Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 29

INGOMA 121 Kudingeka Sizithibe

Hlale Ukulungele Ukumelana Nesilingo

Hlale Ukulungele Ukumelana Nesilingo

“Hlalani nilindile futhi nithandaze njalo, ukuze ningangeni esilingweni.”MATH. 26:41.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Ukusisiza sibone ukuthi kungani kubalulekile ukugwema ukwenza isono, siqaphe nezinto eziholela kuso.

1-2. (a) UJesu wabanika siphi isixwayiso abafundi bakhe? (b) Kungani abafundi bamshiya uJesu? (Bheka nezithombe.)

 “YEBO, umoya uyafisa, kodwa inyama ibuthakathaka.” a (Math. 26:41b) Ngala mazwi, uJesu wabonisa ukuthi uyaqonda ukuthi sinesono. Kodwa emazwini akhe kukhona nesixwayiso: Masiqaphele singazethembi ngokweqile. Ngabo kanye lobo busuku, ngokuzethemba abafundi bakhe babethembise ukuthi abasoze bayishiya iNkosi yabo. (Math. 26:35) Babenezisusa ezinhle. Noma kunjalo, babengaqondi ukuthi kwakuyoba nzima kangakanani ukwenza okufanele lapho sebebhekene sesimo esinzima. Ngakho, uJesu wabaxwayisa: “Hlalani nilindile futhi nithandaze njalo, ukuze ningangeni esilingweni.”—Math. 26:41a.

2 Ngokudabukisayo, abafundi bahluleka ukuhlala belindile. Ngesikhathi uJesu eboshwa, ingabe bahlala naye noma bangena esilingweni babaleka? Ngenxa yokuthi babengaqaphile, abafundi benza lokho kanye ababethe abasoze bakwenza—bamshiya uJesu.—Math. 26:56.

UJesu watshela abafundi bakhe ukuba bahlale belindile nokuba baqaphe ukuze bangangeni esilingweni, kodwa bamshiya (Bheka izigaba 1-2)


3. (a) Ukuze sihlale siqotho kuJehova, kungani kumele sigweme ukuzethemba ngokweqile? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Asinakulokotha sizethembe ngokweqile. Yiqiniso ukuthi sizimisele ukungavumeli lutho lusenze sifulathele uJehova. Nokho, sinesono futhi kalula singazithola sesingene esilingweni. (Roma 5:12; 7:​21-23) Singalindele, singazithola sesibhekene nesimo esenza kubonakale kukhanga kakhulu ukwenza okungalungile. Ukuze sihlale siqotho kuJehova neNdodana yakhe, kudingeka silalele iseluleko sikaJesu sokuhlale siqaphile ukuze singangeni esilingweni sesono. Lesi sihloko singasisiza senze lokho kanye. Okokuqala, sizoxoxa ngokuthi yiziphi izimo okumele siqaphe kuzo ngokukhethekile. Sizobe sesixoxa ngokuthi singaqapha kanjani ukuze singangeni esilingweni. Ekugcineni, sizoxoxa ngokuthi singahlala kanjani siqaphile.

YIZIPHI IZINTO OKUMELE SIHLALE SIZIQAPHILE?

4-5. Kungani kumele sihlale siziqaphile ngisho nezono ezincane?

4 Ngisho izono ezibonakala zizincane zingabulimaza ubuhlobo bethu noJehova. Zingenza nokuba sigcine sesenza izono ezinkulu.

5 Sonke siyalingeka ukuba senze isono. Kodwa izinto esibuthaka kuzo azifani, kungaba isilingo sokwenza isono esikhulu, isilingo sokwenza uhlobo oluthile lokuziphatha okungcolile noma ukunqotshwa ukucabanga kwezwe. Ngokwesibonelo, omunye angase alwisane nesilingo sokuziphatha kabi ngokocansi. Omunye kungase kudingeke alwisane nesilingo sokwenza imikhuba engcolile njengokushaya indlwabu noma ukubukela izithombe zocansi ezingcolile. Omunye angase alwisane nokwesaba abantu, ukuzazisa, ukushesha ukucasuka noma okunye. Njengoba uJakobe asho, “yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuyengwa yisifiso sakhe.”Jak. 1:14.

