Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kwangathi Sonke Singaba Munye Njengoba UJehova NoJesu Bemunye

Kwangathi Sonke Singaba Munye Njengoba UJehova NoJesu Bemunye

“Angiceleli laba kuphela. . . ukuze bonke babe munye, njengoba nje wena, Baba, umunye nami.”—JOH. 17:20, 21.

IZINGOMA: 24, 99

1, 2. (a) Yini uJesu ayicela ngesikhathi ethandaza okokugcina ekanye nabaphostoli bakhe? (b) Kungenzeka uJesu wayekhathazeke ngobunye ngenxa yasiphi isizathu?

UJESU wayekhathazeke ngobunye esidlweni sakhe sokugcina nabaphostoli bakhe. Lapho ethandaza nabo, wakhuluma ngesifiso sakhe sokuba bonke abafundi bakhe babe munye njengoba yena noYise bemunye. (Funda uJohane 17:20, 21.) Ubunye babo babuyonika ubufakazi obunamandla, bubonise ngokucacile ukuthi uJehova wathumela uJesu emhlabeni ukuba azokwenza intando yaKhe. Uthando lwaluyoba uphawu lwabafundi beqiniso bakaJesu futhi lwaluyothuthukisa ubunye babo.—Joh. 13:34, 35.

2 UJesu wagcizelela ubunye ngoba wayephawule ukuntuleka kobunye noma ukuzwana phakathi kwabaphostoli bakhe. Ngokwesibonelo, abaphostoli baphikisana “ngokuthi ubani kubo owayebonakala emkhulu kunabo bonke.” (Luka 22:24-27; Marku 9:33, 34) Ngesinye isikhathi, uJakobe noJohane bacela ukuba uJesu abanike izikhundla eziphakeme eduze kwakhe eMbusweni wakhe.—Marku 10:35-40.

3. Yiziphi izinto okungenzeka zabangela ukuba kuntuleke ubunye phakathi kwabafundi bakaKristu, futhi yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

3 Isifiso sokuvelela kwakungesona sodwa isizathu esasingabangela ukuntuleka kobunye phakathi kwabafundi bakaKristu. Abantu kulelo zwe babehlukaniswe inzondo nobandlululo. Abafundi bakaJesu kwakudingeka banqobe leyo mizwa. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngale mibuzo: UJesu wabhekana kanjani nobandlululo? Wabasiza kanjani abalandeli bakhe ukuba bafunde ukuphatha abanye ngokungakhethi futhi babe nobunye bangempela? Izimfundiso zakhe zizosisiza kanjani sihlale sinobunye?

UBANDLULULO UJESU NABALANDELI BAKHE ABABHEKANA NALO

4. Yisho izibonelo zobandlululo uJesu abhekana nalo.

4 UJesu wabandlululwa. Lapho uFilipi etshela uNathanayeli ukuthi umtholile uMesiya, uNathanayeli waphendula wathi: “Ingabe kukhona okuhle okungaphuma eNazaretha?” (Joh. 1:46) Cishe, uNathanayeli wayesazi isiprofetho esikuMika 5:2 futhi wayebheka iNazaretha njengendawo ephansi kakhulu ukuthi ingaba yindawo uMesiya angazalelwa kuyo. Ngendlela efanayo, amaJuda avelele ayengamthandi uJesu ngoba wayengowaseGalile. (Joh. 7:52) AmaJuda amaningi ayebheka abantu baseGalile njengabantu abaphansi. Amanye amaJuda ayechwensa uJesu ngokumbiza ngomSamariya. (Joh. 8:48) AmaSamariya ayevela esizweni esihlukile futhi inkolo yawo yayihlukile kweyamaJuda. AmaJuda nabantu baseGalile babengawahloniphi amaSamariya futhi babewagwema.—Joh. 4:9.

5. Yiluphi ubandlululo abalandeli bakaJesu ababhekana nalo?

5 Abaholi abangamaJuda babehlekisa ngabalandeli bakaJesu. AbaFarisi babebabheka ‘njengabantu abaqalekisiwe.’ (Joh. 7:47-49) Babebheka noma ubani ongafundanga ezikoleni zenkolo zobuJuda noma owayengagcini amasiko abo njengongabalulekile nomuntukazana nje. (IzE. 4:13) Ubandlululo uJesu nabafundi bakhe ababhekana nalo lwalubangelwa ngokuyinhloko ukuziqhenya ngenkolo, izinga lokuphila nohlanga. Ubandlululo lwalubathonya nabafundi bakaJesu. Ukuze babe nobunye, kwakudingeka bashintshe indlela ababecabanga ngayo.

6. Sebenzisa izibonelo ukuze ubonise indlela ubandlululo olungasithinta ngayo.

6 Namuhla, izwe esiphila kulo ligcwele ubandlululo. Singase sibe yizisulu zalo noma kube yithi esibandlulula abanye. Udade manje oyiphayona e-Australia uyachaza: “Indlela engangibazonda ngayo abamhlophe yakhula njengoba ngigxila ezenzweni ezingenabulungisa abazenza kubantu bomdabu base-Australia—esikhathini esidlule nanamuhla. Le nzondo yakhuliswa nawukuhlukumezeka engabhekana nakho.” Ekhuluma ngolimi ayengaluthandi, umzalwane waseCanada wathi: “Ngangicabanga ukuthi abantu abakhuluma isiFulentshi bangcono. Ngaqala ukubazonda abantu abakhuluma isiNgisi.”

7. UJesu wabhekana kanjani nobandlululo?

7 Esikhathini esiphila kuso imizwa yobandlululo ingase ibe namandla futhi kube nzima ukuyisusa njengoba kwakunjalo osukwini lukaJesu. UJesu wabhekana kanjani nobandlululo? Okokuqala, akazange acwase muntu. Wayeshumayeza abacebile nabampofu, abaFarisi namaSamariya ngisho nabathelisi nezoni. Okwesibili, ngezimfundiso zakhe nesibonelo, uJesu wabonisa abaphostoli bakhe ukuthi kumelwe banqobe ukungabethembi abanye noma ukubabandlulula.

UKUNQOBA UBANDLULULO NGOTHANDO NOKUTHOBEKA

8. Yisiphi isimiso esiyinhloko okusekelwe kuso ubunye bobuKristu? Chaza.

8 UJesu wafundisa abalandeli bakhe isimiso esiyinhloko okusekelwe kuso ubunye bethu. Wathi: “Nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.” (Funda uMathewu 23:8, 9.) Sonke ‘singabafowabo bomunye nomunye’ ngomqondo wokuthi sonke siyinzalo ka-Adamu. (IzE. 17:26) Kodwa kukhona okwengeziwe. UJesu wachaza ukuthi abafundi bakhe bangabafowabo nodadewabo bomunye nomunye ngoba bonke babeqaphela ukuthi uJehova unguBaba wabo wasezulwini. (Math. 12:50) Ukwenezela kulokho, base bengamalungu omndeni kaNkulunkulu behlanganiswe uthando nokholo. Yingakho ezincwadini zabo abaphostoli babevame ukubiza amanye amaKristu ngokuthi ‘abafowethu nodadewethu.’—Roma 1:13; 1 Pet. 2:17; 1 Joh. 3:13. *

9, 10. (a) Kungani sasingekho isizathu sokuba amaJuda abandlulule abanye ngokohlanga? (b) UJesu wafundisa kanjani ukunqoba ukubandlulula abanye ngokohlanga? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

9 Ngemva kokucacisa ukuthi kufanele sibhekane njengabafowabo nodadewabo bomunye nomunye, uJesu wagcizelela isidingo sokuthobeka. (Funda uMathewu 23:11,12.) Njengoba kubonisiwe, ukukhukhumala kwaqeda ubunye phakathi kwabaphostoli. Kungenzeka ukuziqhenya ngohlanga nakho kwakuyinkinga. Ingabe sasikhona isizathu sokuba amaJuda aziqhenye ngokuba yinzalo ka-Abrahama? AmaJuda amaningi ayekukholelwa lokho. Kodwa uJohane umBhapathizi wathi kuwo: “UNkulunkulu unamandla okuvezela u-Abrahama abantwana kula matshe.”—Luka 3:8.

