Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 27

Lingisa Ukukhuthazela KukaJehova

Lingisa Ukukhuthazela KukaJehova

“Ngokukhuthazela kwenu niyolonda ukuphila kwenu.”​—LUKA 21:19.

INGOMA 114 Ukubekezela

AMAZWIBELA *

1-2. Amazwi kaJehova atholakala encwadini ka-Isaya 65:16, 17 asikhuthaza kanjani ukuba singayeki?

“UNGAYEKI!” Leso kwakuyisihloko somhlangano wesifunda ka-2017 esasijabulisa kakhulu. Lowo mhlangano wasibonisa ukuthi singazikhuthazelela kanjani izinkinga esibhekana nazo. Sekudlule iminyaka emine, kodwa namanje sisakhuthazelela ukuphila kuleli zwe elibi.

2 Yini oye wabhekana nayo muva nje? Ukushonelwa ilungu lomndeni noma umngane? Isifo esisongela ukuphila? Izinkinga zokukhula? Inhlekelele yemvelo, ubudlova noma ushushiso? Noma imiphumela yesifo esinjengobhubhane lwe-COVID-19? Silulangazelela ngempela usuku lapho konke lokhu kuyobe sekudlulile​—sesikukhohliwe futhi kungeke kuphinde kube khona!​—Funda u-Isaya 65:16, 17.

3. Yini okumelwe siyenze manje, futhi kungani?

3 Kunzima ukuphila kuleli zwe, futhi singase sibhekane nezimo ezinzima nakakhulu esikhathini esizayo. (Math. 24:21) Ngokusobala, kumelwe siqhubeke sikhuthazela nakakhulu. Kungani? Yingoba uJesu wathi: “Ngokukhuthazela kwenu niyolonda ukuphila kwenu.” (Luka 21:19) Ukucabanga ngokuthi abanye bazikhuthazelela kanjani ngokuphumelelayo izinkinga ezifana nezethu kungasenza sikhuthazele nakakhulu.

4. Kungani singathi uJehova uyisibonelo esivelele sokukhuthazela?

4 Ubani oyisibonelo esivelele sokukhuthazela? UJehova uNkulunkulu. Ingabe iyakumangaza leyo mpendulo? Kungenzeka iyakumangaza, kodwa ake ucabange ngayo. Leli zwe lilawulwa uDeveli, futhi ligcwele izinkinga. UJehova unamandla okulibhubhisa ngokuphazima kweso, kodwa ulinde usuku alumisile lokwenza kanjalo. (Roma 9:22) Okwamanje, uNkulunkulu wethu uyaqhubeka ekhuthazela kuze kufike leso sikhathi. Ake sixoxe ngezinto ezingu-9 uJehova akhethe ukuzikhuthazelela.

YINI UJEHOVA AKHETHE UKUYIKHUTHAZELELA?

5. Liye lahlanjalazwa kanjani igama likaNkulunkulu, futhi wena uzizwa kanjani ngalokho?

5 Ukuhlanjalazwa kwegama lakhe. UJehova uyalithanda igama lakhe, futhi ufuna bonke abantu balihloniphe. (Isaya 42:8) Kodwa sekuphele iminyaka engaba ngu-6 000 igama lakhe elihle lihlanjalazwa. (IHu. 74:10, 18, 23) Lokhu kwaqala ensimini yase-Edene ngesikhathi uDeveli (okusho ukuthi “uMnyundeli”) emangalela uNkulunkulu ngokuthi wayencisha u-Adamu no-Eva into ababeyidinga ukuze bajabule. (Gen. 3:1-5) Kusukela ngaleso sikhathi, uJehova uye wamangalelwa ngamanga okuthi uncisha abantu izinto abazidinga ngempela. UJesu wayekhathazekile ngokuhlanjalazwa kwegama likaYise. Ngenxa yalokho, wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandaze: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.”​—Math. 6:9.

