INDABA YOKUPHILA
Ngangicabanga NgoJehova Lapho Ngenza Izinqumo
NGELINYE ilanga ekuseni kushisa ngo-1984, ngangiya emsebenzini ngisuka emzini wethu osendaweni yabantu abadl’ izambane likapondo eCaracas, eVenezuela. Endleleni, ngangicabanga ngesihloko samuva se-Nqabayokulinda. Sasimayelana nendlela omakhelwane abasibheka ngayo. Ngacabanga ngomakhelwane engakhelene nabo, ngazibuza: ‘Komakhelwane bami, ingabe ngimane nje ngiyisisebenzi sasebhange esiphumelelayo? Noma bangibheka njengesikhonzi sikaNkulunkulu esisebenza ebhange ngenxa yokuthi sifuna ukusekela umndeni waso?’ Angisithandanga isiphetho engafinyelela kuso, ngakho nganquma ukwenza okuthile ngalokho.
Ngazalelwa edolobheni lase-Amioûn, eLebanon ngomhla ka-19 Meyi 1940. Eminyakeni embalwa kamuva, umndeni wethu wathuthela edolobheni lase-Tripoli, lapho engakhuliswa khona umndeni onothando nojabulayo, owawumazi uJehova futhi umthanda. Yimina owayemncane ezinganeni ezinhlanu, amantombazane amathathu nabafana ababili. Kubazali bami, ukuhola imali kwakungabalulekile kangako. Ukuphila kwethu kwakugxile ekutadisheni iBhayibheli, emihlanganweni yobuKristu nasekusizeni abanye bazi uNkulunkulu.
Ebandleni lethu, kwakunamaKristu amaningana agcotshiwe. UMichel Aboud, owayengomunye wawo, wayeqhuba umhlangano owawubizwa ngesifundo sencwadi. Wazisa abaseLebanon iqiniso lobuKristu ngabo-1920, alifunda eNew York. Angiyikhohlwa indlela ayehlonipha nayewusizo ngayo ku-Anne noGwen Beavor, ababesanda kuthola iziqu zaseGileyadi. Baba abangane bethu abakhulu. Ngemva kwamashumi eminyaka, ngajabula kakhulu lapho ngihlangana no-Anne e-United States. Ngemva kwesikhashana, ngahlangana noGwen, owashada noWilfred Gooch futhi wayekhonza eBethel yaseLondon, eNgilandi.
UKUFAKAZA ELEBANON
KwakunoFakazi abambalwa eLebanon ngesikhathi ngisemusha. Kodwa sabaxoxela ngentshiseko abanye lokho esasikwazi ngeBhayibheli. Lokho sasikwenza naphezu kokuphikiswa abanye abaholi benkolo. Kunezinto engingasoze ngazikhohlwa.
Ngelinye ilanga, mina nodadewethu uSana sasishumayela kwelinye ibhilidi. Kwathushuka umfundisi endaweni esasishumayela kuyo. Mhlawumbe kukhona owambiza. Lo mfundisi waqala ukuthuka udadewethu. Waqala ukulwa, waphushela uSana ezitebhisini, wawa walimala. Othile wafonela amaphoyisa, afika futhi ngomusa aqiniseka ukuthi uSana uyaluthola usizo. Bamthatha umfundisi baya naye esiteshini samaphoyisa, bathola ukuthi uphethe isibhamu. Umphathi wamaphoyisa wambuza: “Kanti uyini wena vele? Ungumholi wenkolo noma ungumholi weqembu lezigebengu?”
Esinye isenzakalo engisikhumbula kahle, ingesikhathi ibandla lethu liqashe ibhasi esahamba ngalo siyoshumayela endaweni eyayikude nedolobha. Konke kwakuhamba kahle, ngaphambi kokuba umfundisi wendawo ezwe ngalokho esasikwenza, wabe eseqoqa isixuku. Basihlukumeza, baze basijikijela ngamatshe, ubaba walimala. Ngiyakhumbula ngibona ubuso bakhe bugcwele igazi. Yena nomama babuyela ebhasini, sonke sabalandela sikhathazekile. Nokho, engingasoze ngakukhohlwa ukuthi njengoba umama ayesula ubaba wathi: “Jehova, bathethelele. Abakwazi abakwenzayo.”
Kwesinye isenzakalo futhi, savakashela izihlobo zethu endaweni esakhulela kuyo. Safika kukhona umfundisi owaziwayo, umbhishobhi, emzini kamkhulu wami. Umbhishobhi wayazi ukuthi abazali bami bangoFakazi BakaJehova. Wavele waqonda mina, nakuba ngangineminyaka eyisithupha nje kuphela. Wathi, “Kungani ungabhapathiziwe wena?” Ngamphendula ngathi ngisemncane, ukuze ngibhapathizwe kudingeka ngazi okwengeziwe ngeBhayibheli futhi ngibe nokholo oluqinile. Engayithandi impendulo yami, watshela umkhulu wami ukuthi angihloniphi.
Nokho, izinto ezimbi ezifana nalezi zazimbalwa. Ngokuvamile, abantu baseLebanon banobungani futhi bayamukelana emakhaya abo. Ngenxa yalokho, sajabulela izingxoxo zeBhayibheli eziningi, saqhuba nezifundo zeBhayibheli eziningi.
UKUNQUMA UKUTHUTHELA KWELINYE IZWE
Ngesikhathi ngisafunda isikole, umzalwane osemusha waseVenezuela wavakasha eLebanon. Wayeza emihlanganweni yebandla lethu futhi waqala ukuzwana nodadewethu uWafa. Ngokuhamba kwesikhathi, bashada base beyohlala eVenezuela. Ezincwadini ayezibhala, uWafa wancenga ubaba ukuba athuthele umndeni wethu wonke eVenezuela. Lokho wakwenza ngoba wayesikhumbula kakhulu. Ekugcineni, imizamo yakhe yaphumelela, sathutha!
Safika eVenezuela ngo-1953 sahlala eCaracas, eduze kwendlu ehlala umongameli. Njengoba
ngangisewumfana, kwakungijabulisa ukubona umongameli ngezinye izikhathi edlula ngemoto kanokusho. Kodwa kwaba nzima ngabazali bami ukuba bajwayele indawo entsha, ulimi, isiko, ukudla kanye nesimo sezulu. