Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ukukhanya Kwenu Makukhanye” Ukuze Kukhazimulise UJehova

“Ukukhanya Kwenu Makukhanye” Ukuze Kukhazimulise UJehova

“Ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu  . . . bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.”—MATH. 5:16.

IZINGOMA: 77, 59

1. Yisiphi isizathu esisenza sijabule?

AVE kujabulisa ukubona abantu bakaJehova banda namuhla! Ngonyaka odlule saqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-10 000 000. Ngokuqinisekile lokhu kubonisa ukuthi izinceku ziNkulunkulu zenza ukukhanya kwazo kukhanye! Cabanga nangezigidi zabantu ezifuna ukwazi ngoNkulunkulu ezaba khona eSikhumbuzweni. Zafunda ngothando olwaboniswa uNkulunkulu lapho esilungiselela isihlengo.—1 Joh. 4:9.

2, 3. (a) Iyiphi inselele engasivimbeli ukuba ‘sikhanye njengezinkanyiso’? (b) Njengoba sihlola amazwi kaJesu akuMathewu 5:14-16, yini esizoxoxa ngayo?

2 Kuwo wonke umhlaba abantu bakaJehova bakhuluma izilimi ezihlukahlukene. Noma kunjalo, lokhu akusivimbi ukuba sidumise uBaba wethu uJehova. (IsAm. 7:9) Kungakhathaliseki ukuthi yiluphi ulimi esilukhulumayo noma ukuthi sihlala kuphi, singakhanya “njengezinkanyiso ezweni.”—Fil. 2:15.

3 Ukwanda esikubonayo, ubunye esinabo nemizamo esiyenzayo ukuze sihlale silindile, konke kukhazimulisa uJehova. Kulesi sihloko sizoxoxa ngokuthi singakwenza kanjani ukukhanya kwethu kukhanye kulezi zici ezintathu.—Funda uMathewu 5:14-16.

SIZA ABANYE UKUBA BAKHULEKELE UJEHOVA

4, 5. (a) Ngaphezu kokushumayela, singakwenza kanjani ukukhanya kwethu kukhanye? (b) Yiziphi izinzuzo ezingalethwa ukuba nomusa? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

4 “Akekho umuntu ongathembeka eNkosini kulezi zinsuku ezisele . . . ngaphandle uma esebenzisa ithuba lokwenza ukukhanya kwakhe kukhanye.” Yilokho okwashiwo yisihloko esithi “Ukukhanya Ebumnyameni,” esanyatheliswa kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi kaJuni 1, 1925. Lesi sihloko sabe sesichaza: “Lokhu kumelwe akwenze ngokutshela abantu izindaba ezinhle nangokwenza ngokuvumelana nezindlela zokukhanya.” Ngokucacile, enye indlela esenza ngayo ukukhanya kwethu kukhanye ukushumayela izindaba ezinhle nokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Ngaphezu kwalokho, singakhazimulisa uJehova ngendlela esiziphatha ngayo. Abaninikhaya nabantu abadlula ngendlela bayayibona indlela esiziphatha ngayo. Ukumomotheka kwethu nendlela enomusa esibabingelela ngayo isho lukhulu ngohlobo lwabantu esiyilo nangoNkulunkulu esimkhulekelayo.

5 UJesu watshela abafundi bakhe: “Lapho ningena endlini, yibingeleleni leyo ndlu.” (Math. 10:12) Endaweni uJesu nabaphostoli ababevame ukushumayela kuyo, kwakuvamile ukuba abaninikhaya bangenise abantu abangabazi emizini yabo. Namuhla, lokhu akujwayelekile ezindaweni eziningi. Noma kunjalo, ukukhuluma nabaninikhaya ngendlela enomusa njengoba ubachazela ukuthi ubekwa yini lapho, ngokuvamile kungabenza behlise umoya. Ukumomotheka ngokuvamile kwenza abantu bakwamukele. Yilokho okwenzekayo lapho abazalwane nodade beshumayela obala besebenzisa inqola. Njengoba uhlanganyela kulolu hlobo lwenkonzo, ungathola ukuthi ngokuvamile abantu basabela kahle lapho umomotheka futhi ubabingelela. Kungabenza basondele futhi bathathe enye yezincwadi zethu. Ukuba nomusa kungakusiza nokuba uqale ingxoxo.

