Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 25

“Mina Uqobo Ngiyozifuna Izimvu Zami”

“Mina Uqobo Ngiyozifuna Izimvu Zami”

“Mina uqobo, ngiyozifuna izimvu zami, ngizinakekele.”​—HEZ. 34:11.

INGOMA 105 “UNkulunkulu Uluthando”

AMAZWIBELA *

1. UJehova ufana kanjani nomama oncelisayo?

“UMFAZI angamkhohlwa yini umntanakhe osancela?” Lowo umbuzo owabuzwa uJehova ezinsukwini zomprofethi u-Isaya. UNkulunkulu wathi kubantu bakhe: “Ngisho nalaba besifazane bangakhohlwa, nokho mina ngeke ngikukhohlwe.” (Isaya 49:15) Akavamile ukuziqhathanisa nomama. Nokho wakwenza lokho. UJehova wasebenzisa ukusondelana umama anakho nomntanakhe ukuze aveze ukuthi uzithanda kangakanani izinceku zakhe. Omama abaningi bangavumelana nalokho okushiwo udadewethu uJasmin, othi: “Lapho uncelisa umntanakho nisondelana ngendlela ekhethekile eyohlala phakade.”

2. UJehova uzizwa kanjani lapho enye yezingane zakhe iqhela kuye?

2 UJehova uyabona ngisho noma eyodwa yezingane zakhe iyeka ukuzihlanganisa nebandla lobuKristu nokwenza umsebenzi wokushumayela. Cabanga-ke ukuthi kumelwe ukuba uzwa ubuhlungu obungakanani lapho ebona izinkulungwane zezinceku zakhe ziphola * unyaka ngamunye.

3. Yini uJehova ayifunayo?

3 Iningi labafowethu nodadewethu esibathandayo abapholayo bayabuya ebandleni, futhi siyajabula lapho bebuya! UJehova ufuna babuye, nathi sizizwa ngendlela efanayo. (1 Pet. 2:25) Singasiza kanjani? Ngaphambi kokuphendula lowo mbuzo, kungakuhle ukwazi ukuthi kungani abanye beyeka ukuza emihlanganweni nokushumayela.

KUNGANI ABANYE BEYEKA UKUKHONZA UJEHOVA?

4. Kwenzekani kwabanye ngenxa yomsebenzi wabo wokuziphilisa?

4 Abanye baye bavumela umsebenzi wabo wokuziphilisa waba yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwabo. Umfoweth’ uHung * ohlala eNingizimu-mpumalanga ye-Asia uyavuma: “Ngangichitha isikhathi sami esiningi namandla emsebenzini. Ngobuwula ngazitshela ukuthi ukube benginemali eningi, bengiyomkhonza kangcono uJehova. Ngakho ngasebenza amahora engeziwe. Kwaqala ngokuthi ngilokhu ngiphutha emihlanganweni, ngagcina ngiyeke ngokuphelele ukuzihlanganisa nebandla. Kubonakala sengathi izwe liklanyelwe ukwenza abantu baqhele kancane kancane kuNkulunkulu.”

5. Yini eyenziwa omunye udadewethu lapho ebhekene nezinkinga?

5 Abanye abafowethu nodadewethu banezinkinga eziningi ezibaqeda amandla. U-Anne waseBrithani ungumama wezingane ezinhlanu. U-Anne uyachaza: “Enye yezingane zami yazalwa ikhubazekile. Ngokuhamba kwesikhathi enye yamadodakazi ami yasuswa, kwathi kusenjalo indodana yami yagula ngengqondo. Ngacindezeleka kakhulu, ngaze ngayeka nokuya emihlanganweni nokushumayela. Ekugcineni ngaphola.” Sizwelana kakhulu no-Anne nomndeni wakhe, kanye nabanye ababhekana nezinkinga ezifanayo.

6. Ukungakwenzi okushiwo kweyabaseKolose 3:13 kungamenza kanjani umuntu aqhele kubantu bakaJehova?

6 Funda eyabaseKolose 3:13. Ezinye izinceku zikaJehova zizwiswe ubuhlungu abantu ezikholwa nabo. Umphostoli uPawulu wavuma ukuthi ngezinye izikhathi singase sibe ‘nesizathu esizwakalayo sokukhononda’ ngomfowethu noma ngodadewethu. Kungenzeka nokuthi sake saphathwa ngendlela engenabulungisa. Uma singaqaphile singase sibambe amagqubu. Inzondo ingenza umuntu agcine eseqhela kubantu bakaJehova. Cabanga ngokwenzeka kuPablo, umzalwane waseNingizimu Melika. Waqanjelwa amanga kwathiwa wenze okuthile okungafanele, ngenxa yalokho walahlekelwa ilungelo lenkonzo ebandleni. Wenzenjani ngalokho? UPablo uthi: “Ngathukuthela, futhi kancane kancane ngaqhela ebandleni.”

