Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 26

Ungakwazi Yini Ukusiza Emsebenzini Wokwenza Abafundi?

Ungakwazi Yini Ukusiza Emsebenzini Wokwenza Abafundi?

‘UNkulunkulu nguye oninikeza isifiso sokwenza namandla okwenza.’​—FIL. 2:13.

INGOMA 64 Ukuhlanganyela Ngentokozo Ekuvuneni

AMAZWIBELA *

1. Yini uJehova akwenzele yona?

WABA kanjani uFakazi KaJehova? Okokuqala, wezwa “izindaba ezinhle”—mhlawumbe kubazali bakho, kosebenza naye noma kofunda naye, noma emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu. (Marku 13:10) Ngemva kwalokho, kwaba khona othile owachitha isikhathi esiningi futhi wazikhandla ekufundisa ngeBhayibheli. Phakathi naleso sifundo, wafunda ukuthanda uJehova futhi wathola nokuthi uyakuthanda. UJehova wakudonsela eqinisweni, futhi manje njengomfundi kaJesu Kristu, unethemba lokuphila phakade. (Joh. 6:44) Akungabazeki ukuthi uyambonga uJehova ngokuthi wasebenzisa othile ukuba akufundise iqiniso futhi Yena wakwamukela njengomunye wezikhonzi zaKhe.

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Manje njengoba sesilazi iqiniso, sinelungelo lokusiza abanye ukuba bahambe nathi endleleni eya ekuphileni. Singase sikuthande ukushumayela endlini ngendlu, kodwa kungase kube inselele ukucela izifundo zeBhayibheli nokuziqhuba. Ingabe nawe uzizwa kanjalo? Uma kunjalo, mhlawumbe amanye amacebiso akulesi sihloko uzowathola ewusizo. Sizoxoxa ngezindlela ezingasisiza sithande ukwenza abafundi. Sizophinde sixoxe ngendlela esingazinqoba ngayo izinselele ezenza singasiqhubi isifundo seBhayibheli. Ake siqale sixoxe ngokuthi kungani kungafanele sigcine ngokuba abashumayeli kodwa kufanele sibe nangabafundisi bezindaba ezinhle.

UJESU WASIYALA UKUBA SISHUMAYELE FUTHI SIFUNDISE

3. Kungani sishumayela?

3 Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wanika abalandeli bakhe umyalo okabili. Okokuqala, wabatshela ukuthi bashumayele izindaba ezinhle zoMbuso, wababonisa nokuthi bakwenze kanjani lokho. (Math. 10:7; Luka 8:1) Phakathi kwezinye izinto, uJesu watshela abafundi bakhe ukuthi kwakumelwe benzeni lapho abantu besamukela nalapho bengasamukeli isigijimi soMbuso. (Luka 9:2-5) Wabikezela nokuthi umsebenzi wabo wokushumayela uzohamba ibanga elingakanani, wabatshela nokuthi abalandeli bakhe bayonikeza “ubufakazi ezizweni zonke.” (Math. 24:14; IzE. 1:8) Kungakhathaliseki ukuthi abantu basabela kanjani emsebenzini wokushumayela, abafundi kwakudingeka batshele abantu ngoMbuso kaNkulunkulu nangalokho ozokufeza.

4. NgokukaMathewu 28:18-20, yini enye okumelwe siyenze ngaphandle kokushumayela ngoMbuso?

4 Iyiphi ingxenye yesibili yomyalo uJesu ayinika abalandeli bakhe? Wathi mabafundise labo abangaba abafundi ukuba bagcine konke abayale ngakho. Kodwa ingabe lo msebenzi wokushumayela nokufundisa wawuzogcina ngekhulu lokuqala njengoba abanye bengase bacabange kanjalo? Cha, uJesu waveza ukuthi lo msebenzi obalulekile wawuzoqhubeka kuze kube sosukwini lwethu, “kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Funda uMathewu 28:18-20.) Cishe uJesu lowo myalo wawusho lapho ebonakala kubafundi bakhe abangaphezu kuka-500. (1 Kor. 15:6) Nasesambulweni asinika uJohane, uJesu wakubonisa ngokucacile ukuthi abafundi bakhe kwakufanele basize abanye bafunde ngoJehova.​—IsAm. 22:17.