6. Indoda esikhulile nomkayo bayandisa kanjani inkonzo yabo?

6 Indoda esikhulile nomkayo eNgilandi banenkinga yempilo ebenza bangakwazi ukwenza okuningi enkonzweni yendlu ngendlu. Banquma ukwenza ukukhanya kwabo kukhanye ngokubeka itafula elinezincwadi zethu ngaphandle komuzi wabo. Leli tafula balibeka ngesikhathi lapho abazali beyolanda izingane zabo esikoleni esiseduze nomuzi wabo. Ngenxa yokufuna ukwazi, abaningi baye bathatha amakhophi encwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 1 no-2, kanye nezincwajana. Udade oyiphayona ebandleni abakulo uye abasize ekwenzeni le nkonzo. Ukuba nobungane kwaleli phayona kanye nomzamo oqotho wale ndoda nomkayo ukuze basize abantu, uye wabangela ukuba umzali oyedwa amukele isifundo seBhayibheli.

7. Ungabasiza kanjani abasanda kufika endaweni yangakini?

7 Eminyakeni yakamuva, emazweni amaningi kuye kwafika ngobuningi abantu abavela kwamanye amazwe. Yini ongayenza ukuze usize laba bantu ukuba bazi uJehova nezinjongo zakhe? Okokuqala, ungafunda ukubingelela ngolimi olukhulunywa abantu abasanda kufika endaweni yangakini. I-JW Language app iyithuluzi elingakusiza wenze lokho. Ngaphezu kwalokho, ungafunda ukusho amagama ambalwa, lokho kungabenza bafise ukuxoxa nawe. Ngemva kwalokho ungababonisa amavidiyo nezincwadi ezitholakala ngolimi lwabo ku-jw.org.—Dut. 10:19.

8, 9. (a) Imihlangano yethu yaphakathi nesonto isisiza kanjani? (b) Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba ziphendule emihlanganweni?

8 UJehova uye wasilungiselela uMhlangano Wokuphila Nenkonzo ukuze siphumelele lapho sishumayela. Isiqondiso esisithola kulo mhlangano singasisiza sizethembe lapho siphindela kubantu esixoxe nabo ngaphambili nalapho siqhuba izifundo zeBhayibheli.

9 Abantu abaningi abasivakashelayo baye baphawule ukuthi izingane zethu ziyaphendula emihlanganweni. Bazali, sizani izingane zenu ukuba zenze ukukhanya kwazo kukhanye ngokuzifundisa ukuphendula ngamazwi azo. Izimpendulo zazo ezilula, ezisuka enhliziyweni ngezinye izikhathi ziye zishukumisele abafisa ukufunda iBhayibheli ukuba balibone iqiniso.—1 Kor. 14:25.

THUTHUKISA UBUNYE

10. Ukukhulekela komkhaya kudlala yiphi indima ekuthuthukiseni ubunye?

10 Enye indlela ongenza ngayo ukukhanya kwakho kukhanye ukuthuthukisa ukuthula emndenini wakho nasebandleni okulo. Enye yezindlela abazali abangakwenza ngayo lokhu, ukuhlela ukuKhulekela Komkhaya okwenziwa njalo. Abaningi bahlanganisa nokubuka i-JW Broadcasting ohlelweni lwabo lokukhulekela komkhaya phakathi nenyanga. Ngemva kokuyibuka, kungani ningaxoxi ngendlela eningasebenzisa ngayo amaphuzu aveziwe? Lapho kwenziwa ukukhulekela komkhaya umzali kufanele akhumbule ukuthi isiqondiso esidingwa ingane encane singase sihluke esiqondisweni esidingwa ingane eyevile eminyakeni engu-13. Yenza konke okusemandleni ukuze usize ilungu ngalinye lomndeni wakho ukuba lizuze ekukhulekeleni komkhaya.—IHu. 148:12, 13.

Kuyakhuthaza ukuzisondeza kulabo asebekhulile (Bheka isigaba 11)

11-13. Singakuthuthukisa kanjani ukuthula ebandleni futhi sisize nabanye benze ukukhanya kwabo kukhanye?

