Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 32

Lingisa UJehova​—Vumelana Nezimo

Lingisa UJehova​—Vumelana Nezimo

“Ukuvumelana kwenu nezimo makwaziwe yibo bonke abantu.”​—FIL. 4:5, umbhalo waphansi.

INGOMA 89 Lalela, Ubusiswe

AMAZWIBELA a

Ungathanda ukuba uhlobo olunjani lwesihlahla? (Bheka isigaba 1)

1. AmaKristu kumele afane kanjani nesihlahla? (Bheka nesithombe.)

 “UMOYA awukwazi ukwephula isihlahla esigobekayo.” Le nkulumo iveza imfanelo ebalulekile eyenza izihlahla ezithile zime ziqine ngisho kuvunguza umoya onamandla: ukuvumelana nezimo. Ukuze amaKristu aqhubeke ekhonza uJehova ngenjabulo kufanele ahlale ekulungele ukuvumelana nezimo. Kanjani? Kumele sivumelane nezimo ngokwamukela izimo zethu ezishintshayo nangokuhlonipha imibono yabanye nezinqumo zabo.

2. Yiziphi izimfanelo ezizosisiza sivumelane nezimo ezishintshayo, futhi sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Njengezikhonzi zikaJehova, sifuna ukuvumelana nezimo. Sifuna nokuba ngabantu abathobekile nabanozwela. Kulesi sihloko, sizobona ukuthi izimfanelo ezinjengalezi ziwasize kanjani amanye amaKristu akwazi ukubhekana nezimo ezishintshayo. Sizobona nokuthi lezi zimfanelo zingasisiza kanjani thina. Kodwa okokuqala ake sifunde kuJehova nakuJesu, abayizibonelo ezinhle kakhulu zokuvumelana nezimo.

UJEHOVA NOJESU BAVUMELANA NEZIMO

3. Yibuphi ubufakazi esinabo bokuthi uJehova uyavumelana nezimo?

3 UJehova ubizwa ngokuthi “uyiDwala” ngoba ugxilile, akanakunyakaziswa. (Dut. 32:4) Noma kunjalo, uyazivumelanisa nezimo. Njengoba izimo zishintsha ezweni, uNkulunkulu wethu uyaqhubeka ezivumelanisa nezimo ukuze injongo yakhe ifezeke. UJehova wadala abantu ngomfanekiso wakhe wabenza bakwazi ukuzivumelanisa nezimo ezishintshayo. Wasinikeza izimiso zeBhayibheli ezicacile ezisisiza sikwazi ukwenza izinqumo ezihlakaniphile kungakhathaliseki ukuthi sibhekana naziphi izinselele. Isibonelo sakhe nezimiso asinike zona ziwubufakazi bokuthi nakuba ‘eyiDwala,’ uyavumelana nezimo.

4. Nikeza isibonelo esibonisa ukuthi uJehova uvumelana nezimo. (Levitikusi 5:7, 11)

4 Izindlela zikaJehova azinaphutha futhi zivumelana nezimo. Uyacabangela lapho esebenzelana nabantu. Cabanga ngendlela abonisa ngayo ukucabangela lapho esebenzelana nama-Israyeli. Akazange alindele umnikelo ofanayo kwabacebile nakwabampofu. Kwezinye izimo wayevumela umuntu ngamunye ukuba anikele ngokwezimo zakhe.​—Funda uLevitikusi 5:7, 11.

5. Nikeza isibonelo sozwela nokuthobeka kukaJehova.

5 Uzwela nokuthobeka kukaJehova kumenza avumelane nezimo. Ngokwesibonelo, ukuthobeka kwakhe kwabonakala lapho esezobhubhisa abantu ababi eSodoma. Esebenzisa izingelosi, uJehova watshela uLoti olungile ukuba abalekele esifundeni esinezintaba. ULoti wayesaba ukuya lapho. Ngakho, wacela ukuba yena nomndeni wakhe bavunyelwe ukuba babalekele eZowari, idolobha elincane uJehova ayethe uzolibhubhisa. UJehova wayengatshela uLoti ukuba azilandele njengoba zinjalo iziqondiso ayemnike zona. Kunalokho, wasilalela isicelo sikaLoti nakuba lokho kwakusho ukuthi ngeke esalibhubhisa iZowari. (Gen. 19:18-22) Emakhulwini eminyaka kamuva, uJehova wababonisa uzwela abantu ababehlala eNineve. Wathuma umprofethi uJona ukuba amemezele ukuthi wayezolibhubhisa lelo dolobha nabantu ababi ababehlala kulo. Kodwa lapho abantu baseNineve bephenduka, uJehova wabazwela wangabe esalibhubhisa iNineve.​—Jona 3:1, 10; 4:10, 11.

