Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indaba Yokuphila

Ngaduduzwa Kuzo Zonke Izinkathazo Zami

Ngaduduzwa Kuzo Zonke Izinkathazo Zami

Entshonalanga yogu loMfula i-Indus, endaweni manje eyaziwa ngokuthi yiPakistan, kukhona idolobha lasendulo i-Sukkur. Yilapho engazalelwa khona ngoNovemba 9, 1929. Cishe ngaleso sikhathi, abazali bami bathola izincwadi ezazinemibala egqamile esithunyweni sevangeli esikhuluma isiNgisi. Lezo zincwadi ezisekelwe eBhayibheli zangisiza ukuba ngifunde iqiniso.

LEZO zincwadi zazibizwa ngokuthi yi-rainbow set. Lapho ngizifunda ngathola imifanekiso egqamile eyangenza ngazibona ngamehlo engqondo izinto ezazifundiswa kuzo. Ngenxa yalokho, kusukela ngisemncane ngaba nelukuluku lokufunda izincwadi ezikhuluma ngeBhayibheli ezifana nale miqulo.

Njengoba iMpi Yezwe II yayisongela ukungena e-India, ukuphila kwami kwashintsha kwaba nzima. Abazali bami bahlukana ngemva kwalokho badivosa. Ngangingaqondi ukuthi kungani abantu ababili engibathandayo behlukana. Ngazizwa ngilahliwe futhi ngihlukumezekile ngokomzwelo. Njengoba ngiwukuphela kwengane kubazali bami, ngangingayitholi induduzo nokusekelwa engangikudinga.

Mina nomama sahlala eKarachi, inhloko dolobha yesifundazwe. Ngolunye usuku u-Fred Hardaker owayengudokotela osekhulile futhi engomunye woFakazi BakaJehova wangqongqoza ekhaya. Wayenezinkolelo ezifana nezesithunywa sevangeli esanika umndeni wakithi izincwadi. Wacela ukuqhubela umama isifundo seBhayibheli. Umama wenqaba kodwa wathi mina mhlawumbe ngingathanda. Ngaqala ukufunda iBhayibheli noMfoweth’ uHardaker ngesonto elalandela.

Ngemva kwamasonto ambalwa, ngaqala ukuya emihlanganweni yobuKristu emtholampilo kaMfoweth’ uHardaker. Kwakuhlangana lapho oFakazi asebekhulile abangaba ngu-12. Bangiduduza futhi banginakekela njengendodana. Ngikhumbula indlela ababehlala ngayo nami, bezehlisa ukuze balingane nami, bexoxa nami njengabangane beqiniso, okwakuyinto engangiyidinga ngaleso sikhathi.

Ngokushesha uMfoweth’ uHardaker wangicela ukuba ngihambe naye enkonzweni yasensimini. Wangifundisa ukusebenzisa igilamafoni ephathwayo ukuze ngikwazi ukudlala izinkulumo zeBhayibheli ezimfushane eziqoshiwe. Abaninikhaya babengazithandi ezinye izinkulumo ngoba umyalezo wazo wawubacasula. Kodwa ukushumayeza abanye kwakungijabulisa. Ngangiwathanda amaqiniso eBhayibheli futhi ngikujabulela ukuwaxoxela abanye.

Njengoba amabutho aseJapane ehlasela e-India, iziphathimandla zaseBrithani zabacindezela nakakhulu oFakazi BakaJehova. Ekugcineni, ngoJulayi 1943 leyo ngcindezi yangithinta nami. Uthisha nhloko, owayephinde abe umfundisi waseSheshi, wangixosha esikoleni ethi “ngiziphatha ngendlela engamukelekile.” Watshela umama ukuthi ukuzihlanganisa noFakazi BakaJehova kungenza ngibe yisibonelo esibi kwezinye izingane. Umama wethuka wabe esenginqabela ukuba ngizihlanganise noFakazi. Kamuva, wangithumela kubaba ePeshawar, idolobha eliqhele ngamakhilomitha angu-1 370 uma uya enyakatho. Njengoba ngangingenazo izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini futhi ngingayi emihlanganweni yebandla, ubuhlobo bami noJehova baba buthaka.

UKUQINISA UBUHLOBO BAMI NOJEHOVA

Ngo-1947 ngabuyela eKarachi ngiyofuna umsebenzi. Ngesikhathi ngilapho, ngaya emtholampilo kaDkt. Hardaker. Wangamukela ngemfudumalo.

Ecabanga ukuthi ngize ngenkinga yempilo, wangibuza: “Uphethwe yini?”

Ngaphendula ngathi: “Dokotela ngiphile saka. Ngigula ngokomoya. Ngidinga ukufundelwa iBhayibheli.”

Wabuza: “Ungathanda ukuqala nini?”

Ngaphendula ngathi: “Njengamanje uma kungenzeka.”

