Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 1

INGOMA 2 NguJehova Igama Lakho

Nikani UJehova Inkazimulo

Nikani UJehova Inkazimulo

ISIHLOKO SETHU SONYAKA KA-2025: “Nikani uJehova inkazimulo efanele igama lakhe.”IHU. 96:8.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizofunda ngendlela esinganika ngayo uJehova inkazimulo emfanele.

1. Yini abantu abaningi abagxile kuyo namuhla?

 UKE WAQAPHELA yini ukuthi abantu abaningi namuhla bazicabangela bona kuphela? Ngokwesibonelo, abanye basebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuze babukise futhi baqhoshe ngalokho abakufezile. Nokho, bambalwa abafuna ukunika uJehova uNkulunkulu inkazimulo. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngokuthi kusho ukuthini ukunika uJehova inkazimulo nokuthi kungani kufanele senze kanjalo. Sizoxoxa nangokuthi singamnika kanjani uNkulunkulu inkazimulo emfanele nokuthi uyolikhazimulisa kanjani igama lakhe esikhathini esizayo.

KUSHO UKUTHINI UKUNIKA UJEHOVA INKAZIMULO?

2. UJehova wayibonisa kanjani inkazimulo yakhe eNtabeni iSinayi? (Bheka esisekhasini 1)

2 Iyini inkazimulo? EBhayibhelini, igama elithi “inkazimulo” lingabhekisela kunoma yini engenza umuntu akhange. UJehova wabonisa inkazimulo yakhe emangalisayo ngemva nje kokuba ekhulule ama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe. Bona ngeso lengqondo: Izigidi zama-Israyeli zihlangene eduze kweNtaba iSinayi ukuze zizolalela uNkulunkulu. Ifu elimnyama limboza intaba. Kungazelelwe, ukuzamazama okukhulu komhlaba—cishe okuhambisana nokuqhuma kwentaba-mlilo—kunyakazisa indawo ezimi kuyo njengoba liduma, libanika futhi kukhona nomsindo omkhulu wophondo. (Eks. 19:​16-18; 24:17; IHu. 68:8) Cabanga indlela okumele ukuba ama-Israyeli ayemangele ngayo lapho uJehova eveza inkazimulo yakhe ngale ndlela emangalisayo.

ENtabeni iSinayi, uJehova waveza inkazimulo yakhe emangalisayo kuma-Israyeli (Bheka isigaba 2)


3. Kusho ukuthini ukunika uJehova inkazimulo?

3 Kodwa kuthiwani ngabantu? Singakwazi ngempela yini ukunika uJehova inkazimulo? Yebo singakwazi. Enye indlela esinika ngayo uJehova inkazimulo ukuxoxela abanye ngamandla akhe amangalisayo nangezimfanelo zakhe ezinhle. Sikhazimulisa uNkulunkulu nalapho simdumisa ngezinto esizifeze ngosizo lwakhe. (Isaya 26:12) INkosi uDavide iyisibonelo esihle ekunikeni uJehova inkazimulo. Emthandazweni eyawenza phambi kwebandla lakwa-Israyeli, yathi kuNkulunkulu: “O Jehova, ngobakho ubukhulu namandla nobuhle nobukhazikhazi nesithunzi, ngoba konke okusemazulwini nokusemhlabeni kungokwakho.” Lapho eseqedile ukuthandaza, “lonke ibandla labe selimdumisa uJehova.”—1 IziKr. 29:​11, 20.

