Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 3

INGOMA 35 “Niqiniseke Ngezinto Ezibaluleke Kakhulu”

Yenza Izinqumo Ezijabulisa UJehova

Yenza Izinqumo Ezijabulisa UJehova

“Ukwesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha, ulwazi ngoNgcwelengcwele lungukuqonda.”IZAGA 9:10.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizofunda ngendlela esingasebenzisa ngayo ulwazi, ukuqonda nekhono lokwahlukanisa ukuze senze izinqumo ezihlakaniphile.

1. Iyiphi inselele sonke esibhekana nayo?

 NSUKU ZONKE kudingeka senze izinqumo. Ezinye izinqumo kulula ukuzenza, njengokuthi yini ozoyidla ekuseni noma ukuthi uzolala ngobani isikhathi. Ezinye izinqumo zinzima. Zingase zithinte impilo yethu, injabulo yethu, abantu esibathandayo, noma ukukhonza kwethu uJehova. Sifuna izinqumo zethu zizuzise thina nemindeni yethu. Okubaluleke nakakhulu, sinethemba lokuthi izinqumo zethu zizomjabulisa uJehova.—Roma 12:​1, 2.

2. Yiziphi izinto ezingakusiza wenze izinqumo ezihlakaniphile?

2 Cishe uyokwenza isinqumo esihlakaniphile uma (1) uthola wonke amaqiniso, (2) ucabanga ngombono kaJehova ngendaba, futhi (3) ucabangisisa ngalokho ozokhetha ukukwenza. Lesi sihloko sizoxoxa ngalezo zinto ezintathu, sisisize nokuba sibone ukuthi singawaqeqesha kanjani amandla ethu okuqonda.—IzAga 2:11.

THOLA WONKE AMAQINISO

3. Kungani kudingeka uthole wonke amaqiniso ngaphambi kokuba wenze isinqumo? Fanekisa.

3 Into yokuqala engakusiza wenze isinqumo esihlakaniphile ukuthola wonke amaqiniso. Kungani lokho kubalulekile? Cabanga ngomuntu ogulayo oya kudokotela ngoba enenkinga yempilo ebucayi. Ingabe udokotela uyomane anike lowo muntu imithi engazange amhlole noma ambuze imibuzo ethile ngokugula kwakhe? Lutho neze. Nawe uyokwenza izinqumo ezinhle uma uqale ucabanga ngamaqiniso endaba. Ungakwenza kanjani lokho?

4. NgokwezAga 18:​13, yini ongayenza ukuze uqiniseke ukuthi unawo wonke amaqiniso owadingayo? (Bheka nesithombe.)

4 Ngokuvamile ungathola amaqiniso owadingayo ngokubuza imibuzo. Ngokwesibonelo, ake sithi umenyiwe embuthanweni wokuzijabulisa. Ingabe kufanele uye? Uma ungamjwayele umuntu okumemile noma ungazi ukuthi yini ezobe yenzeka kulowo mbuthano, kuyodingeka umbuze imibuzo enjengokuthi: “Uzobe ukuphi lowo mbuthano futhi uzobe unini? Kuzobe kunabantu abangakanani? Ubani ozobe ewuqondisa? Obani abazobe bekhona? Yini ezobe yenziwa? Buzobe bukhona yini utshwala?” Izimpendulo zale mibuzo ziyokusiza wenze isinqumo esihlakaniphile.—Funda izAga 18:13.

