Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 26

“Buyelani Kimi”

“Buyelani Kimi”

“Buyelani kimi, nami ngizobuyela kini.”​—MAL. 3:7.

INGOMA 102 “Nisize Ababuthakathaka”

AMAZWIBELA *

1. UJehova uzizwa kanjani lapho kusindiswa enye yezimvu zakhe?

Njengoba sixoxile esihlokweni esidlule, uJehova uzifanisa nomalusi omuhle oyinakekela ngothando imvu yakhe ngayinye. Noma iyiphi ephambukayo uyayifuna. UJehova wawatshela lokhu ama-Israyeli ayemshiyile: “Buyelani kimi, nami ngizobuyela kini.” Siyazi ukuthi usazizwa ngendlela efanayo ngoba uthi: “Angizange ngishintshe.” (Mal. 3:6, 7) UJesu wathi uJehova nezingelosi bajabula kakhulu ngisho noma inceku yaKhe eyodwa ebilahlekile ibuyela kuYe.​—Luka 15:10, 32.

2. Yini esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?

2 Ake sixoxe ngemifanekiso kaJesu emithathu egxile ekusizeni labo abamshiyile uJehova. Sizoxoxa ngezinye izimfanelo esizidingayo ukuze sisize izimvu ezilahlekile zibuyele kuye. Sizobona ukuthi kungani kuzuzisa ukusekela ababuthakathaka.

UKUFUNA UHLAMVU LWEMALI OLULAHLEKILE

3-4. Kungani owesifazane okukhulunywa ngaye kuLuka 15:8-10 alufuna ngokucophelela uhlamvu lwakhe lwemali olwalulahlekile?

3 Kudingeka sisebenze kanzima ukuze sithole labo abafuna ukubuyela kuJehova. Emfanekisweni oseVangelini likaLuka, uJesu uchaza indlela owesifazane afuna ngayo okuthile okuyigugu okulahlekile​—uhlamvu lwesiliva. Lo mfanekiso usenza sigxile endleleni afuna ngayo uhlamvu lwemali.​—Funda uLuka 15:8-10.

4 UJesu uchaza imizwa yowesifazane othola uhlamvu lwesiliva oluyigugu olwalulahlekile. Ngesikhathi sikaJesu, abanye omama abangamaJuda babenika amadodakazi abo izinhlamvu zesiliva eziyishumi ngosuku lwawo lomshado. Mhlawumbe lolo hlamvu lwesiliva olwalulahlekile lwalungolunye lwalezo nhlamvu eziyishumi. Owesifazane ucabanga ukuthi uhlamvu luwele phansi. Ngakho ukhanyisa isibani aqalaze, kodwa akaboni lutho. Isibani sakhe samafutha kungenzeka asimkhanyiseli ngokwanele ukuba athole uhlamvu lwesiliva oluncane. Ekugcineni ushanela yonke indlu ngokucophelela. Memfu uhlamvu lwakhe lwesiliva oluyigugu lucwebezela njengoba elukhanyisa ngesibani. Ujabula kakhulu! Ubiza abangane bakhe nomakhelwane ukuze abaxoxele izindaba ezimnandi.

5. Kungani kungase kube nzima ukuthola labo abashiye ibandla?

5 Njengoba sibona emfanekisweni kaJesu, kuwumsebenzi ukuthola okuthile obekulahlekile. Ngokufanayo, kungase kudingeke sisebenze kanzima ukuze sithole labo abashiye ibandla lobuKristu. Kungenzeka sekuphele iminyaka bagcina ukuzihlanganisa nathi. Kungenzeka sebethuthele endaweni lapho abafowethu bendawo bengabazi khona. Kodwa asingabazi ukuthi njengamanje abanye balabo asebepholile balangazelela ukubuyela kuJehova. Bafuna ukuphinde bakhonze uJehova bekanye nabafowabo nodadewabo abakhonza uJehova ngeqiniso, kodwa badinga usizo lwethu.

