Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Hlakulela Uzwela Ngazo “Zonke Izinhlobo Zabantu”

Hlakulela Uzwela Ngazo “Zonke Izinhlobo Zabantu”

LAPHO uJesu efundisa abafundi bakhe indlela yokushumayela izindaba ezinhle, wabachazela ukuthi bayoba khona abantu abangeke basamukele isigijimi soMbuso. (Luka 10:3, 5, 6) Enkonzweni yethu singase sihlangane nabantu abasiphatha ngokhahlo futhi baze babe nodlame. Kuyavunywa ukuthi izenzakalo ezinjalo zingakwenza kube nzima ukuhlala sibazwela labo esishumayela kubo.

Umuntu onozwela uyazibona izidingo nezinkinga zabanye, azwelane nabo futhi afune ukubasiza. Nokho, uma siyeka ukubazwela labo esihlangana nabo enkonzweni, singase siphelelwe yintshiseko yethu. Ngakolunye uhlangothi, uma sihlakulela uzwela, kufana nokuthi sikhwezela umlilo—sigcina intshiseko yethu ngenkonzo ivutha!—1 Thes. 5:19.

Singaluhlakulela kanjani uzwela ngisho noma kunzima ukwenza lokho? Ake sihlole abantu abathathu esingabalingisa—uJehova, uJesu nomphostoli uPawulu.

LINGISA UZWELA LUKAJEHOVA

Sekuphele izinkulungwane zeminyaka uJehova ebekezelela ukuhlanjalazwa kwegama lakhe. Noma kunjalo, uhlala ‘enomusa kwabangabongiyo nababi.’ (Luka 6:35) Umusa wakhe ufakazelwa ukubekezela kwakhe. UJehova ufisa ukuba “zonke izinhlobo zabantu” zisindiswe. (1 Thim. 2:3, 4) Nakuba uNkulunkulu ebuzonda ububi, ubheka abantu njengababalulekile futhi akafuni ukuba bafe.—2 Pet. 3:9.

UJehova uyayiqonda indlela uSathane aphuphuthekise ngayo abantu abangakholwa. (2 Kor. 4:3, 4) Abaningi baye bafundiswa izinkolelo ezingamanga nendlela yokucabanga eyiphutha kusukela besebancane okwenza kube nzima ukuba bamukele iqiniso. UJehova uyakulangazelela ukubasiza. Sazi kanjani?

Cabanga ngendlela uJehova ayebheka ngayo abantu baseNineve lasendulo. Yize babenodlame, uJehova wathi kuJona: “Akufanele yini ngilihawukele iNineve umuzi omkhulu, okukhona kuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangawazi nhlobo umehluko phakathi kwesandla sabo sokunene nesobunxele.” (Jona 4:11) UJehova wayebheka abaseNineve njengabantu abadinga usizo ngokomoya futhi ngomusa wathuma uJona ukuba ayobaxwayisa.

NjengoJehova, sibheka abantu njengababalulekile. Singamlingisa ngokuzikhandla ukuze sisize noma ubani ongase alalele ngisho noma kungase kubonakale sengathi ngeke asithathe isithanyelo.

LINGISA UZWELA LUKAJESU

NjengoYise, uJesu washukunyiswa uzwela ngabantu ababedinga usizo ngokomoya. “Lapho ebona izixuku wafikelwa isihawu ngazo, ngoba zaziphundlekile futhi zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.” (Math. 9:36) UJesu wayeqonda ukuthi kungani abantu babekuleso simo. Kwakungenxa yokuthi abaholi babo benkolo babebaphatha kabi futhi bebafundisa amanga. Nakuba ayazi ukuthi abaningi babezovumela iziphazamiso ezihlukahlukene zibavimbele ekumlandeleni, uJesu wabafundisa “izinto eziningi.”—Marku 4:1-9.

Ungakhungatheki lapho umuntu engabonisi isithakazelo ekuqaleni

Izimo ekuphileni ziyashintsha, nendlela umuntu abheka ngayo iqiniso ingashintsha

Lapho abantu bengasabeli kahle kulokho esikushumayelayo, kudingeka siqonde isizathu salokho, sizibuze ukuthi kungani besabela kanjalo. Abanye kungenzeka abalithandi iBhayibheli noma ubuKristu ngenxa yezibonelo ezimbi zalabo abathi bangamaKristu. Mhlawumbe abanye bake batshelwa amanga ngezinkolelo zethu. Abanye kungenzeka besaba ukugconwa amalungu omphakathi noma amalungu omndeni uma bexoxa nathi.

Abanye esihlangana nabo enkonzweni bangase bangasabeli kahle ngenxa yezinto ezibuhlungu ezibehlele ezibashiye behlukumezekile ngokomzwelo. UKim oyisithunywa sevangeli uthi: “Ezindaweni ezithile ensimini yethu, abantu abaningi bahlukunyezwe yimpi eyabashiya bengenalutho. Abanalo ithemba ngekusasa. Bakhungathekile futhi abathembi muntu. Kule ndawo sihlale sihlangana nalabo abangafuni ukusilalela. Ngesinye isikhathi ngahlaselwa ensimini.”

