Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 28

Qiniseka Ngokuthi Uthole Iqiniso

Qiniseka Ngokuthi Uthole Iqiniso

“Qhubeka ezintweni owazifunda futhi wathonyelwa ukuba uzikholelwe.”—2 THIM. 3:14.

INGOMA 56 Yenza Iqiniso Libe Ngelakho

AMAZWIBELA *

1. Sisuke sichazani uma sisebenzisa igama elithi “iqiniso”?

“WALITHOLA kanjani iqiniso?” “Ingabe wakhuliswa eqinisweni?” “Usunesikhathi esingakanani useqinisweni?” Cishe bakhona abake bakubuza imibuzo enjalo—noma wena wayibuza abanye. Sisuke sichazani uma sisebenzisa igama elithi “iqiniso”? Ngokuvamile, silisebenzisela ukuchaza izinkolelo zethu, indlela esikhonza ngayo uNkulunkulu, nendlela yethu yokuphila. Abantu “abaseqinisweni” bayazi ukuthi iBhayibheli lifundisani, futhi baphila ngokuvumelana nezimiso zalo. Ngenxa yalokho bakhululekile ezimfundisweni zenkolo yamanga, futhi bajabulela ukuphila okungcono kakhulu abantu abanesono abangakuthola.​—Joh. 8:32.

2. Ngokwencwadi kaJohane 13:34, 35, yini engadonsela umuntu eqinisweni?

2 Yini eyakudonsela eqinisweni? Mhlawumbe kwaba ukuziphatha kahle kwabantu bakaJehova. (1 Pet. 2:12) Noma mhlawumbe kwakuwuthando ababelubonisa. Abaningi baluphawula lolo thando lapho beqala ukuza emihlanganweni, futhi yilona abalukhumbula ukwedlula noma yini eyashiwo isikhulumi. Akumangazi lokhu ngoba uJesu wathi abafundi bakhe babeyobonakala ngothando ababonisana lona. (Funda uJohane 13:34, 35.) Kodwa kudingeka okungaphezu kwalokho uma sifuna ukuba nokholo oluqinile.

3. Yini engenzeka uma ukholo lwethu kuNkulunkulu luncike kuphela othandweni lobuKristu esiluboniswa abafowethu nodadewethu?

3 Ukholo lwethu akufanele lusekelwe kuphela othandweni lobuKristu esiluboniswa abantu bakaNkulunkulu. Kungani? Ake sithi okholwa naye—mhlawumbe kungaze kube umdala noma iphayona—wenza isono esikhulu. Noma, kuthiwani uma umzalwane noma udade ekuzwisa ubuhlungu ngandlela-thile? Noma mhlawumbe othile abe yisihlubuki, agomele ngokuthi asikho eqinisweni. Uma izinto ezinjalo zenzeka, ingabe uyokhubeka uyeke ukukhonza uJehova? Nasi isifundo: Uma ukholo lwakho kuNkulunkulu lusekelwe endleleni abanye abantu abenza ngayo kunokuba lusekelwe ebuhlotsheni bakho noJehova, ukholo lwakho ngeke luqine. Ukholo lwakho akufanele ugcine ngokulwakha ngezinto ezilula ezifana nemizwa, kodwa kufanele usebenzise nezinto eziqinile njengamaqiniso eBhayibheli nekhono lokucabanga eliqeqeshiwe. Kudingeka uzitholele wena ukuthi iBhayibheli likhuluma iqiniso ngoJehova.​—Roma 12:2.

4. Ngokwencwadi kaMathewu 13:3-6, 20, 21, yini abanye abayenzayo lapho ukholo lwabo luvivinywa?

4 UJesu wathi abanye babeyolamukela “ngenjabulo” iqiniso, kodwa ukholo lwabo lwaluyobuna lapho bevivinywa. (Funda uMathewu 13:3-6, 20, 21.) Mhlawumbe babengaqapheli ukuthi ukulandela uJesu kwakuyoba nezinselele nobunzima. (Math. 16:24) Noma mhlawumbe babecabanga ukuthi ukuba umKristu kusho ukuphila okungenazinkinga—okunezibusiso kuphela, okungenazinselele. Kodwa kuleli zwe esiphila kulo, ziyoba khona izinselele. Izimo zingashintsha, zenze ukuba silahlekelwe yinjabulo okwesikhashana.​—IHu. 6:6; UmSh. 9:11.