6. Nikeza izibonelo zendlela uJesu alingisa ngayo uJehova ngokuba umuntu ovumelana nezimo.

6 UJesu walingisa uJehova, naye wavumelana nezimo. Wathunyelwa emhlabeni ukuba ashumayele “ezimvwini ezilahlekile zendlu ka-Israyeli.” Kodwa wabonisa ukuthi uyavumelana nezimo lapho enza lo msebenzi. Ngesinye isikhathi owesifazane ongeyena um-Israyeli wamncenga ukuba elaphe indodakazi yakhe ‘eyayihlushwa yidemoni kabuhlungu.’ Eshukunyiswa uzwela, uJesu wakwenza okwakucelwa yilona wesifazane, wayelapha indodakazi yakhe. (Math. 15:21-28) Cabanga nangesinye isibonelo. Ngasekuqaleni kwenkonzo yakhe, uJesu wathi: “Noma ubani ongiphikayo . . . , nami ngiyomphika.” (Math. 10:33) Kodwa wamlahla yini uPetru owamphika kathathu? Cha. UJesu wacabanga ngokuphenduka kukaPetru nokholo lwakhe. Ngemva kokuvuswa kukaJesu, wabonakala kuPetru, cishe wamqinisekisa ngokuthi umthethelele futhi uyamthanda.​—Luka 24:33, 34.

7. Ngokuvumelana neyabaseFilipi 4:5, sifuna ukwaziwa kanjani?

7 Sibonile ukuthi uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bavumelana nezimo. Kuthiwani ngathi? UJehova ulindele ukuba nathi sivumelane nezimo. (Funda eyabaseFilipi 4:5, umbhalo waphansi.) Enye inguqulo ilihumusha kanje leli vesi: “Yiba nedumela lokuba umuntu ovumelana nezimo.” Singazibuza: ‘Ingabe abantu bangazi njengomuntu ovumelana nezimo, ohoxayo nokwazi ukubekezelela abanye? Noma ingabe bangibheka njengomuntu ongaguquki emibonweni yakhe, olukhuni noma onenkani? Ingabe ngiyaphikelela ekutheni abanye benze izinto ngendlela mina engicabanga ukuthi kufanele zenziwe ngayo? Noma ingabe ngiyabalalela abanye, ngihoxe ngenze abakufisayo uma kufaneleka?’ Izinga esizivumelanisa ngalo nezimo libonisa ukuthi simlingisa kangakanani uJehova noJesu. Ake sixoxe ngezimo ezimbili ezidinga ukuba sizivumelanise nezimo​—lapho izimo zethu zishintsha nalapho imibono yabanye nezinqumo zabo zihlukile kwezethu.

VUMELANA NEZIMO LAPHO KUBA NOSHINTSHO

8. Yini engasisiza sivumelane nezimo lapho kuba noshintsho? (Bheka nombhalo waphansi.)

8 Ukuvumelana nezimo kusho ukuhambisana nazo lapho izimo zethu zishintsha. Ushintsho olunjalo lungase lubangele ubunzima ekuphileni kwethu. Kungazelelwe singase siphathwe isifo esibucayi. Noma ushintsho olungalindelekile lwezomnotho noma lwezepolitiki lapho sihlala khona lungase lukuphazamise ngokuphelele ukuphila kwethu. (UmSh. 9:11; 1 Kor. 7:31) Ngisho nokushintsha uhlobo lwenkonzo esilwenzela uJehova kungasivivinya. Kungakhathaliseki ukuthi kuvela yiphi inselele, singakwazi ukuzivumelanisa ngokuphumelelayo nezimo ezintsha uma sithatha lezi zinyathelo ezine ezilandelayo: (1) ukwamukela ukuthi izinto sezishintshile, (2) cabanga ngekusasa, ungabheki emuva, (3) gxila kokuhle, (4) yenzela abanye izinto. b Ake sixoxe ngezibonelo ezingokoqobo ezibonisa indlela okungasisiza ngayo ukulandela lezi zinyathelo.