6. Yini okumele sibe qotho kuyo?

6 Uyazazi yini izinto eziyisilingo kakhulu kuwe? Akusizi ngalutho ukuzikhohlisa siphike ubuthaka bethu noma siphethe ngokuthi siqine ngokwanele ukuba singenza isono. (1 Joh 1:8) Khumbula ukuthi uPawulu wathi ngisho nalabo ‘abanezimfanelo ezingokomoya’ bangase banqotshwe isilingo uma beyeka ukuqapha. (Gal. 6:​1, mbhw.) Kumele sibe qotho lapho sizihlola, sizivume izinto esibuthaka kuzo.—2 Kor. 13:5.

7. Yini okufanele siyiqaphe ngokukhethekile? Fanekisa.

7 Lapho sesizazi izinto eziyisilingo kakhulu kithi, yini okufanele siyenze? Masenze konke esingakwenza ukuze sikulungele kangcono ukumelana nalezo zilingo! Ngokwesibonelo, ngezikhathi zeBhayibheli ingxenye yodonga lwedolobha eyayichayeke kakhulu ezingozini kwakungamasango alo. Ngenxa yalokho, amasango ayeba nabaqaphi abaningi. Ngendlela efanayo, kudingeka siziqaphe ngokukhethekile noma yiziphi izinto esaziyo ukuthi sibuthaka kakhulu kuzo.—1 Kor. 9:27.

INDLELA ESINGAQAPHA NGAYO

8-9. Insizwa okukhulunywe ngayo kuzAga isahluko 7 yayingakugwema kanjani ukwenza isono esikhulu? (IzAga 7:​8, 9, 13, 14, 21)

8 Yini esingayenza ukuze sihlale siqaphile? Cabanga ngalokho esingakufunda ensizweni okukhulunywa ngayo kuzAga isahluko 7. Yaziphatha kabi ngokocansi nowesifazane ongenasimilo. Ivesi 22 lithi le nsizwa yamlandela “ngokushesha” lona wesifazane. Kodwa njengoba amavesi angaphambi kwaleli vesi ebonisa, yenza izinto ezithile ezayiholela esonweni kancane kancane.

9 Yini eyenza le nsizwa yagcina seyenze isono? Okokuqala, kusihlwa, “yayidlula ngesitaladi iya ngasekhoneni lomgwaqo walona wesifazane [ongenasimilo].” Ngemva kwalokho, yahamba ngendlela eya endlini yalona wesifazane. (Funda izAga 7:​8, 9.) Lapho isimbona ayizange ijike ibuyele emuva. Kunalokho yavuma ukuqatshulwa yilona wesifazane, yamlalela njengoba ekhuluma ngemihlatshelo ehlanganyelwayo ayeyinikele, mhlawumbe ezama ukuyenza icabange ukuthi akayena umuntu omubi. (Funda izAga 7:​13, 14, 21.) Ukube le nsizwa yazigwema izingozi ezayiholela esonweni yayiyosigwema leso silingo naleso sono.