7. Yini engenzeka kumuntu ononembeza onecala?

7 Okunye okungenzeka, unembeza onecala ungamhlupha umuntu ophule umthetho kaNkulunkulu esikhathini esidlule, umenze azizwe engakufanele ukuthandwa uNkulunkulu. Ngisho noma aphenduka futhi waboniswa umusa, angase azizwe kungasamfanele ukuba ngomunye wabantu bakaNkulunkulu. Umfoweth’ uFrancisco wazizwa ngaleyo ndlela. Uthi: “Ngasolwa ngenxa yokuziphatha kabi ngokocansi. Nakuba ekuqaleni ngaqhubeka nokuya emihlanganweni, ngacindezeleka, ngezwa kungangifanele ukuba phakathi kwabantu bakaJehova. Unembeza wami wawungihlupha, futhi ngangiqiniseka ngokuthi uJehova akazange angithethelele. Ngokuhamba kwesikhathi, ngayeka ukuzihlanganisa nebandla.” Uzizwa kanjani ngabafowethu nodadewethu ababhekana nezimo ezifana nalezi esiqeda kuxoxa ngazo? Uyabazwela yini? Okubaluleke nakakhulu, uJehova uzizwa kanjani ngabo?

UJEHOVA UYAZITHANDA IZIMVU ZAKHE

Umalusi ongumIsrayeli wayezinakekela ngothando izimvu ezilahlekile (Bheka izigaba 8-9) *

8. Ingabe uJehova uyabakhohlwa labo abake bamkhonza? Chaza.

8 UJehova akabakhohlwa labo abake bamkhonza kodwa base beyeka isikhashana ukuzihlanganisa nabantu bakhe; akawukhohlwa nomsebenzi abawenza enkonzweni yakhe. (Heb. 6:10) Umprofethi u-Isaya wabhala umfanekiso omuhle ukuze abonise indlela -uJehova abanakekela ngayo abantu bakhe. U-Isaya wabhala: “[INkosi EnguMbusi uJehova] iyokwelusa umhlambi wayo njengomalusi. Ngengalo yayo iyoqoqela ndawonye amawundlu; iwathwale esifubeni sayo.” (Isaya 40:11) UMalusi Omkhulu uzizwa kanjani lapho enye yezimvu zakhe iphambuka, iqhela emhlanjini? UJesu wembula imizwa kaJehova lapho ebuza abafundi bakhe: “Nicabangani? Uma umuntu eba nezimvu eziyikhulu futhi kuduke eyodwa yazo, ngeke yini ashiye ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye phezulu ezintabeni asuke ayofuna leyo edukile? Futhi uma kwenzeka eyithola, ngiyanitshela impela, ujabula kakhulu ngayo kunangalezi ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ezingadukanga.”​—Math. 18:12, 13.

9. Abelusi abahle bangezikhathi zeBhayibheli babeziphatha kanjani izimvu zabo? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)

9 Kungani kufaneleka ukuqhathanisa uJehova nomalusi? Yingoba umalusi omuhle ngezikhathi zeBhayibheli wayezinakekela ngothando izimvu zakhe. Ngokwesibonelo, uDavide walwa nebhubesi nebhere ukuze avikele umhlambi wakhe. (1 Sam. 17:34, 35) Ngisho noma kungaba nemvu eyodwa edukayo, nakanjani umalusi omuhle uyobona. (Joh. 10:3, 14) Umalusi onjalo uyoshiya izimvu zakhe ezingu-99 endaweni ephephile esibayeni noma zinakekelwe abanye abelusi, ahambe ayofuna eyodwa elahlekile. UJesu wasebenzisa lowo mfanekiso ukuze asifundise iqiniso elibalulekile: “Akuyona into efiselekayo kuBaba osezulwini ukuba kushabalale noyedwa walaba abancane.”​—Math. 18:14.