10 UJesu wathi kubi ukubandlulula olunye uhlanga. Lokho wakusho ngesikhathi umbhali embuza ukuthi: “Ubani ngempela umakhelwane wami?” Ephendula, uJesu washo isibonelo somSamariya owanakekela ngomusa isihambi esingumJuda esasishaywe yizigebengu. AmaJuda ayedlula ngendlela awazange amsize lo muntu kuyilapho umSamariya amzwela futhi wamsiza. UJesu waphetha indaba yakhe ngokutshela umbhali ukuthi abe njengomSamariya. (Luka 10:25-37) UJesu wabonisa ukuthi umSamariya angafundisa umJuda ukuthi kusho ukuthini ukuthanda umakhelwane ngempela.

11. Kungani abafundi bakaKristu kwakungafanele bacwase abantu bakwamanye amazwe futhi uJesu wabasiza kanjani baqonda lokho?

11 Ukuze benze lokho abakuthunyiwe, abafundi bakaJesu kwakudingeka banqobe ukuqhosha nobandlululo ababenalo. Ngaphambi kokuba anyukele ezulwini, uJesu wabathuma ukuba bashumayele kulo “lonke elaseJudiya neSamariya nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) UJesu wayebalungiselele ukwenza lesi sabelo ngokubabonisa izimfanelo ezinhle zabantu bakwamanye amazwe. Wancoma isikhulu sebutho sakwelinye izwe ngokholo lwaso olubabazekayo. (Math. 8:5-10) Edolobheni akhulela kulo, eNazaretha, uJesu wakhuluma ngendlela uJehova asiza ngayo abantu bakwamanye amazwe njengomfelokazi ongumFenike waseZarefati kanye noNahamani waseSiriya owayenochoko. (Luka 4:25-27) UJesu akagcinanga nje ngokushumayeza owesifazane ongumSamariya kodwa wachitha izinsuku ezimbili edolobheni laseSamariya ngenxa yokuthi abantu babethanda ukulalela umyalezo wakhe.—Joh. 4:21-24, 40.

UKULWISANA NOBANDLULULO NGEKHULU LOKUQALA

12, 13. (a) Abaphostoli basabela kanjani lapho uJesu efundisa owesifazane ongumSamariya? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Yini ebonisa ukuthi uJakobe noJohane babengakuqondi ngokuphelele lokho uJesu ayebafundisa kona?

12 Nokho, kwakungelula ngabaphostoli ukunqoba ubandlululo ababenalo. Bamangala lapho bebona ukuthi uJesu wayezimisele ukushumayeza owesifazane ongumSamariya. (Joh. 4:9, 27) Abaholi benkolo abangamaJuda babengeke bakhulume nowesifazane emphakathini, ayisaphathwa eyokukhuluma nowesifazane ongumSamariya owayeziphatha ngendlela engabazisayo. Abaphostoli bakhuthaza uJesu ukuba adle. Kodwa impendulo yakhe yabonisa ukuthi wayegxile ekuxoxeni nalona wesifazane ngoMbuso kaNkulunkulu kangangokuthi wayengasayizwa indlala. Ukushumayela—ngisho nakowesifazane ongumSamariya—kwakuyintando kaYise futhi kuye kwakufana nokudla.—Joh. 4:31-34.