9. Ezinye izithunywa zevangeli zabhekana kanjani novivinyo ezazingalulindele?

9 Yamukela ukuthi izinto sezishintshile. U-Emanuele noFrancesca babelwa ukuba bayokhonza njengezithunywa zevangeli kwelinye izwe. Lapho nje beqala ukufunda ulimi olusha futhi bejwayela ebandleni ababekulo, kwabe sekuqala ubhubhane lwe-COVID-19 kwase kudingeka bangazihlanganisi nabanye. Ngemva kwalokho, kwashona umama kaFrancesca kungalindelekile. UFrancesca wayefuna ngempela ukuba nomndeni wakhe, kodwa ngenxa yobhubhane akakwazanga ukuhamba. Yini eyamsiza wabhekana nalezi zimo eziqeda amandla? Okokuqala, u-Emanuele noFrancesca bathandaza ndawonye bacela ukuhlakanipha ukuze bakwazi ukubhekana nosuku ngalunye. UJehova wayiphendula imithandazo yabo ngamalungiselelo enhlangano ayefike ngesikhathi. Ngokwesibonelo, bakhuthazwa umzalwane othile okwakuxoxwa naye kwenye ividiyo, owathi: “Uma sisamukela ngokushesha isimo esibhekene naso, siyoshesha ukuba nenjabulo, siwasebenzise kahle namathuba okukhonza uJehova nokusiza abanye ngaleso sikhathi.” c Okwesibili, banquma ukuthuthukisa amakhono abo okushumayela ngocingo, baze baqala nesifundo seBhayibheli. Okwesithathu, basamukela ngenjabulo isikhuthazo nosizo abaluthola kubazalwane bendawo. Omunye udade onomusa wayebathumelela umyalezo omfushane osekelwe eBhayibhelini zonke izinsuku kwaze kwaphela unyaka. Ngendlela efanayo, lapho sizamukela izimo zethu ezintsha, siyokwaneliseka ngalokho esikwazi ukukwenza.

10. Omunye udade wazivumelanisa kanjani nezimo lapho kuba noshintsho olukhulu ekuphileni kwakhe?

10 Cabanga ngekusasa, ungabheki emuva, ugxile kokuhle. UChristina, udade waseRomania ohlala eJapane, wadumala lapho ibandla lesiNgisi ayekulo liqedwa. Kodwa akazange abheke emuva. Wanquma ukwenza konke okusemandleni akhe ebandleni lesiJapane ngokuhlanganyela ngokugcwele ensimini yalolo limi. Wacela umuntu ayesebenza naye ukuba amsize asikhulume kahle isiJapane. Lona wesifazane ayesebenza naye wavuma ukusebenzisa iBhayibheli nencwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade! ukuze afundise uChristina isiJapane. UChristina akagcinanga nje ngokuthuthuka endleleni asikhuluma ngayo isiJapane kodwa nalona wesifazane owayemfundisa waqala ukulithanda iqiniso. Lapho sicabanga ngekusasa futhi sigxila kokuhle, ushintsho esingalulindele lungaletha izibusiso esingazilindele.

11. Enye indoda nomkayo babhekana kanjani nezinkinga zezimali?

11 Yenzela abanye izinto. Indoda ethile nomkayo abahlala ezweni lapho umsebenzi wethu uvinjelwe khona baba nezinkinga zemali lapho umnotho wezwe uwohloka. Bazivumelanisa kanjani nezimo? Okokuqala, bathatha izinyathelo zokunciphisa izindleko zabo. Ngemva kwalokho, kunokuba bagxile ezinkingeni zabo, banquma ukugxila ekusizeni abanye nokuhlala bematasa emsebenzini wokushumayela. (IzE. 20:35) Umyeni wathi, “Ukuba matasa ensimini kusenze saba nesikhathi esincane sokucabanga ngezinto ezingakhi, saba nesikhathi esiningi sokugxila ekwenzeni intando kaNkulunkulu.” Lapho izimo zethu zishintsha, kumele sikhumbule ukuthi kubaluleke kangakanani ukuqhubeka sisiza abanye, ikakhulukazi emsebenzini wethu wokushumayela.