11 Intsha ingakuthuthukisa kanjani ukuthula ebandleni ngaleyondlela ikhuthaze abanye ukuba benze ukukhanya kwabo kukhanye? Uma ungumKristu osemusha ngeminyaka, kwenze umgomo wakho ukuzisondeza kumaKristu asekhulile ngeminyaka. Ngenhlonipho ungawacela ukuba akuxoxele ngeminyaka ayichithe ekhonza uJehova. Izindaba zabo zingakukhuthaza futhi lokho kungabangela ukuba wena kanye nabo nenze ukukhanya kweqiniso kukhanye. Sonke singakwenza umgomo wethu ukwamukela labo abeza eHholo loMbuso. Ukwenza kanjalo kuyothuthukisa ubunye futhi kungashukumisela abantu abasivakashele ukuba bafune ukwenza ukukhanya kwabo kukhanye. Imizamo yakho ingahlanganisa ukubingelela abasivakashele, umomotheke, mhlawumbe ubasize nokuba bathole indawo yokuhlala. Zama ukubazisa kwabanye abantu, ubenze bazizwe besekhaya.

12 Uma wabelwe ukuqhuba umhlangano wenkonzo yasensimini ungenza okuningi ukuze usize asebekhulile ukuba bahlanganyele enkonzweni. Ingabe banayo insimu evumelana nezimo zabo? Kwezinye izimo, ungase ukhethe ukubabela ukuba basebenze nosemusha ongakwazi ukubasekela. Ungabonisa nokuqonda kulabo abanempilo ebuthaka ebangela ukuba bangakwazi ukwenza okuningi. Yebo, ukucabangela kwakho nokuqonda kungasiza abasebasha nasebekhulile, abangomakad’ ebona nabasanda kuhlanganyela ukuba bashumayele izindaba ezinhle ngentshiseko.—Lev. 19:32.

13 Umhubi washukumiseleka ukuba akhamuluke: “Yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani ngabazalwane ukuba bahlale ndawonye ngobunye!” (Funda iHubo 133:1, 2.) Ngokuba ndawonye, ama-Israyeli azuza kakhulu ethonyeni labanye ababekhonza uJehova. Kwakufana namafutha okugcoba ayenuka kamnandi futhi eqabula. Ngendlela efanayo, singabaqabula abafowethu nodadewethu ngokuthuthukisa ubunye. Uma usukwenza lokho, kuyancomeka. Ungakwazi yini ‘ukwanuleka,’ okungukuthi ukubazi kangcono abafowenu ebandleni?—2 Kor. 6:11-13.

14. Yini ongayenza ukuze wenze ukukhanya kwakho kukhanye endaweni ohlala kuyo?

14 Kuthiwani ngokwandisa imizamo oyenzayo ukuze ukukhanya kweqiniso leBhayibheli kukhanye endaweni ohlala kuyo? Amazwi akho anomusa nezenzo kungenza omakhelwane bakho bafune ukufunda iqiniso. Zibuze: ‘Omakhelwane bami bangibheka kanjani? Ingabe ngigcina umuzi wami uhlanzekile futhi ucocekile? Ingabe ngiyabasiza abanye?’ Lapho uxoxa nabanye oFakazi, babuze ukuthi umusa wabo nesibonelo sabo esihle siye sazithinta kanjani izihlobo, omakhelwane, abantu abasebenza nabo noma abafunda nabo. Ngokuqinisekile kuningi okuhle abayokuxoxela khona.—Efe. 5:9.

HLALA ULINDILE

15. Kungani ukuhlala ulindile kubalulekile?

15 Uma sifuna ukugcina ukukhanya kwethu kukhanya ngokugqamile, kudingeka siqaphele isikhathi esiphila kuso. Ngokuphindaphindiwe uJesu wanxusa abalandeli bakhe: “Hlalani nilindile.” (Math. 24:42; 25:13; 26:41) Uma sikholelwa ukuthi “usizi olukhulu” lusekude, ukuthi luzofika sesafa, ngeke sibe naso isimo sengqondo sokuphuthuma ngokuphathelene nomsebenzi wokushumayela. (Math. 24:21) Kunokuba sikhanye ngokugqamile emphakathini wethu, ukukhanya kwethu kungancipha ekugcineni kucishe.

