Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

Ngenze Lokho Obekufanele Ngikwenze

Ngenze Lokho Obekufanele Ngikwenze

UDonald Ridley wayengummeli owayelwela oFakazi BakaJehova ezinkantolo iminyaka engaphezu kwengu-30. Wadlala indima enkulu ekulweleni amalungelo eziguli okwenqaba ukumpontshelwa igazi. Wasiza oFakazi BakaJehova ukuba banqobe amacala amaningi ezinkantolo eziphakeme e-United States. Abangane bakhe babembiza ngoDon, wayekhuthele, ethobekile futhi ezidela.

Ngo-2019, kwatholakala ukuthi uDon unesifo sobuchopho esingavamile nesingalapheki. Lesi sifo samsheshisa, washona ngomhla ka-16 Agasti 2019. Nansi indaba yakhe.

Ngazalwa ngo-1954, eSt. Paul, eMinnesota, e-U.S.A., umndeni wakithi wawungamaRoma, ungacebile futhi ungahlupheki. Ngingowesibili ezinganeni ezinhlanu. Ngafunda esikoleni samaKatolika futhi ngangisiza umpristi esontweni. Noma kunjalo, akukho okutheni engangikwazi ngeBhayibheli. Nakuba ngangikholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu odale zonke izinto, ngangingasalithembi isonto.

INDLELA ENGAFUNDA NGAYO IQINISO

Ngesikhathi ngenza unyaka wami wokuqala eWilliam Mitchell College of Law, kwafika oFakazi BakaJehova ekhaya. Ngangiwasha futhi lab’ oFakazi bathi bangakujabulela ukuphinde babuye. Lapho bebuya, ngababuza imibuzo emibili: “Kungani abantu abenza izinto ezimbi bephumelela kunabalungile?” nothi “Yini umuntu okudingeka ayenze ukuze ajabule?” Ngamukela incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade neBhayibheli INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele, eyayinombala oluhlaza omuhle. Ngavuma nokuthi bangiqhubele isifundo seBhayibheli. Lokhu kwangivula amehlo. Kwangihlaba umxhwele ukufunda ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni esiwudingayo ozobusa umhlaba wonke futhi uxazulule nezinkinga zesintu. Ngangibona ukuthi ukubusa kwabantu kuhluleke ngokuphelele, kubangele ubuhlungu, ukuhlupheka, ukungabi nabulungisa kanye nosizi.

Ngazinikezela kuJehova ngasekuqaleni kuka-1982, ngabhapathizwa kamuva ngawo lowo nyaka eMhlanganweni Wesigodi owawunesihloko esithi “Iqiniso LoMbuso,” eSt. Paul Civic Center. Ngeviki elilandelayo ngabuyela ecivic center ngiyobhala isivivinyo sokuba ummeli. Ekuqaleni kuka-Okthoba, ngathola ukuthi ngisiphasile isivivinyo, okwakusho ukuthi ngase ngizokwazi ukuba ummeli.

Kulowo Mhlangano Wesigodi owawunesihloko esithi “Iqiniso LoMbuso” ngahlangana noMike Richardson owayekhonza eBethel eBrooklyn, owangitshela ukuthi endlunkulu kwase kunehhovisi lezomthetho. Ngakhumbula amazwi ashiwo umthenwa ongumTopiya asencwadini yezEnzo 8:36, ngabe sengizibuza, ‘Yini engivimbela ukuba ngiyokhonza eHhovisi Lezomthetho?’ Ngakho ngabe sengifaka isicelo sokuyokhonza eBethel.

Abazali bami babengajabule ngokuthi ngase nginguFakazi KaJehova. UBaba wangibuza ukuthi ukusebenza eBethel kuzongisiza ngani emkhakheni engiwukhethile wokuba ummeli. Ngamchazela ukuthi ngiyovolontiya. Ngamtshela ukuthi ngizothola imadlana njengabo bonke abasebenza eBethel.