13 UJakobe noJohane abazange basiqonde lesi sifundo esibalulekile. Lapho behamba noJesu eSamariya, abafundi bafuna indawo yokulala emzini waseSamariya. AmaSamariya enqaba ukubamukela, uJakobe noJohane bathukuthela kangangokuthi bacela ukuba uJesu ehlise umlilo ukuze uwushise wonke lowo muzi. UJesu wabakhuza ngokuqinile. (Luka 9:51-56) Singase sizibuze ukuthi uJakobe noJohane babeyosabela ngendlela efanayo yini ukube abamukelwanga abantu bakubo eGalile. Kungenzeka ukuthi inzondo yabo yayibangelwa ubandlululo. Mhlawumbe umphostoli uJohane wazizwa enamahloni ngentukuthelo yakhe lapho kamuva kusabela amaSamariya amaningi ayeshumayela kuwo.—IzE. 8:14, 25.

14. Lwaxazululwa kanjani udaba okungenzeka lwaluhilela ulimi?

14 Ngemva nje kwePentekoste lika-33 C.E, kwavela inkinga yobandlululo ebandleni. Ngesikhathi kunikezwa abafelokazi abaswele ukudla, abafelokazi abangaGreki babenganakwa. (IzE. 6:1) Kungenzeka ukuthi imbangela yalokho kwakuwukubandlululwa ngenxa yolimi. Abaphostoli bayilungisa ngokushesha leyo nkinga ngokukhetha amadoda angokomoya afanelekayo ayenamagama esiGreki. Lokhu kungenzeka kwenza la madoda amukeleka kalula kubafelokazi ababehlukumezekile.

15. UPetru wafunda kanjani ukungabandlululi muntu? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

15 Ngo-36 C.E., umsebenzi wokwenza abafundi wadlulela nakwamanye amazwe. Umphostoli uPetru wayenomkhuba wokuzihlanganisa kuphela namaJuda. Kodwa ngemva kokuba uNkulunkulu ekwenze kwacaca ukuthi amaKristu kumelwe angakhethi, uPetru washumayeza uKorneliyu, isosha laseRoma. (Funda izEnzo 10:28, 34, 35.) Ngemva kwalokho, uPetru wajabulela ukudla nobudlelwane kanye namakholwa akwezinye izizwe. Nokho, ngemva kweminyaka, uPetru wayeka ukudla namaKristu angewona amaJuda edolobheni lase-Antiyokiya. (Gal. 2:11-14) UPawulu wamlungisa uPetru futhi uPetru wakwamukela lokho kulungiswa. Lapho uPetru ebhala incwadi yakhe yokuqala eya kumaKristu angamaJuda nangewona amaJuda e-Asia Minor wakhuluma ngendlela enomusa ngayo yonke inhlangano yabafowabo.—1 Pet. 1:1; 2:17.

16. Yini amaKristu angekhulu lokuqala ayaziwa ngayo?

16 Kuyacaca ukuthi, abaphostoli bafunda esibonelweni sikaJesu ukuthanda “abantu bazo zonke izinhlobo.” (Joh. 12:32; 1 Thim. 4:10) Nakuba kwathatha isikhathi, bagcina beyilungisile indlela abacabanga ngayo. AmaKristu okuqala ayaziwa ngokuthandana. UTertullian, umbhali wangekhulu lesibili, wacaphuna lokho okwakushiwo abanye abantu ngamaKristu, wathi: “Bayathandana . . . Bakulungele ngisho nokufelana.” Ngokugqoka “ubuntu obusha” amaKristu okuqala akwazi ukubheka abantu njengabafanayo emehlweni kaNkulunkulu.—Kol. 3:10, 11.

