Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 29

“Hambani Niyokwenza . . . Abafundi”

“Hambani Niyokwenza . . . Abafundi”

“Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.”​—MATH. 28:19.

INGOMA 60 Kusho Ukuphila Kwabo

AMAZWIBELA *

1-2. (a) Ngokuvumelana nomyalo kaJesu okuMathewu 28:18-20, uyini umgomo oyinhloko webandla lobuKristu? (b) Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

KUMELWE ukuba abaphostoli babekubheke ngabomvu ukuhlangana entabeni. Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wayehlele ukuba bahlangane khona. (Matt. 28:16) Kungenzeka yilapho “abonakala [khona] kubazalwane abangaphezu kwamakhulu amahlanu ngesikhathi esisodwa.” (1 Kor. 15:6) Kungani uJesu acela abafundi bakhe ukuba bahlangane naye lapho? Ukuze abanike lo myalo ojabulisayo: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.”​—Funda uMathewu 28:18-20.

2 Abafundi abezwa lo myalo kaJesu baba ingxenye yebandla lobuKristu langekhulu lokuqala. Umgomo wabo oyinhloko kwakuwukwenza abafundi bakaKristu * abengeziwe. Namuhla, kunamabandla amaningi emhlabeni wonke futhi umgomo oyinhloko walawo mabandla usafana. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngemibuzo emine: Kungani umsebenzi wokwenza abafundi ubalulekile? Kuhilelani ukwenza abafundi? Ingabe wonke amaKristu kufanele abe nengxenye ekwenzeni lo msebenzi? Kungani kudingeka sibe nesineke lapho siwenza?

KUNGANI UMSEBENZI WOKWENZA ABAFUNDI UBALULEKILE?

3. NgokukaJohane 14:6 nesahluko 17:3, kungani umsebenzi wokwenza abafundi ubaluleke kangaka?

3 Kungani ubaluleke kangaka umsebenzi wokwenza abafundi? Yingoba abafundi bakaKristu kuphela abangaba abangane bakaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, labo abalandela uKristu baphila ukuphila okungcono kwamanje futhi banethemba lokujabulela ukuphila okuphakade esikhathini esizayo. (Funda uJohane 14:6; 17:3.) UJesu usinikeze umsebenzi obaluleke ngempela, kodwa asiwenzi sodwa. Umphostoli uPawulu wabhala lokhu ngaye nangamaKristu ayenawo: “Siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu.” (1 Kor. 3:9) Leli ilungelo elikhulu ngempela uJehova noKristu abalinikeze abantu abanesono!

4. Yini esiyifunda esibonelweni sika-Ivan noMatilde?

4 Umsebenzi wokwenza abafundi ungasijabulisa. Cabanga ngesibonelo sika-Ivan nomkakhe uMatilde baseColombia. Bashumayeza insizwa enguDavier, eyathi kubo: “Ngiyafuna ukukushintsha ukuphila kwami, kodwa ngiyehluleka.” UDavier wayengumshayi wesibhakela owayesebenzisa izidakamizwa, eyisidakwa futhi ekipite nentombi yakhe, u-Erika. U-Ivan uyachaza: “Saqala ukumvakashela endaweni yakubo ecezile, okwakusho ukuthi kwakufanele sihambe ngamabhayisikili ethu amahora amaningi emigwaqweni enodaka. Ngemva kokubona ukuthi uDavier wayeseqala ukushintsha indlela aziphatha ngayo, u-Erika naye waqala ukufundelwa iBhayibheli.” Ngokuhamba kwesikhathi, uDavier waziyeka izidakamizwa, wayeka ukuphuza nokushaya isibhakela. Bashada beno-Erika. UMatilde uthi: “Ngesikhathi uDavier no-Erika bebhapathizwa ngo-2016, sakhumbula amazwi uDavier ayevame ukuwasho, ‘Ngiyafuna ukushintsha, kodwa ngiyehluleka.’ Savele safikelwa izinyembezi zenjabulo.” Akungabazeki ukuthi sijabula kakhulu lapho sisiza abantu babe abafundi bakaKristu.

KUHILELANI UKWENZA ABAFUNDI?