5. Abafowethu nodadewethu abaningi babonisa kanjani ukuthi bayaqiniseka ngokuthi bathole iqiniso?

5 Iningi labafowethu nodadewethu libonisa ukuthi liyaqiniseka ngokuthi lithole iqiniso. Kanjani? Ukholo lwabo aluntengantengi, ngisho noma omunye abakholwa naye ebazwisa ubuhlungu noma eziphatha kabi. (IHu. 119:165) Isikhathi ngasinye lapho bevivinywa, ukholo lwabo luyaqina, alubi buthaka. (Jak. 1:2-4) Ungaba kanjani nokholo oluqine ngaleyo ndlela?

THOLA ‘ULWAZI OLUNEMBILE NGONKULUNKULU’

6. Abafundi bangekhulu lokuqala balwakhela kuphi ukholo lwabo?

6 Abafundi bangekhulu lokuqala bakhela ukholo lwabo olwazini lwabo lwemiBhalo nasezimfundisweni zikaJesu Kristu, okuwukuthi, “iqiniso lezindaba ezinhle.” (Gal. 2:5) Leli qiniso liyizo zonke izimfundiso esizikholelwayo njengamaKristu, kuhlanganise namaqiniso amayelana nomhlatshelo kaJesu wesihlengo nokuvuswa kwakhe. Umphostoli uPawulu wayeqiniseka ngokuthi lezi zimfundiso ziyiqiniso. Kungani? Kungoba wasebenzisa imiBhalo ukuze abonise “ngezingcaphuno ukuthi kwakudingekile ukuba uKristu ahlupheke futhi avuke kwabafileyo.” (IzE. 17:2, 3) Abafundi bangekhulu lokuqala bazamukela lezo zimfundiso, futhi bancika emoyeni ongcwele ukuze ubasize baqonde iZwi likaNkulunkulu. Bazitholela ngokwabo ukuthi lezi zimfundiso zazisekelwe emiBhalweni. (IzE. 17:11, 12; Heb. 5:14) Ukholo lwabo abazange balwakhele endleleni ababezizwa ngayo kuphela futhi babengakhonzi uJehova ngoba nakhu nje bejabulela ukuba namanye amaKristu. Kunalokho, ukholo lwabo lwalwakhelwe ‘olwazini olunembile ngoNkulunkulu.’—Kol. 1:9, 10.

7. Kuyosenzelani ukukholelwa emaqinisweni eBhayibheli?

7 Amaqiniso eZwi likaNkulunkulu awashintshi. (IHu. 119:160) Ngokwesibonelo, awashintshi lapho umKristu esikanye naye esiphatha kabi noma enza isono esikhulu. Awashintshi ngisho nalapho sibhekana nezinkinga. Ngakho kudingeka sijwayelane ngempela nezimfundiso zeBhayibheli futhi siqiniseke ngokuthi ziyiqiniso. Ukholo lwethu oluqinile, olwakhelwe emaqinisweni eBhayibheli luyosenza siqine ngezikhathi zovivinyo, njengoba nje ihange lingagcina isikebhe sizinzile phakathi nesiphepho esinamandla. Ungaqhubeka kanjani uziqinisekisa ukuthi uthole iqiniso?

‘THONYELWA UKUBA UKHOLELWE IQINISO’

