Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 5

INGOMA 108 Uthando LukaNkulunkulu Oluqotho

Indlela Esizuza Ngayo Othandweni LukaJehova

Indlela Esizuza Ngayo Othandweni LukaJehova

“UKristu Jesu weza emhlabeni ezosindisa izoni.”1 THIM. 1:15.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizofunda ngendlela esizuza ngayo ngenxa yesihlengo nendlela esingabonisa ngayo uJehova ukuthi siyabonga.

1. Yini esingayenza ukuze sijabulise uJehova?

 AKE UCABANGE upha umuntu omthandayo isipho esikhethekile esihle nesiwusizo. Ubungaphatheka kabi uma lowo muntu ubengasithatha asifake ebhokisini futhi amane akhohlwe yiso! Ngakolunye uhlangothi, ubuyojabula uma esisebenzisa kahle isipho omuphe sona futhi ebonisa ukuthi uyabonga ngaso. Liyini iphuzu? UJehova unikele ngeNdodana yakhe ukuba ife ngenxa yethu. Kumele ukuba uJehova uyajabula lapho sibonisa ukuthi siyabonga ngaleso sipho esiyigugu nangothando lwakhe, olwamenza wasilungiselela isihlengo!—Joh. 3:16; Roma 5:​7, 8.

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Nokho, njengoba isikhathi sihamba singase siqale ukusithatha kalula isihlengo. Lokho bekuyofana nokuthatha isipho sikaNkulunkulu sisifake ebhokisini. Siyajabula ngaso, kodwa sisibeka le kude. Ukuze singakwenzi lokho, kumele sidamane sicabanga ngalokho uNkulunkulu noKristu abasenzele kona. Lesi sihloko singasisiza senze lokho kanye. Sizoxoxa ngokuthi isihlengo sisizuzisa kanjani manje nokuthi singazuza kanjani kuso esikhathini esizayo. Sizoxoxa nangokuthi singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngothando lukaJehova, ikakhulukazi phakathi nale nkathi yeSikhumbuzo.

INDLELA ESIZUZA NGAYO MANJE

3. Iyiphi enye indlela isihlengo esisizuzisa ngayo kwamanje?

3 Kuyimanje siyazuza emhlatshelweni kaKristu wesihlengo. Ngokwesibonelo, ngenxa yesihlengo, uJehova uthethelela izono zethu. Akabophekile ukuba asithethelele. Kodwa uyafuna ukwenza kanjalo. Egcwele ukubonga, umhubi wahlabelela wathi: “Ngoba wena Jehova, umuhle futhi uhlale ukulungele ukuthethelela.”—IHu. 86:5; 103:​3, 10-13.

4. UJehova wasenzela obani isihlengo? (Luka 5:32; 1 Thimothewu 1:15)

4 Abanye bangase bazizwe bengakufanelekeli ukuthethelelwa uJehova. Empeleni, sonke asikufanelekeli. Umphostoli uPawulu wayeqonda ukuthi ‘wayengafaneleki ukubizwa ngomphostoli.’ Noma kunjalo, wenezela: “Ngomusa omkhulu kaNkulunkulu ngiyilokhu engiyikho.” (1 Kor. 15:​9, 10) Lapho siphenduka ezonweni zethu, uJehova uyasithethelela. Kungani? Akasithetheleli ngoba sikufanelekela lokho, kodwa usithethelela ngoba esithanda. Uma udangele ngenxa yokuzizwa ungelutho, khumbula ukuthi lapho uJehova elungiselela isihlengo, wayengasenzeli abantu abangenasono, kodwa wayesenzela izoni eziphendukayo.—Funda uLuka 5:32; eyoku-1 Thimothewu 1:15.

5. Ukhona yini phakathi kwethu ongathi yena uyasifanelekela isihe sikaJehova? Chaza.

5 Akekho phakathi kwethu okufanele abe nomuzwa wokuthi uJehova kumele ambonise isihe, ngisho noma ngabe usemkhonze iminyaka eminingi. Yiqiniso ukuthi uJehova uyajabula ngesikhathi esisichithe simkhonza ngokwethembeka. (Heb. 6:10) Akasilungiselelanga isihlengo ngoba esikhokhela ngezinto esimenzele zona, kodwa siyisipho samahhala. Ngakho ngeke kube yinto efanele ukucabanga ukuthi siyasifanelekela isihe sikaJehova ngoba ziningi izinto esesimenzele zona. Uma sikholelwa yilokho, kuyosho ukuthi sicabanga ukuthi asisidingi isihlengo.—Qhathanisa neyabaseGalathiya 2:21.

