Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 4

UJehova Uyayibusisa Imizamo Yethu Yokuba Khona ESikhumbuzweni

UJehova Uyayibusisa Imizamo Yethu Yokuba Khona ESikhumbuzweni

“Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”​—LUKA 22:19.

INGOMA 19 ISidlo SeNkosi Sakusihlwa

AMAZWIBELA a

1-2. Kungani siba khona eSikhumbuzweni unyaka ngamunye?

 EMINYAKENI ecishe ibe ngu-2 000 edlule, uJesu wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu, esivulela ithuba lokuthola ukuphila okuphakade. Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bakhumbule isenzo sakhe sothando ngokwenza umbuthano ongenamicikilisho onesinkwa newayini.​—1 Kor. 11:23-26.

2 Siyawulalela umyalo kaJesu ngenxa yokuthi simthanda kakhulu. (Joh. 14:15) Unyaka ngamunye ngenkathi yeSikhumbuzo, sibonisa ukwazisa ngalokho asenzele kona ngokuzinika isikhathi sokuthandaza nokuzindla ngalokho ukufa kwakhe okukushoyo kithi. Siyakujabulela nokwandisa inkonzo yethu, simeme abaningi ngangokunokwenzeka ukuba babe nathi kulesi senzakalo esikhethekile. Ngaphezu kwalokho, sizimisele ukungavumeli lutho lusivimbe singakwazi ukuya eSikhumbuzweni.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Kulesi sihloko, sizofunda ngezindlela ezintathu abantu bakaJehova abenze ngazo imizamo emikhulu yokukhumbula ukufa kukaJesu: (1) ngokubuyisela indlela uJesu ayeyale ukuba kukhunjulwe ngayo, (2) ngokumema abanye ukuba babe khona eSikhumbuzweni (3) nangokuba khona eSikhumbuzweni naphezu kwezimo ezinzima.

UKUBUYISELA INDLELA UJESU AYEYALE UKUBA KUKHUNJULWE NGAYO

4. Yimaphi amaqiniso okukhulunywa ngawo unyaka ngamunye eSikhumbuzweni, futhi kungani kungafanele siwathathe kalula? (Luka 22:19, 20)

4 Unyaka ngamunye eSikhumbuzweni, silalela inkulumo esekelwe eBhayibhelini eyiphendula ngokucacile imibuzo eminingana. Sifunda ukuthi kungani isintu sidinga isihlengo nokuthi ukufa komuntu oyedwa kungazihlawulela kanjani izono zabantu abaningi. Sikhunjuzwa ukuthi simelelani isinkwa newayini nokuthi obani okufanele badle lezi zifanekiselo. (Funda uLuka 22:19, 20.) Sizindla nangezibusiso eziyotholwa yilabo abanethemba lokuphila emhlabeni. (Isaya 35:5, 6; 65:17, 21-23) Akufanele siwathathe kalula la maqiniso. Izigidigidi zabantu aziwaqondi futhi azazi nokuthi umhlatshelo kaJesu uyigugu kangakanani. Azikukhumbuli ukufa kwakhe ngendlela ayeyale ukuba kukhunjulwe ngayo. Kungani?

5. Ngemva kokufa kweningi labaphostoli bakaJesu, kwenzekani endleleni uJesu ayeyale ukuba kukhunjulwe ngayo ukufa kwakhe?

5 Ngokushesha nje ngemva kokufa kweningi labaphostoli bakaJesu, amaKristu okuzenzisa aqala ukungena ebandleni. (Math. 13:24-27, 37-39) Akhuluma “izinto ezisontekile ukuze amonyule abafundi ukuba bawalandele.” (IzE. 20:29, 30) Ezinye ‘zezinto ezisontekile’ amaKristu okuzenzisa agcina ezifundisile ukuthi uJesu akanikelanga ngomzimba wakhe “kwaba kanye kuphela ukuze athwale izono zabaningi” njengoba iBhayibheli lifundisa, kodwa afundisa ukuthi umhlatshelo wakhe kwakumele wenziwe ngokuphindaphindiwe. (Heb. 9:27, 28) Namuhla, baningi abantu abaqotho abayikholelwayo le mfundiso engamanga. Bahlangana njalo emasontweni​—ngezinye izikhathi nsuku zonke—​ukuze benze lokho osekubizwa ngokuthi “uMhlatshelo WeMisa.” b Ezinye izinkolo azikukhumbuli njalo ukufa kukaJesu, kodwa iningi lamalungu azo alunalwazi olutheni ngalokho okufezwa umhlatshelo kaJesu. Abanye bangase bazibuze, ‘Ingabe ukufa kukaJesu kusho ukuthi zingathethelelwa ngempela izono zami?’ Kungani bebuza lo mbuzo? Kwezinye izimo, basuke bethonywe abangabazayo ukuthi umhlatshelo kaJesu wenza ukuba izono zikwazi ukuthethelelwa. Yini abalandeli bakaJesu beqiniso abayenzile ukuze basize abantu baqonde ukuthi usho ukuthini umhlatshelo kaJesu nendlela efanele yokukhumbula ukufa kwakhe?