12. Isibonelo sikamphostoli uPawulu singasisiza kanjani sizivumelanise nezimo ezishintshayo enkonzweni?

12 Lapho sisenkonzweni, kudingeka sivumelane nezimo. Sihlangana nabantu abanezinkolelo ezingefani, abacabanga nabenza ngendlela ehlukile nabavela ezizindeni ezingefani. Umphostoli uPawulu wayevumelana nezimo, nathi singafunda esibonelweni sakhe. UJesu wamisa uPawulu waba “umphostoli ezizweni.” (Roma 11:13) Njengoba ayesengumphostoli ezizweni, washumayeza amaJuda, amaGreki, izifundiswa, abantu abaphansi, izicukuthwane namakhosi. Ukuze afinyelele izinhliziyo zalabo bantu abangefani, uPawulu waba “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo.” (1 Kor. 9:19-23) Wanakisisa amasiko, isizinda nezinkolelo zabantu ayebashumayeza futhi indlela yakhe yokufundisa wayivumelanisa nabo. Nathi singaphumelela kakhudlwana enkonzweni yethu uma sivumelana nezimo futhi sishumayela ngendlela evumelana nezidingo zabantu.

HLONIPHA IMIBONO YABANYE

Uma sivumelana nezimo, siyoyihlonipha imibono yabanye (Bheka izigaba 13)

13. Iyiphi ingozi echazwe kweyoku-1 Korinte 8:9 esingayigwema uma sihlonipha imibono yabanye?

13 Ukuvumelana nezimo kuyasisiza nokuba sihloniphe imibono yabanye. Ngokwesibonelo, abanye odade bayathanda ukufaka i-makeup, kanti abanye abayithandi. Amanye amaKristu ayakujabulela ukuphuza utshwala ngesilinganiso esifanele, kodwa amanye akhetha ukungabuphuzi. Wonke amaKristu afisa ukuba nempilo enhle kodwa akhetha izindlela ezingefani zokwelashwa. Uma sikuthanda kakhulu esikukhethile kangangokuba size sikhuthaze nabanye ebandleni ukuba bakusebenzise, singabakhuba abanye sidale noqhekeko. Ngeke neze sithande ukwenza lokho! (Funda eyoku-1 Korinte 8:9; 10:23, 24) Ake sifunde ngezibonelo ezimbili ezibonisa ukuthi ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli kungasisiza kanjani silinganisele futhi sigcine ukuthula.

Uma sivumelana nezimo, siyoyihlonipha imibono yabanye (Bheka izigaba 14)

14. Yiziphi izimiso zeBhayibheli okufanele zinqume indlela esigqoka nesizilungisa ngayo?

14 Ukugqoka nokuzilungisa. Kunokuba uJehova ayilawule ngemithetho eqinile indlela esigqoka ngayo, usinikeze izimiso esingazilandela. Kudingeka sigqoke ngendlela efanela izikhonzi zikaNkulunkulu, sibonise ukucabangela, isizotha ‘nokuhluzeka kwengqondo.’ (1 Thim. 2:9, 10; 1 Pet. 3:3) Ngakho, asigqoki ngendlela ezosidonsela amehlo. Izimiso zeBhayibheli zisiza nabadala bagweme ukushaya imithetho ngokuphathelene nendlela yokugqoka neyokulungisa izinwele. Ngokwesibonelo, abadala bakwelinye ibandla babefuna ukusiza abazalwane abasebasha abase beqale ukulandela isitayela esisefeshinini sokugunda izinwele zibe mfushane kodwa zingakanywa. Abadala babengabasiza kanjani ngaphandle kokuba bashaye umthetho? Umbonisi wesigodi wacebisa abadala ukuba bathi kulaba bazalwane, “Uma usepulatifomu, bese izilaleli zigxila kakhulu endleleni obukeka ngayo kunakulokho okushoyo, kusho ukuthi kunenkinga endleleni ogqoke nozilungise ngayo.” Le ncazelo ecacile yayixazulula le nkinga ngaphandle kokuba kubekwe umthetho. d

Uma sivumelana nezimo, siyoyihlonipha imibono yabanye (Bheka izigaba 15)