6. Kungani uJehova eye wavumela ukuba kudlule isikhathi eside ngaphambi kokuba axazulule indaba yobukhosi bakhe?

6 Ukuphikiswa kobukhosi bakhe. UJehova unalo lonke ilungelo lokubusa ezulwini nasemhlabeni, futhi indlela yakhe yokubusa izedlula zonke. (IsAm. 4:11) Kodwa uDeveli uye wazama ukukhohlisa izingelosi nabantu ukuba bacabange ukuthi uNkulunkulu akanalo lelo lungelo. Indaba yelungelo likaJehova lokubusa yayingeke ixazululwe ngosuku olulodwa. Ngokuhlakanipha, uNkulunkulu uye wanika abantu isikhathi esanele ukuze babone ukuthi lapho bezama ukuzibusa bengaqondiswa uMdali, ngeke baphumelele. (Jer. 10:23) Ngenxa yesineke sikaNkulunkulu, le nkinga izoxazululeka ngokuphelele. Kuzobonakala ukuthi indlela yakhe yokubusa iyona elungile lapho ebonisa ukuthi uMbuso wakhe kuphela oyoletha ukuthula nokulondeka emhlabeni.

7. Obani abahlubuka kuJehova futhi yini azoyenza ngabo?

7 Ukuhlubuka kwezinye zezingane zakhe. UJehova wadala izingelosi kanye nezingane ezingabantu, bengenasono. Kodwa uSathane (okusho ukuthi “uMphikisi”) indodana eyingelosi yahlubuka, yakhohlisa abantu abangenasono u-Adamu no-Eva, bahlubuka kuJehova. Ezinye izingelosi nabantu bahlubuka nabo. (Jude 6) Kamuva, ngisho namalungu esizwe sakwa-Israyeli, abakhethiweyo bakaNkulunkulu, amlahla akhonza onkulunkulu bamanga. (Isaya 63:8, 10) UJehova wezwa ubuhlungu, futhi kube kufanele. Noma kunjalo, uye wakhuthazela futhi uzoqhubeka ekhuthazela kuze kufike isikhathi sokubhubhisa zonke izihlubuki. Lokho kuzoletha izibusiso nenkululeko kwabathembekile bakhe, abakhuthazela leli zwe elibi njengoba naye enza!

8-9. Yimaphi amanga afundiswayo ngoJehova, futhi sisabela kanjani kuwo?

8 Amanga kaDeveli. USathane wamangalela inceku kaJehova ethembekile uJobe, wathi empeleni zonke izikhonzi zikaJehova ezithembekile zimkhonza ngezisusa zobugovu. (Jobe 1:8-11; 2:3-5) Nanamuhla, uDeveli usaqhubeka nokumangalela abantu. (IsAm. 12:10) Singaba nengxenye ekuboniseni ukuthi uSathane ungumqambimanga ngokukhuthazelela izinkinga nangokuhlala siqotho kuJehova ngoba siyamthanda. NjengoJobe, siyobusiswa ngenxa yokukhuthazela kwethu.​—Jak. 5:11.

9 USathane usebenzisa abaholi benkolo yamanga ukuze afundise ukuthi uJehova unonya nokuthi ubangela ukuhlupheka kwabantu. Abanye baze bathi lapho kufa izingane, zisuke zithathwe uNkulunkulu ngoba edinga ezinye izingelosi ezulwini. Bamhlambalaza ngempela uNkulunkulu! Kodwa thina siyazi ukuthi akunjalo. Lapho sigula kakhulu noma sishonelwa umuntu esimthandayo, asilokothi sisole uNkulunkulu. Kunalokho, sinokholo lokuthi ngelinye ilanga uyozilungisa izinto. Singabatshela bonke abathanda ukulalela ukuthi uJehova unguNkulunkulu onothando. Lokho kumenza akwazi ukumphendula lowo omklolodelayo.​—IzAga 27:11.

10. IHubo 22:23, 24 libonisani ngoJehova?

10 Ukuhlupheka kwezinceku zakhe eziyigugu. UJehova unguNkulunkulu onozwela. Akathandi ukusibona sikhala ngenxa yokuhlupheka esikukhuthazelelayo​—okungaba ukushushiswa, ukugula noma amaphutha ethu. (Funda iHubo 22:23, 24.) UJehova uyabuzwa ubuhlungu esibuzwayo, uyafuna ukubuqeda futhi uzobuqeda. (Qhathanisa no-Eksodusi 3:7, 8; Isaya 63:9.) Luzofika usuku lapho ‘eyosula khona zonke izinyembezi emehlweni ethu, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.’​—IsAm. 21:4.

