Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 4

INGOMA 18 Siyabonga Ngesihlengo

Sisifundisani Isihlengo?

Sisifundisani Isihlengo?

“Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwaboniswa.”1 JOH. 4:9.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizofunda ngalokho isihlengo esisifundisa kona ngezimfanelo ezinhle zikaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu.

1. Kusizuzisa ngani ukuya eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu saminyaka yonke?

 NGOKUQINISEKILE uyavuma ukuthi isihlengo siyisipho esiyigugu kakhulu! (2 Kor. 9:15) Ngenxa yokuthi uJesu wasifela, ungakwazi ukuba umngani noJehova uNkulunkulu. Ungakwazi nokuba nethemba lokuphila phakade. Kuyafaneleka ngempela ukuba sibonise ukuthi siyabonga ngesihlengo nangoJehova, owasilungiselela isihlengo ngoba esithanda! (Roma 5:8) Ukuze asisize sihlale sisazisa isihlengo futhi singalokothi sisibukele phansi, uJesu wamisa iSikhumbuzo sokufa kwakhe esenziwa minyaka yonke.—Luka 22:​19, 20.

2. Kuzoxoxwa ngani kulesi sihloko?

2 Kulo nyaka, iSikhumbuzo sizoba ngoMgqibelo, ngo-Ephreli 12, 2025. Akungabazeki ukuthi sonke sihlela ukuba sibe khona eSikhumbuzweni. Emavikini angaphambi nangemva kweSikhumbuzo, kuyosizuzisa kakhulu ukuzinika isikhathi sokuzindla a ngalokho uJehova neNdodana yakhe abasenzele kona. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngalokho isihlengo esisifundisa kona ngoJehova nangeNdodana yakhe. Isihloko esilandelayo sizosisiza siqonde ukuthi singazuza kanjani kuleso sihlengo nokuthi singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngaso.

LOKHO ISIHLENGO ESISIFUNDISA KONA NGOJEHOVA

3. Ukufa komuntu oyedwa kwakungazikhulula kanjani izigidi zabantu esonweni nasekufeni? (Bheka nesithombe.)

3 Isihlengo sisifundisa ngobulungisa bukaJehova. (Dut. 32:4) Kanjani? Cabanga ngalokhu: Ngenxa yokungalaleli kuka-Adamu, sazuza isono esiholela ekufeni. (Roma 5:12) Ukuze asikhulule esonweni nasekufeni, uJehova wathumela uJesu ukuze abe isihlengo. Kodwa umhlatshelo womuntu oyedwa wawungazikhulula kanjani izigidi zabantu esonweni nasekufeni? Umphostoli uPawulu uyachaza: “Njengoba nje ngokungalaleli komuntu oyedwa [u-Adamu] abaningi baba yizoni, ngokufanayo, ngokulalela komuntu oyedwa [uJesu] abaningi bayoba abalungile.” (Roma 5:19; 1 Thim. 2:6) Ngamanye amazwi, siyizigqila zesono nokufa ngenxa yokungalaleli komuntu oyedwa owayengenasono. Ngakho, ukuze sikhululwe esonweni nasekufeni kwakudingeka umuntu oyedwa ongenasono ozolalela uNkulunkulu.

Umuntu oyedwa wabangela ukuba sibe yizigqila zesono nokufa. Ngendlela efanayo, ngomuntu oyedwa, uJesu, singakhululwa esonweni nasekufeni (Bheka isigaba 3)


4. Kungani uJehova engamananga wavumela inzalo ka-Adamu elungile ukuba iphile phakade?

4 Kwakudingekile ngempela yini ukuba uJesu afe ukuze sisindiswe? Wayengeke yini uJehova amane avumele inzalo ka-Adamu elalelayo ukuba iphile phakade? Kubantu abanesono, lokho kwakungabonakala njengento enengqondo nebonisa umusa. Kodwa lokho akububonisi ubulungisa bukaJehova. Ngenxa yokuthi uJehova unobulungisa, wayengenakulokotha ashalazelele ukungalaleli kuka-Adamu ngamabomu.

5. Kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova uyohlale enza okulungile?

5 Kodwa yini eyayiyokwenzeka ukube uJehova akasilungiselelanga isihlengo, ukube wamane washalazelela ubulungisa ngokuthi avumele inzalo ka-Adamu ukuba iphile phakade? Cishe abantu babeyozibuza ukuthi ingabe uNkulunkulu wayengeke yini angabenzi ubulungisa nakwezinye izinto. Ngokwesibonelo, wayengeke yini angazigcini ezinye zezithembiso zakhe? Akudingeki sikhathazeke ngokuthi kungase kwenzeke into enjengaleyo. Ukuthi uJehova wenza ubulungisa wanikela ngeNdodana yakhe ayithandayo ngisho noma lokho kwamzwisa ubuhlungu obukhulu, kusiqinisekisa ngokuthi uyohlale enza okulungile.

