Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 30

Qhubeka Uhamba Eqinisweni

Qhubeka Uhamba Eqinisweni

“Anginaso isizathu esikhulu sokubonga kunalezi zinto, ukuba ngizwe ukuthi abantwana bami bayaqhubeka behamba eqinisweni.”​—3 JOH 4.

INGOMA 54 “Nansi Indlela”

AMAZWIBELA *

1. Njengoba kubonisiwe kweyesi-3 Johane 3, 4, yini esenza insijabule?

UNGAKWAZI yini ukucabanga injabulo umphostoli uJohane aba nayo lapho ezwa ukuthi labo abasiza bafunda iqiniso babesaqhubeka bekhonza uJehova ngokwethembeka? Babhekana nezinkinga eziningi, futhi uJohane wayesebenza kanzima ukuze aqinise ukholo lwalawo maKristu aqotho ayewabheka njengezingane zakhe. Nathi siyajabula lapho izingane zethu, kungakhathaliseki ukuthi yilezi esizizalayo noma yilezi esizisizile zafunda iqiniso, zizinikezela kuJehova futhi ziqhubeka nokumkhonza.​—Funda eyesi-3 Johane 3, 4.

2. Yayiyini injongo yezincwadi ezabhalwa uJohane?

2 Ngo-98 C.E., cishe uJohane wayehlala e-Efesu noma eduze kwakhona. Kungenzeka wathuthela lapho ngemva kokukhululwa ejele, esiqhingini esibizwa ngePhatmose. Cishe kungaleso sikhathi lapho umoya ongcwele kaJehova wamshukumisela khona ukuba abhale izincwadi ezintathu. Injongo yalezo zincwadi kwakuwukukhuthaza amaKristu aqotho ukuba ahlale enokholo kuJesu futhi aqhubeke ehamba eqinisweni.

3. Yimiphi imibuzo esizoyiphendula?

3 UJohane waba umphostoli wokugcina ophilayo, futhi wayekhathazeke ngethonya elibi abafundisi bamanga ababenalo emabandleni. * (1 Joh. 2:18, 19, 26) Lezo zihlubuki zazithi ziyamazi uNkulunkulu, kodwa zazingayilaleli imiyalo kaJehova. Ake sixoxe ngeseluleko esiphefumulelwe uJohane asinikeza. Njengoba senza kanjalo, sizophendula imibuzo emithathu: Kusho ukuthini ukuhamba eqinisweni? Yiziphi iziphazamiso esibhekana nazo? Singasizana kanjani ukuze sihlale eqinisweni?

KUSHO UKUTHINI UKUHAMBA EQINISWENI?

4. Ngokweyoku-1 Johane 2:3-6 neyesi-2 Johane 46, kuhlanganisani ukuhamba eqinisweni?

4 Ukuze sihambe eqinisweni, kudingeka sazi iqiniso elitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, kumelwe ‘sigcine imiyalo kaJehova,’ okusho ukuthi, kudingeka siyilalele. (Funda eyoku-1 Johane 2:3-6 neyesi-2 Johane 46.) UJesu wabeka isibonelo esiphelele sokulalela uJehova. Enye indlela ebalulekile esilalela ngayo uJehova ukulandela izinyathelo zikaJesu eduze, ngezinga esingakwazi ngalo.​—Joh. 8:29; 1 Pet. 2:21.

5. Yini okumelwe siqiniseke ngayo?

5 Ukuze siqhubeke sihamba eqinisweni, kumelwe siqiniseke ngokuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso, nokuthi yonke into asitshela yona eZwini lakhe iBhayibheli iyiqiniso. Kumelwe siqiniseke nangokuthi uJesu unguMesiya othenjisiwe. Abaningi namuhla bayangabaza ukuthi uJesu ugcotshwe njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. UJohane waxwayisa ngokuthi ‘kwakunabakhohlisi abaningi,’ ababengadukisa labo ababengakulungele ukuvikela iqiniso ngoJehova nangoJesu. (2 Joh. 7-11) UJohane wabhala: “Ngubani ongumqambimanga uma kungeyena lowo ophika ukuthi uJesu unguKristu?” (1 Joh. 2:22) Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kuwukuphela kwendlela esingagwema ngayo ukukhohliswa. Yilokho kuphela okuyosenza simazi uJehova noJesu. (Joh. 17:3) Yilapho kuphela lapho siyoqiniseka khona ngokuthi sithole iqiniso.

YIZIPHI IZIPHAZAMISO ESIBHEKANA NAZO?

