Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 29

Ululungele Yini Usizi Olukhulu?

Ululungele Yini Usizi Olukhulu?

“Hlalani nimi ngomumo.”​—MATH. 24:44.

INGOMA 150 Funani Insindiso Yenu KuNkulunkulu

AMAZWIBELA a

1. Kungani kuwukuhlakanipha ukulungela ukugadla kwezinhlekelele?

 UKUZILUNGISELELA kungasindisa ukuphila kwethu. Ngokwesibonelo, lapho kugadla inhlekelele, abantu abayilungele basemathubeni angcono okusinda nokusiza abanye abantu. Inhlangano yaseYurophu esiza abantu lapho kunezinhlekelele ithi: “Ukuzilungiselela kwenza umehluko omkhulu.”

2. Kungani kufanele silulungele usizi olukhulu? (Mathewu 24:44)

2 “Usizi olukhulu” luzoqala kungazelelwe. (Math. 24:21) Nokho, ngokungafani nezinye izinhlekelele eziningi, akuyena wonke umuntu oyozunywa usizi olukhulu. Eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, uJesu waxwayisa abalandeli bakhe ukuba balulungele lolo suku. (Funda uMathewu 24:44.) Uma silulungele kuzoba lula ngathi ukubhekana naleso sikhathi esinzima nokusiza abanye ukuba benze okufanayo.​—Luka 21:36.

3. Ukukhuthazela, uzwela nothando kuyosisiza kanjani silulungele usizi olukhulu?

3 Cabanga ngezimfanelo ezintathu ezingasisiza silulungele usizi olukhulu. Siyokwenzenjani uma sitshelwa ukuba sishumayele umyalezo oyisahlulelo esintinyelayo futhi abangakholwa besiphikisa? (IsAm. 16:21) Kuyodingeka sikhuthazele ukuze silalele uJehova, simethembe ukuthi uzosivikela. Siyokwenzenjani uma abafowethu belahlekelwa yizo zonke izinto abanazo noma ezinye zazo? (Hab. 3:17, 18) Kuyodingeka sibe nozwela ukuze sibasize ngezinto abazidingayo. Siyokwenzenjani uma kudingeka sihlale nabafowethu nodadewethu okwesikhashana ngenxa yokuhlaselwa yizizwe eziyobe zihlangene zihlasela abantu bakaNkulunkulu? (Hez. 38:10-12) Kuyodingeka sibathande ngempela ukuze sikwazi ukubhekana naleso sikhathi esinzima.

4. IBhayibheli likubonisa kanjani ukuthi kumele siqhubeke sibonisa ukukhuthazela, uzwela nothando?

4 IZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba siqhubeke sikhuthazela, sibonise uzwela nothando. ULuka 21:19 uthi: “Ngokukhuthazela kwenu niyolonda ukuphila kwenu.” EyabaseKolose 3:12 ithi: “Gqokani uzwela.” Eyoku-1 Thesalonika 4:9, 10 ithi: “Nina ngokwenu nifundiswa uNkulunkulu ukuba nithandane. . . . Kodwa siyaninxusa, bazalwane, ukuba niqhubeke nikwenza ngisho nakakhulu.” Wonke la mavesi ayebhalelwe abafundi abase bezibonisile kakade lezi zimfanelo: ukukhuthazela, uzwela nothando. Noma kunjalo, kwakudingeka baqhubeke bezibonisa lezi zimfanelo. Nathi kumele senze okufanayo. Okuzosisiza senze lokho, ukuhlola indlela amaKristu okuqala ayibonisa ngayo imfanelo ngayinye. Sizobe sesibona ukuthi singabalingisa kanjani labo bafundi, ngaleyo ndlela sibonise ukuthi silulungele usizi olukhulu.