6. Ibandla lilonke lingasiza kanjani ekufuneni labo asebepholile?

6 Obani abangasiza ekufuneni abapholile? Yithi sonke​—abadala, amaphayona, amalungu omndeni, abamemezeli bebandla—​singasiza ekubatholeni. Unaye yini umngane noma isihlobo esipholile? Uke wahlangana yini nomuntu opholile lapho ushumayela endlini ngendlu noma lapho ushumayela obala? Mchazele lowo muntu ukuthi uma engathanda ukuvakashelwa, ungakujabulela ukudlulisela imininingwane yakhe kubadala bebandla.

7. Yini oyifundayo kulokho okwashiwo uThomas ongumdala?

7 Yini engenziwa abadala ukuze bathole labo abafuna ukubuyela kuJehova? Phawula lokho okwashiwo uThomas * ongumdala ohlala eSpain. Usesize oFakazi abangaphezu kuka-40 ukuba babuyele ebandleni. UThomas uthi: “Ngiqale ngibuze abafowethu nodadewethu abahlukahlukene ukuthi bayazi yini ukuthi bahlala kuphi abantu abapholile. Noma ngibuze abamemezeli ukuthi ukhona yini abamkhumbulayo ongasezi emihlanganweni. Abaningi ebandleni kuyabajabulisa lokho ngoba bazizwa benengxenye ekubafuneni. Kamuva lapho ngivakashela abafowethu nodadewethu abapholile, ngibabuza ngezingane zabo nangezihlobo zabo. Abanye abapholile babeza nezingane zabo emihlanganweni, futhi lezi zingane kungenzeka zake zaba abamemezeli. Nazo zingasizwa zibuyele kuJehova.”

BUYISANI AMADODANA NAMADODAKAZI KAJEHOVA ALAHLEKILE

8. Emfanekisweni wendodana yolahleko okuLuka 15:17-24, ubaba wayiphatha kanjani indodana yakhe ephendukayo?

8 Yiziphi izimfanelo okumelwe sibe nazo uma sizosiza labo abafuna ukubuyela kuJehova? Phawula ezinye izifundo esingazifunda emfanekisweni kaJesu wendodana enhlanhlathayo eyashiya ikhaya. (Funda uLuka 15:17-24.) UJesu uchaza indlela le ndodana eyasanguluka ngayo ekugcineni, yabe isinquma ukubuyela ekhaya. Ubaba wagijima wayohlangabeza indodana yakhe, wafike wayihaga ngemfudumalo, eyiqinisekisa ngokuthi uyayithanda. Le ndodana yayidliwa unembeza futhi yayizizwa kungayifanele ukubizwa ngendodana. Ubaba wayizwela indodana eyathululela kuye imizwa yayo. Ubaba wabe esenza okuthile ukuze aqinisekise indodana yakhe ukuthi yamukelekile ekhaya, hhayi njengesisebenzi, kodwa njengelungu lomndeni elithandwayo. Ukuze abonise lokho, ubaba wahlela idili, wanikeza nendodana yakhe ephendukile izimpahla zokugqoka.

9. Yiziphi izimfanelo okumelwe sibe nazo ukuze sisize abapholile babuyele kuJehova? (Bheka ibhokisi elithi “ Indlela Yokusiza Labo Abafuna Ukubuyela Ebandleni.”)

9 UJehova unjengobaba kulowo mfanekiso. Uyabathanda abafowethu nodadewethu abapholile futhi ufuna babuyele kuye. Uma silingisa uJehova, singabasiza babuye. Lokho kudinga sibe nesineke, uzwela nothando. Kungani kufanele sibonise lezo zimfanelo, futhi singakwenza kanjani lokho?

10. Iyiphi indima edlalwa isineke ekusizeni umuntu aphinde asondelane noJehova?

10 Kudingeka sibe nesineke ngoba kuthatha isikhathi ngomuntu ukuthi aphinde abuyele kuJehova. Abaningi abake baphola bayavuma ukuthi isinyathelo basithatha ngemva kokuvakashelwa kaningana abadala nabanye ebandleni. UNancy udadewethu wase-Asia uyabhala: “Umngane wami omkhulu wasebandleni wangisiza kakhulu. Wayengithanda, engibheka njengodadewabo omdala. Wayengikhumbuza izikhathi zakudala ezimnandi esaba nazo. Wayengilalela ngesineke lapho ngiveza imizwa yami futhi enganqikazi ukunginika iseluleko. Wabonisa ukuthi ungumngane weqiniso, ekulungele ukungisiza nganoma yisiphi isikhathi.”