8. Njengoba kubonisiwe kweyesi-2 Thimothewu 3:14, 15, uThimothewu waqiniseka kanjani ngokuthi wayethole iqiniso?

8 UThimothewu wayeqiniseka ngokuthi wayethole iqiniso. Wafinyelela kanjani kuleso siphetho? (Funda eyesi-2 Thimothewu 3:14, 15.) Umama wakhe nogogo wakhe yibo abaqala ukumfundisa “imibhalo engcwele.” Kodwa akungabazeki ukuthi naye wachitha isikhathi esiningi namandla efunda leyo mibhalo. Ngenxa yalokho, ‘wathonyelwa ukuba akholelwe’ ukuthi yayiyiqiniso. Kamuva, uThimothewu, umama wakhe nogogo wakhe, bafunda izimfundiso zobuKristu. Akungabazeki ukuthi uThimothewu lwamhlaba umxhwele uthando olwaluboniswa abalandeli bakaJesu, futhi wayenesifiso esinamandla sokuhlangana nabafowabo nodadewabo ebandleni aphinde abasize. (Fil. 2:19, 20) Nokho, ukholo lwakhe lwalungakhelwe endleleni ayezizwa ngayo ngabanye abantu, kodwa emaqinisweni ayemsondeza kuJehova. Nawe kufanele ucabange ujule ngezinto ozifunde ngoJehova lapho ufunda iBhayibheli.

9. Yiziphi izimfundiso ezintathu eziyisisekelo okudingeka uzihlolele wena ukuthi ziyiqiniso yini?

9 Ukuze wenze kanjalo, kudingeka uzihlolele wena okungenani amaqiniso amathathu ayisisekelo. Okokuqala, kudingeka uziqinisekise ngokuthi uJehova uNkulunkulu unguMdali wazo zonke izinto. (Eks. 3:14, 15; Heb. 3:4; IsAm. 4:11) Okwesibili, kumelwe uziqinisekise ngokuthi iBhayibheli liwumyalezo kaNkulunkulu ophefumulelwe oya kubantu. (2 Thim. 3:16, 17) Okwesithathu, kudingeka uziqinisekise ngokuthi uJehova uneqembu labantu elihlelekile elimkhonzayo ngaphansi kobunhloko bobuKristu, futhi oFakazi BakaJehova bayilelo qembu. (Isaya 43:10-12; Joh. 14:6; IzE. 15:14) Ukuziqinisekisa ngalezo zimfundiso eziyisisekelo akusho ukuthi sekufanele wazi yonke into ngeBhayibheli. Umgomo wakho kufanele kube ukusebenzisa ‘amandla akho okucabanga’ ukuze uqiniseke ngokuthi uthole iqiniso.​—Roma 12:1.

ZIMISELE UKUQINISEKISA NABANYE

10. Ngaphezu kokwazi iqiniso, yini enye okudingeka siyenze?

10 Uma usuzazi lezi zimfundiso ezintathu eziyisisekelo ngoNkulunkulu, ngeBhayibheli nangabantu bakaNkulunkulu, kudingeka ukwazi ukusebenzisa imiBhalo ukuze ubonise abanye ukuthi ziyiqiniso. Kungani? Kungenxa yokuthi njengoba singamaKristu, sinomthwalo wokufundisa labo abazosilalela amaqiniso esiwafundayo. * (1 Thim. 4:16) Njengoba sizama ukukholisa abanye ngamaqiniso eBhayibheli, ayagxila nakithi.

11. Yisiphi isibonelo uPawulu asibekela sona lapho efundisa?

11 Lapho umphostoli uPawulu efundisa abantu, wasebenzisa “ikhono lokukholisa kubo ngoJesu esusela emthethweni kaMose nakubaProfethi.” (IzE. 28:23) Singamlingisa kanjani uPawulu lapho sifundisa abanye iqiniso? Kumelwe senze okungaphezu kokubatshela amaqiniso esiwaziyo. Kumelwe sisize esibafundisa iBhayibheli bacabangisise ngemiBhalo njengoba besondela kuJehova. Sifuna bamukele iqiniso, hhayi ngoba bethanda thina, kodwa ngoba bezikholisile babona ukuthi lokho abakufundayo ngoNkulunkulu wethu onothando kuyiqiniso.

Bazali, sizani izingane zenu zibe nokholo ngokuzifundisa ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu’ (Bheka izigaba 12-13) *

12-13. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo zihlale eqinisweni?

12 Bazali, akungabazeki ukuthi nifuna izingane zenu zihlale eqinisweni. Ningase nicabange ukuthi uma zinabangane abahle ebandleni, nazo ziyoba nokholo oluqinile. Nokho, uma nifuna izingane zenu ziqiniseke ngokuthi zithole iqiniso, zidinga okungaphezu kokuba nabangane abahle. Kudingeka zibe nobungane noNkulunkulu futhi ziqiniseke ngokuthi izimfundiso zeBhayibheli ziyiqiniso.