5. Ngokweyoku-1 Korinte 3:6-9, uPawulu wakufanekisa kanjani ukuhlobana okukhona phakathi kokushumayela nokufundisa?

5 Umphostoli uPawulu wafanisa umsebenzi wokwenza abafundi nokuhlwanyela imbewu, ebonisa ukuthi kumelwe senze okungaphezu kokutshala. Wakhumbuza abaseKorinte: “Mina ngatshala, u-Apholo wanisela . . . Nina niyinsimu kaNkulunkulu elinywayo.” (Funda eyoku-1 Korinte 3:6-9.) Njengezisebenzi “ensimini kaNkulunkulu,” asigcini nje ngokutshala imbewu, kodwa siyayinisela futhi sibheke nemiphumela yokutshala kwethu. (Joh. 4:35) Ngesikhathi esifanayo, siyazi ukuthi uNkulunkulu okhulisa imbewu.

6. Umsebenzi wethu njengabafundisi uhilelani?

6 Sifuna labo ‘abanesimo esihle sengqondo esiyobenza bathole ukuphila okuphakade.’ (IzE. 13:48) Ukuze labo bantu babe abafundi, kumelwe sibasize (1) baqonde, (2) bamukele, futhi (3) bakusebenzise lokho abakufunda eBhayibhelini. (Joh. 17:3; Kol. 2:6, 7; 1 Thes. 2:13) Wonke umuntu ebandleni angabasiza abafundelwa iBhayibheli ngokubeka isibonelo ekubaboniseni uthando laba abasebasha eqinisweni nangokubenza bazizwe besekhaya lapho besemihlanganweni yethu. (Joh. 13:35) Oqhuba isifundo kumelwe achithe isikhathi esiningi namandla ukuze asize umfundi alahle imikhuba noma izinkolelo “ezimbelwe ngokuqinile.” (2 Kor. 10:4, 5) Kungase kuthathe izinyanga eziningi ukusiza umfundi enze lezi zinguquko ekuphileni kwakhe, ezizomenza agcine efinyelela umgomo wokubhapathizwa. Kodwa ukumsiza kwethu kuyoba nemiphumela emihle.

UTHANDO LUSENZA SIFUNE UKWENZA ABAFUNDI

7. Yini esenza sifune ukwenza umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi?

7 Kungani senza umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi? Okokuqala, yingoba sithanda uJehova. Lapho wenza konke ongakwenza ukuze ulalele umyalo wokwenza abafundi, usuke ubonisa ukuthi uyamthanda uJehova. (1 Joh. 5:3) Cabanga ngalokhu: Uthando lwakho ngoJehova lukwenze washumayela endlini ngendlu. Kwakulula ukuwulalela lowo myalo? Cishe kwakungelula. Ngesikhathi uqala ngqa ukungena emzini womuntu ensimini, ingabe wawuthukile? Lokho akungatshazwa! Kodwa wawazi ukuthi yilo msebenzi uJesu afuna uwenze futhi wawulalela lowo myalo. Cishe ngokuhamba kwesikhathi kwaba lula nakakhulu ukwenza umsebenzi wokushumayela. Kodwa kuthiwani ngokuqhuba isifundo seBhayibheli? Ingabe lokho nje kukodwa kukushayisa ngovalo? Mhlawumbe. Nokho, lapho ucela uJehova ukuba akusize unqobe ukwesaba futhi ube nesibindi sokucela isifundo seBhayibheli, uJehova angakusiza ube nesifiso esinamandla sokwenza abafundi.

