Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 29

Sekela UJesu, Umqondisi Wethu

Sekela UJesu, Umqondisi Wethu

“Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.”​—MATH. 28:18.

INGOMA 13 UKristu, Isibonelo Sethu

AMAZWIBELA *

1. Iyini intando kaJehova namuhla?

 NAMUHLA, kuyintando kaNkulunkulu ukuba izindaba ezinhle zoMbuso zishunyayelwe emhlabeni wonke. (Marku 13:10; 1 Thim. 2:3, 4) Ngumsebenzi kaJehova lo futhi ubaluleke kangangokuba ukhethe iNdodana yakhe ethandekayo ukuba iwuqondise. Singaqiniseka ngokuthi ngaphansi kokuqondisa kukaJesu, umsebenzi wokushumayela uyophothulwa ngendlela emanelisayo uJehova, ukuphela kungakafiki.​—Math. 24:14.

2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Kulesi sihloko, sizobona ukuthi uJesu uyisebenzisa kanjani “inceku [yakhe] ethembekile neqondayo” ukuze inikeze ukudla okungokomoya futhi ihlele abalandeli bakhe ukuze benze umkhankaso wokushumayela obaluleke kunayo yonke emlandweni. (Math. 24:45) Sizobona nokuthi yini ngamunye wethu angayenza ukuze asekele uJesu nenceku ethembekile.

UJESU UQONDISA UMSEBENZI WOKUSHUMAYELA

3. UJesu unikezwe liphi igunya?

3 UJesu uqondisa umsebenzi wokushumayela. Singaqiniseka kanjani ngalokho? Ngaphambi nje kokuba anyukele ezulwini, uJesu wahlangana nabalandeli bakhe abathembekile abambalwa entabeni eseGalile. Wathi kubo: “Nginikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.” Phawula lokho abe esekusho: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.” (Math. 28:18, 19) Ngakho phakathi kwezinye izinto, uJesu unikezwe igunya lokuqondisa umsebenzi wokushumayela.

4. Kungani singaqiniseka ngokuthi uJesu usawuqondisa umsebenzi wokushumayela?

4 UJesu wathi umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi wawuyokwenziwa kuzo “zonke izizwe” futhi wayeyoba nabalandeli bakhe “zonke izinsuku kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 28:20) Lawo mazwi abonisa ngokucacile ukuthi umsebenzi wokushumayela wawuyoqhubeka uqondiswa uJesu kuze kufike osukwini lwethu.

5. Sinayiphi ingxenye ekugcwalisekeni kweHubo 110:3?

5 UJesu akakhathazekanga ngokuthi kwakuyoshoda izisebenzi phakathi nokuphela kwesimiso sezinto. Wayazi ukuthi amazwi omhubi ayisiprofetho ayeyogcwaliseka: “Abantu bakho bayozinikela ngokuzithandela ngosuku lwempi yakho.” (IHu. 110:3) Uma wenza umsebenzi wokushumayela, usekela uJesu nenceku ethembekile futhi usiza ekugcwalisekeni kwaleso siprofetho. Umsebenzi uyaqhubeka kodwa kunezinselele.

6. Iyiphi enye yezinselele abashumayeli boMbuso ababhekana nayo namuhla?

6 Enye yezinselele abashumayeli boMbuso ababhekana nazo, ukuphikiswa. Izihlubuki, abaholi benkolo nabezepolitiki benze abaningi baba nombono ongafanele ngomsebenzi wethu. Uma izihlobo zethu, abantu esibaziyo nabantu esisebenza nabo beyikholelwa le nkulumo-ze, bangase basicindezele ukuba siyeke ukukhonza uJehova, siyeke nokushumayela. Kwamanye amazwe, ukuphikiswa kuba ukwesatshiswa, ukusongelwa, ukuboshwa ngisho nokugwetshwa. Akusethusi lokhu. UJesu wabikezela: “Niyozondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.” (Math. 24:9) Ukuzondwa nje ngaleyo ndlela kuwubufakazi bokuthi uJehova uyasamukela. (Math. 5:11, 12) NguDeveli obangela lokhu kuphikiswa. Kodwa uJesu unamandla kunoSathane! Ngosizo lukaJesu, izindaba ezinhle zifinyelela abantu bazo zonke izizwe.