6. Yisiphi isiphazamiso amaKristu asemasha abhekana naso?

6 Wonke amaKristu kumelwe aqaphe, angakhohliswa izimfundiso zabantu. (1 Joh. 2:26) AmaKristu asemasha wona kumelwe aqaphe nakakhulu. U-Alexia, * udadewethu ongumFulentshi oneminyaka engu-25, uthi: “Ngesikhathi ngisemncane ngangikhathazwa indlela izwe elicabanga ngayo, njengokuthi izinto zazivelela, nezinye izimfundiso zabantu. Ngezinye izikhathi, zazingichaza lezo zimfundiso. Kodwa ngacabanga ukuthi kuyoba yiphutha ukulalela kuphela lokho okushiwo esikoleni, ngingamniki uJehova ithuba lokukhuluma.” U-Alexia wafunda incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? Ngamasonto ambalwa nje, ukungabaza ayenakho kwaphela. U-Alexia uthi: “Ngazikholisa ngokuthi iBhayibheli likhuluma iqiniso. Ngabona nokuthi ukuphila ngemithetho yalo kuyongenza ngijabule futhi ngibe nokuthula.”

7. Iyiphi ingcindezi okumelwe silwe nayo, futhi kungani?

7 Wonke amaKristu, amadala namancane, kumelwe alwe nengcindezi yokuphila ukuphila okumbaxambili. UJohane waveza ukuthi asikwazi ukuhamba eqinisweni sibe siziphatha kabi. (1 Joh. 1:6) Uma sifuna uJehova asamukele manje nasesikhathini esizayo, kudingeka sihlale sikhumbula ukuthi ukubona konke esikwenzayo. Ngakho, ayikho into ebizwa ngokuthi isono sasekusithekeni, ngoba konke esikwenzayo uJehova uyakubona.​—Heb. 4:13.

8. Yini okungamelwe sihambisane nayo?

8 Akumelwe sihambisane nendlela izwe elibheka ngayo isono. Umphostoli uJohane wabhala: “Uma sithi: ‘Asinaso isono,’ siyazidukisa.” (1 Joh. 1:8) Ngesikhathi sikaJohane, izihlubuki zazithi umuntu angasenza isono ngamabomu, ngesikhathi esifanayo abe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Namuhla siphila nabantu abanombono ofanayo. Abaningi bathi bayakholelwa kuNkulunkulu, kodwa abavumelani nombono kaJehova ngesono, ikakhulukazi ezintweni eziphathelene nocansi. Lokho uJehova akubheka njengokwenza isono, bona bakubheka njengokwenza lokho umuntu akuthandayo, noma njengendlela ehlukile yokuphila.

Basha, zitholeleni nina ukuthi kungani uJehova ethi into ethile ilungile noma ayilungile, ukuze nikwazi ukuvikela ukholo lwenu (Bheka isigaba 9) *

9. Intsha izuza kanjani lapho inamathela ezimfundisweni ezisekelwe eBhayibhelini?

9 Intsha engamaKristu ingase icindezelwe ukuba ibe nemibono efana neyabantu efunda nabo noma esebenza nabo yokuziphatha kabi. Yilokho okwenzeka ku-Aleksandar. Uthi: “Amanye amantombazane esikoleni ayengicindezela, efuna ngilale nawo. Ayethi njengoba ngingenayo intombi kusho ukuthi ngiyisitabane.” Uma ubhekene novivinyo olufanayo, khumbula ukuthi lapho unamathela ezimfundisweni ezisekelwe eBhayibhelini, uzokwazi ukuqhubeka uzihlonipha, uvikele nempilo yakho, indlela ozizwa ngayo ngaphakathi, kanye nobuhlobo bakho noJehova. Isikhathi ngasinye lapho umelana nesilingo, kuyoba lula nakakhulu ukwenza okulungile ngokuzayo. Khumbula nokuthi lo mbono wezwe osontekile ngocansi uvela kuSathane. Ngakho lapho wenqaba ukucabanga njengabantu baleli zwe, usuke ‘unqoba omubi.’​—1 Joh. 2:14.