THUTHUKISA INDLELA OKHUTHAZELA NGAYO

5. AmaKristu okuqala alukhuthazelela kanjani uvivinyo?

5 AmaKristu okuqala kwakudingeka akhuthazele. (Heb. 10:36) Naphezu kokubhekana nezinkinga ezivamile kuwo wonke umuntu, abhekana nolunye uvivinyo. Amaningi awo ayeshushiswa, engashushiswa nje abaholi benkolo abangamaJuda nababusi abangamaRoma, kodwa ayeshushiswa nayimindeni yawo. (Math. 10:21) Kanti ngaphakathi ebandleni, ngezinye izikhathi kwakudingeka alwe nethonya lezimfundiso zezihlubuki ezibangela ukuhlukana. (IzE. 20:29, 30) Noma kunjalo, lawo maKristu akhuthazela. (IsAm. 2:3) Kanjani? Acabangisisa ngezibonelo zokukhuthazela eziseBhayibhelini, njengesikaJobe. (Jak. 5:10, 11) Athandazela amandla. (IzE. 4:29-31) Agxila nasemvuzweni omuhle ayezowuthola uma ekhuthazela.​—IzE. 5:41.

6. Ufundani kulokho okwenziwa uMerita ukuze akhuthazelele ukuphikiswa?

6 Nathi singakhuthazela uma sizitadisha njalo izibonelo zokukhuthazela eziseZwini likaNkulunkulu nasezincwadini zethu futhi sizindla ngazo. Ngokwenza lokho, uMerita, udade wase-Albania, wakwazi ukukhuthazelela ukuphikiswa umndeni wakhe okuhambisana nobudlova. Uthi: “Ngathinteka ngokujulile lapho ngitadisha indaba kaJobe eseBhayibhelini. Wahlupheka kakhulu​—engazi ukuthi ubani obangela izinkinga zakhe​—noma kunjalo wathi: ‘Ngiyoze ngife ngingazange ngibulahle ubuqotho bami!’ (Jobe 27:5) Ngacabanga ngokuthi izinkinga zami ziwubala kangakanani uma ziqhathaniswa nezikaJobe. Ngokungafani noJobe, mina ngangazi ukuthi ubani ozibangelayo.”

7. Ngisho noma singabhekene novivinyo olunzima njengamanje, yini okufanele sifunde ukuyenza manje?

7 Singakwazi nokuthuthukisa indlela esikhuthazela ngayo ngokuthi simtshele njalo uJehova izinto ezisikhathazayo futhi sikhulume naye ngokusuka enhliziyweni. (Fil. 4:6; 1 Thes. 5:17) Kungenzeka awubhekene novivinyo olunzima njengamanje. Noma kunjalo, uyasicela yini isiqondiso sikaJehova noma nini lapho uphatheke kabi, udidekile, noma ungazi ukuthi wenzeni? Uma uvame ukucela usizo kuNkulunkulu lapho ubhekene nezinkinga ezincane zansuku zonke, ngeke unqikaze ukulucela lapho usubhekene nezinkinga ezinkulu esikhathini esizayo. Ngaleso sikhathi uyoqiniseka ukuthi uJehova wazi kahle ukuthi akusize nini futhi kanjani.​—IHu. 27:1, 3.

UKUKHUTHAZELA

Uvivinyo ngalunye esilukhuthazelelayo lungasiqinisela olulandelayo (Bheka isigaba 8)

8. Isibonelo sikaMira sisibonisa kanjani ukuthi ukukhuthazelela uvivinyo manje kungasisiza sikhuthazelele uvivinyo esikhathini esizayo? (Jakobe 1:2-4) (Bheka nesithombe.)

8 Cishe siyokwazi ukukhuthazelela usizi olukhulu oluzayo uma sikwazi ukukhuthazelela uvivinyo namuhla. (Roma 5:3) Kungani sisho kanjalo? Abafowethu nodadewethu abaningi bathole ukuthi isikhathi ngasinye lapho bekhuthazelela ukuvivinywa kokholo lwabo, lokho kubasize bakwazi ukukhuthazelela uvivinyo olulandelayo. Ukukhuthazela kubasizile kwaqinisa ukholo lwabo ekutheni uJehova ukulungele futhi uyafuna ukubasiza. Ukholo lona lubasize bakwazi ukukhuthazelela uvivinyo olulandelayo. (Funda uJakobe 1:2-4.) UMira, iphayona lase-Albania, uthole ukuthi ukukhuthazelela izinkinga zesikhathi esidlule kumsize wakwazi ukuqhubeka ekhuthazelela izinkinga anazo manje. Uyavuma ukuthi ngezinye izikhathi uzwa sengathi nguye kuphela onezinkinga eziningi. Kodwa ube esekhumbula ukuthi kungakanani uJehova asemenzele kona kule minyaka engu-20 edlule ukuze amsekele, bese ethi: ‘Hlala uthembekile. Ungavumeli ukuba yonke le minyaka osuyikhuthazelele nazo zonke lezi zimpi osuzinqobile ngosizo lukaJehova kube yize.’ Nawe ungacabanga ngendlela uJehova akusize ngayo wakhuthazela. Qiniseka ngokuthi uyabona isikhathi ngasinye lapho ukhuthazelela uvivinyo futhi uzokuvuza. (Math. 5:10-12) Kuyothi lapho kuqala usizi olukhulu, uyobe usufundile ukuthi ungakhuthazela kanjani futhi uyozimisela ukuqhubeka ukhuthazela.