10. Namuhla umuntu angalenza kanjani iphutha elifana nelenziwa yile nsizwa?

10 Indaba elandiswa uSolomoni ibonisa lokho okungenzeka kunoma yimuphi umkhulekeli kaJehova. Angase enze isono esikhulu bese kamuva abone sengathi yonke into yenzeke “ngokushesha.” Noma angase athi, “Ngibone sekwenzeka nje.” Nokho, uma ecabangisisa ngokwenzekile, cishe uyoqaphela ukuthi kunezinto ezingahlakaniphile azenzile ezimholele ekwenzeni isono. Lezo zinto kungenzeka bezihlanganisa ukuzihlanganisa nabangani ababi, ukuzijabulisa okungcolile, noma ukujwayela ukuya ezindaweni ezingabazisayo—kungaba ngokoqobo noma kuyi-inthanethi. Mhlawumbe uyekile nokuthandaza, ukufunda iBhayibheli, ukuya emihlanganweni yebandla noma ukushumayela. Njengensizwa okukhulunywe ngayo kuzAga, kungenzeka isono akasenzanga “ngokushesha,” kodwa usenze ngemva kokwenza izinqumo eziningi ezingahlakaniphile.

11. Yini okumele siyenze ukuze sigweme ukwenza isono?

11 Yini esiyifundayo kule ndaba? Kudingeka singagwemi nje kuphela ukwenza isono, kodwa nezinto eziholela kuso. Yilelo kanye iphuzu elalivezwa uSolomoni ngemva kokulandisa indaba yale nsizwa nowesifazane ongenasimilo. Ebhekisela kulona wesifazane, uthi: “Ninganhlanhlatheli ezindleleni zakhe.” (IzAga 7:25) Ubuye athi ngalona wesifazane ondindayo: “Hambela kude naye; ungasondeli emnyango wendlu yakhe.” (IzAga 5:​3, 8) Yebo, siyaziqapha ekwenzeni isono ngokuthi sihambele kude nezinto noma izimo ezingaholela kuso. b Lokhu kungase kuhlanganise ukugwema izimo ezithile noma ukwenza izinto ezingezimbi kumaKristu, kodwa esaziyo ukuthi zingagcina zisenze sangena esilingweni.—Math. 5:​29, 30.

12. Yini uJobe anquma ukuyenza, futhi lokho kwakuyomsiza kanjani ukuba aqaphe angangeni esilingweni? (Jobe 31:1)

12 Ukuze sigweme izimo eziholela ekwenzeni isono, kuzodingeka sinqume kusengaphambili ukuba sihlale siqaphile. Yilokho kanye okwenziwa uJobe. ‘Wenza isivumelwano namehlo akhe’ sokuba angalokothi abuke abanye besifazane ngokubakhanuka. (Funda uJobe 31:1.) Ukunamathela kuleso sivumelwano asenza kwakuyomgcina kude nokuphinga. Nathi singanquma ukugwema noma yini engase isingenise esilingweni.

13. Kungani kumele siziqaphe izinto esizicabangayo? (Bheka nezithombe.)

13 Kumele siziqaphe nezinto esizicabangayo. (Eks. 20:17) Abanye bakholelwa ukuthi akukubi ukulokhu uzicabanga wenza izinto ezingafanele uma nje ungazenzi. Kodwa ukucabanga okunjalo akulungile. Umuntu olokhu ecabanga ngesifiso esingalungile usenza sibe namandla nakakhulu. Ngomqondo othile, uzakhela isilingo manje osekudingeka alwisane naso. Kuyavunywa, ngezinye izikhathi imicabango engalungile izofika engqondweni. Okubalulekile ukuyilahla ngokushesha leyo micabango, esikhundleni sayo ucabange ngezinto ezakhayo. Uma senza kanjalo, sinqanda imicabango engalungile ukuba ikhule ibe isifiso esinamandla okunzima ukulwisana naso nesingenza sigcine sesenze isono esikhulu.—Fil. 4:8; Kol. 3:2; Jak. 1:​13-15.

Kudingeka sigweme noma yini engase isingenise esilingweni (Bheka isigaba 13)


14. Yini enye engasisiza ukuba siqaphe singangeni esilingweni?

14 Yini enye esingayenza ukuze siqaphe singangeni esilingweni? Kudingeka siqiniseke ngokuphelele ukuthi ukulalela imithetho kaJehova kuyohlale kusizuzisa. Ngezinye izikhathi singase sikuthole kunzima ukuvumelanisa imicabango yethu kanye nezifiso zethu nalokho okufunwa uNkulunkulu, kodwa ukuthula kwengqondo esiyokuthola kuyosenza sijabule ngokuthi siwenzile umzamo.