Ngenxa yokuthi kwakumelwe ngisebenze enkantolo isikhathi esithile, angikwazanga ukuya eBethel ngokushesha, ngakho ngaqala ukukhonza eBethel yaseBrooklyn, eNew York, ngo-1984. Ngabelwa ukuyosebenza eHhovisi Lezomthetho. Leso kwakuyisikhathi esikahle kakhulu sokuba ngikhonze eBethel.

UKULUNGISWA KWESAKHIWO ISTANLEY THEATER

Indlela esasibukeka ngayo isakhiwo iStanley Theater ngesikhathi sithengwa

NgoNovemba 1983, kwathengwa isakhiwo esibizwa ngokuthi iStanley Theater eJersey City, eNew Jersey. Abazalwane bacela imvume yokulungisa ugesi namapayipi kulesi sakhiwo. Lapho behlangana nezikhulu zendawo, abazalwane bazichazela ukuthi bafuna ukwenza iStanley Theater ibe ihholo lomhlangano loFakazi BakaJehova. Lokho kwadala inkinga. Umthetho waseJersey City wawuthi izindawo zokukhonza kumelwe zibe lapho kuhlala khona abantu kuphela. IStanley Theater yayisendaweni yamabhizinisi, ngakho izikhulu zedolobha zenqaba ukubanika imvume. Abazalwane bafaka isikhalo, kodwa sanqatshwa.

Ngeviki lokuqala ngiseBethel, inhlangano yahambisa lolu daba enkantolo. Ngenxa yokuthi ngase ngisebenze iminyaka emibili enkantolo yaseSt. Paul, eMinnesota, ngangiwajwayele kakhulu amacala afana nalawa. Omunye wabameli bethu waveza ukuthi iStanley Theater besilokhu sisetshenziselwa izenzakalo ezihlukahlukene zomphakathi, njengokudlalwa kwamamuvi namakhonsathi omculo. Pho kungani kungekho emthethweni ukuthi inkolo iyisebenzise? Inkantolo yanquma ukuthi iJersey City ayizange iwahloniphe amalungelo ethu enkolo. Yathi idolobha alisinike imvume esiyidingayo, ngaqala ukubona indlela uJehova akubusisa ngayo ukusebenzisa kwenhlangano ezomthetho ukuze athuthukise umsebenzi wakhe. Kwangijabulisa kakhulu ukuthi nami ngaba nesandla.

Abafowethu baqala umsebenzi omkhulu wokulungisa lesi sakhiwo, futhi ungakapheli unyaka ikilasi lesi-79 laseGiliyadi lathweswa iziqu eHholo LoMhlangano iJersey City ngoSepthemba 8, 1985. Kwangijabulisa kakhulu ukusiza emsebenzini kaJehova, nganginganelisekile ngale ndlela ngesikhathi ngisewummeli ngingakezi eBethel. Ngangingazi ukuthi kusenamacala amaningi uJehova afuna ukungisebenzisa kuwo.

UKUVIKELA AMALUNGELO ETHU OKWELASHWA NGAPHANDLE KOKUMPONTSHELWA IGAZI

Ngawo-1980, odokotela nezibhedlela babevame ukungazihloniphi izifiso zoFakazi zokufuna ukwelashwa ngaphandle kokumpontshelwa igazi. Abesifazane abakhulelwe babebhekana nenkinga enkulu ngenxa yokuthi amajaji ayevame ukuba nomuzwa wokuthi abesifazane abanalo ilungelo elingokomthetho lokwenqaba ukumpontshelwa igazi. Amajaji ayethi uma umama engampontshelwanga igazi, wayengase afe bese ingane ikhula ingenamama.

NgoDisemba 29, 1988, uDadewethu uDenise Nicoleau walahlekelwa igazi eliningi ngemva kokubeletha indodana yakhe. Ngenxa yokuthi ukuphila kwakhe kwakubonakala kusengozini, udokotela wakhe wathi akavume ukumpontshelwa igazi. UDade Nicoleau wenqaba. Ngakusasa ekuseni, isibhedlela sacela imvume enkantolo yokumpompela uDade Nicoleau igazi. Ijaji alizange limnikeze uDade Nicoleau nomyeni wakhe ithuba lokuba bazikhulumele, lavele lagunyaza isibhedlela ukuba simumpompele igazi.

