Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 30

Uthando Lwakho Maluqhubeke Lukhula

Uthando Lwakho Maluqhubeke Lukhula

“Masikhule ngothando kuzo zonke izinto.”​—EFE. 4:15.

INGOMA 2 NguJehova Igama Lakho

AMAZWIBELA a

1. Yimaphi amaqiniso owawafunda ngesikhathi uqala ukutadisha iBhayibheli?

 UYAKHUMBULA yini ngesikhathi uqala ukutadisha iBhayibheli? Kungenzeka kwakumangaza ukuthola ukuthi uNkulunkulu unegama. Mhlawumbe wakhululeka lapho uthola ukuthi uNkulunkulu akabahluphi abantu ngokubashisa esihogweni somlilo. Cishe wajabula kakhulu nalapho uzwa ngethemba lokuthi uyophinde ubabone abantu obathandayo asebashona, uphile nabo emhlabeni oyipharadesi.

2. Ngaphandle kokufunda amaqiniso eBhayibheli, iyiphi enye intuthuko owayenza? (Efesu 5:1, 2)

2 Njengoba wawuqhubeka utadisha iZwi likaNkulunkulu, uthando lwakho ngoJehova nalo lwaqhubeka lukhula. Lolo thando lwakwenza wakusebenzisa lokho okufundile. Wenza izinqumo ezingcono usebenzisa izimiso zeBhayibheli. Wathuthukisa indlela ocabanga ngayo nendlela oziphatha ngayo ngoba wawufuna ukujabulisa uNkulunkulu. Njengengane elingisa umzali wayo oyithandayo, nawe wawulingisa uBaba wakho osezulwini.​—Funda eyabase-Efesu 5:1, 2.

3. Yimiphi imibuzo esingase sizibuze yona?

3 Singase sizibuze: ‘Ingabe indlela engithanda ngayo uJehova manje inamandla kunangesikhathi ngiqala ukuba umKristu? Selokhu ngabhapathizwa ingabe indlela engicabanga ngayo nengenza ngayo iyafana nekaJehova​—ikakhulukazi uma kuziwa endabeni yokubonisa abafowethu nodadewethu uthando?’ Uma “uthando owawunalo ekuqaleni” selupholile ngandlela-thile, ungapheli amandla. Kwenzeka okufanayo kumaKristu ekhulu lokuqala. UJesu akazange awadube, nathi ngeke asidube. (IsAm. 2:4, 7) Uyazi ukuthi singakwazi ukuphinde siluvuselele uthando esasinalo lapho siqala ukufunda iqiniso.

4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

4 Kulesi sihloko sizoxoxa ngokuthi singaqhubeka kanjani sikhulisa uthando esinalo ngoJehova nangabanye. Sizobe sesifunda ngezinye zezibusiso esizitholayo nezitholwa abanye lapho sikhulisa uthando lwethu.

UTHANDO LWAKHO NGOJEHOVA MALUQHUBEKE LUKHULA

5-6. Yiziphi izinselele umphostoli uPawulu abhekana nazo enkonzweni yakhe, kodwa yini eyamenza waqhubeka ekhonza uJehova?

5 Umphostoli uPawulu wayejabule futhi enelisekile ngenkonzo ayeyenzela uJehova, kodwa kwakudingeka abhekane nezinselele eziningi. Wayevame ukuhamba amabanga amade, kanti ukuhamba kwakungelula ngalezo zinsuku. Ngokuvamile izindlela ayezihamba zazimfaka “ezingozini emifuleni” ‘nasezingozini zezigebengu.’ Ngezinye izikhathi ababemphikisa baze bamshaya nokumshaya. (2 Kor. 11:23-27) Kanti nabafowabo abangamaKristu babengabonisi ngaso sonke isikhathi ukuthi bayabonga ngemizamo yakhe eqotho yokubasiza.​—2 Kor. 10:10; Fil. 4:15.

6 Yini eyasiza uPawulu waqhubeka ekhonza uJehova? Wafunda okuningi ngobuntu bukaJehova emiBhalweni nakulokho okwenzeka kuye. UPawulu wayeqiniseka ngokuthi uJehova uNkulunkulu uyamthanda. (Roma 8:38, 39; Efe. 2:4, 5) Naye wamthanda kakhulu uJehova. Wabonisa nokuthi uyamthanda uJehova ‘ngokukhonza abangcwele nangokuqhubeka ebakhonza.’​—Heb. 6:10.