4. UJesu wamkhazimulisa kanjani uJehova?

4 Lapho uJesu esemhlabeni, wakhazimulisa uYise ngokutshela abantu ukuthi nguJehova owayemnike amandla okwenza izimangaliso. (Marku 5:​18-20) Wakhazimulisa uJehova nangendlela ayekhuluma ngayo ngoYise nangendlela ayebaphatha ngayo abanye. Ngolunye usuku, uJesu wayefundisa esinagogeni. Phakathi kwalabo ababelalele, kwakukhona owesifazane owayesehlushwe amademoni iminyaka engu-18. Amademoni ayemenze waqhotha, engasakwazi ukuma aqonde. UJesu wayeqonda ukuthi lona wesifazane wayecindezeleke kakhulu futhi wayefuna ukumsiza. Ngakho wasondela kuye wakhuluma naye ngendlela enomusa, wathi: “Sifazane, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” Wabe esembeka izandla, ngaso leso sikhathi lona wesifazane wama waqonda, “waqala ukukhazimulisa uNkulunkulu,” waphinde waba umqemane! (Luka 13:​10-13) Lona wesifazane wayenesizathu esizwakalayo sokunika uJehova inkazimulo futhi kunjalo nangathi.

YINI ESENZA SIKHAZIMULISE UJEHOVA?

5. Yiziphi izizathu ezenza sihloniphe uJehova?

5 Sikhazimulisa uJehova ngoba simhlonipha ngokujulile. Sinezizathu eziningi zokumhlonipha. UJehova unguMninimandla Onke; unamandla angenamkhawulo. (IHu. 96:​4-7) Ukuhlakanipha kwakhe okujulile kubonakala ngokucacile ezintweni azidalile. UnguMthombo wokuphila kwethu noMlondolozi wokuphila. (IsAm. 4:11) Uthembekile. (IsAm. 15:4) Yonke into ayenzayo iyaphumelela futhi uhlale ezigcina izithembiso zakhe. (Josh. 23:14) Yingakho umprofethi uJeremiya athi ngoJehova: “Phakathi kwabo bonke abahlakaniphile kuyo yonke imibuso yomhlaba, akekho nhlobo onjengawe”! (Jer. 10:​6, 7) Ngempela, sinezizathu eziningi zokumhlonipha uBaba wethu osezulwini. Izinto uJehova azenzayo azigcini nje ngokusenza simhloniphe—zenza nokuba simthande.

6. Kungani simthanda uJehova?

6 Sikhazimulisa uJehova ngoba simthanda kakhulu. Cabanga ngezimfanelo zikaJehova eziningana ezisenza simthande. Unomusa nozwela. (IHu. 103:13; Isaya 49:15) Lapho sizwa ubuhlungu, naye uzwa ubuhlungu. (Zak. 2:8) Ukwenza kube lula ngathi ukusondela kuye ukuze sibe abangani bakhe. (IHu. 25:14; IzE. 17:27) Kanti futhi uthobekile; “uyagoba ukuze abuke ezulwini nasemhlabeni, aphakamise ophansi othulini.” (IHu. 113:​6, 7) Ubani nje ngempela ongeke afune ukukhazimulisa uNkulunkulu wethu omkhulu?—IHu. 86:12.

7. Sinaliphi ithuba elikhethekile?

7 Sikhazimulisa uJehova ngoba sifuna abanye bamazi. Abantu abaningi abalazi iqiniso ngoJehova. Kungani? Kungenxa yokuthi uSathane uphuphuthekise izingqondo zabantu ngokusakaza amanga amabi ngoJehova. (2 Kor. 4:4) USathane wenze abantu bakholelwa ukuthi uJehova akathetheleli, akanandaba nabantu futhi nguye oyimbangela yokuhlupheka okungaka okusemhlabeni. Kodwa siyalazi iqiniso ngoNkulunkulu wethu! Sinethuba lokusiza abantu bazi iqiniso ngoNkulunkulu, ngaleyo ndlela bakwazi ukumkhazimulisa. (Isaya 43:10) IHubo 96 ligxila ekukhazimuliseni uJehova. Njengoba sizobe sixoxa ngamanye amazwi aphefumulelwe akuleli hubo, cabanga ngendlela onganika ngayo uJehova inkazimulo emfanele.

SINGAMNIKA KANJANI UJEHOVA INKAZIMULO EMFANELE?

