Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Ongenza Ngayo Ukufunda IBhayibheli Kuphumelele Futhi Kujabulise

Indlela Ongenza Ngayo Ukufunda IBhayibheli Kuphumelele Futhi Kujabulise

UJOSHUWA ubhekene nenkiyankiya yenkinga. Kumelwe ahole isizwe sakwa-Israyeli asingenise eZweni Lesithembiso futhi anqobe izingqinamba ezinkulu. Nokho, uJehova umqinisekisa ngokuthi uzophumelela bese emkhuthaza ethi: ‘Yiba nesibindi uqine. Gcina uMthetho wami. Wufunde imini nobusuku, ukuze wenze ngokuvumelana nawo. Uma wenza lokho uyophumelela futhi uyokwenza ngokuhlakanipha.’—Josh. 1:7, 8.

Kulezi zikhathi “ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” nathi sibhekana nezinselele ezinzima. (2 Thim. 3:1) Nathi singaphumelela uma silandela iseluleko uJehova asinika uJoshuwa. Singafunda iBhayibheli nsuku zonke, bese sisebenzisa ngokucophelela izimiso zalo lapho sibhekana novivinyo.

Nokho, abantu abaningi bangavuma ukuthi ukufunda akuyona into abayikhuthalele futhi akulula. Noma kunjalo, njengoba ukufunda iBhayibheli kubalulekile, hlola ibhokisi elinesihloko esithi “ Zama La Macebiso” ukuze uthole amacebiso amahle angenza ukufunda iBhayibheli kuzuzise futhi kujabulise.

Umhubi wahlabelela: “Ngibangele ukuba ngihambe endleleni yemiyalo yakho, Ngoba ngiyajabula ngayo.” (IHu. 119:35) Ungajabula kakhulu lapho uhlola iZwi likaNkulunkulu. Uzothola amagugu amahle njengoba umba ufuna ingcebo engokomoya.

Ngisho noma kungadingeki uhole isizwe njengoJoshuwa, unazo izinselele okumelwe ubhekane nazo. Ngakho, njengoJoshuwa, funda futhi usebenzise okulotshwe eBhayibheli ukuze uzuze. Lapho wenza lokho, uyophumelela futhi wenze ngokuhlakanipha.