Kusihlwa ngalolo suku saba nesifundo seBhayibheli esimnandi. Lokho kwangiduduza futhi kwangivuselela ngokomoya. Umama wazama ukungenza ngiyeke ukuzihlanganisa noFakazi, kodwa kulokhu ngangizimisele ukukhonza uJehova. Ngo-Agasti 31, 1947, ngabonisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi. Ngokushesha ngemva kwalokho, lapho ngineminyaka engu-17, ngaqala ukukhonza njengephayona elivamile.

UKUJABULELA INKONZO YOKUPHAYONA

Isabelo sokuqala engasithola kwaba ukuya eQuetta, okwakuyikamu lamasosha aseBrithani. Ngo-1947 izwe lahlukaniswa kwaba yi-India nePakistan. * Lokhu kwabangela udlame lwezenkolo okwaholela ekutheni abantu abaningi bafuduke. Abantu abangaba ngu-14 000 000 balahlekelwa izindawo zokuhlala. AmaSulumane ayehlala e-India athuthela ePakistan, kuyilapho amaHindu namaSikhs ayehlala ePakistan athuthela e-India. Kuleso siphithiphithi, ngagibela isitimela esasigcwele ngabambelela esibambweni esingaphandle ukusuka eKarachi ukuya eQuetta.

Ngaya emhlanganweni e-India ngo-1948

EQuetta ngahlangana noGeorge Singh owayeneminyaka engaba ngu-25 ubudala futhi eyiphayona elikhethekile. UGeorge wanginika ibhayisikili elidala engangingaligibela (noma ngilisunduze) ensimini eyayinemiqansa. Izikhathi eziningi ngangishumayela ngedwa. Zingakapheli izinyanga eziyisithupha, ngase nginezifundo zeBhayibheli ezingu-17 futhi abanye babantu engangibafundela baba oFakazi. Omunye wabo, uSadiq Masih owayeyisikhulu sempi, wasiza mina noGeorge ukuba sihumushele izincwadi zeBhayibheli olimini lwesi-Urdu ulimi oluyinhloko ePakistan. Ngokuhamba kwesikhathi uSadiq waba ummemezeli oshisekayo wezindaba ezinhle.

Ngiya eSikoleni saseGileyadi ngomkhumbi i-Queen Elizabeth

Kamuva, ngabuyela eKarachi, ngakhonza noHenry Finch noHarry Forrest, izithunywa zevangeli ezazisanda kufika zivela eSikoleni saseGileyadi. Bangiqeqesha kakhulu! Ngesinye isikhathi ngahamba noMfoweth’ uFinch, sahamba sayoshumayela enyakatho yePakistan. Onqenqemeni lwentaba sathola abantu abathobekile abakhuluma isi-Urdu ababelangazelela ukufundiswa iqiniso leBhayibheli. Ngemva kweminyaka emibili, ngaya eSikoleni saseGileyad; ngabe sengibuyela ePakistan njengembonisi wesigodi wesikhashana. Ngangihlala ekhaya lezithunywa zevangeli eLahore kanye nabanye abazalwane abathathu abayizithunywa zevangeli.

UKULULAMA NGEMVA KWESELULEKO ESIQINILE

Ngokudabukisayo, ngo-1954, izithunywa zevangeli eLahore zabanenkinga yokuzwana okwabangela ukuba ihhovisi legatsha libashintshe izabelo. Ngenxa yokuthi ngathatha uhlangothi kulezo zingxabano, ngathola iseluleko esiqile. Ngazizwa ngichobozekile ngaphetha ngokuthi ngiyisehluleki ngokomoya. Ngabe sengithuthela eKarachi kamuva ngaya eLondon, eNgilandi ngithemba ukuthi ngizoqala kabusha ngokomoya.

ELondon, ibandla engangikulo lalinamalungu amaningi omkhaya waseBethel. UPryce Hughes owayeyinceku yegatsha wangisondeza kuye wangiqeqesha ngothando. Ngolunye usuku, wangitshela ngesikhathi lapho athola khona iseluleko esinamandla kuJoseph F. Rutherford, owayengamele umsebenzi wokushumayela emhlabeni wonke. UMfoweth’ uHughes wazama ukuzithethelela kodwa uMfoweth’ uRutherford wamkhuza ngokuqinile. Ngamangala lapho ngibona uMfoweth’ uHughes emomotheka njengoba ekhumbula okwenzeka. Wathi lokho okwenzeka kwamphatha kabi ekuqaleni. Kodwa kamuva waqaphela ukuthi wayesidinga iseluleko esiqinile nokuthi siyindlela uJehova abonisa ngayo ukuthi uyasithanda. (Heb. 12:6) Lokho akusho kwangithinta futhi kwangisiza ngaphinde ngakhonza ngenjabulo.

Cishe ngaleso sikhathi umama wathuthela eLondon futhi wavuma ukufundelwa iBhayibheli uJohn E. Barr, kamuva owakhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo. Wathuthuka ngokomoya waze wabhapathizwa ngo-1957. Kamuva ngathola ukuthi ngaphambi kokuba ubaba ashone naye wayefunda noFakazi BakaJehova.

