Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 2

INGOMA 132 Sesimunye

Madoda Baboniseni Uthando Nenhlonipho Omkenu

Madoda Baboniseni Uthando Nenhlonipho Omkenu

‘Nina madoda, . . . baziseni.’1 PET. 3:7.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizoxoxa ngokuthi indoda ingambonisa kanjani umkayo uthando nenhlonipho ngalokho ekushoyo nangalokho ekwenzayo.

1. Yisiphi esinye isizathu esenza uJehova wasungula umshado?

 UJEHOVA ‘unguNkulunkulu ojabulayo’ futhi ufuna nathi sijabule. (1 Thim. 1:11) Usiphe izipho eziningi ukuze sijabulele ukuphila. (Jak. 1:17) Esinye salezo zipho umshado. Lapho owesilisa nowesifazane beshada benza isifungo sokuthi bazothandana futhi bahloniphane. Ukubonisana uthando njalo kungabenza bajabule kakhulu.—IzAga 5:18.

2. Yini eyenzekayo emishadweni eminingi namuhla?

2 Ngokudabukisayo, namuhla abantu abaningi abashadile bayazikhohlwa izithembiso abazenza ngosuku lwabo lomshado. Ngenxa yalokho abajabuli. Umbiko wamuva we-World Health Organization uveza ukuthi abayeni abaningi bayawashaya amakhosikazi abo, bawahlukumeze ngamazwi noma ngokomzwelo. Umyeni owenza lokho angase amphathe kahle umkakhe lapho bephambi kwabantu, kodwa amhlukumeze lapho sebesekhaya. Imishado eminingi iyalimala lapho umyeni ebukela izithombe zocansi ezingcolile.

3. Yiziphi izinto ezingenza indoda ihlukumeze umkayo?

3 Yini engenza amanye amadoda ahlukumeze omkawo? Kungenzeka akhuliswa ubaba onodlame, ngakho acabanga ukuthi ukuhlukumeza omkawo akuyona into embi. Amanye athonywa yisiko lendawo, elingase likhuthaze umbono oyiphutha othi “indoda yangempela” kumele ibe nokhahlo ukuze ibonise umkayo ukuthi kukhala esayo isicathulo. Amanye awafundiswanga ukulawula imizwa yawo, okuhlanganisa intukuthelo yawo. Amanye amadoda anomkhuba wokubuka izithombe zocansi ezingcolile, okuwenza abe nombono ongafanele ngabesifazane nangocansi. Ngaphezu kwalokho, imibiko ibonisa ukuthi ubhubhane lwe-COVID-19 luzenze zanda lezi zinkinga. Yiqiniso, ayikho into kulezi zinto ezibaliwe enikeza indoda isizathu sokuba ihlukumeze umkayo.

4. Yini abayeni abangamaKristu okudingeka bayiqaphe, futhi kungani?

4 Abayeni abangamaKristu kudingeka baqaphe ukuba bangabi nombono ongafanele waleli zwe ngabesifazane. a Kungani? Esinye isizathu ukuthi ngokuvamile izinto umuntu azicabangayo ugcina esezenza. Umphostoli uPawulu waxwayisa amaKristu agcotshiwe aseRoma ukuba ‘ayeke ukulolongwa afane nabantu baleli zwe.’ (Roma 12:​1, 2) Kusobala ukuthi ngesikhathi uPawulu ebhalela abaseRoma, ibandla lase linesikhathi likhona. Nokho, amazwi kaPawulu abonisa ukuthi abanye ebandleni babesathonywe amasiko nokucabanga kwezwe. Yingakho abeluleka ukuba bashintshe indlela abacabanga ngayo nabaziphatha ngayo. Ngokuqinisekile leso seluleko siyasebenza kubayeni abangamaKristu namuhla. Ngokudabukisayo, abanye babo bathonywe ukucabanga kwezwe futhi baye babahlukumeza omkabo. b UJehova ulindele ukuba umyeni amphathe kanjani umkakhe? Impendulo siyithola emBhalweni okusekelwe kuwo lesi sihloko.

5. Ngokweyoku-1 Petru 3:​7, umyeni kufanele amphathe kanjani umkakhe?

5 Funda eyoku-1 Petru 3:7. UJehova uyala abayeni ukuba bazise omkabo. Ukwazisa kubhekisela endleleni esiphatha ngayo umuntu esimhloniphayo. Umyeni owazisa umkakhe uyomphatha ngendlela ebonisa uthando nomusa. Kulesi sihloko sizoxoxa ngokuthi umyeni angabonisa kanjani ukuthi uyamazisa umkakhe. Kodwa ake siqale sixoxe ngezinto umyeni okungafanele azenze kumkakhe.