11. Kungani kudingeka sibe nozwela lapho sisiza umuntu olimele ngokomzwelo?

11 Uzwela lunjengomuthi wokugcoba osebenza kahle kakhulu; lungasiza ekwelapheni imizwa elimele. Abanye abapholile sekuphele iminyaka bezwa ubuhlungu ngenxa yokuphathwa kabi othile ebandleni. Imizwa enjalo iphazamise isifiso sokubuyela kuJehova. Abanye bangase bacabange ukuthi abaphathwanga ngobulungisa. Bangase badinge othile ozobalalela futhi aqonde imizwa yabo. (Jak. 1:19) UMaría owake waphola uthi, “Ngangidinga umuntu ozongilalela, ozongiduduza, nozongisiza futhi anginike iseluleko esihle.”

12. Fanekisa indlela uthando lukaJehova oludonsela ngayo abapholile kubantu bakhe.

12 IBhayibheli lifanisa uthando lukaNkulunkulu ngabantu bakhe nentambo. Uthando lukaNkulunkulu lufana ngamuphi umqondo nentambo? Ake ucabange ngalesi sibonelo: Zicabange uminza olwandle oluthukuthele, bese othile ekuphonsela ishubhu. Akungabazeki ukuthi uyolwazisa usizo lwakhe ngoba lokho kuyokwenza kube lula ukuthi untante. Kodwa ishubhu lilodwa ngeke lisindise ukuphila kwakho. Amanzi ayabanda, okuwukuphela kwendlela ongasinda ngayo ukuthi ugibele esikebheni. Udinga othile ozokuphonsela intambo akudonsele esikebheni. UJehova washo lokhu ngama-Israyeli ayephambukile: ‘Ngaqhubeka ngiwadonsa ngamagoda othando.’ (Hos. 11:4) Nanamuhla uNkulunkulu uzizwa ngendlela efanayo ngalabo abayekile ukumkhonza abakhungethwe izinkinga nokukhathazeka. Ufuna bazi ukuthi uyabathanda, futhi ufuna ukubadonsela kuye. UJehova angakusebenzisa nawe ukuba ubabonise indlela abathanda ngayo.

13. Landisa isibonelo esibonisa amandla othando lobuzalwane.

13 Kubalulekile ukuqinisekisa abapholile ukuthi uJehova uyabathanda futhi nathi siyabathanda. UPablo okukhulunywe ngaye esihlokweni esidlule, wayesephole iminyaka engaphezu kuka-30. Uthi: “Ngolunye usuku ekuseni, lapho ngiphuma ekhaya, ngahlangana nodadewethu osekhulile onenhliziyo enhle, owakhuluma nami ngendlela enothando. Ngavele ngakhalisa okwengane. Ngamtshela ukuthi kubukeka sengathi uthunywe uJehova ukuba uzokhuluma nami. Nganquma ngaso leso sikhathi ukubuyela kuJehova.”

BASEKELE NGOTHANDO ABABUTHAKATHAKA

14. Ngokomfanekiso okuLuka 15:4, 5, yini eyenziwa umalusi lapho ethola imvu elahlekile?

14 Abapholile badinga ukuba singayeki ukubasekela. Njengendodana yolahleko esemfanekisweni kaJesu, kungenzeka banezibazi ezingokomzwelo. Kungenzeka ubuhlobo babo noJehova abuqinile ngenxa yalokho ababhekana nakho ezweni likaSathane. Kudingeka sibasize baphinde bakhe ukholo lwabo kuJehova. Emfanekisweni wemvu elahlekile, uJesu uchaza indlela umalusi atshatha ngayo imvu ayibuyisele emhlanjini. Umalusi usechithe isikhathi esiningi namandla akhe ecinga imvu elahlekile. Kodwa uyabona ukuthi kuzodingeka ayitshathe ayibuyisele esibayeni ngoba ngeke ibe nawo amandla okuzihambela yona.​—Funda uLuka 15:4, 5.