6. Isihlengo sisibonisa kanjani ukuthi uJehova uyasithanda? (1 Johane 4:​9, 10)

6 Nakuba isihlengo sisisiza siqonde ukuthi uJehova unobulungisa, ngokukhethekile sisisiza siqonde ukujula kothando lwakhe. (Joh. 3:16; funda eyoku-1 Johane 4:​9, 10.) Isihlengo sisifundisa ukuthi uJehova akafuni nje sigcine ngokuthola ukuphila okuphakade, kodwa ufuna nokuba sibe yingxenye yomndeni wakhe. Cabanga ngalokhu: Lapho u-Adamu ona, uJehova wamxosha emndenini wabakhulekeli bakhe. Ngenxa yalokho, sonke sasingewona amalungu omndeni kaNkulunkulu ngesikhathi sizalwa. Kodwa ngenxa yesihlengo, uJehova uthethelela izono zethu futhi ekugcineni bonke abantu ababonisa ukholo nabamlalelayo bayoba amalungu omndeni wakhe. Ngisho kwamanje, singakwazi ukuba nobuhlobo obuseduze noJehova nesikholwa nabo. Ngempela, siyaluzwa uthando lukaJehova!—Roma 5:​10, 11.

7. Ukuhlukunyezwa uJesu akukhuthazelela kusisiza kanjani siqonde indlela uJehova asithanda ngayo?

7 Singayiqonda kangcono indlela uJehova asithanda ngayo uma sicabanga ngobuhlungu okumele ukuba wabuzwa lapho ebona iNdodana yakhe ihlupheka. USathane uthi ayikho inceku kaNkulunkulu eyoqhubeka iqotho kuye lapho ibhekene nobunzima. Ukuze abonise ukuthi uSathane ungumqambimanga, uJehova wavumela uJesu ukuba ahlupheke ngaphambi kokuba afe. (Jobe 2:​1-5; 1 Pet. 2:21) UJehova wayebukele lapho abaphikisi benkolo behlekisa ngoJesu, lapho amasosha embhaxabula nalapho ebethelwa esigxotsheni. UJehova wayebukele nalapho iNdodana yakhe ayithandayo ifa kabuhlungu. (Math. 27:​28-31, 39) Wayengakuvimba noma nini lokho ukuba kungenzeki. Ngokwesibonelo, lapho abaphikisi bethi: “[UNkulunkulu] makamsindise manje uma Yena emfuna,” uJehova wayengakwenza lokho. (Math. 27:​42, 43) Nokho, ukube uNkulunkulu wangenelela, sasingeke sikhokhwe isihlengo futhi sasingeke sibe nalo ithemba. Ngakho uJehova wavumela iNdodana yakhe ukuba ihlukumezeke kwaze kwaba yilapho ifa.

8. UJehova wabuzwa yini ubuhlungu lapho ebona iNdodana yakhe ihlukunyezwa? Chaza. (Bheka nesithombe.)

8 Akufanele sicabange ukuthi ngenxa yokuthi uNkulunkulu unguMninimandla Onke akanayo imizwa! Lapho esidala, wasenza saba nemizwa. Ngenxa yokuthi iBhayibheli lithi senziwe ngomfanekiso wakhe, lokho kusho ukuthi naye unayo imizwa. Lapho likhuluma ngemizwa yakhe, iBhayibheli lithi “bamzwisa ubuhlungu” futhi “bamdabukisa.” (IHu. 78:​40, 41; mbhw.) Cabanga nangesibonelo sika-Abrahama no-Isaka. Uzokhumbula ukuthi u-Abrahama wayalwa ukuba anikele ngendodana yakhe okuwukuphela kwayo ukuze ibe umhlatshelo. (Gen. 22:​9-12; Heb. 11:​17-19) Ngeke sikwazi ukuyiqonda indlela u-Abrahama ayezizwa ngayo njengoba ayelungiselela ukubulala u-Isaka. UJehova wezwa ubuhlungu obukhulu ngisho nakakhulu njengoba ayebuka abantu abangamhloniphi behlukumeza iNdodana yakhe ngonya kwaze kwaba yilapho ifa!—Bheka ividiyo ethi Lingisa Ukholo Lwabo—U-Abrahama, Ingxenye 2, ku-jw.org/zu.

