Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 30

INGOMA 36 Siqapha Izinhliziyo Zethu

Izifundo Ezibalulekile Esizifunda Emakhosini Akwa-Israyeli

Izifundo Ezibalulekile Esizifunda Emakhosini Akwa-Israyeli

“Niyophinde niwubone umehluko phakathi komuntu olungile nomuntu omubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”MAL. 3:18.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Sizofunda indlela uJehova ayehlola ngayo amakhosi akwa-Israyeli ukuthi mahle yini noma mabi ukuze siqonde ukuthi yini ayibhekayo kubakhulekeli bakhe namuhla.

1-2. Yini iBhayibheli elisembulela yona ngamanye amakhosi akwa-Israyeli?

 IBHAYIBHELI lisitshela ngamadoda angaphezu kuka-40 abusa njengamakhosi akwa-Israyeli. a Lisembulela nemininingwane ethakazelisayo ngamanye awo. Ngokwesibonelo, ngisho namakhosi amahle azenza ezinye izinto ezimbi. Cabanga ngeNkosi enhle uDavide. UJehova wathi: ‘Inceku yami uDavide . . . yangilandela ngayo yonke inhliziyo yayo, yenza okulungile kuphela emehlweni ami.’ (1 AmaKh. 14:8) Nakuba kunjalo, leyo ndoda yaziphatha kabi ngokocansi nowesifazane oshadile futhi yahlela nokuba umyeni wakhe abulawe empini.—2 Sam. 11:​4, 14, 15.

2 Ngakolunye uhlangothi, amakhosi amaningi angathembekile azenza ezinye izinto ezinhle. Cabanga ngoRehobowamu. Emehlweni kaJehova ‘wenza okubi.’ (2 IziKr. 12:14) Noma kunjalo, uRehobowamu wawulalela umyalo kaNkulunkulu wokuba avumele izizwe eziyishumi ukuba zihlamuke umbuso wakhe. Wazuzisa nesizwe sakhe ngokwenza amadolobha aso abe nezivikelo eziqinile.—1 AmaKh. 12:​21-24; 2 IziKr. 11:​5-12.

3. Yimuphi umbuzo obalulekile ophakamayo, futhi sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Kuphakama umbuzo obalulekile. Uma amakhosi akwa-Israyeli ayenza izinto ezinhle noma ezimbi, uJehova wayenquma kanjani ukuthi inkosi ithembekile yini noma cha emehlweni akhe? Impendulo yalowo mbuzo izosisiza siqonde ukuthi yini uJehova ayibhekayo kithi. Sizoxoxa ngezinto ezintathu uJehova ayezicabangela lapho enquma ukuthi amakhosi akwa-Israyeli ayemahle noma ayemabi: isimo sawo senhliziyo, ukuphenduka kwawo nokuthi ayeqhubeka yini nokukhonza uNkulunkulu ngeqiniso.

AYEMTHANDA NGENHLIZIYO YONKE UJEHOVA

4. Wawuyini umehluko phakathi kwamakhosi athembekile namakhosi angathembekile?

4 Amakhosi ayejabulisa uJehova, ayemkhonza ngenhliziyo yonke. b INkosi enhle uJehoshafati ‘yafuna uJehova ngayo yonke inhliziyo yayo.’ (2 IziKr. 22:9) IBhayibheli lithi ngoJosiya: “Akukho nkosi eyaba njengaye ngaphambi kwakhe, eyabuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yayo.” (2 AmaKh. 23:25) Kuthiwani ngoSolomoni, okwathi kwamuva wenza okubi? “Inhliziyo yakhe yayingazinikele ngokuphelele.” (1 AmaKh. 11:4) Ngokuphathelene no-Abhiyamu, enye inkosi engathembekile, iBhayibheli lithi: “Inhliziyo yakhe yayingazinikele ngokuphelele kuJehova.”—1 AmaKh. 15:3.

