Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 28

INGOMA 123 Ukuzithoba Ngobuqotho

Uyalibona Yini Iqiniso?

Uyalibona Yini Iqiniso?

“Yimani niqine, nibophe ibhande leqiniso okhalweni lwenu.”EFE. 6:14.

AMAPHUZU ABALULEKILE

Ukuziqeqesha ukuba sikwazi ukubona umehluko phakathi kweqiniso esilifundiswe uJehova namanga akhuthazwa uSathane nabantu abasiphikisayo.

1. Uzizwa kanjani ngeqiniso?

 ABANTU bakaJehova bayalithanda iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu. Ukholo lwethu lusekelwe kulo. (Roma 10:17) Siyaqiniseka ukuthi uJehova umise ibandla lobuKristu ukuba ‘lisekele [futhi] livikele iqiniso.’ (1 Thim. 3:15) Sizithoba ngokuzithandela kulabo “abaholayo” phakathi kwethu njengoba bechaza iqiniso eliseBhayibhelini, besinika nesiqondiso esivumelana nentando kaNkulunkulu.—Heb. 13:17.

2. NgokukaJakobe 5:​19, yini engase yenzeke kithi ngemva kokufunda iqiniso?

2 Nokho, ngisho nangemva kokwamukela iqiniso nendima yenhlangano kaNkulunkulu ekunikezeni isiqondiso esinokwethenjelwa, sisengadukiswa. (Funda uJakobe 5:19.) Ayikho into engajabulisa uSathane ukwedlula ukusibona siyeka ukwethemba iBhayibheli noma isiqondiso esisithola enhlanganweni kaNkulunkulu.—Efe. 4:14.

3. Kungani kudingeka silibambisise iqiniso? (Efesu 6:​13, 14)

3 Funda eyabase-Efesu 6:​13, 14. Maduze uDeveli uzosebenzisa amanga akholisayo ukuze adukise zonke izizwe azenze zimelane noJehova. (IsAm. 16:​13, 14) Singalindela nokuba imizamo kaSathane yokudukisa abantu bakaJehova ibe namandla nakakhulu. (IsAm. 12:9) Yingakho kubalulekile ukuthi siziqeqeshe ukuze sikwazi ukubona umehluko phakathi kweqiniso namanga, nokuba silalele iqiniso. (Roma 6:17; 1 Pet. 1:22) Ukusinda kwethu osizini olukhulu kuyoxhomeka lapho!

4. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

4 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezimfanelo ezimbili okudingeka sibe nazo ukuze sikwazi ukubona iqiniso elivela eBhayibhelini, samukele nesiqondiso esivela enhlanganweni kaNkulunkulu. Sizobe sesixoxa ngamacebiso amathathu okumele siwalandele ukuze siqhubeke sibambelele eqinisweni.

IZIMFANELO OKUDINGEKA SIBE NAZO UKUZE SIBONE IQINISO

5. Ukwesaba uJehova kusisiza kanjani silibone iqiniso?

5 Ukwesaba uJehova. Lapho sesikuhlakulele ukwesaba uJehova ngendlela efanele, simthanda kakhulu kangangokuba ngeke senze noma yini engamjabulisi. Sizimisele ukufunda umehluko phakathi kokulungile nokungalungile, nomehluko phakathi kweqiniso namanga ukuze samukeleke kuJehova. (IzAga 2:​3-6; Heb. 5:14) Akumele nanini sivumele ukwesaba abantu kwedlule uthando esinalo ngoJehova, ngoba ngokuvamile okujabulisa abantu akumjabulisi uJehova.