8. NgokukaMarku 6:34, yini enye engasigqugquzela ukuba sifune ukufundisa abanye?

8 Okwesibili, ukuthanda omakhelwane kusenza sifune ukubafundisa iqiniso. Ngokwesibonelo, kunesikhathi lapho uJesu nabafundi bakhe babekhathele ngemva kokuzikhandla emsebenzini wokushumayela. Babefuna indawo abangaphumula kuyo, kodwa kweza isixuku esikhulu kubo. UJesu waba nesihawu ngalabo bantu, ngenxa yalokho waqala ukubafundisa “izinto eziningi.” (Funda uMarku 6:34.) Wasebenza kanzima ngalelo langa. Kungani? UJesu wayeqonda ukuthi labo bantu babezizwa kanjani. Wabona ukuthi kungakanani ukuhlupheka ababebhekene nakho​—ukuthi balidinga kangakanani ithemba​—futhi wayefuna ukubasiza. Nanamuhla, abantu basabhekene nenkinga efanayo. Ungakhohliswa indlela ababukeka ngayo ngaphandle. Bafana nezimvu ezidukile ezidinga usizo, ezingenamalusi oziqondisayo. Abantu abanjalo, umphostoli uPawulu wabachaza njengabantu abangenaye uNkulunkulu nabangenathemba. (Efe. 2:12) ‘Basemgwaqweni oholela ekubhujisweni’! (Math. 7:13) Uma sicabanga ngokuthi abantu abasensimini yethu bakudinga kangakanani ukwazi uNkulunkulu, uthando nozwela lusenza sifune ukubasiza. Indlela enhle kakhulu esingabasiza ngayo ukucela ukufunda nabo iBhayibheli.

9. Ngokwencwadi yabaseFilipi 2:13, uJehova angakusiza kanjani?

9 Mhlawumbe uyangabaza ukucela isifundo seBhayibheli ngenxa yokuthi ucabanga ngesikhathi okuzodingeka ube naso ukuze usiqhube. Uma kunjalo, tshela uJehova ukuthi uzizwa kanjani. Mcele akusize uhlakulele isifiso sokuthola isifundo nokusiqhuba. (Funda abaseFilipi 2:13.) Umphostoli uJohane wasiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu uzoyiphendula imithandazo evumelana nentando yaKhe. (1 Joh. 5:14, 15) Ngakho ungaqiniseka ngokuthi uJehova uzokusiza ube nesifiso sokuqhubeka wenza abafundi.

UKUNQOBA EZINYE IZINSELELE

10-11. Yini engasenza singabaze ukuqhuba isifundo seBhayibheli?

10 Asiwuthathi neze kalula umyalo esiwunikiwe wokufundisa, ngisho noma sibhekana nezinselele ezingenza kube nzima ukwenza esikufisayo emsebenzini wokwenza abafundi. Ake sixoxe ngezinye zalezo zinselele sibone nokuthi singazinqoba kanjani.

11 Singase siphazanyiswe izimo zethu. Ngokwesibonelo, abanye abamemezeli sebekhulile noma bahlushwa impilo. Ingabe kunjalo nakuwe? Uma kunjalo, cabanga ngenye yezinto esizifunde phakathi nobhubhane lwe-COVID-19. Sithole ukuthi singaqhuba izifundo zeBhayibheli eziphumelelayo sisebenzisa ezobuchwepheshe! Ngakho ungakwazi ukuqala nokuqhuba isifundo unethezekile emzini wakho. Lokhu kuwusizo nangenye indlela. Abanye bangakujabulela ukufunda iBhayibheli, kodwa abatholakali ngezikhathi abafowethu abavame ukushumayela ngazo. Nokho, bangase batholakale ekuseni kakhulu noma ebusuku. Ungakwazi yini ukuhlela izimo ukuze utholakale ngaleso sikhathi? UJesu wafundisa uNikhodemu ebusuku, okwakuyisikhathi esasifunwa nguye uNikhodemu.​—Joh. 3:1, 2.