Ukuze uthole wonke amaqiniso, buza imibuzo (Bheka isigaba 4) a


5. Yini okufanele uyenze uma usunawo wonke amaqiniso owadingayo?

5 Njengoba usunawo wonke amaqiniso owadingayo, cabangisisa ngakho konke okuhilelekile. Ngokwesibonelo, uyokwenzenjani uma uthola ukuthi kuyobe kukhona nabathile abangazihloniphi izimiso zeBhayibheli kulowo mbuthano noma ukuthi kuyobe kukhona notshwala futhi uzobe engekho umuntu ozobe eqaphile ukuthi busetshenziswa kanjani? Ucabanga ukuthi kungenzeka yini lo mbuthano ugcine usuyiphathi exokozelayo? (1 Pet. 4:3) Ngakolunye uhlangothi, kuthiwani uma isikhathi salowo mbuthano siqondana nesikhathi somhlangano webandla noma senkonzo yasensimini? Uma ucabangisisile ngazo zonke lezi zinto kuyoba lula ukuba wenze isinqumo esihlakaniphile. Kodwa kunokunye okumele ukwenze. Uyazi ukuthi wena uzizwa kanjani ngalesi simo; kodwa uJehova yena uzizwa kanjani ngaso?—IzAga 2:6.

CABANGA NGOMBONO KAJEHOVA

6. NgokukaJakobe 1:​5, kungani kufanele sithandaze kuJehova simcele asisize?

6 Cela uJehova akusize uqonde umbono wakhe ngendaba. UJehova usinika ukuhlakanipha okusisiza siqonde ukuthi isinqumo esisithathayo sizomjabulisa yini. Usinika lokho kuhlakanipha “ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola.”—Funda uJakobe 1:5.

7. Ungayithola kanjani indlela uJehova acabanga ngayo? Fanekisa.

7 Uma usuthandazile kuJehova wacela isiqondiso sakhe, yinakisise impendulo yakhe. Ngokwesibonelo: Uma uya endaweni ethile bese uyalahleka, ungase ucele umuntu wakuleyo ndawo ukuba akusize. Kodwa ubungahamba yini ngaphambi kokuba lowo muntu akusize? Ubungeke ukwenze lokho. Ubuyomlalelisisa njengoba ekuyalela indlela okumele uhambe ngayo. Ngendlela efanayo, ngemva kokucela ukuhlakanipha kuJehova, zama ukubona impendulo yakhe ngokuthola ukuthi yimiphi imithetho nezimiso zeBhayibheli okusebenza esimweni okuso. Ngokwesibonelo, lapho unquma ukuthi uzoya yini embuthanweni wokuzijabulisa okukhulunywe ngawo ekuqaleni, ungase ucabange ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngamaphathi axokozelayo, ngokuzihlanganisa nabantu ababi nangokubaluleka kokugxila eMbusweni kaNkulunkulu kunokugxila kulokho wena okuthandayo.—Math. 6:33; Roma 13:13; 1 Kor. 15:33.

8. Yini ongayenza uma udinga usizo ukuze uthole ukwaziswa okudingayo? (Bheka nesithombe.)

8 Nokho, ngezinye izikhathi ungase udinge usizo ukuze uthole ukwaziswa okudingayo. Ungase ucele iseluleko kumzalwane noma kudade ongumakadebona. Noma kunjalo, ungazuza nangokuzicwaningela. Kunenqwaba yokwaziswa okuwusizo emathuluzini ethu okutadisha, njengencwadi ethi INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova nethi ImiBhalo Ewusizo Ekuphileni KwamaKristu. Khumbula ukuthi umgomo wakho ukwenza isinqumo esizojabulisa uJehova.

Cabanga ngombono kaJehova ngendaba (Bheka isigaba 8) b


9. Singaqiniseka kanjani ukuthi isinqumo esisenzayo sizomjabulisa uJehova? (Efesu 5:17)

9 Singaqiniseka kanjani ukuthi isinqumo esisenzayo sizomjabulisa uJehova? Okokuqala, kudingeka simazi kahle. IBhayibheli lithi: “Ulwazi ngoNgcwelengcwele lungukuqonda.” (IzAga 9:10) Kuyiqiniso ukuthi ukuqonda kwangempela sikuthola ngokwazi izimfanelo zikaJehova, injongo yakhe nalokho akuthandayo noma akuzondayo. Zibuze, ‘Ngokwalokho engikwaziyo ngoJehova, yisiphi isinqumo engingasenza esizomenza ajabule?’—Bheka eyabase-Efesu 5:17.