5. Yisiphi isinyathelo sokuqala okufanele sisithathe ukuze senze abafundi?

5 Isinyathelo sokuqala sokwenza abafundi ‘ukufuna’ labo abazimisele ukufunda ngoJehova. (Math. 10:11) Sibonisa abantu ukuthi ngempela singoFakazi BakaJehova ngokushumayeza bonke esihlangana nabo. Sibonisa abantu ukuthi singamaKristu eqiniso ngokulalela umyalo kaKristu wokushumayela.

6. Yini engasisiza siphumelele enkonzweni?

6 Abantu abaningi bayakulangazelela ukufunda amaqiniso eBhayibheli, kodwa abanye ekuqaleni bangase babonakale bengenandaba. Kungase kudingeke sibasize bakuthande ukufunda iBhayibheli. Ukuze siphumelele enkonzweni, kudingeka silungiselele kahle. Khetha izihloko abangase bazithande labo ozoxoxa nabo. Yibe usuhlela indlela ozoyiqala ngayo ingxoxo.

7. Ungayiqala kanjani ingxoxo nomuntu, futhi kungani kubalulekile ukumlalela nokuhlonipha imibono yakhe?

7 Ngokwesibonelo, ungase uthi kumninikhaya: “Ngicela ukuzwa umbono wakho ngalokhu. Izinkinga eziningi esibhekana nazo namuhla zithinta wonke umuntu emhlabeni. Ucabanga ukuthi uhulumeni walapha emhlabeni ungakwazi ukusixazululela izinkinga esinazo?” Ningabe senixoxa ngoDaniyeli 2:44. Noma ungase uthi kothile: “Ucabanga ukuthi iyiphi indlela engcono yokufundisa izingane ukuze zibe abantu abangcono? Ngingathanda ukuzwa umbono wakho.” Ningabe senixoxa ngoDuteronomi 6:6, 7. Lapho ukhetha noma isiphi isihloko ozoxoxa ngaso, cabanga ngabantu abazokulalela. Cabanga ngendlela okuzobasiza ngayo ukufunda iqiniso eliseBhayibhelini. Lapho uxoxa nabo, kubalulekile ukuba ubalalele futhi uyihloniphe imibono yabo. Uma wenza kanjalo uzobaqonda kangcono futhi cishe nabo bazokulalela. 

8. Kungani kudingeka siphindele kubantu njalo?

8 Ngaphambi kokuba umuntu avume ukufundelwa iBhayibheli, kungase kudingeke sizikhandle futhi siziphe isikhathi sokuphindela kaningana kulowo muntu esixoxe naye. Kungani? Kungenxa yokuthi singase singamtholi lapho siphindela kuye. Kungase kudingeke nokuba siphindele kaningana ngaphambi kokuba umninikhaya asijwayele futhi avume ukuba sifunde naye iBhayibheli. Khumbula, isitshalo cishe siyokhula lapho siniselwa njalo. Ngokufanayo, cishe iyokhula indlela umuntu amthanda ngayo uJehova noKristu lapho sixoxa naye njalo ngeZwi likaNkulunkulu.

INGABE WONKE AMAKRISTU KUFANELE ENZE ABAFUNDI?

OFakazi emhlabeni wonke bafuna abafanelekayo (Bheka izigaba 9-10) *

9-10. Kungani singathi wonke amaKristu ayasiza ekufuneni abanhliziyo ziqotho?

9 Wonke amaKristu kufanele asize ekufuneni abanhliziyo ziqotho. Lo msebenzi singawufanisa nokufuna ingane elahlekile. Kanjani? Cabanga ngalokho okwenzeka kumfanyana oneminyaka emithathu owalahleka. Babengaba ngu-500 abantu ababemcinga. Ekugcineni, sekudlule amahora angu-20 elahlekile, omunye wabantu ababemcinga wamthola lo mfanyana ensimini yommbila. Lowo muntu akafunanga ukubongwa nokunconywa ngokuthola umfana. Wathi: “Besibaningi ebesimcinga.”

10 Abantu abaningi bafana naleyo ngane. Bazizwa belahlekile. Abanalo ithemba kodwa bayalufuna usizo. (Efe. 2:12) OFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezingu-8 basebenza ndawonye ukuze bathole labo bantu. Ungase ungamtholi umuntu wena ozomfundela iBhayibheli. Nokho, abanye abamemezeli esisebenza nabo ensimini yethu bangase bathole umuntu ofuna ukufunda iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu. Lapho umzalwane noma udade ethola umuntu oba umfundi kaKristu, sonke esibe nengxenye ekucingeni siyajabula.