5. Chaza ukuthi kusho ukuthini ukukhonza uJehova ngenhliziyo yonke.

5 Pho, kusho ukuthini ukukhonza uJehova ngenhliziyo yonke? Umuntu okhonza uNkulunkulu ngenhliziyo yonke akamkhonzi nje ngoba nakhu kufanele amkhonze. Kunalokho, umkhonza ngoba emthanda futhi ezinikele kuye. Ngaphezu kwalokho, uyaqhubeka emthanda futhi ezinikele kuye ukuphila kwakhe konke.

6. Yini esingayenza ukuze sihlale sithanda uJehova ngenhliziyo yonke? (IzAga 4:23; Mathewu 5:​29, 30)

6 Singawalingisa kanjani amakhosi athembekile, sithande uJehova ngenhliziyo yonke? Singawalingisa ngokugwema amathonya amabi. Ngokwesibonelo, ukuzijabulisa okungahlanzekile kungayenza ihlukane phakathi inhliziyo yethu. Kunjalo nangokuba nabangani ababi nokuthanda imali ngokweqile. Uma siqaphela ukuthi into ethile isiqala ukunciphisa uthando esinalo ngoJehova, kumele siyilungise ngokushesha indlela esicabanga ngayo nesenza ngayo.—Funda izAga 4:23; Mathewu 5:​29, 30.

7. Kungani kubalulekile ukugwema amathonya amabi?

7 Akumele sivumele izinhliziyo zethu zihlukane phakathi. Uma singaqaphile, singase sizikhohlise sicabange ukuthi ngokwenza imisebenzi engokomoya ethe xaxa ngeke kudingeke silwe namathonya amabi. Ake sifanekise: Awuzicabange ungaphandle, amakhaza ashubisa umnkantsha futhi kunomoya obandayo. Ube usungena endlini, ugqoke izimpahla ezifudumele. Kodwa kuyokusiza kangakanani ukwenza lokho uma ungawuvali umnyango? Umoya obandayo ongena emnyango ungenza kube makhaza endlini. Liyini iphuzu? Akudingeki sigcine ngokuzondla ngokudla okungokomoya okwenza sibe nobuhlobo obuhle noJehova. Kudingeka sizivikele nasemathonyeni amabi, njengokungathi sivala umnyango ukuze umoya obandayo waleli zwe noma isimo sengqondo sokungamhloniphi uNkulunkulu kungangeni enhliziyweni yethu kuyenze ihlukane phakathi.—Efe. 2:2.

APHENDUKA EZONWENI ZAWO

8-9. INkosi uDavide neNkosi uHezekiya basabela kanjani lapho besolwa? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

8 Njengoba kushiwo ekuqaleni, iNkosi uDavide yenza iphutha elibi kakhulu. Kodwa lapho umprofethi uNathani emtshela ngesono ayesenzile, ngokuthobeka uDavide waphenduka. (2 Sam. 12:13) Amazwi awasho abhalwe kumaHubo 51 asibonisa ukuthi wayephenduke ngempela. UDavide akazange nje ezenzise ukuze akhohlise uNathani noma ukuze abalekele isijeziso.—IHu. 51:​3, 4, 17, umbhalo ongenhla.

9 INkosi uHezekiya nayo yona kuJehova. IBhayibheli lithi: “Inhliziyo yakhe yazidla, wazibizela yena noJuda neJerusalema intukuthelo kaNkulunkulu.” (2 IziKr. 32:25) Kungani uHezekiya aqhosha? Kungenzeka wazibona emkhulu ngenxa yengcebo yakhe, ukunqoba kwakhe amaSiriya noma ukwelashwa kwakhe ngokuyisimangaliso. Kungenzeka ukuqhosha kwamenza wabukisa ngengcebo yakhe kwabaseBhabhiloni, okwenza ukuba umprofethi u-Isaya ameluleke. (2 AmaKh. 20:​12-18) Kodwa njengoDavide, uHezekiya wazithoba waphenduka. (2 IziKr. 32:26) Ekugcineni, uJehova wambheka njengenkosi ethembekile ‘eyaqhubeka yenza okulungile.’—2 AmaKh. 18:3.