15. Ukulwela ukuba nezifiso ezifanele kuyosisiza kanjani siqaphe ukuba singangeni esilingweni?

15 Kudingeka silwele ukuba nezifiso ezifanele. Uma sifunda ‘ukuzonda okubi, sithande okuhle,’ siyozimisela nakakhulu ukwenza okulungile, sigweme izimo ezingasiholela ekwenzeni isono. (Amose 5:15) Izifiso ezifanele ziyosisiza nokuba sihlale siqinile uma sizithola sisesimweni esilingayo ebesingasilindele noma ebesingenakusigwema.

16. Ukwenza izinto ezingokomoya kungasisiza kanjani sihlale siqaphile? (Bheka nezithombe.)

16 Singaba kanjani nezifiso ezifanele? Kufanele sihlale simatasa ngezinto ezingokomoya. Lapho sisemihlanganweni yobuKristu noma enkonzweni, asilingeki kalula ukuba senze okungalungile. Kunalokho, sikhulisa isifiso sethu sokujabulisa uJehova. (Math. 28:​19, 20; Heb. 10:​24, 25) Ngokufunda nangokutadisha iZwi likaNkulunkulu bese sizindla ngalo sikhulisa uthando esinalo ngokulungile futhi sikuzonda nakakhulu okubi. (Josh. 1:8; IHu. 1:​2, 3; 119:​97, 101) Khumbula, uJesu watshela abafundi bakhe: “Nithandaze njalo, ukuze ningangeni esilingweni.” (Math. 26:41) Lapho sithandaza kuBaba wethu osezulwini, simnika ithuba lokusisiza futhi sizimisela nakakhulu ukuba simjabulise.—Jak. 4:8.

Ukuba nesimiso esihle sezinto ezingokomoya kusenza simelane kangcono nezilingo (Bheka isigaba 16) c


HLALE UQAPHILE

17. Yibuphi ubuthaka obanqoba uPetru izikhathi eziningana?

17 Cishe singakwazi ukubunqoba ngokuphelele obunye ubuthaka esinabo. Kodwa singase sithole ukuthi obunye ubuthaka kudingeka silwe nabo isikhathi eside. Cabanga ngesibonelo somphostoli uPetru. Ukwesaba abantu kwamenza waphika uJesu kathathu. (Math. 26:​69-75) Kwakubonakala sengathi uPetru wayesekunqobile lokho kwesaba lapho ngesibindi enikeza ubufakazi phambi kweSanhedrini. (IzE. 5:​27-29) Nokho, eminyakeni ethile kamuva wayeka ukudla namaKristu angabeZizwe okwesikhashana ngoba “esaba labo besigaba sabasokile.” (Gal. 2:​11, 12) UPetru waphinde wabanjwa ukwesaba. Kungenzeka akazange akunqobe ngokuphelele.

18. Yini engase yenzeke ngobunye ubuthaka esinabo?

18 Singase sizithole sisesimweni esifanayo. Kanjani? Singase siphinde silingwe ubuthaka ebesicabanga ukuthi sesibunqobile. Ngokwesibonelo, omunye umzalwane uyavuma: “Kwase kuphele iminyaka eyishumi ngiyekile ukubuka izithombe zocansi ezingcolile futhi ngangiqiniseka ukuthi ngase ngiyinqobile leyo nkinga. Kodwa ubuthaka bami babufana nesilwane esiyingozi esicashile esilinde isikhathi esikahle ukuze sihlasele.” Kuyancomeka ukuthi umfowethu akazange aphele amandla. Waqaphela ukuthi kwakudingeka enze okuthile usuku nosuku ukuze alwisane nalobo buthaka—mhlawumbe ukuphila kwakhe konke kuleli zwe elibi. Esizwa umkakhe nabadala bebandla, uye waqapha kakhudlwana ukuze akwazi ukumelana nesilingo sokubuka izithombe zocansi ezingcolile.