6. Ngo-1872, yini abafundi beBhayibheli abase beyiqonda?

6 Ekupheleni kwekhulu lika-19, abafundi beBhayibheli ababeholwa uCharles Taze Russell baqala ukutadisha imiBhalo ngokucophelela. Babefuna ukwazi iqiniso ngokubaluleka komhlatshelo kaJesu nendlela okufanele kukhunjulwe ngayo ukufa kwakhe. Ngo-1872 base bekuqonda lokho okushiwo iBhayibheli ukuthi ngempela uJesu waba isihlengo sabo bonke abantu. Abakugcinanga kubo lokho. Bakutshela nabanye besebenzisa izincwadi, amaphephandaba nomagazini. Ngokushesha ngemva kwalokho, baqala ukuhlangana ndawonye kanye ngonyaka ukuze bakhumbule ukufa kukaJesu, belingisa amaKristu ekhulu lokuqala.

7. Sizuza kanjani ekucwaningeni okwenziwa abafundi beBhayibheli bangesikhathi esidlule?

7 Namuhla siyazuza ekucwaningeni okwenziwa yilawo madoda angamaKristu aqotho eminyakeni eminingi edlule. Sizuza kanjani? Ngosizo lukaJehova, sesiyawuqonda umhlatshelo kaJesu nalokho okufezayo. (1 Joh. 2:1, 2) Siye safunda nokuthi iBhayibheli likhuluma ngamathemba amabili isintu esijabulisa uNkulunkulu esinawo​—abanye bayophila ezulwini njengezidalwa ezingafi kanti izigidi zabanye ziyophila phakade emhlabeni. Sisondela nakakhulu kuJehova lapho sicabanga ngokuthi usithanda kangakanani nangendlela thina esizuza ngayo emhlatshelweni kaJesu. (1 Pet. 3:18; 1 Joh. 4:9) Njengabafowethu abathembekile besikhathi esidlule, nathi simema abanye ukuba babe khona lapho sikhumbula ukufa kukaJesu ngendlela ayeyale ukuba kukhunjulwe ngayo.

UKUMEMELA ABANYE ESIKHUMBUZWENI

Yini ongayenza ukuze uhlanganyele ngokugcwele emkhankasweni wokumemela abantu eSikhumbuzweni? (Bheka izigaba 8-10) e

8. Yini eyenziwe abantu bakaJehova ukuze bamemele abanye eSikhumbuzweni? (Bheka isithombe.)

8 Abantu bakaJehova banomlando omude wokumemela abantu eSikhumbuzweni. Kusukela ngo-1881, abafowethu nodadewethu e-United States babemenywa ukuba bahlangane ndawonye emzini womzalwane e-Allegheny, ePennsylvania, ukuze bajabulele leso senzakalo esikhethekile. Kamuva, ibandla ngalinye laba nelaso iSikhumbuzo. NgoMashi 1940, abamemezeli batshelwa ukuthi bangamema noma ubani ensimini ongathanda ukuza. Ngokokuqala ngqa, ngo-1960 iBethel yanikeza amabandla izimemo ezinyathelisiwe. Kusukela ngaleso sikhathi, kuye kwasakazwa izigidigidi zezimemo zeSikhumbuzo. Kungani sizikhandla kangaka ukuze simeme abantu?

9-10. Obani abazuzayo emizamweni yethu yokumemela abantu eSikhumbuzweni? (Johane 3:16)

9 Esinye sezizathu ezenza simeme abanye ukuba babe nathi eSikhumbuzweni ukuthi sifuna labo abaqalayo ukuba khona bafunde iqiniso ngalokho uJehova noJesu abasenzele kona. (Funda uJohane 3:16.) Sinethemba lokuthi abakubonayo nabakuzwayo eSikhumbuzweni kuzobenza bafunde okwengeziwe, babe izikhonzi zikaJehova. Kodwa bayazuza nabanye.