Kwamzwisa ubuhlungu uJehova ukubona iNdodana yakhe izwa ubuhlungu obukhulu (Bheka isigaba 8)


9. EyabaseRoma 8:​32, 38, 39 ikusiza kanjani uqonde indlela uJehova akuthanda ngayo ngokujulile wena nokholwa nabo?

9 Isihlengo sisifundisa ukuthi akekho umuntu osithanda njengoJehova—hhayi ngisho isihlobo sethu esisithandayo noma umngani wethu omkhulu. (Funda eyabaseRoma 8:​32, 38, 39.) Siyaqiniseka ukuthi uJehova usithanda ukwedlula indlela thina esizithanda ngayo. Uyafuna yini ukuphila phakade? UJehova yena ukufisela ngisho nakakhulu lokho. Uyafuna yini ukuba izono zakho zithethelelwe? UJehova yena ukufisela ngisho nakakhulu lokho. Akucelayo nje ukuba samukele isipho sakhe esiyigugu ngokubonisa ukholo nangokumlalela. Isihlengo siyibonisa ngempela indlela uNkulunkulu asithanda ngayo. Ezweni elisha, siyofunda okwengeziwe ngothando lukaJehova.—UmSh. 3:11.

ISIHLENGO SISIFUNDISANI NGOJESU?

10. (a) Yini eyayimzwisa ubuhlungu kakhulu uJesu ngokubulawa kwakhe? (b) UJesu walilwela ngaziphi izindlela igama likaJehova? (Bheka nebhokisi elithi “ Ukuba Qotho KukaJesu Kwalilwela Igama LikaJehova.”)

10 UJesu unendaba ngempela nalokho abantu abakucabangayo ngoBaba wakhe. (Joh. 14:31) Kwakumzwisa ubuhlungu obukhulu uJesu ukuthi ukumangalelwa kwakhe ngokuhlambalaza nangokuvukela umbuso kwakungalihlambalaza igama likaBaba wakhe. Yingakho athandaza athi: “Baba, uma kungenzeka, le ndebe mayidlule kimi.” (Math. 26:39) Ngokuhlale eqotho kwaze kwaba sekufeni kwakhe, uJesu walilwela igama likaBaba wakhe.

11. UJesu walubonisa kanjani uthando olujulile ngabantu? (Johane 13:1)

11 Isihlengo sisifundisa nokuthi uJesu ubakhathalela ngokujulile abantu, ikakhulukazi abalandeli bakhe. (IzAga 8:31; funda uJohane 13:1.) Ngokwesibonelo, uJesu wayazi ukuthi ezinye izinto okwakumele azenze phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni zaziyoba nzima kakhulu, ikakhulukazi ukubulawa kwakhe ngendlela enesihluku. Noma kunjalo, uJesu wazenza zonke lezo zinto ezinzima, hhayi ngoba isabelo sakhe sasemhlabeni sasidinga ukuba enze kanjalo, kodwa wazenza ngoba wayebathanda abantu. UJesu wayeshumayela, efundisa futhi esiza abanye ngenhliziyo yakhe yonke. Ngisho nangosuku afa ngalo, wageza izinyawo zabafundi bakhe, washo namazwi amaningi aduduzayo futhi wabayala njengoba ayebavalelisa. (Joh. 13:​12-15) Ngesikhathi esesigxotsheni sokuhlushwa ezwa ubuhlungu, uJesu wakhuluma nesigebengu esasiseceleni kwakhe wasinika ithemba, wacela noJohane ukuba anakekele umama wakhe. (Luka 23:​42, 43; Joh. 19:​26, 27) Uthando lwakhe olujulile ngabantu akalubonisanga nje kuphela ngesikhathi ebafela, kodwa walubonisa ukuphila kwakhe konke ngesikhathi esemhlabeni.

12. Yiziphi izinto uJesu asenzela zona manje?

12 Nakuba uKristu afa “kanye kwaba kuphela,” namanje usasenzela izinto eziningi. (Roma 6:10) Kanjani? Uyaqhubeka esebenza ukuze sijabulele izinto eziningi ezinhle ezitholakala ngenxa yesihlengo. Cabanga ngalokho amatasa ngakho njengamanje. UyiNkosi yethu, uMpristi Ophakeme nenhloko yebandla. (1 Kor. 15:25; Efe. 5:23; Heb. 2:17) Uyahola emsebenzini wokuqoqa abagcotshiwe nesixuku esikhulu, umsebenzi oyophothulwa ngaphambi kokuba kuphele usizi olukhulu. b (Math. 25:32; Marku 13:27) Usiza nenceku ethembekile ukuba iqhubeke isondla ngokomoya phakathi nalezi zinsuku zokugcina. (Math. 24:45) Naphakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane, uyoqhubeka esenzela izinto. Ngempela, uJehova wanikela ngeNdodana yakhe ngenxa yethu!