7. Yibuphi ubufakazi obubonayo bokuthi isAmbulo 14:6, 7 siyagcwaliseka?

7 Njengabashumayeli boMbuso, siphinde sibhekane nenselele yokushumayeza abantu abakhuluma izilimi ezihlukahlukene. Esambulweni asinikeza umphostoli uJohane, uJesu wembula ukuthi osukwini lwethu izindaba ezinhle ziyoyinqoba le nselele. (Funda isAmbulo 14:6, 7.) Kanjani? Sinikeza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ithuba lokwamukela umyalezo woMbuso. Namuhla, abantu emhlabeni wonke bangafunda izinto ezisekelwe eBhayibhelini kuyiwebusayithi yethu ethi jw.org ngenxa yokuthi inokwaziswa okutholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-1 000! Kwagunyazwa ukuba incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!​—ithuluzi lethu eliyinhloko lokwenza abafundi—​ihunyushelwe ezilimini ezingaphezu kuka-700! Ukudla okungokomoya kwenziwe kwatholakala nangamavidiyo arekhodiwe enzelwe izithulu nangezincwadi ezenziwe ngohlelo lwe-braille ezisetshenziswa abantu abangaboni. Siyazibona zigcwaliseka iziprofetho zeBhayibheli. Abantu ‘abavela kuzo zonke izilimi zezizwe’ bafunda ukukhuluma ‘ulimi oluhlanzekile’ lweqiniso leBhayibheli. (Zak. 8:23; Zef. 3:9) Konke lokhu kufezwa ngaphansi kokuqondisa okuhle kukaJesu Kristu.

8. Ibe yini imiphumela yokushumayela kwethu kuze kube manje?

8 Namuhla, abantu abangaphezu kuka-8 000 000 emazweni angu-240 bazihlanganisa nenhlangano kaJehova futhi unyaka ngamunye kubhapathizwa izinkulungwane zabantu! Nokho, okubaluleke kakhulu kunamanani yizimfanelo zobuKristu, “ubuntu obusha,” eziye zahlakulelwa yilaba bafundi abasha. (Kol. 3:8-10) Abaningi bayeka ukuziphatha kabi, ukuba nobudlova, ukubandlulula nokushisekela ubuzwe. Isiprofetho esiku-Isaya 2:4 siyagcwaliseka; ‘ngeke besayifunda impi.’ Njengoba silwa kanzima ukuze sigqoke ubuntu obusha, sisiza ekudonseleni abantu enhlanganweni kaNkulunkulu, sibonisa nokuthi silandela umqondisi wethu, uJesu Kristu. (Joh. 13:35; 1 Pet. 2:12) Konke lokhu akuzenzakaleli. UJesu usinika usizo esiludingayo.

UJESU UMISA INCEKU

9. NgokukaMathewu 24:45-47, yini eyabikezelwa mayelana nezinsuku zokugcina?

9 Funda uMathewu 24:45-47. UJesu wabikezela ukuthi phakathi nezinsuku zokugcina wayeyomisa “inceku ethembekile neqondayo” ukuze isinikeze ukudla okungokomoya. Ngakho singalindela ukuba leyo nceku isebenze kanzima osukwini lwethu. Yilokho kanye ekwenzayo. Umqondisi wethu usebenzisa iqembu elincane lamadoda agcotshiwe ukuze anikeze abantu bakaNkulunkulu nalabo abathanda ukwazi ngoJehova ‘ukudla ngesikhathi esifanele.’ La madoda awazibheki njengamakhosi phezu kwabanye. (2 Kor. 1:24) Kunalokho, ayaqaphela ukuthi nguJesu Kristu “umholi nombusi” wabantu bakhe.​—Isaya. 55:4.