UNGENZI IZINTO EZIZOMZWISA UBUHLUNGU UMKAKHO

6. UJehova uzizwa kanjani ngamadoda ashaya omkawo? (Kolose 3:19)

6 Ukushaya umkakho. UJehova uyamzonda umuntu onobudlova. (IHu. 11:5) Uyabalahla abayeni abahlukumeza omkabo. (Mal. 2:16; funda eyabaseKolose 3:19.) NgokomBhalo okusekelwe kuwo lesi sihloko, eyoku-1 Petru 3:​7, uma umyeni engamphathi kahle umkakhe ubuhlobo bakhe noNkulunkulu buyothinteka. UJehova angase angayilaleli ngisho nemithandazo yakhe.

7. Ngokweyabase-Efesu 4:​31, 32, iyiphi indlela yokukhuluma abayeni okumele bayigweme? (Bheka “Incazelo Yamagama.”)

7 Ukumhlukumeza ngamazwi. Abanye abayeni bayabathethisa omkabo, basho nezinto ezibuhlungu kubo. Kodwa uJehova uyayizonda “intukuthelo, ulaka, ukuklabalasa nenkulumo elimazayo.” c (Funda eyabase-Efesu 4:​31, 32.) UJehova uzwa yonke into. Unendaba nokuthi umyeni ukhuluma kanjani nomkakhe, ngisho noma bebodwa ekhaya. Umyeni osho amazwi ahlabayo kumkakhe akagcini nje ngokulimaza umshado wakhe, kodwa ulimaza nobuhlobo bakhe noNkulunkulu.—Jak. 1:26.

8. UJehova uzizwa kanjani ngezithombe zocansi ezingcolile, futhi kungani?

8 Ukubukela izithombe zocansi ezingcolile. UJehova uzizwa kanjani ngezithombe zocansi ezingcolile? Uyazizonda. Ngakho, umyeni obukela izithombe ezingcolile ulimaza ubuhlobo bakhe noJehova futhi ululaza umkakhe. d UJehova ulindele ukuba umyeni ahlale eqotho kumkakhe, hhayi ngezenzo kuphela, kodwa ngisho nangalokho akucabangayo. UJesu wathi indoda ebuka omunye wesifazane ize imkhanuke isiphingile kakade ‘enhliziyweni yayo.’ eMath. 5:​28, 29.

9. Kungani uJehova ekuzonda ukuba umyeni alulaze umkakhe ngokocansi?

9 Ukumlulaza ngokocansi. Abanye abayeni baphoqa omkabo ukuba benze izenzo zocansi ezibalulazayo nezibenza bazizwe bengcolile noma bengathandwa. UJehova uyakuzonda ukuziphatha okunjalo okubonisa ubugovu nokungacabangeli. Ulindele ukuba umyeni athande umkakhe, amphathe kahle futhi ahloniphe indlela azizwa ngayo. (Efe. 5:​28, 29) Kuthiwani uma umyeni ongumKristu kakade emlulaza umkakhe, noma emhlukumeza, noma ebukela izithombe zocansi ezingcolile? Angayishintsha kanjani indlela acabanga ngayo nenza ngayo?

INDLELA UMYENI ANGAKUYEKA NGAYO UKUZIPHATHA OKUYIHLAZO

10. Abayeni bangazuza kanjani esibonelweni sikaJesu?

10 Yini engasiza umyeni ayeke ukuhlukumeza umkakhe nokumlulaza? Angazama ukulingisa uJesu. Nakuba uJesu engazange ashade, indlela ayephatha ngayo abafundi bakhe iyisibonelo sendlela umyeni okufanele aphathe ngayo umkakhe. (Efe. 5:25) Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho abayeni abangakufunda endleleni uJesu aphatha ngayo abaphostoli bakhe nasendleleni ayekhuluma ngayo nabo.

11. UJesu wabaphatha kanjani abaphostoli bakhe?

11 UJesu wayebahlonipha abaphostoli bakhe futhi wayehlale ebabonisa umusa. Wayengalokothi abaphathe ngokhahlo noma azenze ingqongqo kubo. Nakuba ayeyiNkosi yabo futhi enamandla kunabo, akazange asebenzise amandla akhe ukuze abenze bamesabe noma abenze bazizwe bebuthaka. Kunalokho, wazithoba wabakhonza. (Joh. 13:​12-17) Wathi kubafundi bakhe: ‘Fundani kimi, ngoba ngimnene futhi ngithobekile, nizothola ukuqabuleka.’ (Math. 11:​28-30) Phawula ukuthi uJesu wayemnene. Umuntu omnene akekho buthaka. Kunalokho, uyakwazi ukuzithiba. Lapho echukuluzwa, uhlale ezolile futhi uyakwazi ukulawula imizwa yakhe.