Umalusi ongumIsrayeli wasendulo unakekela imvu ebilahlekile (Bheka isigaba 9)

UJEHOVA UYAZIFUNA IZIMVU ZAKHE

10. NgokukaHezekeli 34:11-16, yini uJehova athembisa ukuyenzela izimvu zakhe ezilahlekile?

10 UJehova uthanda ngamunye wethu, kuhlanganise ‘nabancane’ abaye baphambuka emhlanjini wakhe. Esebenzisa umprofethi uHezekeli, uNkulunkulu wathembisa ukuthi uyozifuna izimvu zakhe ezilahlekile, futhi azisize zilungise ubuhlobo bazo naye. Wazisho ngokuqondile izinyathelo ayezozithatha ukuze azisindise, izinyathelo umalusi ongumIsrayeli ayengazithatha uma elahlekelwe yimvu. (Funda uHezekeli 34:11-16.) Okokuqala, umalusi wayeyifuna imvu, okwakuyinto eyayidinga isikhathi esiningi namandla. Kwakuthi lapho eseyitholile ayibuyisele emhlanjini. Ngaphezu kwalokho, uma imvu ilimele noma ilambile, umalusi wayesinakekela ngothando leso silwane esintekenteke, asibophe amanxeba, asiphathe, asiphe nokudla. Abadala, abelusi ‘bomhlambi kaNkulunkulu,’ kudingeka bathathe izinyathelo ezifanayo ukuze basize noma ubani oye waqhela ebandleni. (1 Pet. 5:2, 3) Abadala bayabafuna, babasize babuyele emhlanjini, futhi bababonise uthando ngokubasiza babe abangane bakaJehova. *

11. Yini umalusi omuhle ayeyiqonda?

11 Umalusi omuhle wayeqonda ukuthi izimvu zingalahleka. Uma kwenzeka imvu izulazula ngaphandle komhlambi, umalusi wayengayiphathi ngokhahlo. Cabanga ngesibonelo esabekwa uNkulunkulu lapho esiza ezinye zezinceku zakhe ezake zaphambuka kuye isikhashana.

12. UJehova wamphatha kanjani uJona?

12 Umprofethi uJona wabalekela isabelo sakhe. Ngisho noma kunjalo, uJehova akazange asheshe amlahle uJona. Njengomalusi omuhle, uJehova wamsindisa, wamsiza wathola amandla ayewadinga ukuze afeze isabelo sakhe. (Jona 2:7; 3:1, 2) Kamuva, uNkulunkulu wasebenzisa isihlahla soselwa ukuze asize uJona aqonde ukubaluleka kokuphila komuntu ngamunye. (Jona 4:10, 11) Sifundani kule ndaba? Abadala akumelwe basheshe bayeke ukusiza abantu abapholayo. Esikhundleni salokho, abadala bazama ukuqonda ukuthi yini ebangele ukuba imvu iqhele emhlanjini. Lapho leyo mvu ibuyela kuJehova, abadala bayaqhubeka beyibonisa uthando.

13. Yini esingayifunda endleleni uJehova asabela ngayo kulokho okwashiwo umbhali weHubo 73?

13 Umbhali weHubo 73 wadikibala lapho ebona indlela ababi ababebonakala bephumelela ngayo. Wazibuza ukuthi kukhona yini umuntu akuzuzayo ngokwenza intando kaNkulunkulu. (IHu. 73:12, 13, 16) UJehova wasabela kanjani? Akazange amgxeke. Empeleni, uNkulunkulu wenza ukuba amazwi akhe abhalwe eBhayibhelini. Ekugcineni, umhubi wabona ukuthi ubuhlobo obuhle noJehova bubaluleke ngaphezu kwanoma yini enye futhi kwenza ukuphila kuzuzise. (IHu. 73:23, 24, 26, 28) Sifundani? Abadala akufanele basheshe ukwahlulela abantu abangabaza izinzuzo zokukhonza uJehova. Esikhundleni sokubagxeka, kumelwe bazame ukuqonda ukuthi kungani bekhuluma futhi benza izinto ngendlela abazenza ngayo. Kulapho kuphela lapho abadala beyobasiza khona ngesikhuthazo esisemBhalweni esidingekayo.