15. Singabasekela kanjani ababuthakathaka abafuna ukubuyela kuJehova? (Bheka ibhokisi elithi “ Ithuluzi Eliwusizo Kakhulu.”)

15 Kungase kudingeke isikhathi esiningi namandla ukuze sisize abanye abapholile banqobe ubuthakathaka babo. Kodwa ngomoya kaJehova, iZwi lakhe kanye nezincwadi esizithola ebandleni, singabasiza baphinde baqinise ubuhlobo babo noJehova. (Roma 15:1) Singakwenza kanjani lokhu? Omunye umdala ongumakadebona uthi, “Abaningi abapholile, lapho benquma ukuthi sebefuna ngempela ukubuyela kuJehova, badinga ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli.” * Ngakho uma ucelwa ukuba ufunde nomuntu opholile, kumelwe ulijabulele lelo lungelo uma ukwazi ukufunda naye. Lo mdala uphinde athi, “Ummemezeli ofunda nomuntu opholile kufanele abe umngane omkhulu, umuntu opholile angathululela kuye isifuba sakhe.”

INJABULO EZULWINI NASEMHLABENI

16. Sazi kanjani ukuthi singathembela osizweni lwezingelosi?

16 Izibonelo eziningi zibonisa ukuthi izingelosi zisebenza kanye nathi ukuze zisisize sithole abapholile abalangazelela ukubuyela kuJehova. (IsAm. 14:6) Ngokwesibonelo, uSilvio wase-Ecuador, wathandaza ngobuqotho, ethandazela usizo lokubuyela ebandleni. Ngesikhathi esathandaza, kwangqongqoza umuntu emnyango. Kwakunabadala ababili emnyango. Ekuvakasheni kwabo, bakujabulela ukuqala bamnikeze usizo ayeludinga.

17. Yimuphi umvuzo esiwutholayo ngokusiza abapholile?

17 Inkulu injabulo esizoyithola ngokusiza abapholile babuyele kuJehova. Phawula okushiwo uSalvador, iphayona elibanaka ngokukhethekile abapholile, uthi: “Ngezinye izikhathi ngikuthola kunzima ukubamba izinyembezi zenjabulo. Kungijabulisa kakhulu ukucabanga ukuthi uJehova usindise enye yezimvu zakhe azithandayo ezweni likaSathane, nokuthi ngibe nelungelo lokubambisana naye kulowo msebenzi.”​—IzE. 20:35.

18. Uma upholile, yini ongaqiniseka ngayo?

18 Uma usuyekile ukuzihlanganisa nabantu bakaJehova, qiniseka ngokuthi usakuthanda. Ufuna ubuyele kuye. Kunezinyathelo okuzodingeka uzithathe ukuze ubuyele kuye. Njengobaba osemfanekisweni kaJesu, uJehova uyakulangazelela ukubuya kwakho, futhi uzokwamukela ngenjabulo njengoba ubuyela ekhaya.

INGOMA 103 Abelusi​—Izipho Ezingabantu

^ par. 5 UJehova ufuna labo asebezihlukanisile nebandla ukuba babuyele kuye. Kuningi esingakwenza ukuze sikhuthaze labo abafuna ukwamukela isimemo sikaJehova esithi: “Buyelani kimi.” Kulesi sihloko sizoxoxa ngendlela esingabasiza ngayo ukuba benze kanjalo.

^ par. 7 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 15 Abanye abapholile bangasizwa ngokufundelwa izingxenye ezithile zencwadi ethi Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu, kuyilapho abanye bengazuza ngokubukeza izahluko ezithile zencwadi ethi Sondela KuJehova. IKomiti Yenkonzo Yebandla iyonquma ukuthi ubani okufanelekela kangcono ukuqhuba leso sifundo.

^ par. 68 INCAZELO YESITHOMBE: Abazalwane abathathu abahlukene basiza umfowethu ofuna ukubuya. Lokho bakwenza ngokuqhubeka bexhumana naye, ngokumqinisekisa ukuthi uyathandwa, nangokumlalela ngokuqonda.