6. Kungani uPawulu ayezikhandla enkonzweni kaJehova?

6 UPawulu wayazi ukuthi ngisho noma ayengasebenza kanzima kangakanani, lokho kwakungasho ukuthi wayewufanelekela umusa kaNkulunkulu. Pho kungani ayezikhandla kangaka enkonzweni kaJehova? Lokho wayengakwenzeli ukuba azibonakalise ukuthi wayewufanelekela umusa omkhulu kaJehova, kodwa wayebonisa ukuthi uyabonga ngawo. (Efe. 3:7) NjengoPawulu, siyaqhubeka sikhonza uJehova ngentshiseko, hhayi ngoba sifuna ukuthola isihe sakhe, kodwa ngenxa yokuthi sifuna ukubonisa ukuthi siyabonga ngaso.

7. Iyiphi enye indlela esizuza ngayo ngenxa yesihlengo njengamanje? (Roma 5:1; Jakobe 2:23)

7 Enye indlela esizuza ngayo njengamanje ngenxa yesihlengo ukuthi singakwazi ukuba nobuhlobo obuseduze noJehova. a Njengoba isihloko esidlule sibonisile, ngesikhathi sizalwa sasingenabo ubuhlobo noNkulunkulu. Kodwa ngenxa yesihlengo, singakwazi ukujabulela “ukuthula noNkulunkulu,” ngaleyo ndlela sisondelane naye.—Funda eyabaseRoma 5:1; Jakobe 2:23.

8. Kungani kufanele simbonge uJehova ngelungelo lokuthandaza?

8 Cabanga ngenye into esiyijabulelayo ngenxa yobuhlobo bethu noJehova—yilungelo lokuthandaza. UJehova akagcini nje ngokuzwa imithandazo yabantu bakhe abayenza behlangene ndawonye futhi beyenza obala, kodwa uzwa nomthandazo womuntu ngamunye awenza eyedwa. Umthandazo ungenza izinhliziyo zethu zizole futhi usenze sibe nokuthula kwengqondo, kodwa wenza okungaphezu kwalokho. Ungaqinisa ubuhlobo bethu noNkulunkulu. (IHu. 65:2; Jak. 4:8; 1 Joh. 5:14) Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wathandaza kaningi ngoba wayazi ukuthi uJehova wayemlalele, azi nokuthi umthandazo wawuzogcina ubuhlobo bakhe noBaba wakhe buqinile. (Luka 5:16) Sibonga kakhulu ngokuthi ngenxa yomhlatshelo kaJesu singakwazi ukuba abangani bakaJehova futhi sikhulume naye ngomthandazo!

INDLELA ESINGAZUZA NGAYO ESIKHATHINI ESIZAYO

9. Isihlengo siyobazuzisa kanjani abakhulekeli bakaJehova abathembekile esikhathini esizayo?

9 Isihlengo siyobazuzisa kanjani abakhulekeli bakaJehova esikhathini esizayo? UJehova uyobanika ukuphila okuphakade. Abantu abaningi bacabanga ukuthi akunakwenzeka lokho ngoba abantu bebelokhu befa kulezi zinkulungwane zeminyaka. Kodwa injongo kaJehova yasekuqaleni kwakuwukuba abantu baphile phakade. Ukube u-Adamu akonanga, akekho umuntu obeyocabanga ukuthi ukuphila phakade kumane kuyiphupho nje. Nakuba ukuphila phakade kungase kubonakale njengento eyisimanga njengamanje, kunjalo nangalokho uJehova akwenza ukuze siphinde sibe nethemba lokuphila phakade—wanikela ngokuphila kweNdodana yakhe ethandekayo.—Roma 8:32.