NgoLwesihlanu, ngomhla ka-30 Disemba, isibhedlela sampompela uDade Nicoleau igazi naphezu kokuba umyeni wakhe namanye amalungu omndeni ayeseduze kombhede wakhe bengavumanga. Ngalobo busuku, kwaboshwa amalungu omndeni ambalwa nabanye abadala bemangalelwa ngokuthi bangunge umbhede kaDade Nicoleau ukuze bavimbe angampontshelwa igazi. NgoMgqibelo ekuseni, ngomhla ka-31 Disemba, ukuboshwa kwabo kwase kugcwele ezindabeni zaseNew York City naseLong Island.

NginoPhilip Brumley ngezikhathi zethu

NgoMsombuluko ekuseni, ngakhuluma nejaji lasenkantolo ephakeme, uMilton Mollen. Ngakhuluma nalo ngecala, ngaveza ukuthi ijaji elivumele ukuba kumpontshelwe igazi likwenze lokho ngaphandle kokuxoxa nabahilelekile. IJaji uMollen lathi angifike ntambama ehhovisi lalo ukuze sizoxoxa ngemithetho esebenza kuleli cala. Umzalwane owayehola esabelweni engangisenza, uPhilip Brumley, wahamba nami sayobona ijaji uMollen ngalobo busuku. Ijaji latshela nommeli wesibhedlela ukuba naye afike. Ingxoxo yethu yashuba. UMzalwane uBrumley waze wangibhalela phansi wathi “yehlisa umoya.” Leso kwaba iseluleko esihle kakhulu ngoba ngase ngithukuthele ngigan’ unwabu ngizama ukubonisa ukuthi ummeli wesibhedlela wayenza into engafanele.

B. Kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: URichard Moake, uGregory Olds, uPaul Polidoro, uPhilip Brumley, yimi, noMario Moreno​—abameli benhlangano ngosuku okwathethwa ngalo icala elaliphakathi kweWatchtower neVillage of Stratton enkantolo ephakeme yaseMelika.​—Bheka i-Phaphama! kaJanuwari 8, 2003

Cishe ngemva kwehora, iJaji uMollen lathi leli cala kuzoba elokuqala ngakusasa ekuseni. Lapho sesihamba, iJaji uMollen lathi ummeli wesibhedlela “uzoba nomsebenzi onzima kusasa.” Lokhu kwakusho ukuthi kwakuzoba nzima ngommeli ukulwela uhlangothi lwakhe. Kwaba sengathi uJehova uyangiqinisekisa ukuthi leli cala sizoliwina. Kwangithinta inhliziyo ukubona ukuthi uJehova wayesebenzisa thina ukuze afeze intando yakhe.

Sasebenza kwaze kwaba phakathi kwamabili silungiselela icala langakusasa ekuseni. Inkantolo yayiseduze kakhulu neBethel yaseBrooklyn, ngakho abaningi esasisebenza nabo eHhovisi Lezomthetho bahamba ngezinyawo baya khona. Ngemva kokuba amajaji amane elalele icala, anquma ukuthi kwakungafanele kukhishwe isinqumo sokumpontshelwa igazi. Inkantolo ephakeme yavuna uDade Nicoleau, yathi kuphambene namalungelo abantu ukuba kukhishwe isinqumo sokumpontshelwa kwegazi ngaphandle kokuba kulalelwe umbono wesiguli.