7. Iyiphi enye yezindlela engasisiza sikhulise uthando lwethu ngoJehova?

7 Singalukhulisa uthando lwethu ngoNkulunkulu ngokutadisha iZwi lakhe ngenkuthalo. Njengoba ufunda iBhayibheli, zama ukubona ukuthi indaba ngayinye yembulani ngoJehova. Zibuze: ‘Le ndaba ibonisa kanjani ukuthi uJehova uyangithanda? Inginika ziphi izizathu zokuthanda uJehova?’

8. Umthandazo ungasisiza kanjani sikhulise uthando lwethu ngoNkulunkulu?

8 Enye indlela uthando lwethu ngoJehova olungakhula ngayo ukuthandaza kuye njalo simthululele izifuba zethu. (IHu. 25:4, 5) UJehova uyobe esephendula imithandazo yethu. (1 Joh. 3:21, 22) UKhanh, udade wase-Asia uthi: “Ekuqaleni, uthando lwami ngoJehova lwalusekelwe kulokho engikufundile ngaye, kodwa lapho ngibona indlela aphendula ngayo imithandazo yami, lolo thando lwakhula. Lokhu kwangenza ngafuna ukwenza izinto ezimjabulisayo.” b

UTHANDO LWAKHO NGABANYE MALUQHUBEKE LUKHULA

9. UThimothewu wabonisa kanjani ukuthi uyathuthuka endleleni ayebonisa ngayo uthando?

9 Ngemva kweminyaka ethile uPawulu ebe umKristu, watholana nensizwa okuthiwa uThimothewu. UThimothewu wayemthanda uJehova, ebathanda nabantu. UPawulu watshela abaseFilipi: “Anginaye onjengoThimothewu ozoninakekela ngobuqotho.” (Fil. 2:20) UPawulu lapha wayengakhulumi ngekhono likaThimothewu lokuhlela izinto noma lokuba isikhulumi sasobala, kodwa wayethanda ukuthi uThimothewu wayebathanda abafowabo nodadewabo. Akungabazeki ukuthi amabandla uThimothewu ayewakhonza ayekulangazelela ukufika kwakhe.​—1 Kor. 4:17.

10. U-Anna nomyeni wakhe babonisa kanjani ukuthi bayabathanda abafowabo nodadewabo?

10 Nathi siyazibheka izindlela zokusiza abafowethu nodadewethu. (Heb. 13:16) Cabanga ngokwenzeka ku-Anna okukhulunywe ngaye esihlokweni esidlule. Ngemva kwesiphepho esinamandla, yena nomyeni wakhe bavakashela umndeni ongoFakazi, bafike bathola ukuthi uphahla lwendlu yawo ludilikile. Ngenxa yalokho, lo mndeni wawungenazo izingubo zokugqoka ezihlanzekile. U-Anna uthi: “Sathatha izingubo zabo, saziwasha, sazibuyisa sesizi-ayinile sazigoqa. Kithina kwakuyisenzo esincane nje leso kodwa sasenza saba abangani abakhulu kuze kube namuhla.” Indlela u-Anna nomyeni wakhe ababebathanda ngayo abazalwane nodade yabenza babasiza ngokoqobo.​—1 Joh. 3:17, 18.

11. (a) Imizamo yethu yokubonisa uthando ingabathinta kanjani abanye? (b) IzAga 19:17 zithi yini uJehova ayenzayo lapho sibonisa uthando?