12. Yini engasenza sizethembe ukuthi singaba abafundisi abaphumelelayo?

12 Singase singazethembi ukuthi singakwazi ukuqhuba isifundo. Mhlawumbe sicabanga ukuthi kufanele sibe nolwazi olwengeziwe noma ikhono ekufundiseni ngaphambi kokufunda nothile. Uma uzizwa kanjalo, cabanga ngala maphuzu amathathu azokusiza uzethembe nakakhulu. Okokuqala, uJehova ukubona ufaneleka ukufundisa abanye. (2 Kor. 3:5) Okwesibili, uJesu, onalo “lonke igunya ezulwini nasemhlabeni,” ukunike umyalo wokuba ufundise. (Math. 28:18) Okokugcina, ungathembela kwabanye ukuba bakusize. UJesu wancika ezintweni uYise amfundisa ukuba azikhulume, nawe ungenza okufanayo. (Joh. 8:28; 12:49) Ngaphezu kwalokho, ungacela umbonisi weqembu lensimu okulo, iphayona eliyisibonelo, noma ummemezeli onesipiliyoni ukuba akusize uthole isifundo seBhayibheli futhi usiqhube. Okunye okungakusiza uzethembe ukuba khona lapho omunye walabo bamemezeli eqhuba isifundo seBhayibheli.

13. Kungani kudingeka sizivumelanise nezimo?

13 Kungase kungabi lula ukuzivumelanisa nezindlela ezintsha nokusebenzisa amathuluzi amasha. Indlela esiqhuba ngayo izifundo zeBhayibheli isishintshile. Incwadi yethu eyinhloko yokufundisa ethi Phila Kuze Kube Phakade!, idinga sisilungiselele isifundo futhi sisiqhube ngendlela ehlukile kunaleyo ebesiyisebenzisa. Sifunda izigaba ezimbalwa futhi izingxenye eziningi zidinga sixoxe nomfundi. Lapho sifundisa, siwasebenzisa kakhulu amavidiyo nezinto zobuchwepheshe, njenge-JW Library®. Uma ungakwazi ukusebenzisa la mathuluzi, cela othile akusize ufunde ukuwasebenzisa. Njengabantu sinemikhuba ethile esiyijwayele. Akulula ukuzivumelanisa nezindlela ezintsha zokwenza izinto. Kodwa ngosizo lukaJehova nabanye, uyokuthola kulula ukushintsha futhi uyokujabulela nakakhulu ukufunda nabantu. Elinye iphayona lathi, le ndlela yokufundisa “imnandi kubo bobabili ofundelwayo nofundisayo.”

14. Yini okufanele siyikhumbule lapho sishumayela ensimini okunzima ukushumayela kuyo, futhi eyoku-1 Korinte 3:6, 7 isikhuthaza kanjani?

14 Kungenzeka sihlala endaweni okungelula ukuqala izifundo zeBhayibheli kuyo. Abantu bangase bangawuthandi umyalezo wethu mhlawumbe baze basiphikise. Yini engasisiza sihlale sinombono omuhle ensimini enjalo? Khumbula ukuthi izimo zabantu zingashintsha ngokushesha kuleli zwe elinezingcindezi, futhi labo ababengawuthandi umyalezo wethu bangase baqaphele ukuthi bayamdinga uNkulunkulu. (Math. 5:3) Abanye ababehlale bezenqaba izincwadi zethu, kamuva basamukela isifundo seBhayibheli. Siyazi nokuthi uJehova uyiNkosi yokuvuna. (Math. 9:38) Ufuna siqhubeke sitshala futhi sinisela, kodwa nguYe onesibopho sokukhulisa. (1 Kor. 3:6, 7) Kusikhuthaza kakhulu nokukhumbula ukuthi nakuba okwamanje singase singakwazi ukuqhuba isifundo seBhayibheli, uJehova usinika umvuzo ngokwemizamo yethu, hhayi ngokwemiphumela! *

YIZWA INJABULO ETHOLAKALA NGOKWENZA ABAFUNDI

Bona ukuthi umsebenzi wethu wokushumayela nokufundisa ungamsiza kanjani umuntu (Bheka izigaba 15-17) *

