Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imfanelo KaNkulunkulu Eyigugu Kakhulu Kunamadayimane

Imfanelo KaNkulunkulu Eyigugu Kakhulu Kunamadayimane

Abantu babheka amadayimane njengamatshe ayigugu kakhulu. Amanye abiza izigidi zamarandi. Kodwa ingabe ikhona into uNkulunkulu ayibheka njengeyigugu kakhulu kunamadayimane noma amanye amatshe ayigugu?

UHaykanush, ummemezeli ongabhapathiziwe wase-Armenia, wathola i-passport ngasemzini wakhe. Phakathi kwakukhona amakhadi asebhange nesamba semali. Watshela umyeni wakhe ngalokho ayekutholile, naye owayengummemezeli ongabhapathiziwe.

Laba bashadikazi babenezinkinga ezinkulu zezimali futhi babenezikweletu. Kodwa banquma ukuthatha leyo mali bayiyise ekhelini elalibhalwe kuleyo passport. Indoda eyayilahlekelwe yamangala, kanjalo nomndeni wayo. UHaykanush nomyeni wakhe bachaza ukuthi into eyayibenza bathembeke yizinto ababezifunda eBhayibhelini. Babe sebesebenzisa lelo thuba ukuze bachaze ngoFakazi BakaJehova nokuba banikeze lowo mndeni izincwadi.

Lo mndeni wawufuna ukuhlomulisa uHaykanush ngemali ethile, kodwa wayenqaba. Ngosuku olulandelayo, inkosikazi yakulo mndeni yavakashela uHaykanush nomyeni wakhe emzini wabo futhi ukuze ibonise ukubonga eyayinako yacindezela uHaykanush ukuba amukele indandatho yedayimane.

Njengalowo mndeni, abantu abaningi kungabamangaza ukwethembeka okwaboniswa uHaykanush nomyeni wakhe. Kodwa ingabe noJehova wamangala? Wayekubheka kanjani ukwethembeka kwabo? Ingabe ukwethembeka kwabo kwakuwufanele umzamo?

IZIMFANELO EZIYIGUGU KAKHULU KUNEZINTO EZIBONAKALAYO

Izimpendulo zaleyo mibuzo azinzima neze. Ngani? Ngoba izinceku zikaNkulunkulu ziyazi ukuthi ukulingisa izimfanelo zikaJehova yikona okuyigugu kakhulu kuye kunamadayimane, igolide noma ezinye izinto ezibonakalayo. Ngempela, lokho uJehova akubheka njengokuyigugu kuhlukile kulokho abantu abaningi abakubheka njengokuyigugu. (Isaya 55:8, 9) Kanti izinceku zakhe zicabanga ukuthi imizamo yazo yokulingisa izimfanelo zikaJehova mihle kakhulu.

Lokhu sikubona kulokho iBhayibheli elikushoyo ngokuqonda nokuhlakanipha. IzAga 3:13-15 zithi: “Uyajabula umuntu othole ukuhlakanipha, nomuntu othola ukuqonda, ngoba ukuba nakho njengenzuzo kungcono kunokuba nesiliva njengenzuzo nokuba nakho njengomkhiqizo kungcono kunegolide uqobo. Kuyigugu ngaphezu kwamakhorali, futhi konke okunye okujabulelayo ngeke kulinganiswe nakho.” Ngokusobala, uJehova uzazisa kakhulu izimfanelo ezinjalo ukwedlula noma yimaphi amagugu ezinto ezibonakalayo.

Kuthiwani-ke, ngokwethembeka?

UJehova ngokwakhe uthembekile. ‘Akanakuwaqamba amanga.’ (Thithu 1:2) Waphefumulela umphostoli uPawulu ukuba awabhalele lokhu amaKristu angamaHebheru ekhulwini lokuqala: “Qhubekani nisithandazela, ngoba sithemba ukuthi sinonembeza othembekile, njengoba sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Hebheru 13:18.

UJesu Kristu wabeka isibonelo esihle sokwethembeka. Ngokwesibonelo, lapho uMpristi Ophakeme uKayafase ethi, “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele ukuthi unguye yini uKristu iNdodana kaNkulunkulu!,” uJesu wathembeka futhi wavuma obala ukuthi unguMesiya. Wakhuluma iqiniso nakuba ayazi ukuthi iSanhedrini yayingase immangalele ngokuhlambalaza nokuthi lokhu kwakungaholela ekubulaweni kwakhe.—Mathewu 26:63-67.

Kuthiwani ngathi? Uma sisesimweni lapho singase sizuze khona ngokwezimali ngokungadaluli wonke amaqiniso noma ngokuwashintsha kancane, ingabe siyoqhubeka nokwethembeka?

INSELELE YOKWETHEMBEKA

Kungaba nzima ukwethembeka kulezi zinsuku zokugcina lapho abaningi ‘bengabazithandayo‚ nabathanda imali.’ (2 Thimothewu 3:2) Lapho kunezinkinga zezimali noma kunzima ukuthola umsebenzi, abaningi abanqikazi ukweba, ukukhohlisa noma ukwenza ezinye izenzo zokungathembeki. Le ndlela yokucabanga yande kangangokuba abantu abaningi bacabanga ukuthi ukuphela kwendlela yokuthola izinto ukungathembeki. Ngisho namanye amaKristu aye enza izinqumo ezingalungile futhi ngenxa ‘yenzuzo yokungathembeki’ aye alahlekelwa yidumela lawo elihle ebandleni.—1 Thimothewu 3:8; Thithu 1:7.