BONISA UZWELA

9. Ibandla lase-Antiyokiya yaseSiriya lalubonisa kanjani uzwela?

9 Cabanga ngalokho okwenzeka lapho amaKristu aseJudiya ebhekene nendlala enkulu. Ngemva kokuba ibandla lase-Antiyokiya yaseSiriya lizwe ngaleyo ndlala, akungabazeki ukuthi labazwela abafowabo baseJudiya. Kodwa labe selilubonisa ngezenzo lolo zwela. ‘Lanquma, yilowo nalowo ngokwalokho ayenamandla okukwenza, ukuba lithumele usizo kubazalwane abahlala eJudiya.’ (IzE. 11:27-30) Nakuba abazalwane ababekhungethwe yindlala babehlala endaweni eqhelile, amaKristu ase-Antiyokiya ayezimisele ukubasiza.​—1 Joh. 3:17, 18.

UZWELA

Izinhlekelele zemvelo zisinikeza ithuba lokubonisa uzwela (Bheka isigaba 10)

10. Yiziphi izindlela esingababonisa ngazo uzwela esikholwa nabo abehlelwe yinhlekelele? (Bheka nesithombe.)

10 Namuhla nathi singalubonisa uzwela lapho sizwa ngabantu esikholwa nabo abehlelwe inhlekelele. Sisukumela phezulu​—mhlawumbe ngokubuza abadala ukuthi singasiza kanjani, ngokunikela emsebenzini womhlaba wonke noma ngokuthandazela labo abathintwe yinhlekelele. b (IzAga 17:17) Ngokwesibonelo, ngo-2020, kwamiswa amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni angaphezu kuka-950 emhlabeni wonke ukuze asize labo ababethintwe ubhubhane lwe-COVID-19. Labo abakhonza kula makomiti okunikeza usizo kufanele sibancome. Beqhutshwa ukuzwela abafowabo nodadewabo, baye babahambisela izinto abazidingayo, babasiza baqhubeka bekhonza uJehova, kwezinye izimo baye babalungisela noma bakha kabusha imizi yabo noma izindawo zokukhonza uNkulunkulu.​—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 8:1-4.

11. Izenzo ezibonisa uzwela zimdumisa kanjani uBaba wethu osezulwini?

11 Lapho sibonisa uzwela ngemva kokugadla kwenhlekelele, abanye bayakuphawula ukuzidela esikwenzayo. Ngokwesibonelo, ngo-2019, iSiphepho uDorian sacekela phansi iHholo LoMbuso eBahamas. Ngesikhathi abazalwane bakha kabusha leli hholo, bacela umakhi ongeyena uFakazi ukuba abatshele ukuthi uzobiza malini umsebenzi okudingeka wenziwe. Wathi kubo: “Ngingathanda ukunikela . . . ngemishini ezosetshenziswa, ngabantu abazosebenza nangezinto zokwakha. . . . Ngifuna ukusiza inhlangano yenu. Ingithinta inhliziyo indlela enibathanda ngayo abantu enikhonza nabo.” Iningi labantu emhlabeni alimazi uJehova. Kodwa abaningi bayababuka oFakazi BakaJehova. Kuyilungelo elikhulu ukwazi ukuthi izenzo zethu ezibonisa uzwela zingadonsela abantu kuLowo “ocebile ngesihe”!​—Efe. 2:4.

