Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Uyakhumbula?

Uyakhumbula?

Ingabe uzifunde ngokucophelela izihloko zamuva ze-Nqabayokulinda? Ake uzihlole, ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo:

Yiziphi izinto ezine esingazenza ukuze sithuthukise indlela esicula ngayo?

Singama siqonde, iculo silibambele phezulu. Kufanele siphefumule ngendlela efanele. Lapho sivula imilomo kakhulu futhi sicule, siyakwazi ukucula kakhulu.—w17.11, k. 5.

Yini okufanele isihlabe umxhwele ngezindawo nemigwaqo eya emizini yesiphephelo?

Kwakunemizi eyisithupha yesiphephelo eyayisezindaweni ezihlukahlukene futhi inemigwaqo emihle eyayiya kuyo. Umuntu wayengayithola ngokushesha futhi kalula.—w17.11, k. 14.

Kungani isipho sikaNkulunkulu sesihlengo ngoJesu singcono kakhulu kunanoma yisiphi esinye isipho?

Sifeza isifiso sethu sokufuna ukuqhubeka siphila futhi sigcwalisa isidingo sethu sokufuna ukukhululeka esonweni nasekufeni. Ngenxa yokuthanda inzalo ka-Adamu, uNkulunkulu wanikela ngoJesu ngenxa yethu nakuba sasiyizoni.—wp17.6, kk. 6-7.

IHubo 118:22 libhekisela kanjani ovukweni lukaJesu?

UJesu wenqatshwa njengoMesiya futhi wabulawa. Ukuze abe “yinhloko yegumbi,” kwakufanele avuswe kwabafileyo.—w17.12, kk. 9-10.

Ingabe uhlu lozalo oluholela kuMesiya lwaluncike elungelweni lobuzibulo?

Ngezinye izikhathi amazibulo ayeba sohlwini lozalo oluholela kuJesu kodwa hhayi njalo. UDavide wayengelona izibulo likaJese, noma kunjalo uMesiya uvela uhlwini lozalo lukaDavide.—w17.12, kk. 14-15.

Yiziphi izimiso ezitholakala eBhayibhelini ngezokwelapha?

Ngaphansi koMthetho KaMose, abantu ababenezifo ezithile babehlukaniswa nabanye. Abantu kwakufanele bageze ngemva kokuthinta isidumbu. UMthetho wawuthi indle kufanele igqitshwe kude nabantu. Ukusoka kwakufanele kwenziwe lapho ingane isinezinsuku ezingu-8 izelwe, lokho kwakuwukuhlakanipha ngoba igazi lalingakwazi ukwakha amahlule ngaleso sikhathi.—wp18.1, p. 7.

Kungani kufaneleka ukuba umKristu azithande ngezinga elifanele?

Kufanele sithande omakhelwane bethu njengoba sizithanda thina. (Marku 12:31) Abayeni kufanele ‘bathande omkabo njengemizimba yabo siqu.’ (Eph. 5:28) Kodwa kungenzeka ukuba umuntu azithande ngezinga elingafanele.—w18.01, k. 23.

Yiziphi izinyathelo esingazithatha ukuze sithuthuke ngokomoya?

Kumelwe sifunde iZwi likaNkulunkulu, sicabangisise ngalo futhi sikusebenzise esikufundayo. Kumelwe sivumele umoya ongcwele uthonye izingqondo nezinhliziyo zethu futhi samukele usizo oluvela kwabanye.—w18.02, k. 26.

Kungani ukufunda izinkanyezi nokubhula kungeke kusisize sazi ikusasa?

Ziningi izizathu kodwa isizathu esiyinhloko ukuthi iBhayibheli liyayilahla le mikhuba.—wp18.2, kk. 4-5.

Kufanele sikubheke kanjani ukumenyelwa esidlweni?

Uma samukela isimemo, kufanele sithembeke. (IHu. 15:4) Akufanele sikhansele ngenxa yezinto ezingathi shu. Kungenzeka osimemile usewenzile amalungiselelo.—w18.03, k. 18.

Amadoda amisiwe angafunda ziphi izifundo kuThimothewu?

UThimothewu wayebakhathalela abantu futhi ebeka uMbuso kuqala. Wayesebenza kanzima emsebenzini ongcwele futhi wayezisebenzisa izifundo ayezifunda. Waqhubeka eziqeqesha futhi encika emoyeni kaJehova. Abadala nabanye bangasilingisa isibonelo sakhe.—w18.04, kk. 13-14.