10. Ezincwadini eziboniswe esithombeni, iyiphi eyakusiza wahamba endleleni eholela ekuphileni okuphakade?

10 Kusukela ngo-1919, inceku ethembekile iye yalungiselela izincwadi ezihlukahlukene ezisize abasanda kuqala ukufunda ngoJehova ukuba bajabulele ukudla okungokomoya. Ngo-1921, inceku yalungiselela incwadi ethi The Harp of God ukuze isize labo abathanda ukwazi ngoJehova bafunde izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Ngokuhamba kwesikhathi, kwanyatheliswa izincwadi ezengeziwe. Iyiphi incwadi eyakusiza wena wamazi futhi wamthanda uBaba wethu osezulwini? Ingabe kwakungenye yezincwadi ezilandelayo: “UNkulunkulu Makabe Oneqiniso,” IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade, Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, Lingasifundisani IBhayibheli?, noma ingabe incwadi yethu entsha ethi Phila Kuze Kube Phakade!? Zonke lezi zincwadi zazenzelwe ukuba zifeze indima ethile ngesikhathi ezakhululwa ngaso.

11. Kungani kubalulekile ukuba sonke sithole ukudla okungokomoya?

11 Abantu abasanda kuthola amaqiniso akubona kuphela abadinga ukudla okuqinile. Sonke siyakudinga. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ukudla okuqinile kungokwabantu abavuthiwe.” UPawulu wanezela ukuthi lapho sikusebenzisa lokho esikufunda eBhayibhelini kungasisiza sikwazi “ukuhlukanisa okulungile nokungalungile.” (Heb. 5:14) Kulezi zikhathi ezinzima, njengoba isimilo sesiwohloke kakhulu kunangaphambili, kungaba nzima nakakhulu ukulalela imithetho kaJehova. Kodwa uJesu uqikelela ukuthi siyawathola amandla esiwadingayo ngokusinikeza ukudla okungokomoya esizokujabulela. Umthombo walokhu kudla iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli. Inceku ethembekile ilungiselela futhi isakaze lokhu kudla iqondiswa uJesu.

12. NjengoJesu, siye salidumisa kanjani igama likaNkulunkulu?

12 NjengoJesu, sinikeze igama likaNkulunkulu udumo olulifanele. (Joh. 17:6, 26) Ngokwesibonelo, ngo-1931 samukela igama elingokomBhalo elithi OFakazi BakaJehova, ngaleyo ndlela sazibonisa sinobuhlobo obuseduze noBaba wethu osezulwini. (Isaya. 43:10-12) Kusukela ngo-Okthoba walowo nyaka, lelo gama laphezulu liye lavela ekhasini lokuqala lalo magazini. Ngaphezu kwalokho, INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele iye yalibuyisela endaweni yalo efanele igama likaNkulunkulu eZwini lakhe. Lokhu kuhluke ngokuphelele kulokho okwenziwa amasonto eLobukholwa aye asusa igama likaJehova ezinguqulweni zawo zeBhayibheli eziningi!

UJESU UYABAHLELA ABALANDELI BAKHE

13. Yini ekwenza uqiniseke ngokuthi uJesu usebenzisa “inceku ethembekile neqondayo” namuhla? (Joh. 6:68)

13 Esebenzisa “inceku ethembekile neqondayo,” uJesu uhlele inhlangano emangalisayo emhlabeni ukuze akhuthaze ukukhonza uJehova ngendlela emsulwa. Uzizwa kanjani ngaleyo nhlangano? Mhlawumbe uzizwa ngendlela umphostoli uPetru azizwa ngayo lapho ethi: “Ubani esizoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade.” (Joh. 6:68) Ngabe sikuphi nje namuhla ukube asizange siyazi inhlangano kaJehova? Esebenzisa yona, uKristu uyaqinisekisa ukuthi sondliwa kahle ngokomoya. Uphinde asiqeqeshe ukuze siyifeze kahle inkonzo yethu. Ngaphezu kwalokho, usisiza sigqoke “ubuntu obusha,” ukuze samukeleke kuJehova.​—Efesu 4:24.