13 Uma abazali befuna ukufundisa izingane zabo iqiniso ngoNkulunkulu, kumelwe bazibekele isibonelo ngokuthi bona babe abafundi beBhayibheli abakhuthele. Kumelwe bazinike isikhathi sokuzindla ngalokho abakufundayo. Uma benza kanjalo, bayokwazi ukufundisa izingane zabo ukwenza okufanayo. Kudingeka bafundise izingane zabo ukusebenzisa amathuluzi okutadisha iBhayibheli, njengoba nje benza kubantu ababafundisa iBhayibheli. Uma benza kanjalo, bazosiza izingane zabo zithande uJehova futhi ziyethembe “inceku ethembekileyo neqondayo” ayisebenzisayo ukuze asisize siqonde iBhayibheli. (Math. 24:45-47) Bazali, ninganeliswa ukufundisa izingane zenu amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo kuphela. Zisizeni zibe nokholo oluqinile ngokuzifundisa ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu’ ngezinga elivumelana neminyaka yazo nekhono lazo lokubamba izinto.​—1 Kor. 2:10.

CWANINGA NGEZIPROFETHO ZEBHAYIBHELI

14. Kungani kufanele sicwaninge ngeziprofetho zeBhayibheli? (Bheka nebhokisi elithi “ Ungakwazi Yini Ukuchaza Lezi Ziprofetho?”)

14 Iziprofetho zeBhayibheli ziyingxenye ebalulekile yeZwi likaNkulunkulu esisiza sakhe ukholo oluqinile kuJehova. Yiziphi iziprofetho eziqinise ukholo lwakho? Kungenzeka ubale iziprofetho ezimayelana ‘nezinsuku zokugcina.’ (2 Thim. 3:1-5; Math. 24:3, 7) Kodwa yiziphi ezinye iziprofetho esezigcwalisekile ezingaqinisa ukholo lwakho? Ngokwesibonelo, ungakwazi yini ukuchaza indlela iziprofetho ezikuDaniyeli isahluko 2 noma esahlukweni 11 esezigcwaliseke ngayo, nezigcwaliseka ngayo? * Uma unokholo olusekelwe ngokuqinile eBhayibhelini, lolo kholo alunakuphela. Cabanga ngesibonelo sabafowethu ababhekana noshushiso olukhulu eJalimane phakathi neMpi Yezwe II. Nakuba babengaziqondi ngokuphelele iziprofetho zeBhayibheli ezimayelana nezinsuku zokugcina, babenokholo oluqinile eZwini likaNkulunkulu.

Ukutadisha iBhayibheli, kuhlanganise neziprofetho zalo, kungasiqinisa lapho sishushiswa (Bheka izigaba 15-17) *

15-17. Ukutadisha iBhayibheli kwabaqinisa kanjani abafowethu ababeshushiswa amaNazi?

15 Ngaphansi kombuso wamaNazi eJalimane, izinkulungwane zabafowethu nodadewethu zathunyelwa emakamu okuhlushwa. UHitler nesikhulu sama-SS uHeinrich Himmler babezonda oFakazi BakaJehova. Ngokusho komunye udadewethu, uHimmler wathi eqenjini lodadewethu ababesekamu lokuhlushwa: “UJehova wenu angabusa le ezulwini, kodwa la emhlabeni kubusa thina! Sizonibonisa ukuthi kuzosala bani, nina noma thina!” Yini eyasiza abantu bakaJehova bahlala bethembekile?

16 Labo bafundi beBhayibheli babazi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa ngo-1914. Kwakungabamangazi ukuphikiswa okunamandla ababhekana nakho. Nokho, abantu bakaJehova babeqiniseka ngokuthi awukho umbuso wabantu ongavimba injongo kaNkulunkulu ukuba iphumelele. UHitler akakwazanga ukuqeda ukukhulekela kweqiniso noma ukumisa uhulumeni onamandla kunoMbuso kaNkulunkulu. Abafowethu babeqiniseka ngokuthi nakanjani ukubusa kukaHitler kwakuyogcina kuphelile.

