Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 1

“Labo Abafuna UJehova, Ngeke Baswele Lutho Oluhle”

“Labo Abafuna UJehova, Ngeke Baswele Lutho Oluhle”

ISIHLOKO SETHU SONYAKA KA-2022: “Labo abafuna uJehova, ngeke baswele lutho oluhle.”​—IHU. 34:10.

INGOMA 4 “UJehova UnguMalusi Wami”

AMAZWIBELA *

UDavide wabona ukuthi ‘akaswele lutho oluhle’ ngisho nangezikhathi ezinzima (Bheka izigaba 1-3) *

1. UDavide wazithola ekusiphi isimo esinzima?

UDAVIDE wayebaleka ukuze asindise ukuphila kwakhe. USawule, inkosi enamandla yakwa-Israyeli, wayezimisele ukumbulala. Lapho uDavide edinga ukudla wadlula edolobheni laseNobi, lapho acela khona izinkwa ezinhlanu nje kuphela. (1 Sam. 21:1, 3) Kamuva, yena namadoda ayehamba nawo bathola indawo yokukhosela emhumeni. (1 Sam. 22:1) UDavide wazithola kanjani ekule nkinga?

2. USawule wazifaka kanjani engozini enkulu? (1 Samuweli 23:16, 17)

2 USawule wayenomona kakhulu ngoDavide ngenxa yokuthi wayedumile futhi enqoba izimpi. USawule wayazi ukuthi ukungamlaleli kwakhe uJehova okwakumholele ekutheni alahlwe njengenkosi yakwa-Israyeli futhi wayazi nokuthi uJehova wayesekhethe uDavide ukuba abe inkosi. (Funda eyoku-1 Samuweli 23:16, 17.) Noma kunjalo, njengenkosi yakwa-Israyeli, uSawule wayesekelwa abantu abaningi futhi enebutho elikhulu, ngakho uDavide kwadingeka abaleke ukuze asindise ukuphila kwakhe. Ingabe ngempela uSawule wayecabanga ukuthi angavimba uNkulunkulu ukuba afeze injongo yakhe yokwenza uDavide abe inkosi? (Isaya 55:11) IBhayibheli alisho, kodwa singaqiniseka ngento eyodwa: USawule wayezifaka engozini enkulu. Labo abamelana noNkulunkulu abasoze baphumelela!

3. Naphezu kwezimo ayebhekene nazo, uDavide wayezizwa kanjani?

3 UDavide wayethobekile. Akazange azikhethele ukuba inkosi yakwa-Israyeli. NguJehova owambeka njengenkosi. (1 Sam. 16:1, 12, 13) USawule wamzonda kakhulu uDavide. UDavide akazange asole uJehova ngengozi ayekuyo futhi akazange akhononde ngokuba nokudla okuncane noma ngokuhlala emhumeni. Kunalokho, kungenzeka ukuthi ingoma enhle yokudumisa enamazwi omBhalo okusekelwe kuwo lesi sihloko wayiqamba ngesikhathi ecashe kuwo kanye lowo mhume: “Labo abafuna uJehova, ngeke baswele lutho oluhle.”​—IHu. 34:10.

4. Sizoxoxa ngayiphi imibuzo, futhi kungani ibalulekile?

4 Namuhla izinceku zikaJehova eziningi zike zakuswela ukudla nezinye izidingo zokuphila. * Sibubonile ubuqiniso balokhu phakathi nobhubhane lwamuva. Njengoba “usizi olukhulu” lusondela ngokushesha, singalindela ukubhekana nezimo ezimbi nakakhulu. (Math. 24:21) Sicabanga ngala maqiniso, ake siphendule imibuzo emine: Kungayiphi indlela uDavide engazange “aswele lutho oluhle?” Kungani kumelwe sifunde ukwaneliseka? Kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova uzosinakekela? Singalilungiselela kanjani ikusasa manje?