11. UJehova uzizwa kanjani ngezinceku zakhe ezithembekile esezafa?

11 Ukuhlukaniswa nabangane bakhe asebafa. UJehova uzizwa kanjani ngabesilisa nabesifazane abathembekile asebafa? Uyakulangazelela ukuphinde ababone! (Jobe 14:15) Ungacabanga nje ukuthi uJehova umkhumbula kangakanani umngane wakhe u-Abrahama? (Jak. 2:23) Noma uMose, akhuluma naye “ubuso nobuso”? (Eks. 33:11) Ukulangazelela ngempela ukuzwa uDavide nabanye abahubi becula izingoma ezimnandi zokudumisa! (IHu. 104:33) Nakuba laba bangane bakaNkulunkulu belele ekufeni, uJehova akabakhohliwe. (Isaya 49:15) Uyikhumbula yonke imininingwane ephathelene nobuntu babo. Kufana nokuthi “bayaphila ngokombono wakhe.” (Luka 20:38, mbhw.) Ngelinye ilanga uzobavusa, aphinde alalele imithandazo yabo eqotho amukele nenkonzo yabo. Uma ushonelwe umuntu omthandayo, kwangathi la maphuzu angakududuza.

12. Yini emkhathaza kakhulu uJehova kulezi zinsuku zokugcina ezimbi?

12 Abantu ababi abacindezela abanye. Ngesikhathi ukuhlubuka kuqala e-Edene, uJehova wayazi ukuthi izimo zazizoba zimbi kakhulu ngaphambi kokuba zibe ngcono. UJehova uyabuzonda ububi, ukungabi nabulungisa nobudlova obusezweni namuhla. Ubelokhu enozwela ngalabo ababuthakathaka kakhulu​—abangenamandla okuzivikela, njengezintandane nabafelokazi. (Zak. 7:9, 10) UJehova ukhathazeka kakhulu lapho ebona izinceku zakhe ezithembekile zicindezelwa noma ziboshwa. Qinisekani ngokuthi uyanithanda nonke nina enikhuthazela kanye naye.

13. Abantu baye baziphatha ngaziphi izindlela ezihlazisayo phambi kukaNkulunkulu, futhi yini azoyenza ngalokho?

13 Ukuwohloka kwesimilo kubantu. USathane uyathanda ukuwohloza isimilo kubantu abadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. Ngesikhathi uNkulunkulu ‘ebona ukuthi ububi bomuntu babubukhulu’ ngosuku lukaNowa, “uJehova wadabuka ngokuthi wayenze abantu emhlabeni futhi wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe.” (Gen. 6:5, 6, 11) Ingabe izimo sezingcono? Lutho neze! Kumelwe ukuba uDeveli uyajabula lapho ebona ukwanda kwayo yonke inhlobo yokuziphatha kabi ngokocansi, okuhlanganisa ukuziphatha okubi phakathi kwabantu bobulili obufanayo nabobulili obungafani! (Efe. 4:18, 19) USathane ujabula nakakhulu lapho ebangela ukuba labo abakhonza ngendlela emsulwa bawele esonweni. Lapho isineke sikaJehova siphela, uyobonisa ukuthi ukuzonda kangakanani ukuziphatha okubi.

14. Yini abantu abayenzayo ngendalo kaNkulunkulu esemhlabeni?

14 Ukucekelwa phansi kwendalo yakhe. Umuntu akagcinanga nje ‘ngokubusa omunye umuntu kwaba ukulimala kwakhe,’ kodwa uye wehluleka nokunakekela umhlaba nezilwane uJehova ayeyale ukuba kunakekelwe. (UmSh. 8:9; Gen. 1:28) Ososayensi baxwayisa ngokuthi izenzo zabantu zingaholela ekushabalaleni kwezinto eziphilayo eziyisigidi eminyakeni embalwa ezayo. Yingakho bethi imvelo isengcupheni! Ngokujabulisayo, uJehova uthembise ‘ukubabhubhisa labo abacekela phansi umhlaba,’ enze umhlaba wonke ube ipharadesi.​—IsAm. 11:18; Isaya 35:1.

ESIKUFUNDA EKUKHUTHAZELENI KUKAJEHOVA

15-16. Yini okufanele isenze sikhuthazele kanye noJehova? Fanekisa.