12. UJesu wayekhuluma kanjani nabanye abantu?

12 UJesu wayeduduza abanye futhi ebakhuthaza ngalokho akushoyo. Akazange akhulume ngokhahlo nabalandeli bakhe. (Luka 8:​47, 48) Ngisho nalapho izitha zakhe zimthuka futhi zizama ukumcasula, “akaphindiselanga ngokuthuka.” (1 Pet. 2:​21-23) Ngezinye izikhathi, uJesu wayeze akhethe ukuthula kunokuba aphendule ngokhahlo. (Math. 27:​12-14) Uyisibonelo esihle ngempela kubayeni abangamaKristu!

13. Njengoba kuboniswe kuMathewu 19:​4-6, umyeni ‘anganamathela’ kanjani ‘kumkakhe’? (Bheka nesithombe.)

13 UJesu wayala abayeni ukuba bahlale beqotho komkabo. Wacaphuna amazwi kaBaba wakhe owathi umyeni kufanele ‘anamathele kumkakhe.’ (Funda uMathewu 19:​4-6.) NgesiGreki, igama elisetshenziswe kuleli vesi elithi “inamathele” ngokwezwi nezwi lisho ukunamathisela “nge-glue.” Ngakho, uthando oluphakathi kwendoda nomkayo kufanele lube namandla njengokungathi bananyathiselwe ndawonye behlanganiswa nge-glue. Uma oyedwa wabo enza into emzwisa ubuhlungu omunye wabo bobabili bazolimala. Umyeni osondelene ngaleyo ndlela nomkakhe uyolwenqaba lonke uhlobo lwezithombe zocansi ezingcolile. Uyokwenza ukuba “angakuboni okungenanzuzo” futhi lokho uyokwenza ngokushesha. (IHu. 119:37) Empeleni wenza isivumelwano namehlo akhe sokuba angabuki omunye umuntu wesifazane aze amkhanuke ngaphandle komkakhe.—Jobe 31:1.

Umyeni oqotho uyenqaba ukubuka izithombe zocansi ezingcolile (Bheka isigaba 13) g


14. Yiziphi izinyathelo okufanele zithathwe umyeni ohlukumeza umkakhe ukuze alungise ubuhlobo bakhe noJehova nobuhlobo bakhe nomkakhe?

14 Umyeni oshaya umkakhe noma omhlukumeza ngamazwi kudingeka athathe izinyathelo ezithile ukuze alungise ubuhlobo bakhe noJehova nobuhlobo bakhe nomkakhe. Yiziphi lezo zinyathelo? Okokuqala, kumele avume ukuthi unenkinga ebucayi. Akukho okufihlekile emehlweni kaJehova. (IHu. 44:21; UmSh. 12:14; Heb. 4:13) Okwesibili, kumele ayeke ukuhlukumeza umkakhe, ashintshe indlela aziphatha ngayo. (IzAga 28:13) Okwesithathu, uyaxolisa kumkakhe nakuJehova acele bamthethelele. (IzE. 3:19) Kufanele ancenge uJehova ukuba amsize abe nesifiso sokushintsha, amsize nokuba alawule imicabango yakhe, akushoyo nezenzo zakhe. (IHu. 51:​10-12; 2 Kor. 10:5; Fil. 2:13) Okwesine, wenza ngokuvumelana nemithandazo yakhe ngokufunda ukuzonda zonke izinhlobo zobudlova nenkulumo elimazayo. (IHu. 97:10) Okwesihlanu, ucela usizo ngokushesha kubelusi abanothando ebandleni. (Jak. 5:​14-16) Okwesithupha, uhlela kusengaphambili ukuthi yini azoyenza ukuze agweme lonke lolo hlobo lokuziphatha esikhathini esizayo. Umyeni obukela izithombe zocansi ezingcolile kufanele athathe izinyathelo ezifanayo. UJehova uyoyibusisa imizamo yakhe yokushintsha indlela aziphatha ngayo. (IHu. 37:5) Kodwa akwanele ukuba umyeni ayeke lokhu kuziphatha okuhlazisayo. Kudingeka afunde nokumbonisa uthando nenhlonipho umkakhe. Angakwenza kanjani lokho?

INDLELA ONGAMBONISA NGAYO UTHANDO NENHLONIPHO UMKAKHO

15. Umyeni angambonisa kanjani umkakhe uthando?

15 Mbonise uthando. Abanye abazalwane abanemishado ejabulisayo bayaqikelela ukuthi usuku nosuku benzela omkabo okuthile okuzobabonisa ukuthi babathanda kangakanani. (1 Joh. 3:18) Umyeni angambonisa uthando umkakhe ngokumenzela izinto ezincane, njengokumbamba ngesandla noma ukumhaga. Angase amthumelele umyalezo othi “Ngiyakukhumbula” noma ambuze ukuthi “Luhamba kanjani usuku lwakho?” Ngezikhathi ezithile, angase ambhalele ikhadi elinamazwi amnandi. Uma umyeni enza lezi zinto ubonisa ukuthi uyamthanda futhi uyamhlonipha umkakhe, uqinisa nomshado wabo.