INkosi uDavide neNkosi uHezekiya bazithoba baphenduka ngemva kokuba sebetshelwe ngezono zabo (Bheka izigaba 8-⁠9)


10. INkosi u-Amaziya yasabela kanjani lapho ithola iseluleko?

10 Ngokungafani noDavide noHezekiya, u-Amaziya iNkosi yakwaJuda yakwenza okulungile “kodwa akakwenzanga ngenhliziyo ephelele.” (2 IziKr. 25:2) Konakalaphi? Ngemva kokuba uJehova emsizile wanqoba abakwa-Edomi, u-Amaziya wakhulekela onkulunkulu babo. c Kwathi lapho umprofethi kaJehova ekhuluma naye ngalokho, inkosi yaba nenkani yamxosha.—2 IziKr. 25:​14-16.

11. Ngokweyesi-2 Korinte 7:​9, 11, yini okumele siyenze ukuze uJehova asithethelele? (Bheka nezithombe.)

11 Sifundani kulezi zibonelo? Kudingeka siphenduke ezonweni zethu, senze konke esingakwenza ukuze singaziphindi. Kuthiwani uma abadala ebandleni beseluleka, ngisho noma beseluleka ngento esibona sengathi iwubala? Akufanele sibe nomuzwa wokuthi uJehova nabadala abasithandi. Ngisho namakhosi amahle akwa-Israyeli ayesidinga iseluleko nesiyalo. (Heb. 12:6) Lapho selulekwa, kufanele (1) sithobeke, (2) senze izinguquko ezidingekayo, futhi (3) siqhubeke sikhonza uJehova ngenhliziyo yonke. Uma siphenduka ezonweni zethu, uJehova uyosithethelela.—Funda eyesi-2 Korinte 7:​9, 11.

Lapho selulekwa, kufanele (1) sithobeke, (2) senze izinguquko ezidingekayo, futhi (3) siqhubeke sikhonza uJehova ngenhliziyo yonke (Bheka isigaba 11) f


AKHONZA UJEHOVA NGEQINISO

12. Ayehluke ngani ngokukhethekile amakhosi athembekile?

12 Amakhosi uJehova ayewabheka njengathembekile amkhonza ngeqiniso. Akhuthaza nabantu bakaJehova ukuba benze okufanayo. Yiqiniso, ayewenza amaphutha njengoba sifundile. Kodwa ayezinikele kuJehova kuphela futhi alwa kanzima ukuze aqede ukukhulekelwa kwezithixo. d

13. Kungani uJehova ahlulela iNkosi u-Ahabi ngokuthi yayingathembekile?

13 Kuthiwani ngamakhosi uJehova ayewahlulela ngokuthi awathembekile? Ngokuqinisekile akukhona ukuthi konke akwenza kwakukubi. Ngisho no-Ahabi iNkosi embi wabonisa ukuzithoba nokuzisola ngezinga elithile ngokuba nesandla ekubulaweni kukaNabhoti. (1 AmaKh. 21:​27-29) Wakha namadolobha wanqoba nezimpi zakwa-Israyeli. (1 AmaKh. 20:​21, 29; 22:39) Kodwa u-Ahabi wayaziwa ngokukhuthaza ukukhulekela kwamanga enxenxwa umkakhe. Akazange aphenduke kulokho ayekwenza.—1 AmaKh. 21:​25, 26.

14. (a) Kungani uJehova abheka uRehobowamu njengeNkosi engathembekile? (b) Ayebonakala ngani amakhosi angathembekile?