10. Kungani izimiso zeBhayibheli zibaluleke ukwedlula isiko lasekhaya noma isiko lendawo?

10 Ukuze sijabulise uJehova, ngezinye izikhathi kumele senze into edumaza abantu esisondelene nabo. Ngokwesibonelo, abanye abazali abanezinhloso ezinhle bangase bacindezele indodakazi yabo ukuba ishade nomuntu omi kahle ngokwezimali—noma ozokwazi ukukhipha ilobolo elikhulu—ngisho noma lowo muntu engaqinile ngokomoya. Kungokwemvelo ukuba abazali bafune indodakazi yabo iphile kamnandi, kodwa ubani ozoyisiza ukuba ibe nobuhlobo obuqinile noJehova? UJehova uzizwa kanjani ngale ndaba? Impendulo siyithola kuMathewu 6:33. Kuleli vesi, amaKristu anxuswa ukuba aqhubeke ‘efuna kuqala uMbuso.’ Nakuba sibahlonipha abazali bethu nabantu esiphila nabo emphakathini, into ebaluleke kakhulu kithi ukwenza uJehova ajabule.

CABANGISISA NGALOKHO OZOKHETHA UKUKWENZA

11. Iyiphi imfanelo okukhulunywe ngayo kweyabaseFilipi 1:​9, 10 eyokusiza ucabangisise ngalokho ozokhetha ukukwenza?

11 Uma usuzitholile izimiso zeBhayibheli ezithinta isinqumo ozosenza, kudingeka ucabangisise ngalokho ozokhetha ukukwenza. (Funda eyabaseFilipi 1:​9, 10.) Ukuqonda kuyokwenza ukwazi ukuwubona ngeso lengqondo umphumela walokho ongase ukhethe ukukwenza. Ngezinye izikhathi kulula ukwenza isinqumo. Kodwa akuzona zonke izinqumo okulula ukuzenza. Ukuqonda kuyokusiza wenze izinqumo ezihlakaniphile, ngisho nalapho ubhekene nezinqumo ezinzima.

12-13. Ukuqonda kungakusiza kanjani wenze isinqumo esihlakaniphile ngokuphathelene nomsebenzi wokuziphilisa?

12 Cabanga ngalesi sibonelo esilandelayo. Ufuna umsebenzi ukuze ukwazi ukunakekela umndeni wakho. Kuvela izindawo ezimbili ongaqashwa kuzo. Ucabangisisa ngakho konke okuhilelekile, uhlobo lomsebenzi, izinsuku ozozisebenza, ukuthi kuzokuthatha isikhathi esingakanani ukuya khona, kanye nezinye izinto ezihilelekile. Yomibili le misebenzi evelile ayingqubuzani nezimiso zeBhayibheli. Mhlawumbe phakathi kwayo ukhona owuthanda kakhulu ngenxa yohlobo lomsebenzi noma ngenxa yokuthi uzokuholela imali eningi. Nokho, kunezinye izinto okumele ucabange ngazo ngaphambi kokuba wenze isinqumo.

13 Ngokwesibonelo, kule misebenzi emibili, ingabe isikhathi ozosebenza ngaso sizongqubuzana nesikhathi sokuya emhlanganweni webandla? Ingabe izodla isikhathi okudingeka usisebenzisele ukunakekela izidingo zomndeni wakho ezingokomzwelo nezingokomoya? Ukuzibuza imibuzo enjengaleyo kuyokusiza ugxile ‘ezintweni ezibaluleke kakhulu’—ukukhonza uJehova nezidingo zomndeni wakho—kunokuba ugxile ekwenzeni imali eningi. Ngaleyo ndlela uyokwazi ukwenza isinqumo uJehova ayosibusisa.