“NGEKE NGISWELE LUTHO”

5-6. IHubo 23:1-6 lisisiza kanjani siqonde ukuthi UDavide wayesho ukuthini lapho ethi abantu bakaNkulunkulu ngeke “baswele lutho oluhle”?

5 UDavide wayesho ukuthini lapho ethi izikhonzi zikaJehova ‘ngeke ziswele lutho oluhle’? Singawuthola umqondo walokho ayekusho ngokuhlola amazwi afanayo akuyiHubo isahluko 23. (Funda iHubo 23:1-6.) UDavide uqala lelo hubo ngamazwi athi: “UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngiswele lutho.” Engxenyeni esele yaleli hubo, uDavide ukhuluma ngezinto ezibaluleke kakhulu​—izibusiso eziningi ezingokomoya azijabulelayo ngenxa yokuthi wamukela uJehova njengoMalusi wakhe. UJehova umhola “ezindleleni zokulunga,” futhi usekela uDavide ngobuqotho ezikhathini ezinhle nasezikhathini ezinzima. UDavide uyavuma ukuthi ukuphila kwakhe “emadlelweni aluhlaza” kaJehova ngeke kuhlale kungenazo izinkinga. Ngezikhathi ezithile, wayengadikibala kube sengathi uhamba “esigodini sethunzi elimnyama,” futhi wayezoba nezitha. UDavide wayengeke ‘esabe lutho olubi’ ngoba kwakunguJehova uMalusi wakhe.

6 Manje sesinayo impendulo yombuzo wethu othi: Kungayiphi indlela uDavide engazange “aswele lutho oluhle”? Wayenakho konke ayekudinga ukuze ahlale esondelene noJehova. Injabulo yakhe yayingaxhomekile ezintweni ayenazo. UDavide wayenelisekile ngalokho uJehova ayemsekela ngakho. Okwakubaluleke kakhulu kuye kwakuyisivikelo nesibusiso esivela kuNkulunkulu wakhe.

7. NgokukaLuka 21:20-24, yisiphi isimo esinzima amaKristu angekhulu lokuqala aseJudiya abhekana naso?

7 Emazwini kaDavide sifunda ngokubaluleka kokuba nombono ofanele ngezinto esinazo. Noma yiziphi izinto esinazo zingasijabulisa, kodwa akufanele zize kuqala ekuphileni kwethu. Leli kwakuyiqiniso elibalulekile amaKristu angekhulu lokuqala ayehlala eJudiya aliqonda. (Funda uLuka 21:20-24.) UJesu wayewaxwayise ngokuthi kwakuyofika isikhathi lapho idolobha laseJerusalema laliyobe “lihaqwe amabutho akanisile.” Lapho lokho sekwenzeka, kwakuyodingeka “abalekele ezintabeni.” Ukubaleka kwawo kwakuyosho ukusinda kwawo, kodwa kwakuyodingeka ashiye izinto eziningi ngemuva. Eminyakeni eminingana edlule, INqabayokulinda yakubeka kanje: ‘Ashiya amasimu nemizi, angathatha ngisho nezimpahla zawo ezindlini zawo. Eqiniseka ukuthi uJehova uyowavikela futhi awasekele, enza ukukhulekelwa kwakhe kwaba ngaphezu kwanoma yini eyayingase ibonakale ibalulekile.’

8. Yisiphi isifundo esibalulekile esingasifunda kulokho okwenzeka kumaKristu angekhulu lokuqala ayehlala eJudiya?

8 Yisiphi isifundo esibalulekile esingasifunda kulokho okwenzeka kumaKristu angekhulu lokuqala ayehlala eJudiya? INqabayokulinda esanda kucashunwa yathi: “Kungenzeka kube novivinyo ngaphambili ngokuqondene nendlela esizibheka ngayo izinto ezibonakalayo; ingabe zibaluleke kunakho konke, noma ingabe okubaluleke kakhulu yinsindiso eyozuzwa yibo bonke abasohlangothini lukaNkulunkulu? Yebo, ukubaleka kwethu kungase kuhilele ubunzima obuthile nokulahlekelwa. Kuyomelwe sikulindele ukwenza noma yini eyodingeka, njengoba kwenza abafowethu ekhulwini lokuqala ababaleka besuka eJudiya.” *