11 Lapho sibabonisa uthando nomusa abanye, ngokuvamile bayayiqaphela imizamo esiyenzayo yokulingisa indlela uJehova acabanga nenza ngayo. Umusa esibabonisa wona bangase bawazise ngendlela esingakaze siyicabange. UKhanh, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, unezinkumbulo ezinhle ngalabo ababemsiza. Uthi: “Ngibabonga kakhulu odade ababehamba nami ensimini. Babengilanda, bangimemele isidlo esilula noma sasemini bese bengibuyisela ekhaya. Sengiyabona manje ukuthi kwakuwumsebenzi onzima lo, kodwa babethanda ukuwenza.” Kuyiqiniso ukuthi akuyena wonke umuntu oyosibonga ngalokho esimenzela kona. UKhanh uthi ngalabo ababemsiza: “Ngifisa sengathi nami ngingabenzela okuhle ngenxa yomusa abangibonisa wona, kodwa angibazi ukuthi bahlalaphi. Kodwa uJehova uyabazi ukuthi bahlalaphi futhi ngithandazela ukuba abenzele okuhle nabo.” UKhanh uqinisile. UJehova uqaphela ngisho nezenzo ezincane kakhulu zomusa esizenzela abanye. Lezo zenzo uzibheka njengomnikelo obalulekile nanjengesikweletu azosikhokha.​—Funda izAga 19:17.

Lapho umuntu ethuthuka ekukhonzeni uJehova, ubheka izindlela zokusiza abanye (Bheka isigaba 12)

12. Abazalwane bangalubonisa kanjani uthando ebandleni? (Bheka nezithombe.)

12 Uma ungumzalwane, ungababonisa kanjani abanye ukuthi uyabathanda futhi uzame ukubasiza? Umzalwane osemusha okuthiwa uJordan wabuza umdala ukuthi yini eyengeziwe angayenza ukuze asize ebandleni. Umdala wamncoma ngentuthuko aseyenzile wayesemnikeza amacebiso mayelana nokuthi yini eyengeziwe angayenza. Ngokwesibonelo, wasikisela ukuba uJordan asheshe afike eHholo LoMbuso abingelele abanye, aphendule emihlanganweni, ashumayele njalo neqembu lakhe lenkonzo yasensimini, abheke nezindlela ezingokoqobo zokusiza abanye. Lapho uJordan ekwenza lokho, akagcinanga nje ngokufunda amakhono amasha, wafunda nokubathanda nakakhulu abafowabo nodadewabo. Wafunda ukuthi lapho umzalwane eba inceku ekhonzayo, akaqali lapho ukusiza abanye kunalokho uyaqhubeka ebasiza.​—1 Thim. 3:8-10, 13.

13. Uthando lwamenza kanjani uChristian waphinde wafanelekela ukuba umdala?

13 Kuthiwani uma wake waba inceku ekhonzayo noma umdala? UJehova uyawukhumbula umsebenzi owawenza esikhathini esidlule nothando olwalukuqhuba ukuba uwenze. (1 Kor. 15:58) Uyalubona nothando oqhubeka ulubonisa manje. Umzalwane okuthiwa uChristian wadumazeka lapho eyekiswa ukuba umdala. Nokho, uthi: “Nganquma ukwenza konke okusemandleni ukuze ngikhonze uJehova ngoba ngimthanda​—kungakhathaliseki ukuthi ngiwumdala noma cha.” Ngokuhamba kwesikhathi waphinde wamiswa waba umdala. UChristian uyavuma: “Ngangesaba ukuphinde ngikhonze njengomdala. Kodwa nganquma ukuthi uma uJehova, ngenxa yesihe sakhe, engivumela ukuba ngiphinde ngikhonze njengomdala, ngizokwenza lokho ngoba ngimthanda futhi ngithanda nabafowethu nodadewethu.”

14. Ufundani kulokho okwashiwo udade waseGeorgia?

14 Izinceku zikaJehova zibonisa nomakhelwane ukuthi ziyabathanda. (Math. 22:37-39) Ngokwesibonelo, u-Elena, udade ohlala ezweni laseGeorgia, uthi: “Ekuqaleni, okuwukuphela kwento eyayingiqhuba ukuba ngishumayele ukuthanda uJehova. Kodwa njengoba ngangiya ngimthanda nakakhulu uBaba osezulwini, nabantu ngabathanda nakakhulu. Ngazama ukucabanga izinkinga ababebhekene nazo nokuthi yiziphi izihloko ezingabathinta inhliziyo. Njengoba ngangilokhu ngicabanga ngalokho, ngangifuna ukubasiza ngokwengeziwe.”​—Roma 10:13-15.

