Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

OFakazi BakaJehova kufanele bakubheke kanjani ukusebenzisa amawebusayithi okuthola umaqondana lapho befuna umuntu abazoshada naye?

UJehova ufuna abantu ababili abashadile bajabule futhi basondelane kakhulu. (Math. 19:4-6) Uma ufisa ukushada, ungamthola kanjani umuntu ofanelekayo? Njengoba enguMdali wethu, uJehova uyazi ukuthi yini engenza ukuthandana nothile nokushada kuphumelele. Ngakho, uma usebenzisa izimiso asinike zona, uyophumelela. Cabanga ngezinye zalezo zimiso.

Okokuqala, nakhu okumelwe sikuqonde ngathi: “Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi iyingozi.” (Jer. 17:9) Lapho umuntu ezama ukuthola umaqondana, ngokushesha nje angase abe nemizwa ejulile yothando engamphazamisa ekwenzeni izinqumo ezihlakaniphile. Uma abantu besekela isinqumo sokushada endleleni abazizwa ngayo kuphela, ngokuvamile bagcina bedumala. (IzAga 28:26) Yingakho kungahlakaniphile ukuba abantu ababili babonisane imizwa ejulile lapho nje besanda kuthandana noma benze izithembiso ezithile bengakazani kahle.

IzAga 22:3 zithi: “Onokuqonda uyayibona ingozi acashe, kodwa abangenalwazi bayaqhubeka behamba bese beyavuna.” Yini engaba ingozi ngokusebenzisa amawebusayithi okuthola umaqondana? Kuyadabukisa ukuthi abanye bafunde kabuhlungu ngemva kokuba umuntu thizeni abamthole kuyi-inthanethi edlale ngemizwa yabo. Ngaphezu kwalokho, kunabantu abangathembekile abenza ama-akhawunti omgunyathi ukuze baqole izimali zabantu abangenalwazi. Ngezinye izikhathi, lawo maqili azibiza ngoFakazi.

Cabanga ngenye ingozi. Amanye amawebusayithi okuthola umaqondana asebenzisa izindlela ezithile zokubala ukuze athole ukuthi ubani ufanelana nobani. Nokho, abukho ubufakazi obubonisa ukuthi lezo zindlela ziyasebenza ngempela. Kungaba ukuhlakanipha yini ukubeka ithemba lakho kulezo zindlela ezisungulwe abantu ukuze uphumelele entweni ebaluleke njengomshado? Singaqala ngaphi nje ukuqhathanisa lezi zindlela zokubala nezimiso zeBhayibheli?​—IzAga 1:7; 3:5-7.

Isimiso esisencwadini yezAga 14:15 sithi: “Oyisiphukuphuku ukukholwa konke akuzwayo, kodwa okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.” Ngaphambi kokuba uthandane nomuntu ongase ushade naye, kufanele umazi kahle. Kodwa kungaba nzima ukwenza lokho uma nihlangana kuyi-inthanethi. Ngisho noma ungase ubone yonke imininingwane futhi nichithe isikhathi esiningi nixoxa, ungasho ngempela yini ukuthi uyamazi lowo muntu? Abanye ababecabanga ukuthi bathole uthando lweqiniso, bashaqeka lapho behlangana nalowo muntu ekugcineni.

Umhubi wathi: “Anginabungane nabantu abakhohlisayo, ngiyabagwema labo abafihla lokho abayikho.” (IHu. 26:4) Ngokuvamile abaningi baqamba amanga lapho befaka imininingwane yabo kula mawebusayithi, ukuze bathandeke kakhudlwana. Bangase bakufihle lokho abayikho noma bangakuvezi lapho bethumela imiyalezo. Nakuba abanye bengase bathi bangoFakazi BakaJehova, ingabe ngempela bangamaKristu abhapathiziwe? Ingabe bavuthiwe ngokomoya? Banabo yini ubuhlobo obuseduze noJehova? Bayahlonishwa yini emabandleni abakuwo? Kungenzeka yini ukuthi abazona izibonelo ezinhle, noma bangabantu “ababi”? (1 Kor. 15:33; 2 Thim. 2:20, 21) Bakhululekile yini ngokomBhalo ukuba bashade? Kumelwe uzazi lezi zinto, kodwa kunzima ukuzithola ngaphandle kosizo lwabanye oFakazi abamazi kahle lowo muntu. (IzAga 15:22) Ngaphezu kwalokho, abantu abaqotho kuJehova ngeke bakucabange ngisho nokukucabanga ‘ukuboshelwa ejokeni’ nomuntu ongakholwa.​—2 Kor. 6:14; 1 Kor. 7:39.

Ngenxa yezingozi ezihlobene nokusebenzisa amawebusayithi okuthola umaqondana, kuhle ukucabanga ngezindlela ezingcono zokufuna umaqondana futhi wakhe ubudlelwane obuzokwenza ube nomshado ohloniphekile. Ungamtholaphi-ke umuntu ongashada naye? Uma abantu bekwazi ukuhlangana, oFakazi BakaJehova bangakwazi ukwazana nomuntu lapho bejabulela imihlangano yebandla, yesigodi, yesifunda, kanye nezinye izindlela zokuhlangana.

Lapho nichitha isikhathi ndawonye, kuzoba lula ukubona ukuthi imigomo nezimfanelo zenu kuyavumelana yini

Uma ingekho indlela yokuhlangana kanjalo, njengalapho kunobhubhane lwe-COVID-19, sisebenzisa ezobuchwepheshe ukuze sithole imihlangano yebandla, esinika amathuba okwazana nabanye oFakazi abangashadile. Ungabona ukuthi baphendula kanjani ukuze babonise ukholo lwabo. (1 Thim. 6:11, 12) Ningakwazi nokuxoxa nisebenzisa ama-breakout room ngemva kwemihlangano. Ukuhlangana nabanye oFakazi ngevidiyo ukuze nizijabulise, kungakusiza ubone indlela umuntu ombhekile axoxa ngayo nabanye, futhi lokho kungakubonisa ukuthi uwuhlobo olunjani lomuntu. (1 Pet. 3:4) Njengoba niqhubeka nazana, ungakwazi ukubona ukuthi imigomo yenu nezimfanelo zenu ziyafana yini nokuthi niyafanelana yini.

Lapho abantu abangashadile befuna umuntu abangashada naye ngendlela evumelana nezimiso zeBhayibheli, bazoba semathubeni okubona ukuba yiqiniso kwesaga esithi: “Lowo othole umfazi [noma umyeni] omuhle, uthole into enhle, uthola nomusa kaJehova.”​—IzAga 18:22.