10 Siyabamema nalabo abangasamkhonzi uJehova. Sibamema ukuze sibakhumbuze ukuthi uNkulunkulu usabathanda. Abaningi baba khona futhi sijabula kakhulu lapho sibabona. Ukuba khona eSikhumbuzweni kubakhumbuza indlela ababekujabulela ngayo ukukhonza uJehova esikhathini esidlule. Cabanga ngesibonelo sikaMonica. c Phakathi nobhubhane lwe-COVID-19, wavuselelwa waphinde waba ummemezeli. Ngemva kokuba khona eSikhumbuzweni ngo-2021, wathi: “Lesi Sikhumbuzo sibe esikhethekile kimina. Ngokokuqala ngqa ngemva kweminyaka engu-20, ngikwazile ukushumayeza abantu futhi ngibamemele eSikhumbuzweni. Ngenze konke engingakwenza ngenxa yokuthi ngikwazisa kakhulu lokho uJehova noJesu abangenzele kona.” (IHu. 103:1-4) Kungakhathaliseki ukuthi abantu bayasamukela isimemo sethu noma cha, senza okusemandleni ukuze simemele abanye eSikhumbuzweni, ngoba sazi ukuthi uJehova uyayazisa imizamo yethu.

11. UJehova uyibusise kanjani imizamo yethu yokumemela abantu eSikhumbuzweni? (Hagayi 2:7)

11 UJehova uyibusise ngokucebile imizamo yethu yokumemela abantu eSikhumbuzweni. Ngo-2021, sasiqala ukuba nabantu abangu-21 367 603 eSikhumbuzweni, naphezu kwemingcele ye-COVID-19. Leli inani eliliphinda kabili nohhafu inani loFakazi BakaJehova emhlabeni wonke! Kodwa kuJehova alibalulekile kangako inani labantu ababa khona. Okubalulekile umuntu ngamunye. (Luka 15:7; 1 Thim. 2:3, 4) Siyaqiniseka ukuthi uJehova usebenzisa umsebenzi wethu wokumema ukuze asisize sithole abantu abanezinhliziyo eziqotho.​—Funda uHagayi 2:7.

UKUBA KHONA ESIKHUMBUZWENI NAPHEZU KWEZIMO EZINZIMA

UJehova uyayibusisa imizamo yethu yokuba khona eSikhumbuzweni (Bheka isigaba 12) f

12. Yiziphi izimo ezingenza kube nzima ukuba sibe khona eSikhumbuzweni? (Bheka isithombe.)

12 UJesu wabikezela ukuthi ezinsukwini zokugcina siyobhekana nazo zonke izinhlobo zezimo ezinzima​—ukuphikiswa umndeni, ushushiso, izimpi, izifo nokunye okuningi. (Math. 10:36; Marku 13:9; Luka 21:10, 11) Ngezinye izikhathi, lezi zimo zenza kube nzima ukukhumbula ukufa kukaJesu. Yini abafowethu nodadewethu abayenzile ukuze banqobe lezi zinselele futhi uJehova ubasize kanjani?

13. UJehova wambusisa kanjani u-Artem ngokubonisa isibindi nokuzimisela ukuze akhumbule ukufa kukaJesu ejele?

13 Ukuboshwa. Abafowethu ababoshelwe ukholo lwabo benza okusemandleni ukuze bakhumbule ukufa kukaJesu. Cabanga ngesibonelo sika-Artem. Phakathi nenkathi yeSikhumbuzo sika-2020, wayevalelwe endaweni engamamitha-sikwele angu-17 eyayihlala iziboshwa ezinhlanu ngesikhathi. Nakuba ayeboshiwe, wakwazi ukuthola izifanekiselo zeSikhumbuzo futhi wahlela ukuzenzela yena inkulumo yeSikhumbuzo. Kodwa ayeboshwe nabo babehlale bebhema bethuka nenhlamba. Wenzenjani? Wacela ukuba bangabhemi futhi bangayithuki inhlamba ihora elilodwa nje. U-Artem wamangala lapho besamukela isicelo sakhe. Uthi, “Ngacela ukubaxoxela ngeSikhumbuzo.” Nakuba babethe abafuni kuzwa lutho ngaleso senzakalo, ngemva kokubona nokuzwa u-Artem ekhumbula ukufa kukaJesu, bambuza ngakho.