12. Ukubonisa uzwela namuhla kusilungiselela kanjani usizi olukhulu? (IsAmbulo 13:16, 17)

12 Kungani kuzodingeka sibonise uzwela phakathi nosizi olukhulu? IBhayibheli libonisa ukuthi abantu abangeke basekele ezepolitiki bazobhekana nezinselele​—manje naphakathi nosizi olukhulu. (Funda isAmbulo 13:16, 17.) Abafowethu nodadewethu bangase badinge usizo ukuze bathole izinto abazidingayo ukuze baphile. Lapho iNkosi yethu, uJesu Kristu, ifika izokhipha isahlulelo, kwangathi ingasithola sibonisa uzwela bese isimema ukuba ‘sizuze ifa loMbuso.’​—Math. 25:34-40.

BATHANDE NAKAKHULU ABAFOWENU NODADEWENU

13. Njengoba kuboniswe kweyabaseRoma 15:7, amaKristu okuqala abonisa kanjani ukuthi athandana nakakhulu?

13 AmaKristu okuqala ayebonakala ngothando. Kodwa kwakulula yini ukuba abonise uthando? Cabanga ngebandla laseRoma elalinabantu ababenobuzwe obungefani. Kwakungewona amaJuda kuphela wona ayekhuliswe ngoMthetho KaMose, kodwa kwakukhona nabeZizwe ababenesizinda esihluke ngokuphelele. Cishe amanye amaKristu ayeyizigqila, amanye ekhululekile​—mhlawumbe amanye ayenanezigqila. Lawo maKristu ayengabhekana kanjani nalokho kungefani athandane nakakhulu? Umphostoli uPawulu wawakhuthaza ukuba ‘amukelane.’ (Funda eyabaseRoma 15:7.) Wayesho ukuthini? Igama elihunyushwe ngokuthi “yamukela” lisho ukwamukela umuntu ngomusa noma ukumbonisa umoya wokungenisa izihambi, njengokumamukela emzini wakho noma ukumenza umngani wakho. Ngokwesibonelo, uPawulu watshela uFilemoni ukuba amamukele kanjani u-Onesimu, isigqila esasibaleke kumphathi waso: “Mamukele ngomusa.” (Filem. 17) UPrisila no-Akhwila bamukela u-Apholo, owayazi okuncane ngobuKristu kunabo, “bamthatha base bemchazela.” (IzE. 18:26) Kunokuba avumele ukungefani kwawo kuwahlukanise, lawo maKristu awakuvumelanga ukuba kuwadalele izinkinga, amukelana.

UTHANDO

Siyaludinga uthando lwabo bonke abafowethu nodadewethu (Bheka isigaba 15)

14. U-Anna nomyeni wakhe balubonisa kanjani uthando?

14 Nathi singababonisa uthando abafowethu nodadewethu ngokubamukela babe abangani bethu. Ngokuvamile, uma senza kanjalo nabo bayosibonisa uthando. (2 Kor. 6:11-13) Cabanga ngesibonelo sika-Anna nomyeni wakhe. Lapho nje beqeda kuthuthela esabelweni sabo esisha sokuba izithunywa zevangeli eNtshonalanga Afrika kwabe sekuqala ubhubhane lwe-COVID-19. Njengoba babesanda kufika, babengakwazi ukuhlangana ngokoqobo nebandla. Le ndoda nomkayo babengababonisa kanjani ukuthi bayabathanda? Basebenzisa imishini yezobuchwepheshe ukuze baxhumane nabafowabo nodadewabo ngevidiyo, babatshele ukuthi bafuna ukubazi kangcono. Imindeni ababexhumana nayo yathinteka inhliziyo futhi nayo yayidamane ibafonela ibathumelela nemiyalezo. Kungani le ndoda nomkayo bathatha lesi sinyathelo? U-Anna uthi: “Ngisalukhumbula kahle uthando engaboniswa lona mina nomndeni wami ngesikhathi izinto zihamba kahle nalapho zingahambi kahle futhi lungenze ngafuna ukulubonisa abanye.”