16, 17. Yini ongayenza ukuze uhlale ulindile?

16 Njengoba lesi sikhathi esiphila kuso siya siba nzima, sonke kudingeka sihlale silindile. UJehova uyothatha isinyathelo ngesikhathi esifanele. Siyaqiniseka ngalokho. (Math. 24:42-44) Okwamanje kudingeka sibe nesineke sihlale silindile. Funda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke ukuphaphamele ukuthandaza. (1 Pet. 4:7) Funda ezibonelweni zabazalwane nodade abakujabulela ukuhlala belindile futhi benza ukukhanya kwabo kukhanye. Ngokwesibonelo, ungafunda ngokulandisa okunjalo esihlokweni esithi “Iminyaka Engu-70 Yokubambelela Emphethweni Wengubo YomJuda,” esitholakala kuyi-Nqabayokulinda ka-Ephreli 15, 2012, amakhasi 18-21.

17 Hlala umatasa ngemisebenzi eyakhayo futhi uzihlanganise nabantu abazokukhuthaza. Lokho kuzokwenza ujabule kakhulu futhi kuyobonakala sengathi isikhathi sihamba ngokushesha. (Efe. 5:16) Eminyakeni eyikhulu edlule abafowethu babematasa futhi bafeza okuningi. Kodwa thina namuhla sifeza okuningi kakhulu njengoba siqondiswa yisandla sikaJehova. Sivumela ukukhanya kwethu kukhanye ngezinga esingakaze silicabange.

Ukuhambela kokwalusa kusinika ithuba lokuzuza ekuhlakanipheni okuseZwini likaNkulunkulu (Bheka izigaba 18, 19)

18, 19. Abadala bebandla bangasisiza kanjani ukuba sihlale siphapheme futhi simatasa? Fanekisa.

18 Kuqinisa ukholo ukwazi ukuthi ukungapheleli kwethu akusenzi siyeke ukukhonza uJehova ngendlela eyamukelekayo. Yingakho kumelwe sizazise ‘izipho ezingabantu’—abadala bebandla—okuyilungiselelo esilinikwa uJehova. (Funda eyabase-Efesu 4:8, 11, 12.) Ngesikhathi esizayo lapho umdala eza kuwe, lisebenzise lelo thuba ukuze uzuze ekuhlakanipheni naseselulekweni sakhe.

19 Indoda nomkayo eNgilandi babenezinkinga ngakho bacela abadala ababili ukuba babasize. Inkosikazi yayinomuzwa wokuthi umyeni wayo wayengaholi ekukhonzeni uJehova. Umyeni wavuma ukuthi akanalo ikhono lokufundisa nokuthi wayengakuhleli ukukhulekela komkhaya okuqhubekayo. Abadala baxoxa nabo ngesibonelo sikaJesu. UJesu wayebanakekela abafundi bakhe futhi ecabangela izidingo zabo. Abadala bakhuthaza umyeni ukuba alingise uJesu. Bakhuthaza inkosikazi ukuba ibe nesineke. Abadala babanika namacebiso asebenzayo okusebenza ndawonye ukuze benze ukukhulekela komkhaya nezingane zabo ezimbili. (Efe. 5:21-29) Kamuva abadala bancoma umyeni ngemizamo ayenzayo. Bamkhuthaza ukuba akhuthazele futhi ancike emoyeni ongcwele ukuze umsize ahole kahle umndeni wakhe ekukhonzeni uJehova. Ukukhathalela kwabo okunothando nokubasekela kwawusiza lo mndeni wenza ukukhanya kwawo kukhanye.

20. Yini ongayilindela njengoba wenza ukukhanya kwakho kukhanye?

20 Umhubi wahlabelela wathi: “Uyajabula wonke umuntu owesaba uJehova, Ohamba ngezindlela zakhe.” (IHu. 128:1) Lapho wenza ukukhanya kwakho kukhanye—ngokumema abanye ukuba bakhonze uNkulunkulu, ngokuziphatha ngendlela ethuthukisa ukuthula nangokuhlala ulindile—uyojabula nakakhulu. Abanye bayoyibona imisebenzi yakho emihle futhi abaningi bayoshukumiseleka ukuba bakhazimulise uBaba wethu.—Math. 5:16.