16. Kungani umyeni kufanele amdumise umkakhe?

16 Mbonge. Umyeni othanda umkakhe nomhloniphayo, umenza azizwe ebalulekile futhi uyamkhuthaza. Enye indlela akwenza ngayo lokhu ukumbonga ngakho konke akwenzayo ukuze amsekele. (Kol. 3:15) Lapho umyeni emdumisa ngokusuka enhliziyweni umkakhe umenza ajabule. Umkakhe uyozizwa ephephile, ethandwa futhi ebalulekile.—IzAga 31:28.

17. Umyeni angambonisa kanjani umkakhe inhlonipho?

17 Yiba nomusa nenhlonipho. Umyeni othanda umkakhe uyamazisa futhi umphatha kahle. Umbheka njengesipho esiyigugu esivela kuJehova. (IzAga 18:22; 31:10) Ngenxa yalokho, umbonisa umusa nenhlonipho ngisho nalapho benza ucansi. Ngeke amphoqe ukuba enze izenzo zocansi ezimenza angakhululeki, ezimlulazayo noma ezihlupha unembeza wakhe. f Naye umyeni uyolwela ukuhlale enonembeza ohlanzekile phambi kukaJehova.—IzE. 24:16.

18. Yini abayeni okufanele bazimisele ukuyenza? (Bheka nebhokisi elithi “ Izindlela Ezine Umyeni Angabonisa Ngazo Inhlonipho.”)

18 Bayeni, ningaqiniseka ngokuthi uJehova uyajabula lapho enibona nenza konke eningakwenza ukuze nibabonise uthando nenhlonipho omkenu kukho konke enikushoyo nenikwenzayo. Zimisele ukumazisa umkakho ngokuthi ugweme ukuziphatha okuyihlazo, umbonise umusa, inhlonipho nothando. Ngokwenza kanjalo, ubonisa ukuthi uyamthanda futhi ubalulekile kuwe. Mbonise uthando nenhlonipho umkakho. Ngokwenza kanjalo uyovikela ubuhlobo obubaluleke kakhulu kuwe—ubungani bakho noJehova.—IHu. 25:14.

INGOMA 131 “Lokho UNkulunkulu Akuhlanganisile”

a Abayeni bayozuza ngokufunda isihloko esithi “Ingabe Uphatha Abesifazane Ngendlela UJehova Abaphatha Ngayo?” kuyi-Nqabayokulinda kaJanuwari 2024.

b Uma uke wahlukunyezwa umuntu oshade naye, kungakuzuzisa ukufunda isihloko esithi “Usizo Lwezisulu Zodlame Lwasekhaya” ngaphansi kochungechunge oluthi “Izihloko Ezengeziwe” ku-jw.org naku-JW Library®.

c INCAZELO YAMAGAMA: “Inkulumo elimazayo” ihlanganisa ukubiza abanye ngamagama abehlisa isithunzi, amagama ahlabayo nokuhlale ugxeka umuntu umtshela izinto ongazithandi ngaye. Ngakho noma yini umyeni ayishoyo kumkakhe ukuze amzwise ubuhlungu, amlulaze noma amthuke ibhekwa njengenkulumo elimazayo.

d Bheka isihloko esithi “Izithombe Zocansi Zingawuqeda Nya Umshado Wakho” ku-jw.org naku-JW Library.

e Inkosikazi enomyeni obukela izithombe ezingcolile zocansi iyozuza ngokufunda isihloko esithi “Lapho Oshade Naye Ebukela Izithombe Ezingcolile Zocansi” kuyi-Nqabayokulinda ka-Agasti 2023.

f IBhayibheli alinikezi imininingwane ngokuphathelene nokuthi yiziphi izenzo zocansi indoda nomkayo okufanele bazibheke njengezihlanzekile noma njengezingahlanzekile. Indoda nomkayo abangamaKristu kumele bazenzele izinqumo ezibonisa ukuthi bafuna ukuhlonipha uJehova, ukujabulisana nokuhlale benonembeza ohlanzekile. Ngokuvamile, abashadile ngeke bazixoxe nabanye lezi zindaba zangasese zomshado wabo.

g INCAZELO YESITHOMBE: Abantu umzalwane asebenza nabo abangebona oFakazi bazama ukumbukisa ibhuku lezithombe ezingcolile zocansi.