Ngokushesha ngemva kwalokho, inkantolo ephakeme yaseNew York yaqinisekisa ukuthi uDade Nicoleau unelungelo lokwelashwa ngaphandle kokusebenzisa igazi. Leli kwaba icala lokuqala kwamane ahlobene negazi engaba nengxenye kuwo avunwa izinkantolo eziphakeme. (Bheka ibhokisi elithi “Ukunqoba Ezinkantolo Eziphakeme.”) Ngaphinde ngasebenza nabanye abameli eBethel emacaleni ahilela ukuthi imuphi umzali ozohlala nengane, awedivosi nathinta izindlu nemihlaba.

UMSHADO WAMI NOMNDENI WAMI

Nginomkami uDawn

Lapho ngiqala ukuhlangana nomkami, uDawn, wayedivosile ekhulisa izingane ezintathu. Wayesebenza futhi ephayona. Buningi ubunzima abhekana nabo ekuphileni kwakhe futhi yangithinta indlela ayezimisele ngayo ukukhonza uJehova. Ngo-1992, saya eMhlanganweni Wesigodi owawunesihloko esithi “Abaphathi Bokukhanya,” eNew York City, futhi ngacela ukumazi kangcono. Ngonyaka olandelayo sashada. Ukuba nonkosikazi ohlale ebeka uJehova kuqala ekuphileni nokuthandayo ukuncokola kuye kwaba isibusiso esivela kuJehova. UDawn uye wangivuza ngokuhle zonke izinsuku zokuphila kwethu sindawonye.—IzAga 31:12.

Ngesikhathi sishada, omdala ezinganeni wayeneminyaka engu-16, omunye ena-13, omunye ena-11. Ngangifuna ukuba ubaba unothando kuzo, ngakho ngafunda ngokucophelela izincwadi zethu futhi ngakusebenzisa konke engangikuthola kuzo mayelana nokuba usingamzali. Zaba khona izinkinga eminyakeni ethile, kodwa ngiyajabula ngokuthi izingane zangamukela njengomngane wazo ezingamethemba nobaba onothando. Abangane bezingane zethu babehlale bamukelekile emzini wethu futhi sasikujabulela ukuba sendlini egcwele izingane.

Ngo-2013, mina noDawn sathuthela eWisconsin ukuze siyonakekela abazali bethu abakhulile. Kwangimangaza ukuthola ukuthi ngangisazokwazi ukuqhubeka nenkonzo yami yaseBethel. Ngacelwa ukuba ngiqhubeke ngisiza inhlangano kwezomthetho isikhathi esithile.

USHINTSHO OLUNGALINDELEKILE

NgoSepthemba 2018, ngaphawula ukuthi ngangihlushwa izikhwehlela. Udokotela wangihlola, kodwa akazange abone ukuthi yini inkinga. Kamuva, omunye udokotela wathi angiyobona udokotela wobuchopho. NgoJanuwari 2019, udokotela wobuchopho wathola ukuthi nginesifo sobuchopho esingavamile esizogcina siwohloze umzimba wami wonke.

Ngemva kwezinsuku ezintathu, ngesikhathi ngidlala umdlalo wokushibilika eqhweni, ngaphuka esihlakaleni sesandla sokudla. Ngase ngiwudlale ukuphila kwami konke lo mdlalo, futhi ngangingawenza ngisho ngicimezile. Ngakho ngabona ukuthi ngangingasakwazi ukulawula imisipha yami. Yangimangaza indlela lesi sifo esangisheshisa ngayo, kwase kunzima ukukhuluma, ukuhamba nokugwinya.

Kube ilungelo ukusebenzisa ulwazi enginalo njengommeli ukuze ngidlale indima ethile ekusizeni inhlangano kaJehova. Kuyangijabulisa nokuthi ngiye ngabhala izihloko eziningi zomagazini ezifundwa odokotela, abameli namajaji. Ngibeke nezinkulumo emazweni amaningi ngilwela ilungelo labantu bakaJehova lokukhetha ukwelashwa ngaphandle kokusebenzisa igazi. Noma kunjalo, nginanela amazwi kaLuka akuLuka 17:10 athi, ‘Ngiyinceku engelusizo lwalutho. Lokho engikwenzile yilokho obekufanele ngikwenze.’