QHUBEKA UFUNDA

13. Ukuzindla kungakusiza kanjani uqhubeke ufunda ngendlela uNkulunkulu noKristu abasithanda ngayo?

13 Ungaqhubeka ufunda ngendlela uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abasithanda ngayo uma uqhubeka uzindla ngezinto abasenzele zona. Mhlawumbe phakathi nenkathi yeSikhumbuzo yalo nyaka ungafunda iVangeli elilodwa noma amaningana ngokucophelela. Ungazami ukufunda into eningi ngesikhathi esisodwa. Kunalokho yehlisa ijubane, ubheke nezizathu ezengeziwe zokuthi kungani kufanele sithande uJehova noJesu. Xoxela nabanye ngalokho okutholile njengoba bewufunda.

14. NgokweHubo 119:97 nombhalo waphansi, ukucwaninga kungasisiza kanjani siqhubeke sifunda ngesihlengo nangezinye izimfundiso? (Bheka nesithombe.)

14 Uma usunesikhathi eside ubhapathiziwe, ungase uzibuze ukuthi kukhona yini okusha osengakufunda ngobulungisa bukaNkulunkulu, uthando lwakhe nesihlengo. Iqiniso liwukuthi siyohlale sifunda okusha ngalezo zinto nangokunye. Ngakho yini ongayenza? Lusebenzise ngokugcwele ulwazi oluningi olutholakala ezincwadini zethu. Uma ufunda okuthile ongakuqondi kahle eBhayibhelini, cwaninga ngakho. Njengoba usuku luqhubeka, zindla ngalokho okutholile nangokuthi kukufundisani ngoJehova, ngeNdodana yakhe nangendlela abakuthanda ngayo.—Funda iHubo 119:97 nombhalo waphansi.

Ngisho noma sesinesikhathi eside sibhapathiziwe, sisengafunda izinto ezintsha ezisenza sisazise nakakhulu isihlengo (Bheka isigaba 14)


15. Kungani kufanele siqhubeke sizama ukuthola izinto ezintsha lapho sifunda iBhayibheli?

15 Ungadikibali uma ungayitholi njalo into entsha noma ejabulisayo lapho ufunda noma ucwaninga. Ngomqondo othile, ufana nomuntu ozama ukuthola igolide. Ngokuvamile, ngesineke abantu abazama ukuthola igolide bachitha amahora noma izinsuku ngaphambi kokuba bathole iqhuzwana nje legolide. Noma kunjalo, bayaphikelela ngoba ngisho igolide elincane liyigugu kubo. Yonke into entsha esiyifunda eBhayibhelini iyigugu ngisho nakakhulu! (IHu. 119:127; IzAga 8:10) Ngakho yiba nesineke, uqhubeke nesimiso sakho sokufunda iBhayibheli.—IHu. 1:2.

16. Singamlingisa kanjani uJehova noJesu?

16 Njengoba utadisha, bheka izindlela ongakusebenzisa ngazo lokho okufundayo. Ngokwesibonelo, yiba nobulungisa njengoJehova ngokungakhethi iphela emasini lapho usebenzelana nabanye. Lingisa indlela uJesu athanda ngayo uBaba wakhe nabanye ngokuzimisela ukuhlupheka ngenxa yegama likaJehova nangokusiza amaKristu okholwa nawo, ngisho noma lokho kusho ukuzidela ngezinye izikhathi. Lingisa uJesu nangokushumayeza abanye ukuze nabo babe nethuba lokwamukela isipho sikaJehova esiyigugu.

17. Yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?

17 Njengoba siqhubeka sifunda ngesihlengo futhi sisazisa, siyomthanda nakakhulu uJehova neNdodana yakhe. Nabo bayosithanda ngisho nakakhulu. (Joh. 14:21; Jak. 4:8) Ngakho masiqhubeke sifunda ngesihlengo, sisebenzisa amalungiselelo uJehova asinike wona. Esihlokweni esilandelayo sizoxoxa ngezinye izibusiso esizijabulelayo ngenxa yesihlengo nangokuthi singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngothando lukaJehova.

INGOMA 107 Isibonelo Saphezulu Sothando

a INCAZELO YEGAMA: “Ukuzindla” kusho ukucabangisisa ngendaba ofunda ngayo nangeminye imininingwane ephathelene nayo ukuze uyiqonde kangcono.

b Ukuqoqwa ‘kwezinto ezisezulwini’ uPawulu akhuluma ngakho kweyabase-Efesu 1:​10, kuhlukile ekuqoqweni ‘kwabakhethiwe’ uJesu akhuluma ngakho kuMathewu 24:31 nakuMarku 13:27. UPawulu ubhekisela esikhathini lapho uJehova ekhetha khona labo abayobusa noJesu ngokubagcoba ngomoya ongcwele. UJesu ubhekisela esikhathini lapho abagcotshiwe abayobe besele emhlabeni beyoqoqelwa khona ezulwini phakathi nosizi olukhulu.