9. Uthola siphi isikhuthazo eselulekweni umphostoli uPawulu asibhalela amaHebheru?

9 Cabanga nje ukuthi kwakunzima kangakanani ngalawo maKristu ukuba ashiye zonke izinto ayenazo, aqale phansi. Kwakudingeka ukholo ukuze athembe ukuthi uJehova uzowasiza athole akudingayo. Kodwa ikhona into eyayingawasiza. Eminyakeni emihlanu ngaphambi kokuba amaRoma ahaqe iJerusalema, umphostoli uPawulu wanika amaHebheru isixwayiso esibalulekile: “Ekuphileni kwenu ningayithandi imali ngokweqile, naneliswe izinto ezikhona. Ngoba uthe: ‘Angisoze ngakushiya futhi angisoze ngakulahla.’ Ukuze sibe nesibindi futhi sithi: ‘UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?’” (Heb. 13:5, 6) Akungabazeki ukuthi kulabo abasilalela ngempela iseluleko sikaPawulu ngaphambi kokuba amaRoma ahlasele, akubanga umthwalo ukuphila ngendlela elula endaweni entsha ababehlala kuyo. Babeqiniseka ngokuthi uJehova uzozinakekela izidingo zabo eziyisisekelo. Amazwi kaPawulu ayasisiza nathi ukuba siqiniseke ngokuthi uJehova uzosinakekela.

“SIYOKWANELISWA YILEZI ZINTO”

10. Iyiphi “imfihlo” uPawulu asitshela yona?

10 UPawulu wanika uThimothewu iseluleko esifanayo, leso seluleko siyasebenza nakithi. Wabhala: “Ngakho, uma sinokudla nezingubo zokugqoka, siyokwaneliswa yilezi zinto.” (1 Thim. 6:8) Ingabe lokhu kusho ukuthi ngezinye izikhathi ngeke sijabulele ukudla okwehla esiphundu, sibe nendawo yokuhlala enhle noma sithenge izingubo zokugqoka ezintsha? UPawulu akaqondile lokho. Uthi kufanele saneliswe yizinto esinazo. (Fil. 4:12) Kwakuyileyo “imfihlo” yakhe. Into eyigugu kakhulu esinayo ubuhlobo bethu noNkulunkulu, hhayi izinto esinazo.​—Hab. 3:17, 18.

Ama-Israyeli awazange ‘antule lutho’ phakathi neminyaka engu-40 esehlane. Singakwazi yini ukwaneliswa izinto esinazo manje? (Bheka isigaba 11) *

11. Sifundani ngokwaneliseka emazwini uMose awasho kuma-Israyeli?

11 Indlela esibheka ngayo izinto esizidingayo nendlela uJehova azibheka ngayo ingase yehluke. Cabanga ngalokho uMose akusho kuma-Israyeli ngemva kokuba bechithe iminyaka engu-40 ehlane: “UJehova uNkulunkulu wenu unibusisile kukho konke enikwenzile. Ulwazi kahle uhambo lwenu nidabula leli hlane elikhulu. Kule minyaka engu-40 uJehova uNkulunkulu wenu ubelokhu enani, anizange nintule lutho.” (Dut. 2:7) Phakathi naleyo minyaka engu-40, uJehova wondla ama-Israyeli ngemana. Izingubo zawo​—zona lezo ayesuke nazo eGibhithe—​azizange ziguge. (Dut. 8:3, 4) Nakuba abanye babengase banganeliswa yilezo zinto, uMose wakhumbuza ama-Israyeli ukuthi ayenakho konke ayekudinga. UJehova uzojabula uma singafunda ukwaneliseka​—sazise ngisho nezinto ezincane asenzela zona, sizibheke njengesibusiso futhi simbonge ngazo.