8. Iyiphi enye indlela esingakhazimulisa ngayo uJehova? (IHubo 96:​1-3)

8 Funda iHubo 96:​1-3. Singakhazimulisa uJehova ngalokho esikushoyo ngaye. Kula mavesi, abantu bakaJehova bamenywa ukuba ‘bahubele uJehova,’ ‘badumise igama lakhe,’ ‘bamemezele izindaba ezinhle zensindiso yakhe’ futhi ‘bamemezele inkazimulo yakhe phakathi kwezizwe.’ Zonke lezi yizindlela esingakhazimulisa ngazo uBaba wethu wasezulwini. AmaJuda athembekile namaKristu angekhulu lokuqala awanqikazanga ukuvikela igama likaJehova nokutshela abanye ngazo zonke izinto ezinhle ayewenzele zona. (Dan. 3:​16-18; IzE. 4:29) Thina singawalingisa kanjani?

9-10. Yini oyifundayo kulokho okwenzeka ku-Angelena? (Bheka nesithombe.)

9 Cabanga ngalokho okwenzeka ku-Angelena, a udade ohlala e-United States. Ngesibindi, wavikela igama likaJehova enkampanini asebenza kuyo. Njengoba ayesanda kuqala ukusebenza kuleyo nkampani, u-Angelena wamenyelwa emhlanganweni walabo abasanda kuqashwa ukuze baxoxele abasebenza nabo kafushane ngokuphila kwabo. U-Angelena wahlela ukubabonisa izithombe labo asebenza nabo, ezibonisa indlela ajabula ngayo ngokuba ngomunye woFakazi BakaJehova. Nokho, ngaphambi nje kokuba kukhulume yena, omunye asebenza naye, lapho ezethula wathi wayekhuliswe njengomunye woFakazi BakaJehova. Waqala ukuhlekisa ngezinkolelo zethu. U-Angelena uthi: “Ngashaywa uvalo. Kodwa ngazibuza: ‘Ingabe ngizovumela omunye umuntu aqambe amanga ngoJehova? Noma ingabe ngizolivikela igama laKhe?’”

10 Lapho lowo asebenza naye eseqedile ukukhuluma, ngokushesha u-Angelena wathandaza ngenhliziyo. Ngomusa wabe esethi kulo owayeqeda kukhuluma: “Sikhuliswe ngendlela efanayo. Nami ngakhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova futhi namanje ngisenguye.” Nakuba ayebhekene nesimo esicindezelayo, u-Angelena wahlala ezolile njengoba ayebonisa asebenza nabo izithombe zakhe nabangani bakhe bekhonza uJehova ngenjabulo futhi wabachazela izinkolelo zakhe ngenhlonipho. (1 Pet. 3:15) Waba yini umphumela? Lapho u-Angelena eqeda ukukhuluma, isimo sengqondo salo asebenza naye sase singcono. Waze wavuma nokuthi wayenezinkumbulo ezimnandi zezinto ezazenzeka ngesikhathi esakhula njengomunye woFakazi BakaJehova. U-Angelena uthi: “UJehova uyakufanelekela ukuba simlwele. Kuyilungelo ukumelela igama lakhe.” Nathi sinelungelo lokudumisa uJehova nelokumkhazimulisa ngisho noma abanye bengamhloniphi.

Singakhazimulisa uJehova ngendlela esikhuluma ngayo, (Bheka izigaba 9-10) b


11. Phakathi nawo wonke umlando, abakhulekeli beqiniso basilandele kanjani isimiso esikumaHubo 96:8?

11 Funda iHubo 96:8. Singamkhazimulisa uJehova ngezinto zethu eziyigugu. Abakhulekeli beqiniso bebelokhu bedumisa uJehova ngaleyo ndlela. (IzAga 3:9) Ngokwesibonelo, ama-Israyeli anikelela umsebenzi wokwakhiwa kwethempeli nokulungiswa kwalo. (2 AmaKh. 12:​4, 5; 1 IziKr. 29:​3-9) Abafundi bakaKristu abanothando banikela “ngezinto zabo” ukuze uKristu nabaphostoli bakhe bathole izinto ababezidinga. (Luka 8:​1-3) AmaKristu angekhulu lokuqala nawo abasiza abafowabo nodadewabo abangokomoya ngesikhathi behlaselwe yindlala. (IzEnzo 11:​27-29) Nanamuhla, nathi singamkhazimulisa uJehova ngeminikelo yethu yokuzithandela.