17 Lokho abafowethu nodadewethu ababekukholelwa ngokuqinile kwakuyiqiniso. Kungakabiphi, umbuso wamaNazi waphela, noHeinrich Himmler—umuntu owayethe “la emhlabeni kubusa thina”—wayesebaleka. Ngesikhathi ebaleka, wahlangana noMfowethu uLübke owayeyisiboshwa, avele wamkhumbula. Esevoveke inkani, uHimmler wabuza uMfowethu uLübke, wathi: “Awusho-ke Mfundi weBhayibheli, kuthiwani-ke uma sekunje?” UMfowethu uLübke wachazela uHimmler ukuthi sonke lesi sikhathi oFakazi BakaJehova bebazi ukuthi umbuso wamaNazi uzophela nokuthi bazokhululwa. Ekugcineni, inkukhu yayisinqunywe umlomo kuHimmler, umuntu owayethanda ukukhuluma kakhulu ngoFakazi BakaJehova. Ngokushesha ngemva kwalokho, wazibulala. Sifundani kulokhu? Ukutadisha kwethu iBhayibheli, kuhlanganise neziprofetho zalo, kungakha ukholo oluyohlala njalo kuNkulunkulu futhi kusenze siqine lapho sishushiswa.​—2 Pet. 1:19-21.

18. NgokukaJohane 6:67, 68, kungani sidinga “ulwazi olunembile nokuqonda okuphelele” uPawulu abhala ngakho?

18 Ngamunye wethu kufanele abonise uthando—uphawu lwamaKristu eqiniso. Kodwa siphinde sidinge “ulwazi olunembile nokuqonda okuphelele.” (Fil. 1:9) Ngaphandle kwalokho, singase sithonywe “yiyo yonke imimoya yemfundiso ngokukhohlisa kwabantu,” kuhlanganise nezihlubuki. (Efe. 4:14) Lapho abafundi abaningi bangekhulu lokuqala C.E. beyeka ukulandela uJesu, umphostoli uPetru waveza ukuthi wayeqiniseka ngempela ngokuthi uJesu ‘unamazwi okuphila okuphakade.’ (Funda uJohane 6:67, 68.) Nakuba uPetru ngaleso sikhathi ayengayiqondi yonke imininingwane yalawo mazwi, waqhubeka eqotho ngenxa yokuthi wayeliqonda iqiniso ngoKristu. Nawe ungaluqinisa ukholo lwakho ngalokho iBhayibheli elikufundisayo. Uma wenza kanjalo, ukholo lwakho luyohlala luqinile kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani, futhi uyosiza nabanye babe nokholo oluqinile.—2 Joh. 1, 2.

INGOMA 72 Ukwenza Iqiniso LoMbuso Laziwe

^ par. 5 Lesi sihloko sizosisiza sazise izimfundiso eziyiqiniso zeZwi likaNkulunkulu. Sizoxoxa nangezindlela esingaqiniseka ngazo ukuthi lokhu esikukholelwayo kuyiqiniso.

^ par. 10 Ukuze ukwazi ukubonisana nabanye ngezimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli, bheka uchungechunge lwezihloko oluthi “Ingxoxo Nomakhelwane,” olwalunyatheliswa kuyi-Nqabayokulinda kusukela ngo-2010 kuya ku-2015. Izihloko zalolo chungechunge zihlanganisa esithi “Ingabe UJesu UnguNkulunkulu?,” “UMbuso KaNkulunkulu Waqala Nini Ukubusa?,” nesithi “Ingabe UNkulunkulu Ujezisa Abantu Esihogweni Somlilo?

^ par. 14 Ukuze ufunde ngalezi ziprofetho, bheka izihloko ze-Nqabayokulinda kaJuni 15, 2012, nekaMeyi 2020.

^ par. 60 INCAZELO YEZITHOMBE: Phakathi nokukhulekela komkhaya, abazali bacwaninga ngeziprofetho zeBhayibheli ezimayelana nosizi olukhulu nezingane zabo.

^ par. 62 INCAZELO YEZITHOMBE: Phakathi nosizi olukhulu, lo mndeni ofanayo ngeke umangazwe yizinto eziyobe zenzeka.