QINISEKA NGOKUTHI UJEHOVA UZOKUNAKEKELA

12. Yini ebonisa ukuthi uDavide akazange athembele emandleni akhe, kodwa wathembela kuJehova?

12 UDavide wayazi ukuthi uJehova uthembekile futhi ubakhathalela ngokujulile labo abamthandayo. Ngisho noma ukuphila kwakhe kwakusengozini lapho eqamba iHubo 34, ngokholo uDavide wabona ‘ingelosi kaJehova imvikela.’ (IHu. 34:7) Kungenzeka uDavide wayeqhathanisa ingelosi kaJehova nesosha elisekamu, elihlale liqaphe izitha. Nakuba uDavide ayeyiqhawe kwezempi futhi uJehova emthembise ubukhosi, akazange athembele ekhonweni lakhe lokujikijela itshe ngendwayimane noma lokusebenzisa inkemba ukuze anqobe izitha. (1 Sam. 16:13; 24:12) Wathembela kuNkulunkulu, eqiniseka ngokuthi ingelosi kaJehova ‘iyabakhulula labo abamesabayo.’ Yiqiniso ukuthi namuhla asilindele ukuvikelwa ngokuyisimangaliso. Kodwa siyazi ukuthi akekho umuntu othembela kuJehova oyohlupheka unomphela.

Ngosizi olukhulu, amabutho kaGogi wakwaMagogi angase azame ukusihlasela emakhaya. Ukwazi ukuthi uJesu nezingelosi bayakubona okwenzekayo futhi bazosivikela kungasiduduza (Bheka isigaba 13)

13. Lapho uGogi wakwaMagogi ehlasela, kungani siyobonakala singavikelekile, kodwa yisiphi isizathu esiyosenza sime siqine? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

13 Kungekudala, ukwethemba kwethu ukuthi uJehova angakwazi ukusivikela kuzovivinywa. Lapho uGogi wakwaMagogi, okuyizizwe eziyohlangana zilwe nabantu bakaNkulunkulu, ehlasela abantu baKhe, siyobonakala singavikelekile. Kuyodingeka siqiniseke ngokuthi uJehova angakwazi ukusisindisa futhi uyosisindisa. Ezizweni, siyoba njengezimvu ezingenamvikeli. (Hez. 38:10-12) Siyobe singaphethe zikhali, singaqeqeshiwe kwezempi. Izizwe ziyobona izisulu ezilula. Ukholo lwethu luyosenza sibone lokho ezingeke zikwazi ukukubona​—ibutho lezingelosi elizungeze abantu bakaNkulunkulu, lilungele ukusivikela. Zingakubona kanjani nje ngempela? Azinalo ukholo. Izizwe ziyothuka zome lapho ibutho lasezulwini lisilwela!​—IsAm. 19:11, 14, 15.

LILUNGISELELE MANJE IKUSASA

14. Yiziphi izinyathelo esingazithatha manje ukuze silungiselele ikusasa?

14 Yini esingayenza manje ukuze silungiselele ikusasa? Okokuqala nje, kudingeka sibe nombono ofanele ngezinto esinazo, ngoba ngelinye ilanga kuyodingeka sizishiye. Injabulo yethu enkulu kudingeka ibangelwe ukuba nobuhlobo obuhle noJehova, sifunde nokwaneliseka. Njengoba siya simazi kangcono uNkulunkulu wethu, siyoqiniseka nakakhulu ukuthi angakwazi ukusivikela lapho uGogi wakwaMagogi ehlasela.