10. Eyoku-1 Johane 1:9 isisiza kanjani sikhonze uJehova ngonembeza ohlanzekile?

10 Siyaqaphela ukuthi uJehova unelungelo lokunquma ukuthi yini ayibheka njengesono. Senza konke esingakwenza ukuze singasenzi isono. Kodwa lapho kwenzeka senza isono, siyasivuma kuJehova ngomthandazo. (Funda eyoku-1 Johane 1:9.) Uma senza isono esikhulu, sifuna usizo kubadala abamiswe uJehova ukuba basinakekele. (Jak. 5:14-16) Nokho, akufanele sihlale sidliwa umuzwa wecala ngezono esazenza esikhathini esidlule. Kungani? Ngenxa yokuthi uBaba wethu onothando usilungiselele umhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe ukuze izono zethu zithethelelwe. Uma uJehova ethi uzozithethelela izoni eziphendukayo usuke engadlali. Ngakho ayikho into engasivimba ukuba sikhonze uJehova ngonembeza ohlanzekile.​—1 Joh. 2:1, 2, 12; 3:19, 20.

11. Singazivikela kanjani izingqondo zethu ezimfundisweni ezingase zilimaze ukholo lwethu?

11 Kumelwe sizenqabe izimfundiso zezihlubuki. Kusukela ekuqaleni kwebandla lobuKristu, uDeveli ubelokhu esebenzisa abakhohlisi abaningi ukuze atshale ukungabaza ezingqondweni zezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile. Ngenxa yalokho, kudingeka sikwazi ukuhlukanisa amanga neqiniso. * Izitha zethu zingase zisebenzise i-inthanethi noma imithombo yezindaba ukuze zizame ukunciphisa ukuthembela kwethu kuJehova nothando esinalo ngabafowethu. Khumbula ukuthi avela kubani lawo manga futhi uwenqabe!​—1 Joh. 4:1, 6; IsAm. 12:9.

12. Kungani kufanele siwathande nakakhulu amaqiniso esiwafundile?

12 Ukuze simelane nokuhlasela kukaSathane, kudingeka simethembe nakakhulu uJesu nendima ayidlalayo enjongweni kaNkulunkulu. Kudingeka sethembe nokuwukuphela komzila uJehova awusebenzisayo namuhla. (Math. 24:45-47) Ukholo lwethu siluqinisa ngokulitadisha njalo iZwi likaNkulunkulu. Uma senza kanjalo, ukholo lwethu luyofana nesihlahla esinezimpande ezingene zajula emhlabathini. UPawulu washo into efanayo lapho ebhalela ibandla labaseKolose. Wathi: “Njengoba namukele uKristu Jesu iNkosi, qhubekani nimunye naye, nigxilile futhi nakhiwa kuye futhi nisimamiswa okholweni.” (Kol. 2:6, 7) Ayikho into uSathane noma labo abathonywe nguye abangayenza ukuze baqede amandla omKristu oye waqinisa ukholo lwakhe.​—2 Joh. 8, 9.

13. Yini okufanele siyilindele, futhi kungani?

13 Kumelwe sikulindele ukuzondwa yizwe. (1 Joh. 3:13) UJohane usikhumbuza ukuthi “lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Joh. 5:19) Njengoba leli zwe selizophela, uSathane uya ngokuya ethukuthela nakakhulu. (IsAm. 12:12) Akagcini nje ngokusihlasela ngezindlela ezicashile, njengokusiyengela ekuziphatheni okubi noma emangeni ezihlubuki. Uzosihlasela nangezindlela eziqondile, njengokusishushisa ngonya. USathane uyazi ukuthi usalelwe isikhathi esifushane sokuzama ukusiyekisa ukushumayela noma ukuqeda ukholo lwethu. Yingakho kungasimangazi ukuthi umsebenzi wethu uvinjelwe kwamanye amazwe. Noma kunjalo, abafowethu nodadewethu bakulawo mazwe bayakhuthazela. Bafakazela ukuthi kungakhathaliseki ukuthi yini uSathane ayenzayo kubantu bakaNkulunkulu, singakwazi ukuhlala sithembekile!

MASISIZANE UKUZE SIHLALE EQINISWENI

14. Iyiphi enye indlela esingasiza ngayo abafowethu nodadewethu ukuze bahlale eqinisweni?

14 Ukuze sisize abafowethu nodadewethu bahlale eqinisweni, kumelwe sibabonise ububele noma uzwela. (1 Joh. 3:10, 11, 16-18) Kudingeka sithandane, hhayi nje kuphela lapho izinto zihamba kahle, kodwa nalapho kuba nezinkinga. Ngokwesibonelo, ukhona yini umuntu omaziyo oshonelwe umuntu amthandayo nodinga ukududuzwa noma ukusizwa ngandlela-thile? Uke wezwa yini ngabafowethu esikholwa nabo abalahlekelwe izinto zabo eziningi ngenxa yenhlekelele yemvelo, nabadinga ukwakhelwa kabusha amaHholo OMbuso noma amakhaya abo? Sibonisa abafowethu nodadewethu uthando olujulile nozwela, hhayi nje kuphela ngalokho esikushoyo, kodwa nangalokho esikwenzayo.

