Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 28

Gwema Ukubhebhezela Ukuncintisana​—Khuthaza Ukuthula

Gwema Ukubhebhezela Ukuncintisana​—Khuthaza Ukuthula

“Masingabi abazazisayo, sibhebhezela ukuncintisana, sifelana umona.”​—GAL. 5:26.

INGOMA 101 Ukusebenza Ndawonye Ngobunye

AMAZWIBELA *

1. Umoya wokuncintisana ungaba namuphi umthelela kubantu?

EZWENI namuhla, abantu abaningi banomoya wokuncintisana ngenxa yobugovu. Ngokwesibonelo, usomabhizinisi angase alimaze izimbangi zakhe ukuze kuchume ibhizinisi lakhe. Umdlali angase alimaze ngamabomu umdlali welinye iqembu ukuze bawine lowo mdlalo. Umfundi ofuna ukuthathwa eyunivesithi ehlonishwayo angase akopele lapho kubhalwa izivivinyo. Thina maKristu, siyazi ukuthi akufanele senze izinto ezinjengalezo, ziyingxenye ‘yemisebenzi yenyama.’ (Gal. 5:19-21) Noma kunjalo, kungenzeka yini kube nezinceku zikaJehova ezibhebhezela ukuncintisana ebandleni, mhlawumbe zinganakile? Ubalulekile lowo mbuzo ngoba umoya wokuncintisana ungabuphazamisa ubunye bebandla.

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezimfanelo ezimbi ezingasenza sibhebhezele umoya wokuncintisana nabafowethu. Sizoxoxa nangezibonelo zabesilisa nabesifazane abathembekile bangezikhathi zeBhayibheli abanganqotshwanga umoya wokuncintisana. Ake siqale sibone indlela esingahlola ngayo izisusa zethu.

HLOLA IZISUSA ZAKHO

3. Yimiphi imibuzo okufanele sizibuze yona?

3 Kungakuhle sizihlole njalo izisusa zethu. Singase sizibuze: ‘Ingabe ngiziqhathanisa nabanye ukuze nginqume ukuthi ngibaluleke kangakanani? Ingabe ngiqhutshwa isifiso sokuzibheka njengomuntu ophumelela kakhulu kunoma yini engiyenzayo, noma ngizibona ngingcono kunomzalwane noma udade othile? Noma ngimane nje ngifuna ukwenzela uJehova konke okusemandleni ami?’ Kungani kufanele sizibuze le mibuzo? Phawula lokho okushiwo iZwi likaNkulunkulu.

4. Njengoba kuboniswe kweyabaseGalathiya 6:3, 4, kungani kumelwe sigweme ukuziqhathanisa nabanye?

4 IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sikugweme ukuziqhathanisa nabanye. (Funda eyabaseGalathiya 6:3, 4.) Kungani? Esinye isizathu ukuthi uma sicabanga ukuthi senza kangcono kunabafowethu, singase siqhoshe. Ngakolunye uhlangothi, singase siziqhathanise nabanye abenza kangcono kunathi bese siyadikibala. Kunoma ikuphi, siyobe asibonisi ukuhluzeka kwengqondo. (Roma 12:3) UDadeweth’ uKaterina, * ohlala eGreece, uthi: “Ngangivame ukuziqhathanisa nabanye ababebukeka kahle, ababenza kangcono enkonzweni nababekuthola kulula ukwenza abangane. Ngenxa yalokho, ngangizizwa ngingelutho.” Kumelwe sikhumbule ukuthi uJehova akazange asidonsele kuye ngoba sibukeka kahle, sikwazi ukukhuluma kahle noma sidumile, kodwa wasidonsela kuye ngenxa yokuthi sizimisele ukumthanda nokulalela iNdodana yakhe.—Joh. 6:44; 1 Kor. 1:26-31.

5. Ufundani kulokho okwenzeka kuMfoweth’ uHyun?

5 Omunye umbuzo esingazibuza wona uthi, ‘Ingabe ngaziwa njengomenzi wokuthula, noma ngivame ukuba nezingxabano nabanye?’ Phawula lokho okwenzeka kuMfoweth’ uHyun, ohlala eNingizimu Korea. Kunesikhathi lapho ayebheka khona abanye abanamalungelo enkonzweni njengezimbangi zakhe. Uthi, “Ngangibagxeka laba bazalwane futhi ngangivame ukungavumelani nababekusho.” Waba yini umphumela? Uyavuma, “Ukuziphatha kwami kwenza ibandla langaba nobunye.” Abanye abangane bakaHyun bamsiza wayibona inkinga ayenayo. UHyun walwenza ushintsho olwaludingeka, namuhla ungumdala oyisibonelo. Uma sizibona sinomkhuba wokubhebhezela ukuncintisana kunokukhuthaza ukuthula, kumelwe sithathe isinyathelo sokushintsha.