Nokho, amaKristu amaningi alingisa uJesu. Ayaqaphela ukuthi ukuba nezimfanelo ezifana nezikaNkulunkulu kubaluleke kakhulu ukwedlula noma iyiphi ingcebo noma izinzuzo. Yingakho amaKristu asemasha engakopeli ukuze aphumelele ngamalengiso esikoleni. (IzAga 20:23) Ukwethembeka akwenzi ukuba umuntu athole umklomelo ngaso sonke isikhathi, njengoba kwenzeka kuHaykanush. Noma kunjalo, ukwethembeka yiyona nto elungile emehlweni kaNkulunkulu futhi kusivumela ukuba sibe nonembeza ohlanzekile, into eyigugu ngempela.

Isibonelo sikaGagik siyakubonisa lokho. Uthi: “Ngaphambi kokuba ngibe umKristu, ngangisebenzela inkampani enkulu lapho umnikazi ayekugwema ukukhokha intela ngokubika ingxenyana encane yemali eyenziwa yinkampani. Njengomqondisi jikelele wale nkampani, kwakulindeleke ukuba ‘ngenze isivumelwano’ nomeluleki wezentela ngokumfumbathisa ukuze azishalazelele lezi zenzo zokukhwabanisa zenkampani. Ngenxa yalokho, ngangaziwa njengomuntu ongathembekile. Lapho ngifunda iqiniso, ngenqaba ukuqhubeka nalowo mkhuba, nakuba lo msebenzi wawungiholela kahle kakhulu. Kunalokho, ngazivulela elami ibhizinisi. Zisuka nje, ngabhalisa inkampani yami ngokomthetho futhi ngakhokha yonke intela.”—2 Korinte 8:21.

UGagik uthi: “Imali engangiyithola yehla ngesigamu, ngakho kwakuyinselele ukondla umndeni wami. Noma kunjalo, sengijabule kakhulu manje. Nginonembeza ohlanzekile phambi kukaJehova. Ngiyisibonelo esihle emadodaneni ami amabili futhi sengiye ngafanelekela amalungelo ebandleni. Kubacwaningi-mabhuku entela nabanye engisebenzelana nabo ebhizinisini, manje sengaziwa njengomuntu othembekile.”

UJEHOVA UYASISIZA

UJehova uyabathanda labo abamlethela udumo ngokulingisa izimfanelo zakhe ezinhle, kuhlanganise nokwethembeka. (Thithu 2:10) Kanti lapho senza lokhu, uthembisa ukuthi uzosisiza. Waphefumulela iNkosi uDavide ukuba ithi: “Ngangiyinsizwa, manje ngikhulile, nokho angizange ngimbone olungileyo eshiywe ngokuphelele, noma inzalo yakhe iphanza isinkwa.”—IHubo 37:25.

Okwenzeka ekuphileni kukaRuthe othembekile kuyakufakazela lokhu. Ngobuqotho wahlala noninazala uNawomi, kunokuba amshiye ngenxa yokuthi wayesekhulile. URuthe wathuthela kwa-Israyeli lapho ayeyokwazi khona ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso. (Ruthe 1:16, 17) Wayethembekile futhi wasebenza kanzima ekhothoza, enza ngokuvumelana nelungiselelo loMthetho labampofu. Njengalokho uDavide akubona kamuva, uJehova akazange nanini amshiye uRuthe noNawomi. (Ruthe 2:2-18) Kanti akagcinanga nje ngokunakekela uRuthe ngokwezinto ezibonakalayo. Wamkhetha ukuba abe sohlwini lomndeni weNkosi uDavide noMesiya owayethenjisiwe!—Ruthe 4:13-17; Mathewu 1:5, 16.

Kungase kube nzima kakhulu ngezinye izinceku zikaJehova ukuthola imali eyanele yezidingo zazo eziyisisekelo. Kodwa esikhundleni sokuzama ukuthola ikhambi elilula lokungathembeki, zisebenza kanzima futhi zikhuthele. Ngokwenza lokhu, zibonisa ukuthi izimfanelo zikaNkulunkulu ezinhle, ezihlanganisa nokwethembeka, ziyigugu kakhulu kuzo kunanoma yiziphi izinto ezibonakalayo.—IzAga 12:24; Efesu 4:28.

NjengoRuthe, amaKristu emhlabeni wonke aye abonisa ukholo emandleni kaJehova okuwasiza. Athembele ngokuphelele kuLowo owathembisa: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.” (Hebheru 13:5) UJehova uye wabonisa ngokuphindaphindiwe ukuthi uyakwazi futhi uzobasiza labo abahlale bethembekile ngaso sonke isikhathi. Uhlale esigcina isithembiso sakhe sokunakekela izidingo eziyisisekelo zezinceku zakhe.—Mathewu 6:33.

Yiqiniso ukuthi abantu bangase bawazise amadayimane nezinye izinto ezibonakalayo. Kodwa singaqiniseka ngokuthi uBaba wethu osezulwini ubheka ukwethembeka kwethu nezinye izimfanelo ezinhle njengokuyigugu kakhulu ukwedlula noma yimaphi amatshe ayigugu!

Uma sithembekile, singakhuluma ngonembeza ohlanzekile kubantu esihlangana nabo enkonzweni