Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 5

“Uthando UKristu Analo Lusibusa Ngokuphelele”

“Uthando UKristu Analo Lusibusa Ngokuphelele”

“Uthando uKristu analo lusibusa ngokuphelele . . . ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona.”​—2 KOR. 5:14, 15.

INGOMA 13 UKristu, Isibonelo Sethu

AMAZWIBELA a

1-2. (a) Singase sizizwe kanjani lapho sicabanga ngokuphila nenkonzo kaJesu? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

 LAPHO sishonelwa umuntu esimthandayo, simkhumbula kakhulu! Ekuqaleni singase sizwe ubuhlungu bodwa lapho sicabanga ngezinsuku ayesezoshona ngazo, ikakhulu uma ezwa ubuhlungu obukhulu ngaphambi kokuba ashone. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi siqala ukujabula lapho sicabanga ngokuthile asifundisa kona, noma akwenza, noma akusho ukuze asikhuthaze noma asijabulise.

2 Ngendlela efanayo, siyadabuka lapho sifunda ngokuhlupheka nokufa kukaJesu. Ngenkathi yeSikhumbuzo sizinika isikhathi sokucabanga ngokubaluleka komhlatshelo wesihlengo. (1 Kor. 11:24, 25) Kodwa kusithokozisa kakhulu ukucabanga ngazo zonke izinto uJesu azisho nazenza ngesikhathi esemhlabeni. Kuyasikhuthaza nokucabanga ngalokho akwenzayo manje nalokho azosenzela kona esikhathini esizayo. Ukuzindla ngalezi zinto nangendlela asithanda ngayo kungasenza sibonise ukwazisa ngezindlela ezingokoqobo, njengoba sizobona kulesi sihloko.

UKUBONGA KUSENZA SIFUNE UKULANDELA UJESU

3. Yiziphi izizathu esinazo zokubonga ngenxa yesihlengo?

3 Lapho sicabanga ngokuphila nokufa kukaJesu siyambonga uJehova. Kuyo yonke inkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wafundisa abantu ngezibusiso eziyolethwa uMbuso kaNkulunkulu. Siwazisa ngempela la maqiniso oMbuso. Siyabonga ngesihlengo ngoba sisenza sibe abangani bakaJehova noJesu abaseduze. Labo ababonisa ukholo kuJesu bananethemba lokuphila phakade nokuphinde babone abantu ababathandayo asebashona. (Joh. 5:28, 29; Roma 6:23) Akukho esikwenzile okusenza sifanelwe yilezi zibusiso; asisoze sakwazi nokumbuyisela ngalutho uNkulunkulu noKristu ngalokho abasenzele kona. (Roma 5:8, 20, 21) Kodwa singababonisa ukuthi sibonga kakhulu. Kanjani?

Ukuzindla ngesibonelo sikaMariya Magdalena kukwenza kanjani ubonise ukubonga? (Bheka izigaba 4-5)

4. UMariya Magdalena wabonisa kanjani ukuthi uyabonga ngalokho uJesu ayemenzele kona? (Bheka isithombe.)

4 Cabanga ngesibonelo sowesifazane ongumJuda okuthiwa uMariya Magdalena. Wayesesimweni esidabukisayo, ehlushwa amademoni ayisikhombisa. Kumele ukuba wayecabanga ukuthi wayengenayo indlela yokuphunyuka kuwo. Ngakho cabanga ukuthi wabonga kangakanani lapho uJesu emkhulula emandleni alawo mademoni! Ukubonga ayenakho kwamenza waba umlandeli wakhe futhi wasebenzisa isikhathi, amandla nezinto zakhe ukuze amsekele enkonzweni. (Luka 8:1-3) Nakuba uMariya ayekwazisa ngokujulile lokho uJesu ayemenzele kona, kungenzeka wayengaqondi ukuthi isipho esikhulu kunazo zonke sasiseza. Wayezonikela ngokuphila kwakhe ngenxa yesintu, ‘ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuye’ athole ukuphila okuphakade. (Joh. 3:16) Nakuba ayengaqondi, uMariya wabonisa ukuthi uyamazisa uJesu ngokuba abe qotho kuye. Ngesikhathi uJesu ezwa ubuhlungu esigxotsheni sokuhlushwa, uMariya wayemi eduzane, emsekela futhi esekela nabanye. (Joh. 19:25) Ngemva kokuba uJesu esefile, uMariya nabanye besifazane ababili baya ethuneni neziqholo ayezogcotshwa ngazo lapho esengcwatshwa. (Marku 16:1, 2) Ubuqotho bukaMariya bavuzwa kakhulu. Wajabulela ukubona uJesu ovusiwe nokukhuluma naye​—ilungelo iningi labafundi elingazange lilithole.​—Joh. 20:11-18.

5. Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngalokho uJehova noJesu abasenzele kona?

5 Nathi singabonisa ukuthi siyabonga ngakho konke uJehova noJesu abasenzele kona ngokusebenzisa isikhathi, amandla nemali yethu ukuze sisekele umsebenzi woMbuso. Ngokwesibonelo, singasiza ekwakheni nasekunakekeleni izakhiwo esikhonzela kuzo uJehova.

UTHANDO NGOJEHOVA NOJESU LUSENZA SITHANDE ABANYE

6. Kungani singathi isihlengo siyisipho somuntu ngamunye?

6 Lapho sicabanga ngendlela uJehova noJesu abasithanda ngayo, nathi kusenza sibathande. (1 Joh. 4:10, 19) Sibathanda nakakhulu lapho siqaphela ukuthi uJesu wafela umuntu ngamunye kithi. Umphostoli uPawulu wakuvuma lokhu futhi washo amazwi abonisa ukwazisa lapho ebhalela abaseGalathiya, ethi: ‘INdodana kaNkulunkulu, yangithanda futhi yazinikela ngenxa yami.’ (Gal. 2:20) Ngesisekelo sesihlengo, uJehova ukudonsele kuye ukuze ube umngani wakhe. (Joh. 6:44) Akuyenzi yini inhliziyo yakho ijabule ukwazi ukuthi uJehova ubone okuthile okuhle kuwe nokuthi wakhokha inani elikhulu kunawo wonke ukuze nawe ubalwe njengomngani wakhe? Akukwenzi yini umthande nakakhulu uJehova noJesu? Kuhle sizibuze, ‘Lolo thando luzongenza ukuba ngenzeni?’

Uthando lwethu ngoNkulunkulu noKristu lusenza sixoxe nazo zonke izinhlobo zabantu ngomyalezo woMbuso (Bheka isigaba 7)

7. Njengoba sibona esithombeni, yini sonke esingayenza ukuze sibonise uthando lwethu ngoJehova noJesu? (2 Korinte 5:14, 15; 6:1, 2)

7 Uthando lwethu ngoNkulunkulu noKristu lusenza sifune ukubonisa abanye uthando. (Funda eyesi-2 Korinte 5:14, 15; 6:1, 2.) Enye indlela esibonisa ngayo uthando iwukuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela. Sixoxa nabo bonke esihlangana nabo. Asibandlululi muntu ngenxa yohlanga, isizwe, ukuthi ucebile yini noma cha noma ngenxa yokuthi uyahlupheka futhi akafundile. Ngaleyo ndlela, sisuke senza ngokuvumelana nenjongo kaJehova, ofuna “ukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zithole ulwazi olunembile lweqiniso.”​—1 Thim. 2:4.

8. Singababonisa kanjani uthando abafowethu nodadewethu?

8 Uthando lwethu ngoNkulunkulu noKristu silubonisa nangokubonisa abafowethu nodadewethu uthando. (1 Joh. 4:21) Sibakhathalela ngokujulile futhi siyabasekela lapho bevivinywa. Siyabaduduza lapho kushone umuntu abamthandayo, sibavakashele lapho begula futhi senze konke esingakwenza ukuze sibakhuthaze lapho bephelelwe amandla. (2 Kor. 1:3-7; 1 Thes. 5:11, 14) Siyaqhubeka sibathandazela, sikhumbula ukuthi “ukunxusa komuntu olungile kunamandla amakhulu.”​—Jak. 5:16.

9. Iyiphi enye indlela esingabonisa ngayo ukuthi siyabathanda abafowethu nodadewethu?

9 Sibonisa ukuthi siyabathanda abafowethu nodadewethu nangokusebenza kanzima ukuze sihlale sinokuthula nabo. Sizama ukulingisa isibonelo sikaJehova sokuthethelela. Uma uJehova ayezimisele ukuvumela iNdodana yakhe ifele izono zethu, akufanele yini nathi sizimisele ukuthethelela abafowethu nodadewethu lapho besona? Asifuni ukufana nenceku embi okukhulunywa ngayo emfanekisweni kaJesu. Ngisho nangemva kokuba inkosi yayo isesulile isikweletu sayo esikhulu kakhulu, leyo nceku yahluleka ukuthethelela inceku ekanye nayo eyayiyikweleta imali encane. (Math. 18:23-35) Uma uye wangabona ngaso linye nothile ebandleni, ungakwazi yini ukuthatha isinyathelo kuqala ukuze wenze ukuthula ngaphambi kokuba uye eSikhumbuzweni? (Math. 5:23, 24) Ukwenza kanjalo kuyobonisa ukuthi umthanda ngokujulile uJehova noJesu.