QAPHA UKUZAZISA NOMONA

6. Ngokwencwadi yabaseGalathiya 5:26, yiziphi izimfanelo ezimbi eziholela emoyeni wokuncintisana?

6 Funda eyabaseGalathiya 5:26. Iziphi izimfanelo ezimbi ezingaholela ekuboniseni umoya wokuncintisana? Enye yazo ukuzazisa. Umuntu ozazisayo uyaqhosha futhi unobugovu. Enye imfanelo embi umona. Umuntu onomona akagcini nje ngokufuna lokho omunye umuntu anakho, kodwa ufuna nokumphuca kona. Empeleni, umona uwuhlobo oluthile lwenzondo. Sifuna ukuzigwema ngempela lezi zimfanelo ezimbi!

7. Ungafanekiswa kanjani umonakalo obangelwa ukuzazisa nomona?

7 Lezi zimfanelo ezimbi, ukuzazisa nomona, zingafaniswa nodoti ongena kuphethiloli webhanoyi. Ibhanoyi lingase likwazi ukundiza, kodwa udoti ungavala amapayipi kaphethiloli, okwenza injini iphelelwe amandla bese ibhanoyi liyaphahlazeka. Ngokufanayo, umuntu angase akhonze uJehova okwesikhathi esithile. Kodwa uma izisusa zakhe ziwukuzazisa nomona, uzophahlazeka. (IzAga 16:18) Uzoyeka ukukhonza uJehova futhi uzozilimaza, alimaze nabanye. Singakuqapha kanjani-ke ukuzazisa nomona?

8. Singakunqoba kanjani ukuzazisa?

8 Singakunqoba ukuzazisa ngokusebenzisa iseluleko umphostoli uPawulu asinika abaseFilipi: “Ningenzi lutho ngombango noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka bhekani abanye njengabakhulu kunani.” (Fil. 2:3) Uma sibheka abanye njengabakhulu kunathi, ngeke sincintisane nalabo abanamakhono esingenawo. Kunalokho, siyojabula kanye nabo. Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi uma amakhono abo bewasebenzisa enkonzweni edumisa uJehova. Ngokufanayo, uma abafowethu nodadewethu abanamakhono belandela iseluleko sikaPawulu, bazogxila ezimfanelweni abazithandayo kithi. Uma senza kanjalo, sonke siyokhuthaza ubunye nokuthula ebandleni.

9. Singawulawula kanjani umkhuba wokuba nomona?

9 Singalawula umkhuba wokuba nomona ngokuhlakulela isizotha, sikhumbule ukuthi kunezinto esingazenzi kahle. Uma sinesizotha, ngeke sizame ukubonisa abanye ukuthi senza kangcono kunabo noma sinamakhono adlula awabo. Kunalokho, sizozama ukubona ukuthi singafundani kulabo abenza kangcono kunathi. Ngokwesibonelo, ake sithi kunomzalwane onekhono lokubeka izinkulumo zeningi ebandleni. Singase simbuze ukuthi uzilungiselela kanjani izinkulumo zakhe. Uma udade enekhono lokupheka, singase simcele asiphe amacebiso angasisiza nathi sipheke kangcono. Uma umKristu osemusha ehluleka ukuthola abangane kalula, angacela usizo kothile okwaziyo ukubathola kalula. Ngokusebenzisa lezi zindlela singagwema ukuba nomona sithuthukise namakhono ethu.

FUNDA EZIBONELWENI EZISEBHAYIBHELINI

Ngenxa yokuthi wayethobekile, uGideyoni walondoloza ukuthula nabakwa-Efrayimi (Bheka izigaba 10-12)

10. Iyiphi inselele uGideyoni abhekana nayo?

10 Cabanga ngalokho okwenzeka phakathi kukaGideyoni, owayengowesizwe sakwaManase, namadoda esizwe sakwa-Efrayimi. UGideyoni namadoda angu-300 ayekanye naye banqoba impi ngosizo lukaJehova, okwakungabenza baqhoshe. Amadoda akwa-Efrayimi aya kuGideyoni, kodwa kunokuba amncome, aqala ingxabano. Kubonakala sengathi ayethukuthele ngoba uGideyoni akawabizanga kusukela ekuqaleni ukuba ahambe naye bayolwa nezitha zikaNkulunkulu. Ayegxile kakhulu ekuvikeleni idumela lesizwe sawo, ahluleka ukubona okwakubaluleke kakhulu​—ukuthi uGideyoni wayesize ekukhazimuliseni igama likaJehova nasekuvikeleni abantu baKhe.​—AbaHl. 8:1.