10. Yini abayilangazelelayo abagcotshiwe nezinye izimvu?

10 Nakuba ukuphila okuphakade siyokuthola esikhathini esizayo, uJehova ufuna sicabange ngakho kwamanje. Abagcotshiwe bayakulangazelela ukuphila kwabo okujabulisayo ezulwini njengoba bezobe bebusa umhlaba kanye noKristu. (IsAm. 20:6) Ezinye izimvu zona zilangazelela ukuphila epharadesi elisemhlabeni lapho buyobe bungasekho khona ubuhlungu nosizi. (IsAm. 21:​3, 4) Ingabe ungomunye wezinye izimvu ezinethemba lokuphila phakade emhlabeni? Lowo mvuzo awuwona umthobanhliziyo! Uyilokho kanye esasidalelwe kona thina bantu. Kuyoba mnandi ngempela ukuphila emhlabeni.

11-12. Yiziphi ezinye zezibusiso esingalangazelela ukuzijabulela ePharadesi? (Bheka nezithombe.)

11 Ake ucabange ukuthi ukuphila kwakho kuyoba njani ePharadesi emhlabeni. Ngeke usakhathazwa ukugula noma ukufa. (Isaya 25:8; 33:24) UJehova uyokunika zonke izinto ezinhle ozifunayo. Yini ongathanda ukufunda ngayo? Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngezilwane? Ungathanda yini ukufunda ukudlala insimbi yomculo? Ungathanda yini ukufunda ukudweba? Akungabazeki ukuthi epharadesi kuyodingeka abantu abakwazi ukuklama, ukwakha izindlu nabakwazi ukulima. Kuyodingeka nabantu abazotshala ukudla, nabazolungisa ukudla, abakhanda amathuluzi nabazotshala izimbali futhi bazinakekele. (Isa. 35:1; 65:21) Lapho usuphila phakade, uyoba nesikhathi sokufunda noma yiliphi ikhono ongalicabanga.

12 Kuyojabulisa ngempela ukwamukela abantu abayobe bevusiwe! (IzE. 24:15) Cabanga nangokuthi uyokujabulela kangakanani ukufunda okwengeziwe ngoJehova ngokuhlola izinto eziningi azidalile. (IHu. 104:24; Isaya 11:9) Okuhle nakakhulu ukuthi kuyojabulisa kakhulu ukukhonza uJehova ngaphandle kokuhlushwa umuzwa wecala! Ingabe ubuyokhetha ‘ukujabula isikhashana esonweni’ kunokukhetha ukujabulela lezi zibusiso zesikhathi esizayo? (Heb. 11:25) Lutho neze! Noma yikuphi ukuzidela okumele sikwenze manje akulutho uma kuqhathaniswa nalezi zibusiso. Khumbula ukuthi iPharadesi lasemhlabeni ngeke lihlale liyithemba lesikhathi esizayo. Liyogcina lifikile, siphile kulo usuku nosuku. Konke lokhu kuyokwenzeka ngoba uJehova wasithanda kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ukuba isifele!

Yiziphi izibusiso ozilangazelela kakhulu ePharadesi? (Bheka izigaba 11-12)


BONISA UKUTHI UYABONGA NGOTHANDO LUKAJEHOVA

13. Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngothando lukaJehova? (2 Korinte 6:1)

13 Singambonisa kanjani uJehova ukuthi siyabonga ngokusilungiselela isihlengo? Ngokwenza umsebenzi wakhe uze kuqala ekuphileni kwethu. (Math. 6:33) Khumbula ukuthi uJesu wafa “ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele lowo owabafela wabuye wavuswa.” (2 Kor. 5:15) Ngokuqinisekile asifuni ukulahlekelwa injongo yomusa omkhulu kaJehova.—Funda eyesi-2 Korinte 6:1.

14. Singabonisa kanjani ukuthi sinokholo esiqondisweni sikaJehova?

14 Enye indlela esingabonisa ngayo ukuthi siyabonga ngothando lukaJehova ukuba nokholo esiqondisweni sakhe. Kanjani? Kumele sicabange ngalokho uJehova angathanda sikwenze lapho senza izinqumo ezinjengokuthi sizochitha isikhathi esingakanani lapho sifundela umsebenzi, noma ukuthi sizokwenza hlobo luni lomsebenzi wokuziphilisa. (1 Kor. 10:31; 2 Kor. 5:7) Lapho izinqumo zethu zibonisa ukuthi sinokholo, kwenzeka into emangalisayo—ukholo lwethu kuJehova nobungani bethu naye kuyaqina. Siqiniseka ngisho nakakhulu ngethemba lethu lokuphila phakade.—Roma 5:​3-5; Jak. 2:​21, 22.

15. Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga phakathi nenkathi yeSikhumbuzo?

15 Ikhona nenye indlela esingabonisa ngayo ukuthi siyabonga ngothando lukaJehova. Lokho singakwenza ngokuthi sisebenzise inkathi yeSikhumbuzo ukuze sibonise uJehova ukuthi sibonga kangakanani ngesihlengo. Ngaphandle kokuhlela ukuba sibe khona eSikhumbuzweni, singamema nabanye ukuba babe khona. (1 Thim. 2:4) Chazela labo ozobe ubamemile ukuthi yini ezobe yenzeka eSikhumbuzweni. Uyokuthola kuwusizo ukubabonisa ividiyo ethi Kungani UJesu Afa? nethi Khumbula Ukufa KukaJesu ku-jw.org/zu. Abadala kufanele baqikelele ukuthi bayabamema abapholile. Cabanga ngenjabulo eba khona ezulwini nasemhlabeni uma ezinye izimvu zikaJehova ezilahlekile zithinteka bese zibuyela emhlanjini wakhe! (Luka 15:​4-7) ESikhumbuzweni, masizibekele umgomo wokuthi singagcini nje ngokubingelelana sodwa, kodwa sinake kakhulu labo abazobe beqala ukufika noma labo asebenesikhathi eside bagcina ukuba khona. Sifuna bazizwe besekhaya!—Roma 12:13.

16. Kungani kufanele sikucabangele ukwenza okwengeziwe enkonzweni phakathi nenkathi yeSikhumbuzo?

16 Ungakwazi yini ukwenzela uJehova okwengeziwe phakathi nenkathi yeSikhumbuzo? Ukwenza kanjalo kuyindlela ekahle kakhulu yokubonisa ukuthi uyabonga ngakho konke uNkulunkulu noKristu abasenzele kona. Uma sichitha isikhathi esengeziwe enkonzweni kaJehova, siyoyibona nakakhulu indlela asisiza ngayo futhi ngenxa yalokho siyomethemba ngisho nakakhulu. (1 Kor. 3:9) Qikelela nokuthi uyahambisana nesimiso sokufundwa kweBhayibheli kweSikhumbuzo, esitholakala encwajaneni ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke noma eshadini elitholakala encwajaneni yomhlangano waphakathi nesonto. Ungase ukhethe nokusebenzisa lawo mavesi eBhayibheli lapho utadisha.

17. Yini ejabulisa uJehova? (Bheka nebhokisi elithi “ Izindlela Ongabonisa Ngazo Ukuthi Uyabonga Ngothando LukaJehova.”)

17 Yiqiniso ukuthi izimo zakho zingase zingakuvumeli ukuba wenze zonke izinto ezisikiselwe kulesi sihloko. Nokho, khumbula ukuthi uJehova akaqhathanisi lokho omenzela kona nalokho okwenziwa abanye; ubona lokho okusenhliziyweni yakho. Uyajabula lapho ebona indlela obonga ngayo ngesipho sakhe esiyigugu, isihlengo.—1 Sam. 16:7; Marku 12:​41-44.

18. Kungani simbonga uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu?

18 Ngaphandle kwesihlengo, besingeke sithethelelwe izono zethu, sibe abangani noJehova futhi sibe nethemba lokuphila phakade. Kwangathi singahlale sibonisa ukuthi siyabonga ngothando lukaJehova olumenze wasinika lezi zibusiso. (1 Joh. 4:19) Kwangathi singabonisa nokuthi siyabonga ngoJesu, owasithanda kangangokuba waze wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu!—Joh. 15:13.

INGOMA 154 Uthando Oluqotho

a UJehova wabathethelela ngisho abakhulekeli bakhe ababemkhonza ngaphambi kokuba uJesu abe yisihlengo. UJehova wakwazi ukukwenza lokho ngoba wayeqiniseka ukuthi iNdodana yakhe yayiyothembeka kuze kube sekufeni. Ngakho kuJehova kwakunjengokungathi isihlengo sase sikhokhiwe kakade.—Roma 3:25.