Ngo-1958 ngashada nodade ongumDashi owayehlala eLondon. Ngonyaka olandelayo sabusiswa ngendodakazi, uJane ingane yethu yokuqala ezinganeni ezinhlanu. Ngathola namalungelo enkonzo ebandleni laseFulham. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi impilo kaLene yaphoqa ukuba sithuthele endaweni efudumele. Ngakho ngo-1967, sathuthela e-Adelaide, e-Australia.

ISIMO ESIBUHLUNGU

Ibandla lethu lase-Adelaide lalinamaKristu agcotshiwe asekhulile angu-12. Ayehola ngentshiseko emsebenzini wokushumayela. Sasheshe saba nesimiso esihle sokukhonza uJehova.

Ngo-1979 mina noLene sathola ingane yethu yesihlanu uDaniel. Wayene-Down syndrome * futhi kwakulindeleke ukuba asheshe ashone. Ngisho namanje ngisahluleka ukuchaza ubuhlungu esabuzwa. Senza konke okusemandleni ethu ukuze sinakekele izidingo zakhe ngesikhathi esifanayo sanakekela nezinye izingane zethu. Ngezinye izikhathi isikhumba sikaDaniel sasiba luhlaza ngenxa yokuntuleka komoya mpilo okwakubangelwa yizimbobo ezimbili enhliziyweni yakhe futhi kwakudingeka simphuthumise esibhedlela. Yize ayenempilo engeyinhle, wayehlakaniphile futhi enobuntu obuhle. Wayemthanda kakhulu uJehova. Lapho umndeni wethu uthandaza ngaphambi kokudla, wayeshaya izandla zakhe ezincane, anqekuzise ikhanda bese ethi “Amen!” Wayedla kuphela ngemva kwalokho.

Lapho uDaniel eneminyaka emine waba nomdlavuza wegazi. Mina noLene sasikhandlekile ngokwenyama nangokomzwelo. Ngangizwa ukuthi kusele kancane ngisangane. Noma kunjalo, ngolunye usuku, sidikibele kakhulu, umbonisi wethu ojikelezayo, uNeville Bromwich wafika emzini wethu. Ngalobo busuku ehlengezela izinyembezi wasanga. Sonke sakhala. Amazwi akhe othando naduduzayo asiqinisa kakhulu. Waze wahamba ngo-1am. Ngokushesha ngemva kwalokho uDaniel washona. Ukulahlekelwa nguye kwakuyinto ebuhlungu kakhulu ekuphileni kwethu. Noma kunjalo, salukhuthazelela lolo sizi, siqiniseka ngokuthi akukho lutho—ngisho ukufa imbala—okungakhipha uDaniel othandweni lukaJehova. (Roma 8:38, 39) Silangazelela ukuba naye lapho evuswa ezweni elisha likaNkulunkulu.—Joh. 5:28, 29.

NGITHOLA INJABULO NGOKUSIZA ABANYE

Namuhla, ngikhonza njengomdala webandla ngisho noma ngashaywa unhlangothi kabili. Izinto engabhekana nazo zingisiza ngibe nozwela nomusa kwabanye, ikakhulukazi kulabo abanezinkinga. Ngizama ukungabahluleli. Kunalokho, ngizibuza ukuthi: ‘Indlela abakhule ngayo iyithinte kanjani indlela abazizwa ngayo nabacabanga ngayo? Ngingababonisa kanjani ukuthi ngiyabakhathalela? Ngingabakhuthaza kanjani ukuba benze intando kaJehova?’ Ngiyakuthanda ngempela ukwenza umsebenzi wokwalusa ebandleni! Ngempela, lapho ngikhuthaza futhi ngiqabula abanye ngokomoya, ngiba nomuzwa wokuthi ngiyaziduduza futhi ngiziqabule.

Ngiyaqhubeka ngithola ukwaneliseka ngokwenza ukuhambela kokwalusa

Ngizizwa njengomhubi owathi: “Lapho imicabango yami engincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kimi, Induduzo yakho [Jehova] yaqala ukuwotawota umphefumulo wami.” (IHu. 94:19) Uye wangisekela ezinkingeni zomndeni, ekuphikisweni ngenxa yenkolo, ekudumazekeni nasekucindezelekeni. UJehova uye waba uBaba ongoqobo kimi!

^ isig. 19 Ekuqaleni iPakistan yayakhiwa yiNtshonalanga yePakistan (manje okuthiwa yiPakistan) neMpumalanga yePakistan (manje okuthiwa yiBangladesh).

^ isig. 29 Bheka isihloko esithi “Ukukhulisa Ingane Ene-Down Syndrome—Kuyinselele Kodwa Kunomvuzo” kuyi-Phaphama ka-Juni, 2011.