14 Cabanga ngenye inkosi engathembekile—uRehobowamu. Njengoba kushiwo ekuqaleni, ziningi izinto ezinhle azenza ngesikhathi ebusa. Kodwa lapho ubukhosi bakhe sebume baqina, wayeka ukulalela uMthetho kaJehova wakhulekela onkulunkulu bamanga. (2 IziKr. 12:1) Ngemva kwalokho wabe esekwenza kokubili, wayekhonza uJehova abuye akhonze nonkulunkulu bamanga. (1 AmaKh. 14:​21-24) URehobowamu no-Ahabi akuwona kuphela amakhosi ayeka ukukhonza uJehova ngeqiniso. Empeleni, maningi kakhulu amakhosi ayengathembekile ayesekela ukukhulekela kwamanga ngandlela-thile. Ngokusobala, emehlweni kaJehova, ukumkhonza ngeqiniso kwakuyinto ebaluleke kakhulu ekunqumeni ukuthi inkosi yinhle noma yimbi.

15. Kungani ukukhonza uJehova ngeqiniso kubalulekile kuye?

15 Kungani kwakubaluleke kangaka kuJehova ukuthi umuntu ukhonza bani? Esinye isizathu ukuthi kwakuwumthwalo wamakhosi ukusiza abantu bakaNkulunkulu ukuba bamkhonze ngeqiniso. Esinye isizathu ukuthi ukukhulekela kwamanga kwakwenza abantu benze ezinye izono ezinkulu nezinto ezingenabo ubulungisa. (Hos. 4:​1, 2) Ngaphezu kwalokho, amakhosi nabantu abangaphansi kwawo babezinikezele kuJehova. Ngakho, iBhayibheli lifanisa ukuzibandakanya nokukhulekela kwamanga nokuphinga. (Jer. 3:​8, 9) Umuntu ophingayo wona umuntu ashade naye futhi umzwisa ubuhlungu obukhulu. Ngendlela efanayo, inceku kaJehova ezinikezele ehlanganyela ekukhulekeleni kwamanga yona kuJehova ngokuqondile futhi imzwisa ubuhlungu obukhulu. eDut. 4:​23, 24.

16. Emehlweni kaJehova, yini ngokukhethekile ehlukanisa abantu abalungile kwababi?

16 Singafunda ziphi izifundo? Ngokuqinisekile, kumele sizimisele ukugwema ukukhulekela kwamanga. Kodwa futhi kumele siqhubeke sikhonza uJehova ngeqiniso, sihlale simatasa nasenkonzweni yakhe. Umprofethi uMalaki washo ngokucacile ukuthi uyini umehluko phakathi komuntu olungile nomuntu omubi emehlweni kaJehova. Wabhala: “Niyophinde niwubone umehluko phakathi komuntu olungile nomuntu omubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.” (Mal. 3:18) Ngakho, akumele sivumele lutho lusiqede amandla kangangokuba size siyeke ukukhonza uNkulunkulu—hhayi ngisho nobuthaka bethu namaphutha ethu. Kuyisono esikhulu ukuyeka ukukhonza uJehova.

17. Umuntu esishade naye angakuthinta kanjani ukuzinikela kwethu kuJehova?

17 Uma ungashadile futhi ucabangela ukushada, uyayibona yini indlela amazwi kaMalaki akhuluma ngokukhonza uJehova angakusiza ngayo ukhethe umngani womshado okahle? Kungenzeka umuntu abe nezimfanelo ezinhle, kodwa uma engamkhonzi uNkulunkulu weqiniso, ingabe uJehova umbheka njengomuntu olungile? (2 Kor. 6:14) Uma ushade nalowo muntu, uyokusiza yini uhlale uthembekile kuJehova? Cabanga ngalokhu: Amakhosikazi eNkosi uSolomoni angamaqaba kungenzeka ayenazo izimfanelo ezithile ezinhle. Kodwa ayengamkhonzi uJehova futhi kancane kancane achezukisa inhliziyo kaSolomoni ukuba ilandele onkulunkulu bamanga.—1 AmaKh. 11:​1, 4.