11. Ngisho noma engekho umuntu omfundela iBhayibheli, iziphi ezinye izindlela ongasiza ngazo emsebenzini wokwenza abafundi?

11 Ngisho noma engekho umuntu omfundela iBhayibheli, zikhona ezinye izindlela ongasiza ngazo emsebenzini wokwenza abafundi. Ngokwesibonelo, ungamukela futhi usize abaqalayo ukufika eHholo LoMbuso. Ngaleyo ndlela uzobasiza bazibonele ukuthi uthando esinalo yilona olubonisa ukuthi singamaKristu eqiniso. (Joh. 13:34, 35) Izimpendulo ezimfushane esizinikeza phakathi nemihlangano zingafundisa umuntu osanda kuqala ukuhlanganyela ukuba anikeze izimpendulo ezisuka enhliziyweni. Ungahamba nomuntu osanda kuba ummemezeli ensimini futhi umsize akwazi ukusebenzisa kahle imiBhalo lapho efundisa abantu. Ngokwenza kanjalo, uyobe umfundisa ukulingisa uKristu.​—Luka 10:25-28.

12. Ingabe sidinga ukuba namakhono ayisimanga ukuze sifundise abantu? Chaza.

12 Akufanele sicabange ukuthi sidinga ukuba namakhono ayisimanga ukuze sifundise abantu babe abafundi bakaJesu. Kungani? Cabanga ngesibonelo sikaFaustina waseBolivia. Wayengakwazi ukufunda lapho eqala ukuhlangana noFakazi BakaJehova. Kodwa manje useyakwazi ukufunda ngezinga elithile. Usebhapathiziwe futhi uyakuthanda ukufundisa abantu. Ngokuvamile ufunda nabantu abahlanu iviki ngalinye. Nakuba uFaustina engakakwazi ukufunda kahle njengabaningi abafundelayo, useye wasiza abantu abayisithupha ukuba babhapathizwe.​—Luka 10:21.

13. Nakuba simatasa, iziphi izibusiso esingazijabulela lapho senza umsebenzi wokwenza abafundi?

13 AmaKristu amaningi amatasa kakhulu ngenxa yokuthi kunezinto eziningi okudingeka azenze. Noma kunjalo, abekela eceleni isikhathi sokuqhuba izifundo zeBhayibheli futhi lokho kuyawajabulisa. Cabanga ngesibonelo sikaMelanie. Wayengumzali ongayedwa okhulisa indodakazi yakhe eneminyaka engu-8 e-Alaska. Wayesebenza zonke izinsuku futhi enakekela umzali wakhe onomdlavuza. Nguye yedwa owayenguFakazi edolobheni elicezile ayehlala kulo. Nakuba kuyindawo ebandayo, wayevame ukuthandaza acele amandla okukwazi ukuhamba ayoshumayela ukuze athole umuntu ayezomfundela iBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi, wahlangana noSara, owakujabulela ukuzwa ukuthi uNkulunkulu unegama. Ngemva kwesikhathi, uSara wavuma ukufundelwa. UMelanie uthi: “Njalo ngoLwesihlanu kusihlwa ngangisuke ngikhathele, kodwa mina nendodakazi yami saqhubeka siya kuye siyomfundela futhi nathi sasizuza. Sasikujabulela ukucwaninga izimpendulo zemibuzo kaSara futhi sajabula nakakhulu lapho eba umngane kaJehova.” USara wakhuthazelela ukuphikiswa, washiya esontweni futhi wabhapathizwa.

OKWENZA UMSEBENZI WOKWENZA ABAFUNDI UDINGE ISINEKE

14. (a) Umsebenzi wokwenza abafundi ufana kanjani nokudoba? (b) Amazwi kaPawulu akweyesi-2 Thimothewu 4:1, 2 asikhuthaza ukuba senzeni?