10-11. Abadala bangabonisa kanjani ukuthi bayamthanda uJehova noJesu? (1 Petru 5:1, 2)

10 Abadala bangabonisa kanjani ukuthi bayamthanda uJehova noJesu? Indlela ebalulekile abangabonisa ngayo iwukunakekela izidingo zezimvu zikaJesu. (Funda eyoku-1 Petru 5:1, 2.) UJesu walenza lacaca lelo phuzu kumphostoli uPetru. Ngemva kokuphika uJesu kathathu, cishe uPetru wayefuna ngempela ukubonisa ukuthi uyamthanda. Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wabuza uPetru: “Simoni ndodana kaJona, uyangithanda yini?” Singaqiniseka ukuthi uPetru wayengenza noma yini ukuze afakazele ukuthi uyayithanda iNkosi yakhe. UJesu wathi kuPetru: “Yalusa amawundlu ami.” (Joh. 21:15-17) Ukuphila kwakhe konke uPetru wazinakekela ngothando izimvu zeNkosi, efakazela ukuthi wayemthanda uJesu.

11 Badala, ningabonisa kanjani ukuthi amazwi uJesu awasho kuPetru abalulekile kini ngenkathi yeSikhumbuzo? Ningabonisa ukuthi nimthanda kangakanani uJehova noJesu ngokuwenza njalo umsebenzi wokwalusa nangokwenza imizamo ekhethekile yokusiza abapholile babuyele kuJehova. (Hez. 34:11, 12) Ningabonisa nokuthi niyabakhathalela abantu abafundelwayo nalabo abaqalayo ukuza eSikhumbuzweni, nenze konke eningakwenza ukuze laba bantu abangase babe abafundi bazizwe bamukelekile.

UTHANDO NGOKRISTU LUSENZA SIBE NESIBINDI

12. Kungani ukuzindla ngamazwi ashiwo uJesu ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe kusenza sibe nesibindi? (Johane 16:32, 33)

12 Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ezweni nizobhekana nosizi, kodwa yibani nesibindi! Mina ngilinqobile izwe.” (Funda uJohane 16:32, 33.) Yini eyasiza uJesu waba nesibindi lapho izitha zakhe zimsongela futhi wahlala ethembekile kwaze kwaba yilapho efa? Wancika kuJehova. Njengoba ayazi ukuthi abalandeli bakhe bazobhekana novivinyo olufanayo, uJesu wacela uJehova ukuba ababheke. (Joh. 17:11) Kungani lokhu kusenza sibe nesibindi? Kungoba uJehova unamandla kunanoma yiziphi izitha zethu. (1 Joh. 4:4) Akukho angakuboni. Siyaqiniseka ukuthi uma sincika kuJehova singaba nesibindi sinqobe ukwesaba.

13. UJosefa wase-Arimatheya wasibonisa kanjani isibindi?

13 Cabanga ngesibonelo sikaJosefa wase-Arimatheya. AmaJuda ayemhlonipha kakhulu. Wayeyilungu leSanhedrini, inkantolo ephakeme yamaJuda. Noma kunjalo, phakathi nenkonzo kaJesu yasemhlabeni wayengenaso neze isibindi. UJohane wathi “wayengumfundi kaJesu kodwa ekufihla ngoba esaba amaJuda.” (Joh. 19:38) Nakuba uJosefa ayewuthanda umyalezo woMbuso, wabafihlela abanye ukuthi wayenokholo kuJesu. Akungabazeki ukuthi wayesaba ukuthi wayezolahlekelwa isikhundla sakhe esiphezulu. Kunoma yikuphi, iBhayibheli lithi ngemva kokufa kukaJesu, uJosefa wagcina ‘equnge isibindi wangena phambi kukaPilatu, wacela isidumbu sikaJesu.’ (Marku 15:42, 43) UJosefa wayengasafihlile ukuthi uyamsekela uJesu.

14. Yini ongayenza uma wesaba abantu?

14 Ingabe nawe uke ubesabe abantu njengoJosefa? Esikoleni noma emsebenzini, kuke kwenzeke yini uzizwe unamahloni okuziveza ukuthi unguFakazi KaJehova? Ingabe ulokhu ukuhlehlisa ukuba ummemezeli noma ukubhapathizwa ngoba ukhathazwa ukuthi abanye bazothini? Ungayivumeli imizwa enjalo ikuvimbe ukuba wenze okulungile. Thandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni. Mcele akuphe isibindi sokwenza intando yakhe. Njengoba ubona indlela uJehova aphendula ngayo imithandazo yakho, uyoba namandla nakakhulu ube nesibindi esengeziwe.​—Isaya 41:10, 13.