14. Ukusebenzisa ukuqonda nokubonisa uthando kuyosisiza kanjani ukuba singabakhubi abanye?

14 Ukuqonda kusenza sicabange nangokuthi isinqumo sethu singase sibathinte kanjani abanye abantu ukuze ‘singabakhubekisi abanye.’ (Fil. 1:10) Lokhu kubalulekile lapho senza izinqumo eziphathelene nokuthi sizogqoka kanjani nokuthi sizozilungisa kanjani. Ngokwesibonelo, singase sithande uhlobo oluthile lwendlela yokugqoka noma yokuzilungisa. Kodwa kuthiwani uma lubakhuba abanye esinabo ebandleni noma abangekho ebandleni? Ukuqonda kuyosisiza sihloniphe indlela abazizwa ngayo. Uthando luyosenza sicabangele “omunye umuntu” futhi sibe nesizotha. (1 Kor. 10:​23, 24, 32; 1 Thim. 2:​9, 10) Ngaleyo ndlela siyokwenza isinqumo esibonisa ukuthi siyabathanda futhi siyabahlonipha abanye.

15. Yiziphi izinto okufanele ucabange ngazo ngaphambi kokuba wenze lokho okunqumile?

15 Uma wenza isinqumo esikhulu, cabanga ngezinto okuzodingeka uzenze ngenxa yaleso sinqumo. UJesu wasifundisa ukuba ‘sibale izindleko.’ (Luka 14:28) Ngakho cabanga ngesikhathi ozosichitha, izinto ozozisebenzisa namandla ozowadinga ukuze lokho okunqumile kuphumelele. Kwezinye izimo, ungase uxoxe nomndeni wakho ngalokho ilungu lomndeni ngalinye okuyodingeka likwenze ukuze lisekele leso sinqumo. Kungani kubalulekile ukuba wenze kanjalo? Lokho kungakusiza ubone ukuthi kudingeka wenze ushintsho oluthile kulokho obukunqumile noma kudingeka ushintshe isinqumo sakho. Uma uxoxa namalungu omndeni wakho futhi uyilalela imibono yawo, cishe ayozimisela nakakhulu ukusekela isinqumo sakho.—IzAga 15:22.

YENZA ISINQUMO ESIZOPHUMELELA

16. Yiziphi izinto ezizokusiza wenze isinqumo esizophumelela? (Bheka nebhokisi elithi “ Ongakwenza Ukuze Wenze Izinqumo Ezihlakaniphile.”)

16 Uma uzenze zonke izinto okukhulunywe ngazo kulesi sihloko, ukulungele ukwenza isinqumo esihlakaniphile. Uwathole wonke amaqiniso owadingayo, wahlola nezimiso ezizokusiza wenze isinqumo esijabulisa uJehova. Manje usungacela uJehova akusize wenze isinqumo sakho siphumelele.

17. Yini eyokusiza wenze izinqumo ezihlakaniphile?

17 Ngisho noma uye wenza izinqumo eziye zaphumelela esikhathini esidlule, khumbula ukuthi into ebalulekile eyokusiza wenze izinqumo ezihlakaniphile ukuthembela ekuhlakanipheni kukaJehova, hhayi ekuhlakanipheni kwakho noma kulokho okwenzekile esikhathini esidlule. NguJehova kuphela ongakunika ulwazi lweqiniso, ukuqonda nekhono lokwahlukanisa—okuyizinto ozidingayo ukuze uhlakaniphe. (IzAga 2:​1-5) UJehova angakusiza wenze izinqumo ezimjabulisayo.—IHu. 23:​2, 3.

INGOMA 28 Ukuba Umngane NoJehova

a INCAZELO YEZITHOMBE: Abazalwane nodade abasebasha baxoxa ngesimemo sephathi abasithunyelelwe ngefoni.

b INCAZELO YEZITHOMBE: Omunye walabo bazalwane uyacwaninga ngaphambi kokuba anqume ukuthi uzoya yini kuleyo phathi.