6. Ukwesaba abantu kwazenza kanjani izinhloli zakwa-Israyeli eziyishumi zasonta iqiniso?

6 Uma singase sesabe abantu kunokwesaba uNkulunkulu, singakhohliseka sichezuke eqinisweni. Cabanga ngesibonelo sezinhloli ezingu-12 ezahamba zayohlola izwe uJehova ayethembise ukulinika ama-Israyeli. Kulezo zinhloli, eziyishumi zazo ukwesaba kwazo amaKhanani kwakukukhulu ukwedlula uthando lwazo ngoJehova. Zatshela amanye ama-Israyeli: “Asikwazi ukukhuphuka siyomelana nalabo bantu ngoba banamandla kunathi.” (Num. 13:​27-31) Ngokombono womuntu, amaKhanani ayenamandla kunama-Israyeli—lokho kona kwakuyiqiniso. Kodwa ukuthi ama-Israyeli ayengeke akwazi ukunqoba izitha zawo kwakusho ukuthi ayengamcabangi nokumcabanga uJehova. Lezo zinhloli eziyishumi kwakufanele zigxile kulokho uJehova ayefuna ama-Israyeli akwenze. Kwakufanele zizindle nangalokho ayesanda kuzenzela kona esikhathini esidlule. Ukube zenza kanjalo, zaziyobona ukuthi amandla amaKhanani ayengelutho uma eqhathaniswa namandla kaJehova umninimandla onke. Ngokungafani nalezo zinhloli ezingenalo ukholo, uJoshuwa noKalebi babefuna ukwamukelwa uJehova. Batshela abantu: “Uma uJehova ejabule ngathi, nakanjani uyosingenisa kuleli zwe futhi asinike lona.”—Num. 14:​6-9.

7. Yini esingayenza ukuze simesabe nakakhulu uJehova? (Bheka nesithombe.)

7 Ukuze simesabe nakakhulu uJehova, kudingeka sicabange ngokuthi yini ezomjabulisa njalo lapho senza izinqumo. (IHu. 16:8) Lapho ufunda izindaba eziseBhayibhelini, zibuze, ‘Ukube ngangibhekene nesimo esifanayo, yini engangiyoyenza?’ Ngokwesibonelo, zibone ngeso lengqondo ulalele njengoba izinhloli eziyishumi zakwa-Israyeli zethula umbiko ongemuhle. Wawuyowukholwa yini lowo mbiko bese wesaba abantu, noma uthando onalo ngoJehova nesifiso sokumjabulisa kwakuyoba namandla ukwedlula ukwesaba? Sonke isizukulwane sakwa-Israyeli sehluleka ukubona iqiniso elakhulunywa uJoshuwa noKalebi. Ngenxa yalokho, salahlekelwa ithuba lokungena eZweni Lesithembiso.—Num. 14:​10, 22, 23.

Wena wawuyokholwa bani? (Bheka isigaba 7)


8. Iyiphi imfanelo okumele silwe kanzima ukuze sibe nayo, futhi kungani?

8 Ukuthobeka. UJehova ulambulela abantu abathobekile iqiniso. (Math. 11:25) Ngokuthobeka savuma ukusizwa sifunde iqiniso. (IzE. 8:​30, 31) Noma kunjalo, kumele siqaphele ukuba singaqhoshi. Ukuzazisa kungasenza sicabange ukuthi imibono yethu ihlakaniphe njengezimiso zeBhayibheli neziqondiso ezivela enhlanganweni kaJehova.

9. Yini esingayenza ukuze sihlale sithobekile?

9 Ukuze sihlale sithobekile, kudingeka sikhumbule ukuthi asilutho uma siqhathaniswa nendlela uJehova amkhulu ngayo. (IHu. 8:​3, 4) Singathandazela nokuba uJehova asisize sithobeke kakhudlwana futhi sifundiseke. UJehova uzosisiza sihloniphe imibono yakhe etholakala eZwini lakhe nasenhlanganweni yakhe ukwedlula imibono yethu. Lapho ufunda iBhayibheli, bheka amaphuzu akhuluma ngendlela uJehova athanda ngayo ukuthobeka nazonda ngayo ukuqhosha, ukuzikhukhumeza nokuzidla. Qikelela ukuthi uhlala uthobekile uma uthola ilungelo lenkonzo elikwenza ube negunya elithile.

ESINGAKWENZA UKUZE SIBAMBELELE EQINISWENI

10. UJehova usebenzise obani ukuba banike abantu bakhe iziqondiso?

10 Hlale usethemba isiqondiso esivela enhlanganweni kaJehova. Ku-Israyeli wasendulo, uJehova wasebenzisa uMose wabe esesebenzisa uJoshuwa ukuze anike abantu bakhe iziqondiso. (Josh. 1:​16, 17) Ama-Israyeli ayebusiswa lapho ebheka lamadoda njengamelela uJehova uNkulunkulu. Emakhulwini eminyaka kamuva lapho kumiswa ibandla lobuKristu, abaphostoli abangu-12 babenikeza iziqondiso. (IzE. 8:​14, 15) Kamuva lelo qembu landa labe selihlanganisa nabanye abadala eJerusalema. Ngokulandela isiqondiso ayesithola kulawo madoda athembekile, “amabandla aqhubeka eqiniswa okholweni futhi anda ngesibalo usuku nosuku.” (IzE. 16:​4, 5) Ezikhathini zanamuhla, nathi siyabusiswa lapho silandela isiqondiso sikaJehova esivela enhlanganweni yakhe. Kodwa uJehova ubeyozizwa kanjani uma senqaba ukulalela labo abakhethile ukuba bahole? Lowo mbuzo singawuphendula ngokucabanga ngalokho okwenzeka ngesikhathi ama-Israyeli eya eZweni Lesithembiso.

11. Yini eyenzeka kubantu bakwa-Israyeli wasendulo abamelana nokuthi uNkulunkulu wayekhethe uMose ukuba ahole? (Bheka nesithombe.)

11 Ngesikhathi ama-Israyeli esohambweni lwawo oluya eZweni Lesithembiso, amadoda avelele amelana noMose amelana nanendima ayeyinikwe uJehova. Athi: “Yonke inhlangano [hhayi uMose kuphela] ingcwele, yonke ngothi lwayo, futhi uJehova uphakathi kwayo.” (Num. 16:​1-3) Nakuba kwakuyiqiniso ukuthi kuNkulunkulu “yonke inhlangano” yayingcwele, uJehova wayekhethe uMose ukuba ahole abantu baKhe. (Num. 16:28) Ngokugxeka uMose, empeleni labo ababevukela babegxeka uJehova. Abagxilanga kulokho okwakufunwa uJehova; bagxila kulokho okwakufunwa yibo—babefuna igunya elengeziwe nokuvelela. UNkulunkulu wababulala labo ababehola kulokho kuvukela, wabulala nezinkulungwane zabantu ababevumelana nabo. (Num. 16:​30-35, 41, 49) Namuhla singaqiniseka ngokuthi uJehova akabamukeli labo abangawahloniphi amalungiselelo enhlangano yakhe.

Wena wawuyosekela bani? (Bheka isigaba 11)


12. Kungani singahlale siyethemba inhlangano kaJehova?

12 Singakwazi ukuhlale siyethemba inhlangano kaJehova. Lapho kuba sobala ukuthi indlela esiqonda ngayo iqiniso elithile leBhayibheli noma indlela okuhlelwa ngayo umsebenzi woMbuso kudinga ukulungiswa, labo abaholayo abanqikazi ukwenza ushintsho oludingekayo. (IzAga 4:18) Benza kanjalo ngoba into ebaluleke kakhulu kubo ukujabulisa uJehova. Benza konke abangakwenza ukuze basekele izinqumo zabo eZwini likaNkulunkulu, okuyisibonelo okumele bonke abantu bakaJehova basilandele.

13. Siyini ‘isibonelo samazwi anempilo,’ futhi yini okumele siyenze ngaso?

13 “Qhubeka ubambelele esibonelweni samazwi anempilo.” (2 Thim. 1:13) ‘Isibonelo samazwi anempilo’ sibhekisela ezimfundisweni zobuKristu ezitholakala eBhayibhelini. (Joh. 17:17) Lezo zimfundiso ziyisisekelo sakho konke esikukholelwayo. Inhlangano kaJehova isifundise ukuba sibambelele kulezo zimfundiso. Uma nje sisaqhubeka senza kanjalo, siyobusiswa.

14. Amanye amaKristu ayeka kanjani ukubambelela “esibonelweni samazwi anempilo”?

14 Yini engenzeka uma sichezuka “esibonelweni samazwi anempilo”? Cabanga ngalesi sibonelo. Ngekhulu lokuqala, amanye amaKristu ayesakaza amahemuhemu athi usuku lukaJehova selufikile. Kungenzeka kwakunencwadi—okwakucatshangwa ukuthi yayibhalwe umphostoli uPawulu—eyayisho lokho. Kunokuba azinike isikhathi sokuhlola ukuthi kwakuyiqiniso yini lokho, amanye amaKristu aseThesalonika awakholwa lawo mahemuhemu, aze ngisho awasakaza. Ayengeke akhohliseke ukube azikhumbula izinto uPawulu ayewafundise zona ngesikhathi esenawo. (2 Thes. 2:​1-5) UPawulu weluleka abafowabo ukuba bangakholwa yiyo yonke into ababeyizwa. Ukuze abasize esikhathini esizayo, uPawulu waphetha incwadi yakhe yesibili eya kwabaseThesalonika ngamazwi athi: “Nanku umkhonzo wami, mina Pawulu, ngesandla sami siqu, okuwuphawu kuzo zonke izincwadi; yile ndlela engibhala ngayo.”—2 Thes. 3:17.

15. Singazivikela kanjani emangeni abonakala sengathi ayiqiniso? Nikeza isibonelo. (Bheka nezithombe.)

15 Singafundani emazwini kaPawulu awabhalela abaseThesalonika? Lapho sizwa into engahambisani nalokho esikufunde eBhayibhelini noma sizwa indaba eshaqisayo, kudingeka sisebenzise ukuqonda. Ezweni elalikade liyiSoviet Union, izitha zethu zake zasakaza incwadi okwakuthiwa ivela endlunkulu yomhlaba wonke. Le ncwadi yayikhuthaza abanye abazalwane ukuba bazenzele enye inhlangano ezimele. Le ncwadi yayibonakala sengathi eyangempela. Kodwa abafowethu abathembekile abazange bakhohliseke. Babona ukuthi umyalezo osencwadini wawungahambisani nalokho ababekufundisiwe. Namuhla, ngezinye izikhathi izitha zeqiniso zisebenzisa ezobuchwepheshe ukuze zizame ukusidida nokusihlukanisa. Kunokuba ‘sinyakaziswe kalula ekuqondeni kwethu,’ singazivikela ngokuthi sicabangisise ukuthi lokho esikuzwayo noma esikufundayo kuyavumelana yini namaqiniso esesiwafundile kakade.—2 Thes. 2:2; 1 Joh 4:1.

Ungakhohliswa amanga abonakala eyiqiniso (Bheka isigaba 15) a


16. NgokweyabaseRoma 16:​17, 18, yini okufanele siyenze uma abanye bechezuka eqinisweni?

16 Hlala unobunye nalabo abaqotho kuJehova. UNkulunkulu ufuna simkhonze ngobunye. Sizohlale sinobunye uma nje siqhubeka sinamathela eqinisweni. Noma obani abachezuka eqinisweni badala uqhekeko ebandleni, ngakho uNkulunkulu usixwayisa ukuba ‘sibagweme.’ Uma singabagwemi, nathi singachezuka eqinisweni.—Funda eyabaseRoma 16:​17, 18.

17. Sithola ziphi izinzuzo ngokubona iqiniso bese sibambelela ngokuqinile kulo?

17 Uma silibona iqiniso futhi sibambelela ngokuqinile kulo sizohlala sisondelene noJehova, sigcine ukholo lwethu luqinile. (Efe. 4:​15, 16) Sizovikeleka ezimfundisweni zikaSathane ezingamanga nasenkulumweni eyize futhi uJehova uyosigcina silondekile phakathi nosizi olukhulu. Qhubekani nibambelele ngokuqinile kulokho okuyiqiniso, “khona-ke uNkulunkulu wokuthula uyoba nani.”—Fil. 4:​8, 9.

INGOMA 122 Yibani Abagxilile, Abangenakunyakaziswa!

a INCAZELO YESITHOMBE: Isithombe esifanekisa okwenzeka ngokoqobo emashumini eminyaka edlule. Abazalwane ababehlala ezweni elalikade liyiSoviet Union bathola incwadi eyayibonakala sengathi ivela endlunkulu yomhlaba wonke kodwa empeleni ibe ivela ezitheni zethu. Esikhathini sethu, izitha zethu zingase zisebenzise i-inthanethi ukuze zisakaze into engelona iqiniso ngenhlangano kaJehova.