Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe UJesu Wafela Mina Ngempela?

Ingabe UJesu Wafela Mina Ngempela?

IBHAYIBHELI linamazwi amaningi asuka enhliziyweni ashiwo ‘abantu ababenemizwa efana neyethu.’ (Jak. 5:17) Ngokwesibonelo, kungalula ukuqonda ukuthi uPawulu wayesho ukuthini kweyabaseRoma 7:21-24 lapho ethi: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi. . . . Yeka mina muntu wosizi!” Amazwi aqotho afana nalawa ayasiduduza nathi lapho kudingeka silwe nobuthakathaka bethu.

Akhona amanye amazwi athinta inhliziyo uPawulu awasho. KweyabaseGalathiya 2:20 wayeqiniseka ngokuthi uJesu ‘wayemthanda [uPawulu] futhi wazinikela ngenxa yakhe [uPawulu].’ Ingabe nawe uzizwa ngendlela efanayo? Cishe hhayi njalo.

Uma sizizwa singelutho ngenxa yezinto ezimbi esasizenza ngaphambilini, kungase kube nzima ngezinye izikhathi ukwamukela ukuthi uJehova uyasithanda futhi usesithethelele, ingasaphathwa-ke eyokubheka umhlatshelo wesihlengo njengesipho somuntu ngamunye. Ingabe uJesu ufuna sisibheke kanjalo ngempela isihlengo? Uma kunjalo, yini engasisiza? Ake sixoxe ngale mibuzo emibili.

INDLELA UJESU ABHEKA NGAYO UMHLATSHELO WAKHE

UJesu ufuna sibheke umhlatshelo wakhe njengesipho somuntu ngamunye. Kungani singaqiniseka ngalokho? Cabanga ngalokho okwenzeka kuLuka 23:39-43. Indoda ebethelwe esigxotshweni eceleni kukaJesu iyavuma ukuthi izenzile izinto ezimbi. Kumelwe ukuba yayenze isono esibi ngempela ngoba yizigebengu ezazenza izinto ezimbi kakhulu ezazigwetshwa ngokubulawa esigxotsheni. Le ndoda njengoba ikhathazekile incenga uJesu: “Ngikhumbule lapho ungena embusweni wakho.”

Wenzenjani uJesu? Ake ucabange ngobuhlungu abuzwa njengoba ejikisa ikhanda ebheka le ndoda. Nakuba ayesezinhlungwini, uJesu wamomotheka wabe eseyiqinisekisa: “Ngiqinisile ngiyakutshela namuhla, uyokuba nami ePharadesi.” UJesu wayengase akhumbuze le ndoda ukuthi ‘iNdodana yomuntu [yayizele] . . . ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo sabaningi.’ (Math. 20:28) Uqaphelile yini ukuthi uJesu wabhekisela esihlengweni njengesipho esithinta le ndoda ngokuqondile? Wayenobungane futhi wasebenzisa isiqalo esithi “uyo-” negama elithi “nami.” Wakhuluma nale ndoda ngokuqondile ngethemba eyayinalo lokuphila emhlabeni oyipharadesi.

Akungabazeki ukuthi uJesu wayefuna le ndoda iqonde ukuthi umhlatshelo ayezowunikela wawuzoyizuzisa nayo. Uma uJesu azizwa ngale ndlela ngesigebengu esasingenalo ngisho nethuba lokukhonza uNkulunkulu, kangakanani-ke ngomKristu obhapathiziwe okhonza uNkulunkulu? Pho, yini engasisiza nathi sizibheke ngendlela uJesu asibheka ngayo naphezu kwezono esasizenza ngaphambili?

OKWASIZA UPAWULU

Inkonzo kaPawulu yayibonisa indlela ayesibheka ngayo isihlengo sikaJesu. Kanjani? Wachaza: “Ngiyambonga uKristu Jesu iNkosi yethu, owangipha amandla, ngoba wangibheka njengothembekile ngokungabela inkonzo, nakuba ngaphambili ngangingumhlambalazi nomshushisi nomuntu oweyisayo.” (1 Thim. 1:12-14) Inkonzo uPawulu ayeyenza yamqinisekisa ngokuthi uJesu wayembonisa umusa, emthanda futhi emethemba. UJesu nathi usiphathise umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle. (Math. 28:19, 20) Ingabe isabelo sokushumayela singasisiza siqonde ukuthi uJesu nathi wasifela?

U-Albert, osanda kubuyiselwa ngemva kokususwa ekuhlanganyeleni iminyaka engaba ngu-34, uyachaza: “Angikwazi ukukhohlwa izinto ezimbi engazenza esikhathini esidlule. Kodwa uma ngisenkonzweni, ngizizwa njengomphostoli uPawulu, ngizizwa sengathi uJesu nguye ngokuqondile onginike le nkonzo. Inkonzo iyangikhuthaza, ingisiza ngibe nombono ofanele ngami, ngokuphila kwami nangekusasa lami.”​—IHu. 51:3.

Njengoba ufundisa zonke izinhlobo zabantu, baqinisekise ngomusa kaJesu nendlela abathanda ngayo

U-Allan owayeyisigebengu futhi enodlame ngaphambi kokuba afunde iqiniso, uyavuma: “Ngisawucabanga umonakalo engawenza kwabanye abantu. Ngezinye izikhathi kuyangicindezela. Kodwa ngiyambonga uJehova ngokuthi uyasivumela isoni esifana nami ukuba sitshele abanye izindaba ezinhle. Lapho ngibona indlela abantu abasabela ngayo ezindabeni ezinhle, ngikhumbula indlela uJehova amuhle ngayo nasithanda ngayo. Ngizizwa sengathi usebenzisa mina ukuze asize abanye abantu abenza izinto engangizenza.”

Lapho sisenkonzweni, sigxila ekucabangeni nasekwenzeni izinto ezinhle. Siyaqiniseka ngokuthi uJesu usibonise umusa, uyasithanda futhi uyasithemba.

UJEHOVA MKHULU KUNEZINHLIZIYO ZETHU

Uma nje sisaphila kuleli zwe elibi likaSathane, izinhliziyo zethu ziyolokhu zisilahla ngenxa yamaphutha esasiwenza esikhathini esidlule. Yini ezosisiza silwe naleyo mizwa?

UJean ovame ukuhlushwa imizwa yecala ngenxa yokuthi wayephila ukuphila okumbaxambili esemncane, uthi: “Kuyangijabulisa ukuthi ‘uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu.’” (1 Joh. 3:19, 20) Kungasiduduza nathi ukwazi ukuthi uJehova noJesu bayaqonda ukuthi sinesono. Khumbula, isihlengo baye basilungiselela abantu abaphendukayo ezonweni zabo hhayi abantu abangenasono.​—1 Thim. 1:15.

Siyaqiniseka ukuthi isihlengo sakhokhelwa thina lapho sizindla ngendlela uJesu abaphatha ngayo abantu abanesono nalapho senza konke okusemandleni ukuze sifeze inkonzo asiphathise yona. Ngokwenza lokho, njengoPawulu nawe ungathi: UJesu ‘wangithanda futhi wazinikela ngenxa yami.’