Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amacebiso Okutadisha

Amacebiso Okutadisha

Uyakuthanda yini ukufunda izindaba zokuphila zabafowethu nodadewethu?

Indoda nomkayo abafunda indaba yokuphila eyodwa njalo ekuseni bathi: “Lezi zindaba ziye zasithokozisa futhi zasikhuthaza! Zisikhumbuza ukuthi nathi singahlala sithembekile ngaphansi kwazo zonke izimo.” Udade ozizwa ngendlela efanayo wabhala: “Lezi zindaba zokuphila ziyaduduza futhi zithinta inhliziyo. Ukuphila kwabafowethu nodadewethu kunenjongo. Izindaba zabo zingikhuthaza ukuba ngenze okwengeziwe enkonzweni, ngikhuthaze nezingane zami ukuba zingenele inkonzo yesikhathi esigcwele.”

Izindaba zokuphila zingakukhuthaza ukuba uzibekele imigomo enkonzweni kaJehova, ulwe nobuthakathaka futhi ulukhuthazelele ngenjabulo nangendlela ehloniphekile uvivinyo olunzima. Ungazithola kanjani lezi zindaba?

  • Bheka izihloko eziwuchungechunge ezithi “Izindaba Zokuphila ZoFakazi BakaJehova” ku-jw.org/zu noma ku-JW Library®.

  • Bheka izihloko ezithi “Izindaba Zokuphila ZoFakazi BakaJehova” kuyi-ONLINE LIBRARY™ yeBhayibheli noma kuyi-Watchtower Library.