14. Kungani u-Eliya ayedinga usizo, futhi uJehova wamsiza kanjani?

14 Umprofethi u-Eliya wayebalekela iNdlovukazi uJezebeli. (1 AmaKh. 19:1-3) Wayecabanga ukuthi akekho omunye umuntu owayekhonza njengomprofethi kaJehova, futhi wayecabanga ukuthi awusekho umsebenzi wakhe. U-Eliya wayecindezeleke kangangokuba wayesefuna ngisho nokufa. (1 AmaKh. 19:4, 10) Kunokuba amgxeke, uJehova wamqinisekisa ngokuthi akayedwa, nangokuthi angathembela emandleni kaNkulunkulu, futhi wawusemningi kakhulu umsebenzi okwakufanele awenze. UJehova wazilalela ngomusa izinto ezazikhathaza u-Eliya futhi wamnika isabelo esisha. (1 AmaKh. 19:11-16, 18) Sifundani? Sonke, ikakhulukazi abadala, kufanele siphathe izimvu zikaJehova ngomusa. Ngisho noma umuntu esho izinto ezingezinhle, noma ezizwa engasifanele isihe sikaJehova, abadala bayomlalela njengoba esho konke okusenhliziyweni yakhe. Bayozama ukuqinisekisa imvu elahlekile ukuthi uJehova uyayithanda.

KUFANELE SIZIZWE KANJANI NGEZIMVU ZIKANKULUNKULU EZILAHLEKILE?

15. NgokukaJohane 6:39, uJesu wayezibheka kanjani izimvu zikaYise?

15 UJehova ufuna sizizwe kanjani ngezimvu zakhe ezilahlekile? UJesu wasibekela isibonelo. Wayazi ukuthi zonke izimvu zikaJehova ziyigugu kuye, ngakho uJesu wenza konke ayengakwenza ukuze asize ‘izimvu ezilahlekile zendlu ka-Israyeli’ zibuyele kuJehova. (Math. 15:24; Luka 19:9, 10) Njengomalusi omuhle, uJesu wenza konke okusemandleni akhe ukuze agweme ukulahlekelwa ngisho nangeyodwa yezimvu zikaJehova.​—Funda uJohane 6:39.

16-17. Abadala kufanele bazizwe kanjani ngokusiza izimvu ezilahlekile? (Bheka ibhokisi elithi “ Indlela Imvu Elahlekile Engase Izizwe Ngayo.”)

16 Umphostoli uPawulu wanxusa abadala bebandla lase-Efesu ukuba balingise isibonelo sikaJesu. “Kumelwe nisize ababuthakathaka, futhi kumelwe nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, lapho yona ngokwayo ithi, ‘Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.’” (IzE. 20:17, 35) Kusobala ukuthi abadala namuhla banesibopho esikhethekile sokusiza abantu bakaJehova. USalvador ongumdala eSpain uthi: “Lapho ngicabanga ngendlela uJehova azinakekela ngayo izimvu zakhe ezilahlekile, ngiyakhuthazeka ukuba ngenze konke engingakwenza ukuze ngizisize. Njengomalusi ebandleni, ngiyaqiniseka ukuthi uJehova ufuna ngizinakekele.”

17 Bonke labo okukhulunywe ngabo kulesi sihloko, abake baqhela ebandleni, basizwa ukuba babuyele kuJehova. Njengamanje, kunabanye abaningi abangasekho ebandleni abafuna ukwenza okufanayo. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngezinye izinto esingazenza ukuze sibasize babuyele kuJehova.

INGOMA 139 Zibone Lapho Konke Sekukusha

^ par. 5 Kungani abanye asebekhonze uJehova iminyaka eminingi ngokwethembeka beqhela ebandleni? UNkulunkulu uzizwa kanjani ngabo? Lesi sihloko sizophendula leyo mibuzo. Sizophinde sibone ukuthi singafundani endleleni uJehova asiza ngayo abanye ezikhathini zeBhayibheli abaqhela kuye isikhashana.

^ par. 2 INCAZELO YEGAMA: Ummemezeli opholile ngumuntu ongawulethanga umbiko wakhe womsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi izinyanga eziyisithupha noma ngaphezulu. Ngisho noma kunjalo, abantu abapholile basengabafowethu nodadewethu futhi siyabathanda.

^ par. 4 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 10 Isihloko esilandelayo sizochaza indlela abadala abangazenza ngayo lezi zinto ezintathu.

^ par. 60 INCAZELO YESITHOMBE: Ekhathazeke ngemvu elahlekile, umalusi ongumIsrayeli wayeyifuna futhi ayisize ibuyele emhlanjini. Abelusi abasebandleni namuhla benza okufanayo.

^ par. 64 INCAZELO YESITHOMBE: Njengoba udadewethu opholile elinde ukuthi ibhasi lihambe, ubona oFakazi ababili abajabulela ukushumayela ngenqola.