12. Iminikelo yethu ingamkhazimulisa kanjani uJehova? (Bheka nesithombe.)

12 Cabanga ngesibonelo esisodwa esibonisa indlela iminikelo yethu emkhazimulisa ngayo uJehova. Umbiko wango-2020 wakhuluma ngemiphumela yesomiso esadonsa isikhathi eside eZimbabwe. Izigidi zabantu zazisengcupheni yokubulawa yindlala, kuhlanganise nodadewethu uPrisca. Naphezu kwesomiso esasikhona, uPrisca waqhubeka nohlelo lwakhe lokushumayela njalo ngoLwesithathu nangoLwesihlanu, ngisho nangesikhathi okwakulinywa ngaso. Omakhelwane bakhe babemenza inhlekisa ngokuthi wayeyoshumayela kunokuba ayolima emasimini, bethi, “Uzobulawa yindlala wena.” Ngokuzethemba uPrisca wayethi kubo, “UJehova akakaze azilahle izinceku zakhe.” Akuphelanga sikhathi esingakanani, wabe esethola usizo oluvela enhlanganweni. Wakwazi ukuthola ukudla nezinye izinto ayezidinga ngenxa yeminikelo esiyenzayo. Omakhelwane baPrisca bamangala, bathi kuye, “UNkulunkulu akakaze akulahle, ngakho sifuna ukwazi okwengeziwe ngaye.” Omakhelwane bakhe abayisikhombisa baqala ukuba khona emihlanganweni yebandla.

Singakhazimulisa uJehova ngezinto zethu eziyigugu (Bheka isigaba 12) c


13. Indlela esiziphatha ngayo ingamkhazimulisa kanjani uJehova? (IHubo 96:9)

13 Funda iHubo 96:9. Singakhazimulisa uJehova ngendlela esiziphatha ngayo. Abapristi ababekhonza ethempelini likaJehova kwakudingeka bahlanzeke. (Eks. 40:​30-32) Kodwa okubaluleke ngaphezu kokuhlanzeka emzimbeni ukuba siziphathe ngendlela ehlanzekile. (IHu. 24:​3, 4; 1 Pet. 1:​15, 16) Kudingeka sisebenze kanzima ukuze sihlubule “ubuntu obudala”—okuyindlela yokucabanga nemikhuba engahlanzekile—bese sigqoka “ubuntu obusha”—okuwukucabanga nokwenza izinto eziveza izimfanelo zikaJehova ezikhazimulayo. (Kol. 3:​9, 10) Ngosizo lukaJehova, ngisho nabantu abaziphatha kabi kakhulu nabanodlame, bangashintsha bagqoke ubuntu obusha.