15. UJehova uzizwa kanjani lapho othile amukela isifundo seBhayibheli futhi enza akufundayo?

15 UJehova uyajabula lapho umuntu amukela iqiniso leBhayibheli futhi elixoxela abanye. (IzAga 23:15, 16) Kumelwe ukuba uJehova ujabula kakhulu lapho ebona lokho okwenzekayo namuhla! Ngokwesibonelo, naphezu kobhubhane olwaba semhlabeni wonke ngonyaka wenkonzo ka-2020, kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-7 705 765, okwasiza abantu abangu-241 994 bazinikezela kuJehova futhi babhapathizwa. Laba bafundi abasha nabo bazoqhuba izifundo zeBhayibheli benze abanye abafundi abengeziwe. (Luka 6:40) Akungabazeki ukuthi siyamjabulisa uJehova lapho senza umsebenzi wokwenza abafundi.

16. Yimuphi umgomo omuhle esingaba nawo?

16 Ukwenza abafundi kuwumsebenzi onzima, kodwa ngosizo lukaJehova ikhona indima esingayidlala ekufundiseni abasebasha eqinisweni ukuthanda uBaba wethu osezulwini. Singazibekela yini umgomo wokuqala nokuqhuba okungenani isifundo seBhayibheli esisodwa? Kungase kusimangaze ukubona okungenzeka uma sisebenzisa wonke amathuba avelayo ukuze sicele isifundo seBhayibheli kubantu esihlangana nabo. Singaqiniseka ngokuthi uJehova uzoyibusisa imizamo yethu.

17. Sizozizwa kanjani uma siqhuba isifundo seBhayibheli?

17 Sinelungelo elikhulu lokushumayela nokufundisa abanye iqiniso! Lo msebenzi usijabulisa ngempela. Umphostoli uPawulu, owasiza abaningi eThesalonika baba abafundi, wayiveza ngale ndlela imizwa yakhe: “Liyini ithemba lethu noma injabulo noma umqhele wokuthokoza phambi kweNkosi yethu uJesu ekubeni khona kwayo? Eqinisweni akunina yini? Impela niyinkazimulo nenjabulo yethu.” (1 Thes. 2:19, 20; IzE. 17:1-4) Abaningi namuhla baye bazizwa kanjalo. UDadeweth’ uStéphanie, owasiza abaningi babhapathizwa ekanye nomyeni wakhe uthi, “Ayikho injabulo eyedlula leyo etholakala ngokusiza abantu bazinikezele kuJehova.”

INGOMA 57 Ukushumayeza Zonke Izinhlobo Zabantu

^ par. 5 UJehova akasinikanga ilungelo lokushumayela kwabanye kuphela kodwa usinike nelungelo lokubafundisa ukugcina konke uJesu asiyale ngakho. Yini esenza sithande ukufundisa abanye? Yiziphi izinselele esibhekana nazo emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi? Singazinqoba kanjani lezo zinselele? Kulesi sihloko sizophendula leyo mibuzo.

^ par. 14 Ukuze ufunde ngendima esiyifezayo lapho kwenziwa abafundi, bheka isihloko esithi, “Njengebandla, Sizani Abafundelwa IBhayibheli Bathuthuke Baze Babhapathizwe,” esanyatheliswa kuyi-Nqabayokulinda kaMashi 2021.

^ par. 53 INCAZELO YESITHOMBE: Bona ukuthi isifundo seBhayibheli singenza umuntu enze ziphi izinguquko ekuphileni kwakhe: Ekuqaleni, ukuphila kwalo muntu kubonakala kungenanjongo, uhlukanisiwe noJehova. Ube esehlangana noFakazi abasemsebenzini wokushumayela, futhi wamukela isifundo seBhayibheli. Akufundiswayo kumholela ekuzinikezeleni nasekubhapathizweni. Ngokuhamba kwesikhathi, naye wenza abafundi. Ekugcineni, bonke bajabulela ukuphila ePharadesi.