15. Yiziphi izinto uDavide abhekana nazo lapho eseyinsizwa ezamfundisa ukuthi uJehova akasoze amdumaza?

15 Cabanga ngokunye okwasiza uDavide, okungasisiza nathi ukuba silungele uvivinyo. UDavide wathi: “Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; uyajabula umuntu ophephela kuye.” (IHu. 34:8) Lawo mazwi abonisa ukuthi uDavide wayazi ukuthi angathembela kuJehova ukuba amsekele. UDavide wayevame ukuthembela kuJehova, futhi uNkulunkulu wakhe wayengakaze amdumaze. Lapho eseyinsizwa, uDavide wabhekana nomdondoshiya ongumFilisti uGoliyati, kulelo qhawe wathi: “Namuhla uJehova uzokunikela esandleni sami.” (1 Sam. 17:46) Kamuva, uDavide wakhonza inkosi, uSawule, eyazama kaningi ukumbulala. Kodwa “uJehova wayenaye.” (1 Sam. 18:12) Ngenxa yokuthi uJehova wayemsize kaningi uDavide ezikhathini ezidlule, uDavide wayazi ukuthi wayengathembela kuYe phakathi novivinyo ayebhekene nalo.

16. Iziphi izindlela ezingokoqobo ‘esinganambitha’ ngazo ubuhle bukaJehova?

16 Uma sithembela kuJehova nakakhulu manje, siyoqiniseka nakakhulu ukuthi angakwazi ukusisindisa esikhathini esizayo. Kudingeka sibe nokholo futhi sizimisele ukuthembela kuJehova ukuze sikwazi ukucela umqashi wethu asinike isikhathi sokuya emhlanganweni wesigodi noma wesifunda, noma sicele ukusebenza ngendlela ezosivumela ukuba siye kuyo yonke imihlangano yebandla futhi sichithe isikhathi esengeziwe enkonzweni. Ake sithi umqashi wethu uyenqaba bese silahlekelwa umsebenzi. Ingabe sinalo ukholo lokuthi uJehova akasoze asishiya noma asilahle nokuthi uzohlale ezinakekela izidingo zethu eziyisisekelo? (Heb. 13:5) Abaningi abasenkonzweni yesikhathi esigcwele bangasho izinto eziye zenzeka kubo ezibonisa ukuthi uJehova ubasize kanjani lapho bemdinga kakhulu. UJehova uthembekile.

17. Sithini isihloko sonyaka ka-2022, futhi kungani sifaneleka?

17 Uma uJehova engakithi, asikho isidingo sokwethuswa izinto ezizokwenzeka esikhathini esizayo. UNkulunkulu wethu akasoze asishiya uma nje sibeka uMbuso wakhe kuqala ekuphileni kwethu. Ukuze iNdikimba Ebusayo isikhumbuze ngesidingo sokulungiselela izikhathi ezinzima ezizayo nokuthemba ukuthi uJehova akasoze asishiya, ikhethe iHubo 34:10 laba isihloko sonyaka ka-2022: “Labo abafuna uJehova, ngeke baswele lutho oluhle.”

INGOMA 38 Uyonenza Nibe Namandla

^ par. 5 Isihloko sethu sonyaka ka-2022 sithathwe kuyiHubo 34:10 “Labo abafuna uJehova, ngeke baswele lutho oluhle.” Izikhonzi eziningi zikaJehova ezithembekile azinayo imali eningi noma izinto eziningi zokusekela ukuphila. Pho kungashiwo kanjani ukuthi ‘abaswele lutho oluhle’? Ukuqonda incazelo yaleli vesi kungasisiza kanjani silungiselele izikhathi ezinzima eziseza?

^ par. 4 Bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda kaSepthemba 15, 2014.

^ par. 8 Bheka INqabayokulinda kaMeyi 1, 1999, k. 19.

^ par. 54 INCAZELO YESITHOMBE: Ngisho nalapho ayecashe emhumeni ukuze abalekele iNkosi uSawule, uDavide wayezazisa izinto uJehova ayemsekela ngazo.

^ par. 56 INCAZELO YESITHOMBE: Ngemva kokuba ama-Israyeli ephume eGibhithe, uJehova wawondla ngemana futhi izingubo zawo azizange ziguge.