15 Cabanga ngazo zonke izinkinga ezicindezelayo uBaba wethu osezulwini abelokhu ezikhuthazelela izinkulungwane zeminyaka. (Bheka ibhokisi elithi “ Lokho UJehova Akukhuthazelelayo.”) UJehova angaliqeda noma nini leli zwe elibi. Kodwa ukubekezela kwakhe kube isibusiso kithi! Singase sicabange ngalo mfanekiso. Ake sithi indoda nomkayo batshelwa ukuthi ingane yabo engakazalwa ikhubazekile, izophila kanzima futhi izoshesha ukufa. Noma kunjalo, nakuba lokhu kuzobalethela ubunzima obukhulu, abazali bayakujabulela ukuzalwa kwengane yabo. Uthando lwabo ngengane lubenza bakhuthazelele ubunzima ukuze bakwazi ukuyinika ukuphila okungcono kakhulu.

16 Ngokufanayo, yonke inzalo ka-Adamu no-Eva izalwa inesono. Noma kunjalo, uJehova uyayithanda futhi uyayinakekela. (1 Joh. 4:19) Ngokungafani nabazali abasemfanekisweni wethu, kukhona uJehova angakwenza. Umise usuku lapho eyoqeda khona zonke izinkinga ezikhungethe abantu bakhe. (Math. 24:36) Akufanele yini uthando asithanda ngalo lusenze sikhuthazele kanye naye uma nje kusadingeka senze kanjalo?

17. Indlela uJesu achazwe ngayo kweyamaHebheru 12:2, 3 isikhuthaza kanjani ukuba siqhubeke sikhuthazela?

17 UJehova uyisibonelo esihle kakhulu sokukhuthazela. UJesu waphumelela ekulingiseni ukukhuthazela kukaYise. Esesemhlabeni, uJesu wakhuthazelela amazwi ahlabayo, ukuhlanjalazwa nesigxobo sokuhlushwa ngenxa yethu. (Funda eyamaHebheru 12:2, 3.) Ngokungangabazeki, isibonelo sikaJehova sokukhuthazela sanika uJesu amandla okukhuthazela. Singasiqinisa nathi.

18. Eyesi-2 Petru 3:9 isisiza kanjani siqonde ukuthi ukubekezela kukaJehova kufezani?

18 Funda eyesi-2 Petru 3:9. UJehova usazi kahle isikhathi esifanele sokubhubhisa leli zwe elibi. Ukubekezela kwakhe kunikeze isixuku esikhulu, esibalelwa ezigidini, ithuba lokumkhonza nokumdumisa. Bonke bayajabula ngokuthi uJehova uye wakhuthazela isikhathi eside ngokwanele ukuze bazalwe, bafunde ukumthanda bese bezinikezela kuye. Kuyobonakala ngokucacile ukuthi uJehova wenza isinqumo esihle sokukhuthazela lapho esebusisa izigidi zalabo abaye bakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni!

19. Yini okufanele sizimisele ukuyenza, futhi uyoba yini umvuzo wethu?

19 Indlela yokukhuthazela ngenjabulo siyifunda kuJehova. Naphezu kwabo bonke ubuhlungu nokuhlupheka okubangelwa uSathane, uJehova usalokhu ‘enguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thim. 1:11) Nathi singakwazi ukuhlale sijabule njengoba sisalinde ngesineke ukuba uJehova angcwelise igama lakhe, abonise ukuthi ubukhosi bakhe bulungile, aqede bonke ububi nezinkinga esibhekene nazo manje. Masizimisele ukukhuthazela, siduduzwe ukwazi ukuthi uBaba wethu osezulwini naye uyakhuthazela. Uma senza kanjalo, la mazwi ayogcwaliseka kithi sonke: “Uyajabula umuntu oqhubeka ekhuthazelela ukulingwa, ngoba lapho amukeleka uyothola umqhele wokuphila, uJehova awuthembisa labo abaqhubeka bemthanda.”—Jak. 1:12.

INGOMA 139 Zibone Lapho Konke Sekukusha

^ par. 5 Sonke sinezinkinga ezihlukahlukene. Okwamanje azikho izixazululo zeziningi zazo, kufanele nje sikhuthazele. Kodwa asisodwa. UJehova naye ukhuthazelela izinto eziningi. Kulesi sihloko, sizohlola izinto ezingu-9 azikhuthazelelayo. Sizobona nokuthi ukukhuthazela kukaJehova kufezeni, nokuthi singazuza kanjani esibonelweni sakhe.