Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMACEBISO OKUTADISHA

Dweba Ukuze Ukhumbule Okufundile

Dweba Ukuze Ukhumbule Okufundile

Mhlawumbe njengeningi lethu ukuthola kunzima ukukhumbula okufundile. Kodwa uke wayinaka yini indlela oshesha ngayo ukukhumbula imifanekiso kaJesu? Uyakwazi ukuyibona ngeso lengqondo futhi lokho kukusiza ukuba uyikhumbule. Ngendlela efanayo, ungakwazi ukukhumbula izinto eziningi ozifundile ngokuzama ukukubona ngeso lengqondo okufundayo. Ungakwenza kanjani lokho? Ngokudweba izithombe njengoba ufunda.

Abantu abadweba izithombe zezinto ezintsha abazifundile bavame ukuzikhumbula lezo zinto. Bathole ukuthi le ndlela yokufunda ayigcini nje ngokubasiza bakhumbule amagama, kodwa ibakhumbuza namaphuzu ayinhloko alokho abakufundayo. Badweba izithombe okulula ukuzidweba, hhayi izithombe eziyinkimbinkimbi. Ubufakazi bubonisa ukuthi ukudweba izithombe kungabasiza ngisho nakakhulu asebekhulile ukuba bakhumbule abakufundile.

Ngokuzayo lapho utadisha ungase uzame ukudweba izithombe zalokho okufundile. Kungase kukumangaze ukuthi kungakanani okukhumbulayo!