14. Yini oyifundayo endabeni kaJack? (Bheka nesithombe.)

14 Cabanga ngesibonelo sikaJack, indoda eyayinodlame futhi iyingozi, eyayibuye ibizwe ngokuthi iDemoni. Ngenxa yamacala akhe, uJack wathola isigwebo sokufa. Nokho, njengoba ayesalinde ukuba abulawe, uJack wavuma ukuba umzalwane owayevakashele ijele ayeboshwe kulo amfundele iBhayibheli. Nakuba uJack ayenze izinto eziningi ezimbi ngaphambilini, wahlubula ubuntu obudala futhi ngokuhamba kwesikhathi wafanelekela ukubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. UJack washintsha kangangokuba ngosuku ayezobulawa ngalo, abanye onogada babekhala njengoba bemvalelisa. Usayitsheni owayesebenza kulelo jele wathi: “UJack wayeyisiboshwa esiyingozi ukuzedlula zonke. Kodwa manje, ungesinye seziboshwa eziziphatha kahle.” Ngesonto elalandela ukubulawa kukaJack, abazalwane ababezoqhuba umhlangano wamasonto onke ejele, bahlangana nesiboshwa esasiqala ukuba khona kulowo mhlangano. Yini eyasenza sanquma ukuba khona kulowo mhlangano? Sathintwa yindlela uJack ashintsha ngayo indlela ayeziphatha ngayo futhi sasifuna ukwazi ukuthi yini okwakudingeka siyenze ukuze sikhonze uJehova. Kusobala ukuthi indlela esiziphatha ngayo ingamkhazimulisa uBaba wethu osezulwini!—1 Pet. 2:12.

Singakhazimulisa uJehova ngendlela esiziphatha ngayo (Bheka isigaba 14) d


UJEHOVA UZOLIKHAZIMULISA KANJANI IGAMA LAKHE MADUZANE?

15. UJehova uyolikhazimulisa kanjani ngokuphelele igama lakhe maduzane? (IHubo 96:​10-13)

15 Funda iHubo 96:​10-13. La mavesi okugcina eHubo 96 achaza uJehova njengeNkosi noMahluleli olungile. UJehova uzolikhazimulisa kanjani igama lakhe maduzane? Uzolikhazimulisa ngezahlulelo zakhe. Maduze uzobhubhisa iBhabhiloni Elikhulu ngenxa yokuthi lihlambalaze igama lakhe elingcwele. (IsAm. 17:​5, 16; 19:​1, 2) Abanye abayobona kubhujiswa iBhabhiloni Elikhulu bangase baqale ukukhonza uJehova ngeqiniso kanye nathi. Ekugcineni, e-Armagedoni, uJehova uyolibhubhisa lonke izwe likaSathane, aqede bonke labo abamphikisayo nabamhlambalazayo, asindise bonke abamthandayo nabamlalelayo abaziqhenyayo ngokumkhazimulisa. (Marku 8:38; 2 Thes. 1:​6-10) Ngemva kovivinyo lokugcina olulandela ukuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, uJehova uyobe eselingcwelise ngokuphelele igama lakhe. (IsAm. 20:​7-10) Ngaleso sikhathi, “umhlaba uyogcwala ulwazi ngenkazimulo kaJehova njengoba amanzi egcwele ulwandle.”—Hab. 2:14.

16. Yini ozimisele ukuyenza? (Bheka nesithombe.)

16 Kuyojabulisa ngempela lapho wonke umuntu ophilayo emhlabeni eyonika uJehova inkazimulo efanele igama lakhe! Kuze kube yileso sikhathi, singasebenzisa wonke amathuba esiwatholayo ukuze sikhazimulise uNkulunkulu wethu. Ukuze isisize sigxile kule ndaba ebalulekile, iNdikimba Ebusayo ikhethe iHubo 96:8 ukuba libe yisihloko sethu sonyaka ka-2025: Nikani uJehova inkazimulo efanele igama lakhe.”

Ekugcineni, wonke umuntu ophilayo uyonika uJehova inkazimulo efanele igama lakhe! (Bheka isigaba 16)

INGOMA 12 Nkulunkulu Omkhulu, Jehova

a Amanye amagama ashintshiwe.

b INCAZELO YEZITHOMBE: Isithombe esifanekisa okwenzeka ngokoqobo ku-Angelena.

c INCAZELO YESITHOMBE: Isithombe esifanekisa okwenzeka ngokoqobo kuPrisca.

d INCAZELO YESITHOMBE: Isithombe esifanekisa okwenzeka ngokoqobo kuJack.