INJABULO ISENZA SINGAYEKI UKUKHONZA UJEHOVA

15. Ngemva kokuba uJesu ebonakale kubafundi bakhe, injabulo ababenayo yabenza benzani? (Luka 24:52, 53)

15 Abafundi baphatheka kabi kakhulu lapho uJesu efa. Ake uzifake ezicathulweni zabo. Akukona nje ukuthi babeshonelwe umngani abamthandayo kodwa futhi babezizwa bephelelwe ithemba. (Luka 24:17-21) Kodwa lapho uJesu ebonakala kubo, wazinika isikhathi ukuze abasize baqonde ukuthi wayenayiphi indima ekugcwalisekeni kweziprofetho zeBhayibheli. Wabanika nomsebenzi obalulekile okwakufanele bawenze. (Luka 24:26, 27, 45-48) Wathi eqambe enyukela ezulwini ngemva kwezinsuku ezingu-40, abafundi babengasaphathekile kabi, base bejabule. Kwabajabulisa ukwazi ukuthi iNkosi yabo yayiphila futhi ikulungele ukubasiza bafeze umsebenzi wabo omusha. Injabulo ababenayo yabenza bangayeka ukudumisa uJehova.​—Funda uLuka 24:52, 53; IzE. 5:42.

16. Singabalingisa kanjani abafundi bakaJesu?

16 Singabalingisa kanjani abafundi bakaJesu? Injabulo singayithola ngokukhonza uJehova unyaka wonke hhayi nje phakathi nenkathi yeSikhumbuzo kuphela. Lokhu kudinga sibeke uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwethu. Ngokwesibonelo, abaningi baye bashintsha isimiso sabo sokusebenza ukuze bakwazi ukuya ensimini, emihlanganweni yebandla futhi babe nakho njalo ukukhulekela komkhaya. Abanye banqume nokungabi nazo izinto ezithile abanye abazibheka njengezibalulekile ukuze babe usizo ngokwengeziwe ebandleni noma bakhonze lapho kunesidingo esikhulu khona sabamemezeli boMbuso. Nakuba kudingeka sikhuthazele ukuze siqhubeke sikhonza uJehova, usithembisa ukuthi uzosibusisa ngokucebile uma sibeka uMbuso kuqala ekuphileni kwethu.​—IzAga 10:22; Math. 6:32, 33.

Phakathi nenkathi yeSikhumbuzo, zinike isikhathi sokuzindla ngalokho uJehova noJesu abakwenzele kona (Bheka isigaba 17)

17. Yini ozimisele ukuyenza kule nkathi yeSikhumbuzo? (Bheka isithombe.)

17 Sibheke phambili ekubeni khona eSikhumbuzweni ngoLwesibili, ngomhla ka-4 ku-Ephreli. Kodwa ungalindi kuze kube yileso sikhathi ngaphambi kokuba ucabange ngokuphila nokufa kukaJesu nothando yena noJehova abasibonise lona. Ukuze wenze kanjalo, wasebenzise wonke amathuba owatholayo phakathi nenkathi yeSikhumbuzo. Ngokwesibonelo, zibekele isikhathi sokufunda nokuzindla ngezenzakalo ezibhalwe eshadini elithi “Isonto Lokugcina Lokuphila KukaJesu Emhlabeni,” elingaphansi kwesithi ISithasiselo B12 eBhayibhelini elithi IBhayibheli​—ImiBhalo Engcwele. Njengoba ufunda, cinga amavesi azokwenza ukubonise ngokwengeziwe ukubonga, uthando, isibindi nenjabulo. Yibe usucabanga ngezindlela ezithile ongabonisa ngazo ukwazisa okusuka enhliziyweni. Ungaqiniseka ngokuthi uJesu uzokwazisa kakhulu konke okwenzayo ukuze umkhumbule phakathi nale nkathi yeSikhumbuzo.​—IsAm. 2:19.

INGOMA 17 “Ngiyathanda”

a Phakathi nenkathi yeSikhumbuzo sikhuthazwa ukuba sicabangisise ngokuphila kukaJesu nokufa kwakhe, nangothando yena noYise abasibonise lona. Ukwenza kanjalo kungasenza senze okuthile. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezindlela ezingokoqobo esingabonisa ngazo ukuthi siyabonga ngesihlengo nokuthi siyamthanda uJehova noJesu. Sizobona nokuthi kungasenza kanjani sibathande abafowethu nodadewethu, sibonise isibindi futhi sibe nenjabulo enkonzweni.