15. Njengoba kuveziwe kweyoku-1 Johane 4:7, 8, yini okudingeka siyenze?

15 Sisuke silingisa uBaba wethu osezulwini onothando lapho sithandana. (Funda eyoku-1 Johane 4:7, 8.) Indlela ebalulekile esibonisana ngayo uthando ukuthethelelana. Ngokwesibonelo, othile angase asizwise ubuhlungu bese eyaxolisa. Sisuke sibonisa uthando lapho simthethelela bese sikudlulisa lokho akwenze kithi. (Kol. 3:13) Lokho kwenzeka kumfowethu u-Aldo lapho ezwa umzalwane amhloniphayo esho into ebuhlungu ngabantu bohlanga lwakubo. U-Aldo uthi, “Ngangithandaza njalo kuJehova ukuze angisize ingashintshi indlela engimbheka ngayo.” Kodwa kukhona okunye u-Aldo akwenza. Wacela lowo mzalwane ukuba ahambe naye bayoshumayela. Njengoba babeshumayela, u-Aldo wamchazela indlela aphatheka kabi ngayo ngalokho akusho. U-Aldo uthi: “Lapho umzalwane ezwa indlela engaphatheka kabi ngayo ngalokho akusho, waxolisa. Ngangizwa ngisho nasephimbweni lakhe ukuthi uyazisola ngalokho akushilo. Sahlukana sesingabangane, sakudlulisa okwenzeka.”

16-17. Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

16 Umphostoli uJohane wayebathanda kakhulu abafowabo, efuna nokubasiza babe nokholo oluqinile, futhi indlela ayebathanda ngayo ibonakala ngokucacile eselulekweni abanikeza sona ezincwadini ezintathu azibhala. Kuyakhuthaza kakhulu ukwazi ukuthi amadoda nabesifazane abafana naye bagcotshiwe ukuba bayobusa noKristu ezulwini!​—1 Joh. 2:27.

17 Kwangathi singasilalela iseluleko esixoxe ngaso. Masizimisele ukuhamba eqinisweni, silalele uJehova kukho konke esikwenzayo ekuphileni kwethu. Funda iZwi lakhe, ulethembe. Yakha ukholo oluqinile kuJesu. Yenqaba izimfundiso zabantu nezezihlubuki. Melana nengcindezi yokuphila ukuphila okumbaxambili nokwenza isono. Phila ngemithetho kaJehova ephakeme yokuziphatha. Masisize abafowethu bahlale beqinile ngokuthethelela labo abasizwisa ubuhlungu, nangokusiza labo abadinga usizo. Uma senza kanjalo, siyoqhubeka sihamba eqinisweni naphezu kwezinkinga esibhekana nazo.

INGOMA 49 Ukwenza Inhliziyo KaJehova Ijabule

^ par. 5 Siphila ezweni elibuswa uyise wamanga uSathane. Ngakho kungaba nzima kakhulu ukuhamba eqinisweni. AmaKristu ayephila ngasekupheleni kwekhulu lokuqala C.E. nawo ayebhekene nenselele efanayo. Ukuze asize wona kuhlanganise nathi, uJehova waphefumulela umphostoli uJohane ukuba abhale izincwadi ezintathu. Okuqukethwe yilezo zincwadi kuzosisiza sibone izinto ezingaba iziphazamiso nendlela esingazinqoba ngazo.

^ par. 3 Bheka ibhokisi elithi “ Okwenza UJohane Wabhala Izincwadi.”

^ par. 6 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 11 Bheka isihloko esifundwayo esithi “Ingabe Unamaqiniso Aphelele Ngendaba?” esikuyi-Nqabayokulinda ka-Agasti 2018.

^ par. 59 INCAZELO YEZITHOMBE: Esikoleni, udade osemusha uhlale ezwa futhi ebona izinto ezikhuthaza ubutabane. (Kwezinye izindawo, imibala yothingo imelela ubutabane.) Kamuva, uyacwaninga ukuze aqinise izinkolelo zakhe zobuKristu. Lokho kuyamsiza akwazi ukubhekana nesimo esinzima.