14. Yimiphi imizamo eyenziwa ukuze abantu bakaJehova babe khona eSikhumbuzweni naphezu kobhubhane lwe-COVID-19?

14 Ubhubhane lwe-COVID-19. Ngesikhathi kuhlasela lolu bhubhane, abantu bakaJehova abakwazanga ukuba khona ngokoqobo eSikhumbuzweni. Kodwa lokho akubavimbanga ukuba bakukhumbule ukufa kukaJesu. d Amabandla ane-inthanethi asebenzisa amathuluzi evidiyo ukuze akhumbule ukufa kukaJesu. Kodwa kuthiwani ngezigidi ezazingenayo i-inthanethi? Kwamanye amazwe kwenziwa izinhlelo zokusakaza inkulumo yeSikhumbuzo kuthelevishini noma emsakazweni. Ngaphezu kwalokho, amagatsha arekhoda le nkulumo ngezilimi ezingaphezu kuka-500 ukuze nalabo abasezindaweni ezisemaphandleni bakwazi ukukhumbula ukufa kukaJesu. Ngemva kwalokho, abazalwane abathembekile bahlela ukuba lezo zinkulumo zihanjiselwe labo abazidingayo.

15. Ufundani esibonelweni somuntu ofundelwa iBhayibheli okuthiwa uSue?

15 Ukuphikiswa umndeni. Kwabanye, inselele enkulu kunazo zonke eyenza bangakwazi ukuba khona eSikhumbuzweni ukuphikiswa umndeni. Cabanga ngesibonelo somuntu ofundelwa iBhayibheli okuthiwa uSue. Ngo-2021, ngosuku lwangaphambi kweSikhumbuzo, uSue watshela owayemfundela iBhayibheli ukuthi ngeke akwazi ukuba khona eSikhumbuzweni ngenxa yokuphikiswa umndeni. Owayemfundela wafunda uLuka 22:44. Wabe esemchazela ukuthi lapho sibhekene nezimo ezinzima, kufanele silandele isibonelo sikaJesu ngokuthandaza kuJehova nangokumethemba ngokuphelele. Ngosuku olulandelayo, uSue walungiselela izifanekiselo futhi wabuka nohlelo olukhethekile lokuKhulekela Kwasekuseni ku-jw.org. Kusihlwa ngalolo suku, ehlezi yedwa ekamelweni, waxhuma eSikhumbuzweni ngefoni. Kamuva, uSue wabhalela owayemfundela: “Ungikhuthaze ngempela izolo. Ngenze konke ebengingakwenza ukuze ngibe khona eSikhumbuzweni, uJehova ube esebusisa imizamo engiyenzile. Ngiswele amazwi okuchaza indlela engibonga ngayo nengijabule ngayo!” Ucabanga ukuthi uJehova angakusiza nawe uma ubhekene nesimo esifanayo?

16. Kungani siqiniseka ukuthi uJehova uzoyibusisa imizamo esiyenzayo yokuba khona eSikhumbuzweni? (Roma 8:31, 32)

16 UJehova uyazisa ngempela imizamo esiyenzayo yokukhumbula ukufa kukaJesu. Singaqiniseka ngokuthi uzosibusisa uma sikwazisa lokho asenzele kona. (Funda eyabaseRoma 8:31, 32.) Ngakho-ke, masizimisele ukuba khona eSikhumbuzweni kulo nyaka nokwenza konke esingakwenza ukuze sandise ingxenye yethu enkonzweni kaJehova phakathi nenkathi yeSikhumbuzo.

INGOMA 18 Siyabonga Ngesihlengo

a NgoLwesibili ngomhla ka-4 Ephreli, 2023, izigidi zabantu emhlabeni ziyoba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Abaningi bayobe beqala ukuba khona. Abanye abapholile bayoba nathi okokuqala ngemva kweminyaka eminingi. Abanye bayobe bedlule ezimweni ezinzima ukuze babe khona. Kungakhathaliseki ukuthi ubhekene nani, ungaqiniseka ngokuthi uJehova uyojabula ngokuthi wenze umzamo ukuze ube khona.

b Amalungu esonto akholelwa ukuthi phakathi nalo mkhosi weMisa, isinkwa newayini kuyashintsha kube umzimba negazi likaKristu. Acabanga ukuthi umzimba negazi likaJesu kwenziwa umhlatshelo isikhathi ngasinye lapho umuntu eba nengxenye kulo mkhosi.

c Amanye amagama ashintshiwe.

d Bheka nezihloko zesiNgisi ezithi “2021 Memorial Commemoration” ku-jw.org.

e INCAZELO YEZITHOMBE: Kusukela ngawo-1960, izimemo zeSikhumbuzo ziye zathuthukiswa futhi manje sekutholakala ezinyathelisiwe nezitholakala emishinini yezobuchwepheshe.

f INCAZELO YEZITHOMBE: Umfanekiso obonisa okwenzeka ngokoqobo​—Abazalwane nodade bakhumbula ukufa kukaJesu phakathi neziyaluyalu zomphakathi.