14. Uzuze kanjani ngokuba ingxenye yenhlangano kaJehova phakathi nobhubhane lwe-COVID-19?

14 UJesu usinikeza iziqondiso ezihlakaniphile ezikhathini ezibucayi. Izinzuzo zalezo ziqondiso zabonakala lapho kuqala ubhubhane lwe-COVID-19. Lapho abaningi emhlabeni bengazi ukuthi benzeni, uJesu waqinisekisa ukuthi sithola iziqondiso ezicacile ezizosigcina siphephile. Sakhuthazwa ukuba sigqoke izifonyo lapho siphakathi kwabantu futhi siqhelelane. Abadala bakhunjuzwa ukuba bahlale bexhumana njalo nabasebandleni nokuba bazi izidingo zabo ezingokwenyama nezingokomoya. (Isaya. 32:1, 2) Sathola iziqondiso nezikhuthazo ezengeziwe ngemibiko yeNdikimba Ebusayo.

15. Yiziphi iziqondiso ezakhishwa mayelana nokuqhutshwa kwemihlangano nokwenza umsebenzi wokushumayela phakathi nobhubhane, futhi kwaba namiphi imiphumela?

15 Phakathi nobhubhane, sathola neziqondiso ezicacile zokuthi kufanele siyiqhube kanjani imihlangano yebandla nokuthi siwenze kanjani umsebenzi wokushumayela. Ngokushesha nje, saqala ukusebenzisa amathuluzi okuhlangana ngevidiyo ukuze sibe nemihlangano yebandla yobuKristu nemihlangano emikhulu nemincane. Saqala nokushumayela ngokubhala izincwadi nangocingo. UJehova wayibusisa imizamo yethu. Amagatsha amaningi aye abika ukwanda okuphawulekayo kwabamemezeli. Empeleni, phakathi nalesi sikhathi kuye kwenzeka izinto ezikhuthazayo emagatsheni amaningi.​—Bheka ibhokisi elithi “ UJehova Ubusisa Umsebenzi Wethu Wokushumayela.”

16. Yini esingaqiniseka ngayo?

16 Kungenzeka abanye babenomuzwa wokuthi ziyeqisa iziqondiso zenhlangano ngokuphathelene nobhubhane. Kodwa ngokuphindaphindiwe, kwaba sobala ukuthi iziqondiso esazithola zazihlakaniphile. (Math. 11:19) Njengoba sizindla ngendlela enothando uJesu ahola ngayo abantu bakhe, siyaqiniseka ngokuthi kungakhathaliseki ukuthi ikusasa lisiphatheleni, uJehova neNdodana yakhe ethandekayo bayosisekela.​—Funda eyamaHebheru 13:5, 6.

17. Uzizwa kanjani ngokusebenza ngaphansi kokuqondisa kukaJesu?

17 Kuyisibusiso ngempela ukusebenza ngaphansi kokuqondisa kukaJesu! Siyingxenye yenhlangano enqoba yonke imingcele yamasiko, yobuzwe neyolimi. Sondliwa kahle ngokomoya futhi sikuhlomele ukwenza umsebenzi wokushumayela. Ngamunye wethu uyasizwa ukuba agqoke ubuntu obusha futhi sifunda nokuthandana. Sinezizathu ezizwakalayo zokuziqhenya ngoJesu, umqondisi wethu!

INGOMA 16 Dumisani UJehova Ngenxa YeNdodana Yakhe

^ Namuhla izigidi zabesilisa, abesifazane nezingane zizishumayela ngentshiseko izindaba ezinhle. Ingabe nawe ungomunye wabo? Uma kunjalo, usebenza ngaphansi kwesiqondiso seNkosi yethu uJesu Kristu. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngobufakazi bokuthi uJesu uqondisa umsebenzi wokushumayela namuhla. Ukuzindla ngalokhu kuzosisiza sizimisele ukuqhubeka sikhonza uJehova, siqondiswa uKristu.