Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indoda enophondo lukayinki lukanobhala imelela uJesu Kristu. Nguye obeka uphawu kulabo abazosinda

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Embonweni kaHezekeli, imelela bani indoda enophondo lukayinki lukanobhala namadoda ayisithupha aphethe izikhali zokuphihliza?

La madoda amelela amabutho asezulwini ayebambe iqhaza ekubhujisweni kweJerusalema nazophinde ahileleke ekubhujisweni kwezwe elibi likaSathane e-Armagedoni. Lokhu kulungisa indlela ebesiqonda ngayo. Kungani kuye kwadingeka lokhu kulungisa?

Ngaphambi kuka-607 B.C.E., uJehova wanikeza uHezekeli umbono walokho okwakuzokwenzeka eJerusalema ngaphambi kokuba libhujiswe. Embonweni, uHezekeli wabona izinto eziningi ezimbi ezazenzeka kulo. Ngemva kwalokho wabona amadoda ayisithupha, ngayinye ‘yayiphethe ngesandla isikhali sayo sokuphihliza.’ Kwakukhona nenye futhi indoda phakathi kwawo ‘eyayembethe ilineni’ futhi “inophondo lukayinki lukanobhala.” (Hezekeli 8:6-12; 9:2, 3) Le ndoda yatshelwa ukuba idabule phakathi komuzi ‘ibeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo futhi bequma ngenxa yazo zonke izinto ezinengekayo ezenziwa phakathi kwawo.’ Ngemva kwalokho, amadoda ayisithupha ayephethe izikhali atshelwa ukuba abulale bonke abasemzini ababengenalo uphawu. (Hezekeli 9:4-7) Yini esingayifunda kulo mbono, futhi ingubani indoda enophondo lukayinki?

UHezekeli wabona lo mbono ngo-612 B.C.E. Lesi siprofetho sagcwaliseka okokuqala ngemva kweminyaka emihlanu sabikezelwa, lapho uJehova evumela ibutho laseBhabhiloni ukuba libhubhise iJerusalema. Ngale ndlela, uJehova wasebenzisa abaseBhabhiloni ukuze ajezise abantu bakhe ababengalaleli. (Jeremiya 25:9, 15-18) Kodwa kuthiwani ngamaJuda alungile ayengahambisani nazo zonke izinto ezimbi ezazenzeka emzini? UJehova waqinisekisa ukuthi ayasinda.

Embonweni, uHezekeli akazange abeke muntu uphawu ngokoqobo noma abambe iqhaza ekubhujisweni komuzi. Kunalokho, yizingelosi ezaziqondisa ukubhujiswa kweJerusalema. Ngakho lesi siprofetho sisinikeza ithuba lokubona lokho okwenzeka ezulwini. UJehova watshela izingelosi zakhe ukuba zihlele ukubhujiswa kwababi nokuba ziqinisekise ukuthi abalungile bazosinda. *

Lesi siprofetho sizophinde sigcwaliseke esikhathini esizayo. Sasivame ukuthi indoda enophondo lukayinki lukanobhala imelela abagcotshiwe abasaphila emhlabeni. Okunye esakusho ukuthi abantu baphawulelwa ukusinda lapho belalela izindaba ezinhle esizishumayelayo futhi bezamukela. Nokho, muva nje, kuye kwaba sobala ukuthi kudingeka siyishintshe indlela esichaza ngayo lesi siprofetho. Ngokwalokho esikufunda kuMathewu 25:31-33 siyazi ukuthi nguJesu owahlulela abantu. Uzokwenza lokhu esikhathini esizayo phakathi nosizi olukhulu. Ngaleso sikhathi, labo abahlulelwe njengezimvu bayosinda, kanti labo abahlulelwe njengezimbuzi bayobhujiswa.

Khona-ke, yini esiyifunda embonweni kaHezekeli? Nazi izifundo ezinhlanu esizitholayo:

  1. Ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema, uHezekeli, kuhlanganise noJeremiya no-Isaya, baxwayisa abantu ngalokho okwakuzokwehlela lowo muzi. Babenjengabalindi. Namuhla, uJehova usebenzisa iqembu elincane labagcotshiwe ukuze afundise abantu bakhe, axwayise nabanye ngaphambi kokuqala kosizi olukhulu. Empeleni, bonke abantu bakaNkulunkulu, okungukuthi abendlu kaKristu, babamba iqhaza kulo msebenzi wokukhipha isixwayiso.—Mathewu 24:45-47.

  2. UHezekeli, akababekanga uphawu labo ababezosinda. Kunjalo nangabantu bakaNkulunkulu namuhla. Bamane nje bashumayeza abanye futhi babaxwayise ngalokho okuzokwenzeka esikhathini esizayo. Lo msebenzi wokushumayela owenziwa emhlabeni wonke wenziwa ngosizo lwezingelosi.—IsAmbulo 14:6.

  3. Labo abasindiswa ngesikhathi sikaHezekeli, babengenalo uphawu olungokoqobo eziphongweni zabo. Namuhla, nalabo abazosinda ngeke babe nophawu olungokoqobo. Yini okumelwe abantu bayenze ukuze basinde osizini olukhulu? Lapho bezwa isixwayiso, kumelwe bafunde ukulingisa uKristu, bazinikezele kuNkulunkulu futhi basekele abafowabo bakaKristu ngokushumayela izindaba ezinhle. (Mathewu 25:35-40) Phakathi nosizi olukhulu, laba bayobekwa uphawu, okusho ukuthi bayokhethwa ukuze basinde.

  4. Indoda enophondo lukayinki imelela uJesu. Phakathi nosizi olukhulu, uJesu uyobeka uphawu esixukwini esikhulu lapho esahlulela njengezimvu. Ngemva kwalokho siyoba nethuba lokuphila phakade lapha emhlabeni.—Mathewu 25:34, 46. *

  5. Namuhla amadoda ayisithupha anezikhali zokuphihliza amelela amabutho asezulwini aholwa uJesu. Maduzane azobhubhisa izizwe futhi aqede bonke ububi.—Hezekeli 10:2, 6, 7; IsAmbulo 19:11-21.

Izifundo esizithola kulo mbono zisisiza siqiniseke ngokuthi uJehova ngeke abhubhise abalungile kanye nababi. (2 Petru 2:9; 3:9) Izifundo esizitholile zisikhumbuza nokuthi umsebenzi wokushumayela owenziwayo esikhathini sethu ubaluleke kakhulu. Wonke umuntu kudingeka ezwe isixwayiso ngaphambi kokuba kufike ukuphela!—Mathewu 24:14.

^ isig. 6 Labo abasinda, njengoBharuki (unobhala kaJeremiya), u-Ebhedi-meleki umTopiya namaRekabi, babengenalo uphawu olungokoqobo emabunzini abo. (Jeremiya 35:1-19; 39:15-18; 45:1-5) Lolu phawu olungokomfanekiso lwalumane lusho ukuthi babezosinda.

^ isig. 12 Abagcotshiwe abathembekile ngeke kudingeke babekwe lolu phawu ukuze basinde. Kunalokho, bayobekwa uphawu okokugcina ngaphambi kokuba bafe noma ngaphambi kokuqala kosizi olukhulu.—IsAmbulo 7:1, 3.