Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amacebiso Okutadisha

Amacebiso Okutadisha

Beka Izinto Ezibalulekile Kuqala

Sonke sinesikhathi esilinganiselwe sokutadisha. Singasisebenzisa kanjani ngendlela engcono kakhulu? Okokuqala, ungajahi. Uzozuza ngokwengeziwe uma utadisha okuncane ngokucophelela kunokuba utadishe okuningi kodwa ube ukha phezulu.

Ngemva kwalokho, beka izinto ezibalulekile kuqala. (Efe. 5:15, 16) Cabanga ngala macebiso:

  • Funda iBhayibheli zonke izinsuku. (IHu. 1:2) Ungaqala ngokusebenzisa isimiso sokufundwa kweBhayibheli samasonto onke somhlangano waphakathi neviki.

  • Lungiselela iSifundo Se-Nqabayokulinda nomhlangano waphakathi neviki. Kulungele ukuphendula.—IHu. 22:22.

  • Uma unaso isikhathi, funda futhi ubukele nezinye izinto ezinjengomagazini womphakathi, amavidiyo nezinye izinto ezitholakala ku-jw.org/zu.

  • Cwaninga ngendaba ethile oyithandayo. Ungase ucwaninge ngenkinga obhekene nayo, umbuzo othile onawo, noma isihloko seBhayibheli ongathanda ukusiqonda kangcono. Ukuze uthole amacebiso, iya engxenyeni ethi “Ukufunda Izindaba ZeBhayibheli” ku-jw.org/zu.