15. Ufundani esibonelweni sikaVanessa ngokuthanda bonke abafowethu nodadewethu? (Bheka nesithombe.)

15 Abaningi bethu basemabandleni anabazalwane nodade abavela ezizindeni ezihlukahlukene nabanobuntu obungefani. Bonke singabathanda nakakhulu ngokugxila ezimfanelweni zabo ezinhle. Udade okuthiwa uVanessa, okhonza eNew Zealand, wayevame ukukuthola kunzima ukuzwana nabathile ebandleni ayekulo. Kodwa wabe esenquma ukuthi esikhundleni sokuqhela kulabo abanobuntu obumcikayo wayezochitha isikhathi esengeziwe nabo. Ukwenza kanjalo kwamsiza wabona ukuthi yini uJehova ayithandayo kubo. Uthi: “Njengoba umyeni wami esengumbonisi wesigodi, sizungezwe abafowethu nodadewethu abaningi abanobuntu obungefani futhi ngikuthola kulula ukuzwana nabo. Manje sengiyabathanda abantu abanobuntu obungefani. Kuyacaca ukuthi uJehova naye uyabathanda ngoba usidonsele eqenjini labantu abanobuntu obuhlukahlukene kangaka.” Lapho sifunda ukubheka abanye ngendlela uJehova ababheka ngayo, sibonisa ukuthi siyabathanda.​—2 Kor. 8:24.

Phakathi nosizi olukhulu, siyosithola isivikelo uJehova asithembisayo uma sihlala sinobunye nesikholwa nabo (Bheka isigaba 16)

16. Kungani uthando luyobaluleka phakathi nosizi olukhulu? (Bheka nesithombe.)

16 Uthando luyobe lubalulekile phakathi nosizi olukhulu. Lapho lolo sizi luqala siyophephela kuphi? Cabanga ngalokho uJehova ayala abantu bakhe ukuba bakwenze ngesikhathi kuhlaselwa iBhabhiloni lasendulo: “Hambani bantu bami, ngenani emakamelweni enu angaphakathi, nivale iminyango ngemva kwenu. Zifihleni umzuzwana kuze kudlule intukuthelo.” (Isaya 26:20) Kubonakala sengathi lawo mazwi ayasebenza nakithi esisazobhekana nosizi olukhulu. Kungenzeka ukuthi ‘amakamelo angaphakathi’ abhekisela emabandleni esikuwo. Phakathi nosizi olukhulu, siyosithola isivikelo uJehova asithembisayo uma sihlala sinobunye nesikholwa nabo. Ngakho, kumele sizikhandle manje ukuze singagcini nje ngokuphilisana nabafowethu nodadewethu, kodwa futhi sibathande. Ukusinda kwethu kungase kuncike kulokho!

ZILUNGISELELE MANJE

17. Uma sizilungiselela manje, yini esiyokwazi ukuyenza phakathi nosizi olukhulu?

17 “Usuku olukhulu lukaJehova” luyobabangela okukhulu ukucindezeleka abantu. (Zef. 1:14, 15) Abantu bakaJehova nabo bayobhekana nobunzima. Kodwa uma sizilungiselela manje, siyokwazi ukuhlale sizolile futhi sisize nabanye. Siyokhuthazelela noma yiziphi izinselele eziyoqhamuka. Lapho esikholwa nabo behlupheka siyokwenza konke okusemandleni ukuze sibasize ngokubabonisa uzwela nangokubanikeza abakudingayo. Siyonamathela kubafowethu nodadewethu, esiyobe sesivele sibathanda. UJehova uyobe esesivuza ngokuphila okuphakade ezweni lapho singeke sisazikhumbula khona zonke izinhlekelele nezinsizi.​—Isaya 65:17.

INGOMA 144 Bheka Njalo Umvuzo!

a Usizi olukhulu luzoqala maduzane. Izimfanelo ezinjengokukhuthazela, uzwela nothando zizosisiza silungele izinto esingakaze sibhekane nazo eziyokwenzeka ngaleso sikhathi. Phawula indlela amaKristu okuqala afunda ngayo ukubonisa lezo zimfanelo, indlela esingawalingisa ngayo namuhla nendlela lezo zimfanelo ezingasisiza ngayo silungele usizi olukhulu.

b Labo abafuna ukusiza lapho kuvele inhlekelele kufanele baqale bagcwalise ifomu elithi Local Design/Construction Volunteer Application (DC-50) noma elithi Application for Volunteer Program (A-19) ngemva kwalokho balinde ukuba bamenywe ukuze basize.