngombono ohlukile futhi angasisiza sinqobe noma iziphi izinkinga. (Funda iHubo 18:27-29.) Ngosizo lukaJehova, akukho okungasivimbela ukuba simkhonze ngenjabulo. (Roma 8:31) Manje ake sixoxe ngalezo zimo ezintathu lapho okudingeka khona sikhumbule ukuthi uJehova uyasithanda nokuthi siyigugu kuye.

LAPHO SIGULA

Ukufunda amazwi kaJehova kuzosisiza sibhekane nemizwa engemihle esiba nayo lapho sigula (Bheka izigaba 9-12)

9. Ukugula kungayithinta kanjani indlela esizibheka ngayo?

9 Ukugula kungasishiya sikhandlekile, kusenze sizizwe singaselusizo lwalutho. Singazizwa sinamahloni lapho abantu bebona ukuthi siyagula nalapho kudingeka sithembele kwabanye ukuze basisize. Ngisho nalapho abanye bengazi ukuthi siyagula, singase silwe nemizwa yokuzidabukela ngoba sesehluleka ukwenza ezinye izinto. Ezikhathini ezinjalo ezicindezelayo, uJehova uyasikhuthaza. Kanjani?

10. NgokwezAga 12:25, yini engasisiza lapho sigula?

10 Lapho sigula, “izwi elihle” lingasikhuthaza. (Funda izAga 12:25.) EBhayibhelini, uJehova usinika amazwi amahle asikhumbuza ukuthi siyigugu kuye ngisho nalapho sigula. (IHu. 31:19; 41:3) Uma sifunda ngokuphindaphindiwe lawo mazwi, uJehova uyosisiza sibhekane nemizwa engemihle esifikelayo lapho sigula.

11. UJehova wamsiza kanjani omunye umzalwane?

11 Cabanga ngalokho okwenzeka kuJorge. Lapho esemusha, waba nesifo esikhubazayo esamgoga ngokushesha futhi samenza wazizwa engelusizo lwalutho. Uthi: “Ngangingayilungele indlela ukugula kwami okwangenza ngazizwa ngayo namahloni engangiba nawo lapho ngiphakathi kwabantu. Lapho ukugula kwami kuba kubi nakakhulu, ngazibuza ukuthi ngizomisa kanjani. Ngakhungatheka futhi ngacela uJehova ukuba angisize.” UJehova wamsiza kanjani? Uthi: “Njengoba kwakunzima ukuthi ngihlale ngigxilise ingqondo entweni ethile, kwangikhuthaza ukufunda izingxenyana zencwadi yamaHubo ezibonisa indlela uJehova azikhathalela ngayo izikhonzi zakhe. Ngangifunda lawo mavesi nsuku zonke futhi angiduduza, angikhuthaza. Ngemva kwesikhathi, abantu babona ukuthi ngangiqala ukujabula. Bangitshela nokuthi umbono omuhle engase nginawo ngezinto uyabakhuthaza. Ngabona ukuthi uJehova uyiphendulile imithandazo yami! Wayengisizile ngashintsha indlela engangizibheka ngayo. Ngaqala ukugxila kulokho iZwi lakhe elikushoyo ngendlela angibheka ngayo ngisho noma ngigula.”

12. Lapho ugula, yini ongayenza ukuze uthole usizo lukaJehova?

12 Uma ugula, qiniseka ngokuthi uJehova uyasazi isimo obhekene naso. Mcele akusize ukuze ube nombono omuhle ngesimo okuso. Sebenzisa iBhayibheli ukuze uthole amazwi amahle uJehova akugcinele wona. Gxila emavesini abonisa indlela izikhonzi zikaJehova eziyigugu ngayo kuye. Uma wenza kanjalo, uzobona ukuthi uJehova muhle kubo bonke labo abamkhonza ngokwethembeka.—IHu. 84:11.

LAPHO SINEZINKINGA ZEZIMALI

Ukukhumbula ukuthi uJehova uthembisa ukunakekela izidingo zethu zokuphila kuzosisiza lapho kunzima ukuthola umsebenzi (Bheka izigaba 13-15)

13. Ukuphelelwa umsebenzi kungayenza izizwe kanjani inhloko yomndeni?

13 Zonke izinhloko zemindeni zifuna ukunakekela izidingo zemindeni yazo. Kodwa ake sithi umzalwane uphelelwa umsebenzi engalindele. Uzama ngamandla onke ukuthola omunye kodwa akawutholi. Ngenxa yalokhu, angase aqale ukuzizwa engelusizo lwalutho. Ukugxila ezithembisweni zikaJehova kungamsiza kanjani?

14. Kungani uJehova ezigcina izithembiso zakhe?

14 UJehova uyazigcina njalo izithembiso zakhe. (Josh. 21:45; 23:14) Ziningana izizathu ezenza enze kanjalo. Okokuqala, ufuna igama lakhe lingcweliswe. UJehova uthembise izikhonzi zakhe eziqotho ukuthi uzozinakekela futhi uzizwa ebophekile ukusigcina leso sithembiso. (IHu. 31:1-3) Ngaphezu kwalokho, uJehova uyazi ukuthi sizodumala uma engabanakekeli labo abayingxenye yomndeni wakhe. Uthembisa ukuthi uzozinakekela izidingo zethu zokuphila nokuthi uzosisiza siqhubeke simkhonza ngokwethembeka futhi akukho okungamvimba ekwenzeni lokho!—Math. 6:30-33; 24:45.