14 Ngisho noma ubona sengathi inkonzo yakho ayitheli, ungalilahli ithemba lokuthi ungabathola abantu abangaba abafundi bakaKristu. Khumbula ukuthi uJesu wafanisa lo msebenzi nokudoba. Abadobi basebenza amahora amaningi bedoba ngaphambi kokuba babambe inhlanzi. Ngokuvamile basebenza ebusuku kakhulu noma entathakusa futhi ngezinye izikhathi kudingeka bahambe amabanga amade. (Luka 5:5) Ngendlela efanayo, ngesineke amanye amaKristu achitha amahora amaningi edoba ngezikhathi ezihlukahlukene nasezindaweni ezingafani. Kungani? Ukuze akwazi ukuthola abantu. Lawo azikhandla ngale ndlela ngokuvamile ayabathola abantu abathanda ukuzwa izindaba ezinhle. Ungakwazi yini ukuzama ukushumayela ngezikhathi noma endaweni lapho abantu abaningi betholakala khona?​—Funda eyesi-2 Thimothewu 4:1, 2.

Basize ngesineke labo obafundelayo ukuze bathuthuke (Bheka izigaba 15-16) *

15. Kungani ukuqhuba izifundo kudinga isineke?

15 Kungani ukuqhuba izifundo zeBhayibheli kudinga isineke? Esinye isizathu siwukuthi sidinga ukwenza okungaphezu nje kokusiza umuntu azi futhi athande izimfundiso eziseBhayibhelini. Sidinga ukusiza umfundi azi futhi athande uNkulunkulu owabhala iBhayibheli, uJehova. Ngaphezu kokufundisa umfundi ukuthi yini uJesu ayilindele kubafundi bakhe, kudingeka simsize azi ukuthi angaphila kanjani njengomKristu weqiniso. Kumelwe simsize ngesineke njengoba ezama ukuphila ngezimiso zeBhayibheli. Abanye bayakwazi ukushintsha indlela abacabanga ngayo nendlela yabo yokuphila ngezinyangana nje ezimbalwa, abanye kubathatha isikhathi eside.

16. Yini oyifunda endabeni kaRaúl?

16 Esinye isithunywa sevangeli ePeru sazibona izinzuzo zokuba nesineke. Sithi: “Ngase ngifunde izincwadi ezimbili noRaúl, umuntu engangimfundela. Kodwa wayesahlushwa izinkinga ezinkulu ekuphileni kwakhe. Wayengajabule emshadweni wakhe, ethuka inhlamba futhi kwakunzima ngezingane zakhe ukuba zimhloniphe. Wayeza njalo emihlanganweni, ngakho ngaqhubeka ngimvakashela ukuze ngimsize yena nomndeni wakhe. Ngemva kweminyaka emithathu ngimfundela, wabhapathizwa.”

17. Yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?

17 UJesu wasitshela ukuba ‘sihambe siyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ Ukuze senze lokho, ngokuvamile kufanele sikhulume nabantu abacabanga ngendlela ehlukile kweyethu, okuhlanganisa labo abangasonti nabangakholelwa kuNkulunkulu. Isihloko esilandelayo sikhuluma ngezinto esingazenza ukuze sikwazi ukuxoxa nabo ngezindaba ezinhle.

INGOMA 68 Ukuhlwanyela Imbewu YoMbuso

^ isig. 5 Umgomo oyinhloko wenhlangano kaJehova ukusiza abantu babe abafundi bakaKristu. Lesi sihloko sinamacebiso angasisiza sikwazi ukuwenza lo msebenzi.

^ isig. 2 INCAZELO YEGAMA: Abafundi bakaKristu benza okungaphezu nje kokufunda ngalokho uJesu akufundisa. Bayakusebenzisa ekuphileni kwabo lokho abakufundayo. Bazama ukulandela izinyathelo zikaJesu, noma ukulingisa isibonelo sakhe eduze.​—1 Pet. 2:21.

^ isig. 52 INCAZELO YEZITHOMBE: Indoda eya eholidini yamukela ipheshana koFakazi esikhumulweni sezindiza. Kamuva, lapho isiseholidini, ibona abanye oFakazi beshumayela ngenqola. Lapho iphindela ekhaya, oFakazi bafika emzini wayo bezoyishumayeza.

^ isig. 54 INCAZELO YEZITHOMBE: Yona le ndoda iyavuma ukufundelwa iBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi, iyabhapathizwa.