18. Yini abazali okufanele bayifundise izingane zabo?

18 Bazali, ningawusebenzisa umlando wamakhosi oseBhayibhelini ukuze nisize izingane zenu zikhonze uJehova ngentshiseko. Zisizeni ziqonde ukuthi ukuze uJehova athi inkosi yinhle noma yimbi lokho kwakuncike kakhulu ekutheni inkosi yayibakhuthaza yini abantu ukuba bamkhonze ngeqiniso. Fundisani izingane zenu ngalokho enikushoyo nangalokho enikwenzayo ukuthi izinto ezingokomoya—ezinjengokutadisha iBhayibheli, ukuya emihlanganweni nokuya enkonzweni yasensimini—ziza kuqala ekuphileni. (Math. 6:33) Ngale kwalokho izingane zenu zingase ziphethe ngokuthi ukuba uFakazi KaJehova kumane nje kuwukuba “senkolweni yasekhaya.” Ngenxa yalokho, zingase zenze ukukhonza uJehova ngeqiniso kungezi kuqala ekuphileni kwazo noma ziyeke ngokuphelele ukumkhonza.

19. Yiliphi ithemba abanalo labo abayekile ukukhonza uJehova? (Bheka nebhokisi elithi “ Ungabuyela KuJehova!”)

19 Uma umuntu eyekile ukukhonza uJehova, ingabe lokho kusho ukuthi alisekho ithemba ngaye? Cha, ngoba usengaphenduka aphinde akhonze uJehova ngeqiniso. Ukuze enze kanjalo, kungase kudingeke azithobe, amukele usizo kubadala bebandla. (Jak. 5:14) Ngeke azisole nganoma yimuphi umzamo ayowenza uma nje uyomenza aphinde amukelwe uJehova!

20. Uma silingisa amakhosi athembekile, uJehova uyosibheka kanjani?

20 Yiziphi izifundo esizifunde emakhosini akwa-Israyeli? Singaba njengamakhosi athembekile uma siqhubeka sinenhliziyo ezinikele ngokuphelele kuJehova. Masifunde emaphutheni ethu, siphenduke bese senza izinguquko ezidingekayo. Kwangathi singakukhumbula ukubaluleka kokukhonza owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Uma unamathela kuJehova, uyokubheka njengomuntu owenza okulungile emehlweni akhe.

INGOMA 45 Ukuzindla Kwenhliziyo Yami

a Kulesi sihloko, inkulumo ethi “amakhosi akwa-Israyeli” ibhekisela emakhosini ayebusa abantu bakaJehova, kungakhathaliseki ukuthi ayebusa embusweni wakwaJuda wezizwe ezimbili, embusweni wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi noma kuzo zonke izizwe ezingu-12.

b INCAZELO YEGAMA: Ngokuvamile iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “inhliziyo” ukuze lichaze umuntu esinguye ngaphakathi. Lokhu kuhlanganisa izifiso zomuntu, akucabangayo, isimo sakhe sengqondo, izinto akwazi ukuzenza, izisusa zakhe nemigomo yakhe.

c Ngalezo zikhathi, kwakuwumkhuba wamakhosi angamaqaba ukukhonza onkulunkulu bezizwe abazinqobile.

d INkosi u-Asa yenza izono ezinkulu kakhulu. (2 IziKr. 16:​7, 10) Noma kunjalo, iBhayibheli likhuluma kahle ngayo. Nakuba yaqale yasenqaba isiyalo, kungenzeka kamuva yaphenduka. Izimfanelo zayo ezinhle zaziziningi kunamaphutha ayo. Ngokuphawulekayo, u-Asa wakhonza uJehova kuphela futhi wazama ukuqeda ukukhonzwa kwezithixo embusweni wakhe.—1 AmaKh. 15:​11-13; 2 IziKr. 14:​2-5.

e Ngokuphawulekayo, imiyalo emibili yokuqala eMthethweni KaMose yayikwenqabela ukukhonza omunye umuntu noma enye into ngaphandle kukaJehova.—Eks. 20:​1-6.

f INCAZELO YEZITHOMBE: Umdala osemusha uveza ukukhathazeka kwakhe ngendlela omunye umzalwane aphuza ngayo. Lo mzalwane uyazithoba amukele iseluleko, enze izinguquko ezidingekayo, aqhubeke ekhonza uJehova ngokwethembeka.