17. Singalusiphula kanjani ubandlululo ezinhliziyweni zethu? Nikeza izibonelo.

17 Namuhla, nathi singase sidinge isikhathi ukuze sisiphule ubandlululo enhliziyweni yethu. Udade eFrance uchaza impi yakhe: “UJehova uye wangifundisa ukuthi luyini uthando, ukuthi ukulubonisa kusho ukuthini nokuthi kusho ukuthini ukuthanda bonke abantu. Kodwa ngisalwa nokubandlulula abanye, akulula ngaso sonke isikhathi. Yingakho ngihlale ngikuthandazela.” Udade waseSpain olwa nenkinga efanayo uthi: “Ngezinye izikhathi ngilwa nemizwa yokuzonda olunye uhlanga futhi ngokuvamile ngiyaphumelela. Kodwa ngiyazi ukuthi kumelwe ngiqhubeke ngilwa. Ngosizo lukaJehova, ngiyajabula ukuba yingxenye yomndeni onobunye.” Ngamunye kithi angazihlola ngobuqotho. Ingabe nathi kudingeka sisiphule imizwa yobandlululo njengalabo dade ababili?

UBANDLULULO LUYABUNA LAPHO UTHANDO LUKHULA

18, 19. (a) Yiziphi izizathu esinazo zokwamukela abanye? (b) Lokhu singakwenza kanjani ngokoqobo?

18 Kuhle ukukhumbula ukuthi sonke sake saba “yizihambi” noma abantu bezizwe, singekho eduze noNkulunkulu. (Efe. 2:12) Kodwa uJehova wasidonsela kuye “ngamagoda othando.” (Hos. 11:4; Joh. 6:44) UKristu wasamukela. Wavula iminyango ukuze sibe yingxenye yomndeni kaNkulunkulu. (Funda eyabaseRoma 15:7.) Njengoba uJesu esamukele ngomusa, yize sinesono, kufanele kube yinto engacabangeki ngathi ukwenqaba abanye abantu!

Izinceku zikaJehova zifuna ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu futhi zinothando nobunye (Bheka isigaba 19)

19 Ukwahlukana, ubandlululo nenzondo ngokuqinisekile kuzoqhubeka kukhula njengoba izwe lisondela ekupheleni kwalesi simiso sezinto. (Gal. 5:19-21; 2 Thim. 3:13) Nokho, njengezinceku zikaJehova, sifuna ukuhlakanipha kwaphezulu okungakhethi nokuthuthukisa ukuthula. (Jak. 3:17, 18) Siyajabula njengoba sakha ubungane nabantu abavela kwamanye amazwe, samukele amasiko ahlukahlukene mhlawumbe size sifunde nolimi lwabanye abantu. Lapho senza lokhu, ukuthula kugeleza njengomfula futhi ubulungisa buba njengamagagasi olwandle.—Isaya 48:17, 18.

20. Kwenzekani lapho uthando lulolonga izingqondo nezinhliziyo zethu?

20 Udade wase-Australia okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi: “Ngathola ulwazi lweqiniso.” Lapho echaza indlela ukutadisha iBhayibheli okwamthinta ngayo, uthi: “Ingqondo nenhliziyo yami kwalolongeka. Lwaphela lonke ubandlululo nenzondo enganginayo.” Umzalwane waseCanada yena uthi manje uyaqaphela ukuthi “ukungazi ngokuvamile kuyimbangela yobandlululo nokuthi ubuntu babantu abunqunywa indawo abazalelwe kuyo.” Washada nodade okhuluma isiNgisi! Ushintsho olunjalo endleleni yokucabanga lufakazela ukuthi uthando lobuKristu lungakwazi futhi luyakwazi ukulunqoba ubandlululo. Luyasihlanganisa esibophweni esiphelele sobunye.—Kol. 3:14.

^ isig. 8 Igama elithi “bafowethu” lingahlanganisa nabesifazane abangamalungu ebandla. UPawulu wathumela incwadi yakhe ‘kubafowabo’ eRoma. Kuyacaca ukuthi kwakuhlanganiswa nabesifazane futhi abaningi kubo babizwa ngamagama. (Roma 16:3, 6, 12) Sekuyisikhathi eside INqabayokulinda ibhekisela kumaKristu ngokuthi ‘abafowethu nodadewethu.’