11. UGideyoni wasabela kanjani emadodeni akwa-Efrayimi?

11 Ngokuthobeka uGideyoni wathi emadodeni akwa-Efrayimi: “Yini nje engiyenzile uma ngiqhathaniswa nani?” Wawakhumbuza ukuthi uJehova wayewasize kanjani. Ngenxa yalokho, la madoda ‘ehlisa umoya.’ (AbaHl. 8:2, 3) UGideyoni wayezimisele ukugwema ukuqhosha ukuze alondoloze ukuthula phakathi kwabantu bakaNkulunkulu.

12. Sifundani esibonelweni sabakwa-Efrayimi nesikaGideyoni?

12 Singafundani kule ndaba? Esibonelweni sabakwa-Efrayimi sifunda ukuthi kumelwe sigxile ekukhazimuliseni uJehova hhayi ekuvikeleni idumela lethu. Izinhloko zemindeni nabadala, bangafunda esibonelweni sikaGideyoni. Uma othile ephathwe kabi into esiyenzile, kumelwe sizame ukubheka izinto ngeso lakhe. Singase simncome ngokuhle akwenzile. Lokho kuzodinga ukuba sithobeke, ikakhulukazi uma kusobala ukuthi yilowo muntu owenze iphutha. Kodwa ukwenza ukuthula kubaluleke kakhulu kunedumela lethu.

Ngenxa yokuthi wayemethemba uJehova ukuthi uzozilungisa izinto, uHana waphinde waba nokuthula kwangaphakathi (Bheka izigaba 13-14)

13. UHana wabhekana nayiphi inselele, futhi wayinqoba kanjani?

13 Cabanga nangesibonelo sikaHana. Wayeshade no-Elkana umLevi, owayemthanda kakhulu. Kodwa u-Elkana wayenenye inkosikazi, uPhenina. U-Elkana wayethanda kakhulu uHana kunoPhenina, nokho, “uPhenina wayenabantwana, kodwa uHana wayengenabantwana.” Ngenxa yalokho, uPhenina “wayehlale emgcona ukuze amzwise ubuhlungu.” Wazizwa kanjani uHana? Waphatheka kabi kakhulu! “Wayekhala angadli.” (1 Sam. 1:2, 6, 7) Kodwa akukho lapho kuboniswa khona ukuthi uHana wazama ukuziphindiselela kuPhenina ngandlela-thile. Kunalokho, wathululela isifuba sakhe kuJehova, wamethemba ukuthi uzosilungisa isimo. Ingabe uPhenina wayishintsha indlela ayephatha ngayo uHana? IBhayibheli alisho. Kodwa siyazi ukuthi uHana waphinde waba nokuthula kwangaphakathi futhi wakulondoloza. “Akabange esakhathazeka.”​—1 Sam. 1:10, 18.

14. Sifundani esibonelweni sikaHana?

14 Singafundani esibonelweni sikaHana? Uma othile ezama ukuncintisana nawe, khumbula ukuthi ungakwazi ukulawula leso simo. Ungavumi ukuncintisana naye. Esikhundleni sokubuyisela okubi ngokubi, zama ukwenza ukuthula nalowo muntu. (Roma 12:17-21) Ngisho noma engasabeli kahle, wena uzokwazi ukuqhubeka unokuthula kwangaphakathi.

Ngenxa yokuthi babebona ukuthi nguJehova owayebusisa umsebenzi, u-Apholo noPawulu ababanga yizimbangi (Bheka izigaba 15-18)

15. U-Apholo noPawulu babefana ngani?

15 Cabanga nangalokho esingakufunda esibonelweni somfundi u-Apholo nomphostoli uPawulu. Bobabili babeyazi kahle imiBhalo. Bobabili babengabafundisi abaziwayo nabaphumelelayo. Bobabili basiza abantu abaningi baba abafundi. Kodwa akekho kubo owayebheka omunye njengembangi yakhe.