15. Yimiphi imithetho nezimiso zeBhayibheli ezisiqondisayo lapho sikhetha indlela esizokwelashwa ngayo? (Roma 14:5)

15 Ukunakekela impilo. UmKristu ngamunye kumele anqume ukuthi uzoyinakekela kanjani impilo yakhe. (Gal. 6:5) Imbalwa kuphela imithetho eqondile eseBhayibhelini ethinta isinqumo sokuthi umKristu uzokwelashwa kanjani, njengemiyalo yokuba sidede egazini nasekusebenziseni imimoya. (IzE. 15:20; Gal. 5:19, 20) Ngaphandle kwaleyo miyalo, umKristu ngamunye angazinqumela ukuthi uzokwelashwa kanjani. Abanye bakhetha ukwelashwa odokotela kuphela, kanti abanye bakhetha izindlela ezihlukile zokwelashwa. Kungakhathaliseki ukuthi siyithanda noma asiyithandi kangakanani indlela ethile yokwelapha, kudingeka sihloniphe ilungelo labafowethu nodadewethu lokuzinqumela ukuthi bazokwelashwa kanjani. Ngokuqondene nalokhu, kufanele sikhumbule la maphuzu alandelayo: (1) UMbuso kaNkulunkulu yiwona kuphela oyokwelapha abantu bangaphinde bagule. (Isaya 33:24) (2) UmKristu ngamunye kumele “aqiniseke ngokugcwele” ukuthi yini emlungele. (Funda eyabaseRoma 14:5.) (3) Asibahluleli abanye noma sibakhube. (Roma 14:13) (4) AmaKristu abonisa uthando, awabheki inkululeko yawo yokuzenzela izinqumo njengebaluleke ukwedlula ubunye bebandla. (Roma 14:15, 19, 20) Uma siwakhumbula la maphuzu, siyohlala sisondelene nabafowethu nodadewethu futhi siyokwenza kube nokuthula ebandleni.

Uma sivumelana nezimo, siyoyihlonipha imibono yabanye (Bheka izigaba 16)

16. Umdala angabonisa kanjani ukuthi uvumelana nezimo lapho esebenzelana nabanye abadala? (Bheka nezithombe.)

16 Abadala kumele babeke isibonelo esihle endabeni yokuvumelana nezimo. (1 Thim. 3:2, 3, umbhalo waphansi) Ngokwesibonelo, umdala akufanele alindele ukuthi imibono yakhe iyohlale ithathwa njalo ngoba nakhu yena emdala kunabanye abadala. Uyaqaphela ukuthi umoya kaJehova ungasebenzisa noma yimuphi umdala ukuba asho okuthile okuzosiza kwenziwe isinqumo esihlakaniphile. Uma singekho isimiso seBhayibheli esephulwayo, abadala abavumelana nezimo basekela isinqumo seningi endikimbeni yabadala, ngisho noma bona bebengakhetha okuhlukile.

IZINZUZO ZOKUBA UMUNTU OVUMELANA NEZIMO

17. AmaKristu avumelana nezimo athola ziphi izibusiso?

17 AmaKristu athola izibusiso eziningi ngokuba abantu abavumelana nezimo. Siba nobuhlobo obuhle nabafowethu nodadewethu, nebandla liba nokuthula. Siyakujabulela ukuthi abantu bakaJehova abamkhonza ngobunye banobuntu obuhle obungefani namasiko angefani. Ngaphezu kwakho konke, kuyasijabulisa ukwazi ukuthi silingisa uNkulunkulu wethu ovumelana nezimo, uJehova.

INGOMA 90 Khuthazanani

a UJehova noJesu bavumelana nezimo futhi bafuna nathi siyihlakulele le mfanelo. Uma sivumelana nezimo, siyokuthola kulula ukujwayelana nezimo zokuphila ezishintshayo, njengalapho kushintsha isimo sempilo yethu noma isimo sezimali. Siyoba nesandla nasekwenzeni ibandla libe nokuthula nobunye.

b Bheka isihloko esithi “Indlela Yokubhekana Noshintsho” kuyi-Phaphama! No. 4 2016.

c Bukela ividiyo ethi Ingxoxo NoMfoweth’ uDmitriy Mikhaylov esesihlokweni esithi “UJehova Ushintsha Ushushiso Luba Ubufakazi” kuyi-Ncwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu kaMashi-Ephreli 2021.

d Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe endabeni yokugqoka nokuzilungisa, bheka isifundo 52 sencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!