19. Singamelana kanjani nobuthaka esingakabunqobi?

19 Singamelana kanjani nobuthaka esingakabunqobi ukuze singagcini sesenza into engalungile? Kumele silalele iseluleko sikaJesu ngokuphathelene nesilingo: “Hlalani nilindile.” Ngisho nangezikhathi ozizwa unamandla ngazo, qhubeka ugwema izimo ezingakwenza ungene esilingweni. (1 Kor. 10:12) Qhubeka wenza izinto esezikusizile kakade walwisana nobuthaka onabo. IzAga 28:14 zithi: “Uyajabula umuntu ohlale eqaphile.”—2 Pet. 3:14.

IZINZUZO ZOKUHLALE SIQAPHILE

20-21. (a) Yiziphi izinzuzo esiyozithola njengoba sihlale siqaphile ukuze singangeni esilingweni? (b) Uma senza ingxenye yethu, yini uJehova ayosenzela yona? (2 Korinte 4:7)

20 Singaqiniseka ngokuthi ukuhlale siqaphile ukuze singangeni esilingweni kuhlale kusizuzisa. Ukuphila ngemithetho kaJehova kuyosijabulisa kakhulu ukwedlula ‘injabulo yesikhashana’ esingase siyithole ngokwenza isono. (Heb. 11:25; IHu. 19:8) Lokho kungenxa yokuthi uJehova usidale ngendlela yokuba siphile ngokuvumelana nezindlela zakhe. (Gen. 1:27) Ngakho siyoba nonembeza ohlanzekile futhi siyoqhubeka sisendleleni eholela ekuphileni okuphakade.—1 Thim. 6:12; 2 Thim. 1:3; Jude 20, 21.

21 Yiqiniso ukuthi “inyama ibuthakathaka.” Kodwa lokho akusho ukuthi akukho esingakwenza ngobuthakathaka esinabo. UJehova ukulungele ukusinika amandla esiwadingayo. (Funda eyesi-2 Korinte 4:7.) Nokho, qaphela ukuthi uNkulunkulu usinika amandla angaphezu kwavamile. Kuwumthwalo wethu ukusebenzisa amandla ethu avamile—umzamo esiwenza usuku nosuku ukuze siqaphe singangeni esilingweni. Uma senza ingxenye yethu, singaqiniseka ngokuthi uJehova uyoyiphendula imithandazo yethu yokuthola amandla engeziwe lapho siwadinga. (1 Kor. 10:13) Yebo, ngosizo lukaJehova singahlale siqaphile ukuze singangeni esilingweni.

INGOMA 47 Thandaza KuJehova Nsuku Zonke

a INCAZELO YAMAGAMA: “Umoya” okukhulunywa ngawo kuMathewu 26:41 amandla angaphakathi kithi asenza sizizwe noma senze ngendlela esenza ngayo. “Inyama” isimo sethu sokungapheleli nokuba nesono. Ngakho singase sibe nezinhloso ezinhle zokwenza okulungile, kodwa uma singaqaphile singase sinqotshwe isilingo sokwenza lokho iBhayibheli elithi akulungile.

b Umuntu owenze isono esikhulu angathola usizo encwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade!, isifundo 57 amaphuzu 1-3, nasesihlokweni esithi “‘Bheka Phambili’ Esikhathini Esizayo” kuyi-Nqabayokulinda kaNovemba 2020, kk. 27-29, izig. 12-17.

c INCAZELO YESITHOMBE: Umzalwane ufunda umbhalo wosuku ekuseni, ufunda iBhayibheli ngesikhathi sekhefu, uya emhlanganweni waphakathi neviki kusihlwa.