16. Wayengumuntu onjani u-Apholo?

16 U-Apholo ‘wayengowokuzalwa e-Aleksandriya,’ eyayiyisikhungo esiyinhloko sezemfundo ngekhulu lokuqala. Wayeyisikhulumi esihle, eyindoda “eyayinolwazi oluhle lwemiBhalo.” (IzE. 18:24) Ngesikhathi u-Apholo eseKorinte, abanye ebandleni bakwenza kwacaca ukuthi babethanda yena kakhulu kunabanye abazalwane, okuhlanganisa noPawulu. (1 Kor. 1:12, 13) Ingabe u-Apholo wawukhuthaza lowo moya wokuhlukana? Asinakumcabanga enza kanjalo. Eqinisweni, ngemva kwesikhathi esithile u-Apholo esehambile eKorinte, uPawulu wamncenga ukuba abuyele khona. (1 Kor. 16:12) UPawulu wayengeke enze kanjalo uma ayecabanga ukuthi u-Apholo uhlukanisa ibandla. Kusobala ukuthi u-Apholo wawasebenzisa kahle amakhono akhe ukuze amemezele izindaba ezinhle futhi aqinise abafowabo. Singaqiniseka nangokuthi u-Apholo wayeyindoda ethobekile. Ngokwesibonelo, akukho okubonisa ukuthi wacasuka ngesikhathi u-Akhwila noPrisila “bemchazela indlela kaNkulunkulu ngokunembe nakakhulu.”​—IzE. 18:24-28.

17. UPawulu wakukhuthaza kanjani ukuthula?

17 Umphostoli uPawulu wayewuqaphela umsebenzi omuhle owawenziwa u-Apholo. Kodwa uPawulu akazange akubheke njengosongo lokho. Ukuthobeka, isizotha nokucabangela kukaPawulu kuyabonakala eselulekweni asinika ibandla laseKorinte. Kunokuba achazwe yilabo ababethi, “Mina ngingokaPawulu,” wenza ukuba abantu bagxile kuJehova uNkulunkulu nakuJesu Kristu.​—1 Kor. 3:3-6.

18. Incwadi yoku-1 Korinte 4:6, 7, isifundisani ngo-Apholo noPawulu?

18 Singafundani esibonelweni sika-Apholo noPawulu? Kungenzeka simsebenzele kanzima uJehova futhi sisize abaningi bathuthuke baze babhapathizwe. Kodwa siyazi ukuthi noma yini esiyenzile yaphumelela, yenzeke ngenxa yesibusiso sikaJehova. Kunokunye esikufundayo esibonelweni sika-Apholo noPawulu—lapho siba nemithwalo eyengeziwe ebandleni, siba namathuba amaningi okukhuthaza ukuthula. Yeka injabulo esiba nayo lapho amadoda amisiwe ekhuthaza ukuthula nobunye, ngokusekela iseluleko sawo eZwini likaNkulunkulu nangokungenzi ukuba kunakwe wona, kodwa kunakwe isibonelo sethu uJesu Kristu!​—Funda eyoku-1 Korinte 4:6, 7.

19. Yini ngamunye wethu angayenza? (Bheka nebhokisi elithi “ Gwema Ukubhebhezela Ukuncintisana.”)

19 Ngamunye wethu unekhono analo noma isiphiwo. Leso sipho singasisebenzisa “ekukhonzaneni.” (1 Pet. 4:10) Singase sicabange ukuthi incane indima esiyidlalayo. Kodwa izenzo ezincane ezikhuthaza ubunye zifana nezitishi ezincane ezihlanganisa ingubo. Kwangathi singasebenza kanzima ukuze sisuse noma yimiphi iminonjana yomoya wokuncintisana. Masizimisele ukwenza konke esingakwenza ukuze sikhuthaze ukuthula nobunye ebandleni.​—Efe. 4:3.

INGOMA 80 “Nambithani Nibone Ukuthi UJehova Muhle”

^ par. 5 Ukuqhekeka okuncane esitsheni sobumba kungasenza sibe buthaka, ngendlela efanayo nomoya wokuncintisana ungalenza libe buthaka ibandla. Uma ibandla lingaqinile futhi lingenabo ubunye, ngeke libe indawo enokuthula yokukhonza uNkulunkulu. Kulesi sihloko sizoxoxa ngokuthi singakugwema kanjani ukuba nomoya wokuncintisana nokuthi singakukhuthaza kanjani ukuthula ebandleni.

^ par. 4 Amagama ashintshiwe.