15. (a) Iyiphi inkinga amaKristu angekhulu lokuqala abhekana nayo? (b) IHubo 37:18, 19 lisiqinisekisa ngani?

15 Lapho sikhumbula ukuthi kungani uJehova egcina izithembiso zakhe, singaqiniseka ngokuthi uyosisiza lapho sibhekene nezinkinga zezimali. Cabanga ngesibonelo samaKristu angekhulu lokuqala. Lapho kuqubuka ushushiso ebandleni elaliseJerusalema, ‘bonke ngaphandle kwabaphostoli bahlakazeka.’ (IzE. 8:1) Cabanga ukuthi lokho kwakusho ukuthini. Kwase kuzoba nzima ukuba bathole indlela yokuziphilisa! Kungenzeka balahlekelwa imizi yabo namabhizinisi abo. Kodwa uJehova akazange abashiye; nabo abazange baphelelwe injabulo. (IzE. 8:4; Heb. 13:5, 6; Jak. 1:2, 3) UJehova wawasekela lawo maKristu athembekile futhi uzosisekela nathi namuhla.—Funda iHubo 37:18, 19.

LAPHO SIBHEKENE NEZINKINGA ZOKUGUGA

Ukugxila kulokho esingakwenza, ngisho nalapho sesigugile, kuyosenza siqiniseke ngokuthi inkonzo yethu yokwethembeka iyigugu kuJehova (Bheka izigaba 16-18)

16. Yini engasenza sicabange ukuthi uJehova akanandaba nokukhulekela kwethu?

16 Njengoba sikhula, singase siqale ukuba nomuzwa wokuthi kuncane esingakwenzela uJehova. INkosi uDavide kungenzeka yayikhathazwa imizwa efanayo. (IHu. 71:9) UJehova angasisiza kanjani?

17. Yini esingayifunda kulokho okwenzeka kudade Jheri?

17 Cabanga ngalokho okwenzeka kudade Jheri. Wamenywa ukuba abe khona lapho beqeqeshelwa umsebenzi wokunakekela iHholo LoMbuso, kodwa wayengafuni ukuya. Wathi: “Sengimdala, ngingumfelokazi futhi alikho nelilodwa ikhono enginalo uJehova angalisebenzisa. Ngiyinto engelusizo lwalutho.” Ngobusuku bangaphambi kokuba baqeqeshwe, wakhuluma noJehova ngomthandazo wamtshela konke okusenhliziyweni. Lapho efika eHholo LoMbuso ngakusasa, wayesazibuza ukuthi kuzosiza ngani ukuba khona kwakhe. Lapho besaqeqeshwa, omunye umzalwane wagcizelela ukuthi ikhono elibaluleke kakhulu esinalo ukuzimisela kwethu ukufundiswa uJehova. UJheri uyakhumbula: “Ngathi ngenhliziyo, ‘Nginalo lelo khono!’ Kwaqala ukwehla izinyembezi lapho ngiqaphela ukuthi uJehova uphendula umthandazo wami. Wayengiqinisekisa ngokuthi nginakho okuthile okuyigugu engingasiza ngakho nokuthi uzimisele ukungifundisa!” Ecabanga ngaleso sikhathi, uJheri uthi: “Ngaqala ukuqeqeshwa nginokwesaba, ngidikibele futhi ngizizwa ngiphansi. Kodwa lapho ngiphuma ngangizizwa nginesibindi, ngikhuthaziwe futhi ngiyigugu!”

18. IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi uJehova uyaqhubeka ekubheka njengokuyigugu ukukhulekela kwethu ngisho nalapho sesikhulile?

18 Njengoba sikhula ngeminyaka, singaqiniseka ngokuthi uJehova uzoqhubeka esinikeza imisebenzi esingayenza. (IHu. 92:12-15) UJesu wasifundisa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi kubonakala kukuncane kangakanani esikwazi ukukwenza, uJehova uyayazisa noma yini esikwazi ukuyenza enkonzweni yakhe. (Luka 21:2-4) Ngakho gxila kulokho okwazi ukukwenza. Ngokwesibonelo, uyakwazi ukukhuluma ngoJehova, ukuthandazela abafowenu nokukhuthaza abanye ukuba bahlale bethembekile. UJehova ukubheka njengesisebenzi esikanye naye, hhayi ngenxa yalokho okwazi ukukwenza, kodwa ngenxa yokuzimisela kwakho ukumlalela.—1 Kor. 3:5-9.

19. EyabaseRoma 8:38, 39 isiqinisekisa ngani?

19 Kusijabulisa ngempela ukukhonza uJehova, uNkulunkulu obabheka njengabayigugu labo abamkhonzayo! Wasidalela ukuba senze intando yakhe futhi ukumkhonza yikona okwenza ukuphila kwethu kube nenjongo. (IsAm. 4:11) Ngisho noma leli zwe lingasibheka njengabantu abangelusizo lwalutho, uJehova akanamahloni ngathi. (Heb. 11:16, 38) Lapho sizizwa sikhandlekile ngenxa yokugula, izinkinga zezimali nokuguga, masikhumbule ukuthi akukho okungasihlukanisa nothando lukaBaba wethu osezulwini.—Funda eyabaseRoma 8:38, 39.

^ par. 5 Ingabe wake wabhekana nezimo ezakwenza wazizwa ungelutho? Lesi sihloko sizokukhumbuza indlela oyigugu ngayo kuJehova. Sizokhuluma ngalokho okungakusiza ungazizwa ungelusizo lwalutho kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani ekuphileni kwakho.

INGOMA 30 UBaba, UNkulunkulu Wami, NoMngane