IZIBUSISO ESIZITHOLA NGOKUBONISA ABANYE UTHANDO

Isenzo esisodwa nje sothando singaholela ekubusisweni kwabantu abaningi (Bheka izigaba 15-16)

15-16. Njengoba kuveziwe ezithombeni ezifanekisela okwenzeka ngokoqobo, yiziphi izibusiso esizithola ngokubonisa abanye uthando?

15 Lapho sibonisa abanye uthando, akuzuzi bona kuphela. Ngemva kokuba ubhubhane lwe-COVID-19 luqalile, umzalwane okuthiwa uPaolo nomkakhe basiza odade abaningi asebekhulile bafunda ukuthi bangayisebenzisa kanjani imishini yabo yezobuchwepheshe ukuze bashumayele. Omunye udade owaqale wakuthola kunzima ukusebenzisa umshini wakhe wezobuchwepheshe wagcina efundile. Wakwazi ukuwusebenzisela ukumemela izihlobo zakhe eSikhumbuzweni. Ezingu-60 zaba khona eSikhumbuzweni zisebenzisa ividiyo! Lo dade nezihlobo zakhe bazuza emizamweni kaPaolo nomkakhe. Kamuva, lo dade wabhalela uPaolo wathi: “Siyabonga ngokusifundisa thina bantu asebekhulile. Angisoze ngakukhohlwa ukukhathalela kukaJehova nemizamo yakho yokusisiza.”

16 Lokhu nokunye okufana nakho kwafundisa uPaolo isifundo esibalulekile. Kwamkhumbuza ukuthi uthando lubaluleke ukwedlula ulwazi noma amakhono angokwemvelo. Uthi: “Ngake ngaba umbonisi wesigodi. Manje sengiyabona ukuthi nakuba abamemezeli kungenzeka sebazikhohlwa izinkulumo engazinikeza, basazikhumbula izinto engazenza ukuze ngibasize.”

17. Ubani omunye ozozuza lapho sibonisa uthando?

17 Lapho sibonisa abanye uthando, nathi sizuza ngezindlela ebesingazilindele. UJonathan, ohlala eNew Zealand, uyavumelana nalokho. Ngelinye ilanga ngoMgqibelo ntambama kushisa, wabona umzalwane oyiphayona eshumayela emgwaqweni. UJonathan wanquma ukusebenza naleli phayona ntambama ngeMigqibelo elandelayo. Ngaleso sikhathi wayengazi ukuthi naye wayezozuza kangakanani kulesi senzo somusa. UJonathan uthi: “Ngaleso sikhathi ngangingayithandi insimu. Kodwa lapho ngilalela indlela leli phayona elalifundisa ngayo, ngibona nendlela inkonzo yalo eyayithela ngayo, lokho kwangenza ngawuthanda ngempela lo msebenzi. Ngathola nomngani owangisiza ngathuthuka, ngajabulela inkonzo, ngasondelana nakakhulu noJehova.”

18. Yini uJehova afuna siyenze?

18 UJehova ufuna sonke sikhule endleleni esimthanda ngayo nesithanda ngayo abanye. Njengoba sifundile, singayikhulisa indlela esithanda ngayo uJehova ngokufunda iZwi lakhe, ukuzindla nangokukhuluma naye njalo ngomthandazo. Indlela esithanda ngayo abafowethu nodadewethu singayikhulisa ngokubasiza ngezindlela ezingokoqobo. Njengoba uthando lwethu lukhula, siyosondela nakakhulu kuJehova nakubafowethu nodadewethu. Lobo bungani buyohlala kuze kube phakade!

INGOMA 109 Thanda Kakhulu Ngokusuka Enhliziyweni

a Kungakhathaliseki ukuthi sibasha eqinisweni noma sesikhonze uJehova iminyaka eminingi, sonke singaqhubeka sithuthuka. Lesi sihloko sizoxoxa ngendlela ebalulekile esingakwenza ngayo lokhu: ukukhulisa indlela esimthanda ngayo uJehova nabanye. Njengoba uzindla ngalesi sihloko, cabanga ngentuthuko osuyenzile nangokuthi yini ongayenza ukuze uqhubeke uthuthuka.

b Amanye amagama ashintshiwe.