UKim ululondoloza kanjani uzwela lwakhe yize ephathwa ngale ndlela? Uthi: “Lapho ngiphathwa kabi, ngizama ukukhumbula izAga 19:11 ezithi: ‘Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe.’ Ukukhumbula isizinda salabo abasensimini yethu kungisiza ngihlakulele uzwela. Nokho, bakhona abantu abasiphatha kahle. Kuyo leyo ndawo sinezimpindelo ezinhle.”

Singase sizibuze, ‘Ukube bengingumuntu oshunyayezwayo, bengingasabela kanjani esigijimini soMbuso?’ Ngokwesibonelo, kuthiwani uma uye watshelwa amanga ngoFakazi BakaJehova izikhathi eziphindaphindiwe? Ezimweni ezinjalo, mhlawumbe nathi besingasabela kabi, sidinge ukuboniswa uzwela. Lapho sikhumbula umyalo kaJehova wokuphatha abanye ngendlela esifisa ukuphathwa ngayo, sishukumiseleka ukuba sibe nozwela ngisho noma kunzima ukwenza kanjalo.—Math. 7:12.

LINGISA UZWELA LUKAPAWULU

Umphostoli uPawulu wayezwela ngisho nabaphikisi ababenodlame. Kungani? Wayekhumbula lokho ayeyikho ngaphambili. Wathi: “Ngaphambili ngangingumhlambalazi nomshushisi nomuntu oweyisayo. Noma kunjalo, ngaboniswa isihe, ngoba ngangingazi futhi ngenza ngenxa yokuntula ukholo.” (1 Thim. 1:13) Waqaphela ukuthi uJehova noJesu bambonisa umusa omkhulu. Cishe kubantu ayebashumayeza wayebona lokho ayeyikho ngaphambili.

Ngezinye izikhathi, uPawulu wayehlangana nabantu ababebambelele ngokuqinile ezinkolelweni zamanga. Yini ayenza? IzEnzo 17:16 zibika ukuthi ngesikhathi uPawulu ese-Athene, “umoya wakhe wacasuka ngaphakathi kuye lapho ebona ukuthi umuzi ugcwele izithombe.” Noma kunjalo, uPawulu wasebenzisa lokho okwakumcasula ukuze afundise abantu. (IzE. 17:22, 23) Wavumelanisa indlela yakhe yokushumayela nezizinda zabantu ezingafani ukuze ‘ngazo zonke izindlela asindise abathile.’—1 Kor. 9:20-23.

Singalingisa uPawulu ngokuyazi indlela engeyinhle abantu abacabanga ngayo noma izinkolelo ezingamanga esingase sihlangane nazo bese ngokuhlakanipha sisebenzisa lokho ukuze sibatshele “izindaba ezinhle zokuthile okungcono.” (Isaya 52:7) Udade ogama lakhe uDorothy uthi: “Ensimini yethu, abaningi baye bafundiswa ukuthi uNkulunkulu unokhahlo futhi uyahlulela. Ngiyabancoma labo bantu ngokukholelwa ngokuqinile kuNkulunkulu bese ngibabonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngobuntu obuhle bukaJehova kanye nezithembiso zakhe zekusasa.”

“QHUBEKA UNQOBA OKUBI NGOKUHLE”

Njengoba sisondela nakakhulu esiphelweni singalindela ukuthi indlela yokucabanga yabanye babantu esibashumayezayo iyosuka ‘kokubi iye kokubi kakhulu.’ (2 Thim. 3:1, 13) Kodwa akumelwe sivumele lokho kuqede uzwela lwethu noma kusibangele ukuba siphelelwe injabulo. UJehova angasinika amandla ‘okuqhubeka sinqoba okubi ngokuhle.’ (Roma 12:21) UJessica oyiphayona uyalandisa: “Ngokuvamile ngihlangana nabantu abangathobekile nabadelela umyalezo wethu. Lokhu kuyacasula. Lapho ngiqala ingxoxo, ngithandaza buthule, ngicele ukuba uJehova angisize ngibheke umuntu ngendlela ambheka ngayo. Lokho kungenza ngingagxili endleleni engizizwa ngayo kunalokho ngigxile ekusizeni umuntu.”

Siyaqhubeka sifuna labo abafisa ukuthola iqiniso

Abanye bayasabela lapho sizama ngesineke ukubasiza ngokomoya

Kumelwe sicabange nangendlela esingabakhuthaza ngayo esikhonza nabo. UJessica uthi: “Uma othile kithi ehlelwe yinto embi, ngizama ukungagxili kuyo. Kunalokho, ngishintsha ingxoxo ukuze sixoxe ngezinto ezakhayo njengezinto ezinhle ezifezwa yinkonzo yethu naphezu kwendlela engeyinhle abanye abasabela ngayo.”

UJehova uyazibona izinselele esibhekana nazo enkonzweni. Yeka indlela ajabula ngayo lapho silingisa umusa wakhe! (Luka 6:36) Nokho, uJehova ngeke abonise uzwela kuze kube phakade. Singaqiniseka ngokuthi uyasazi isikhathi esifanele sokuqeda lesi simiso sezinto. Kuze kube yileso sikhathi, siyohlale sikhumbula ukuthi ukushumayela kuyaphuthuma. (2 Thim. 4:2) Masiqhubeke senza isabelo sethu ngentshiseko futhi sibonise uzwela kuzo “zonke izinhlobo zabantu.”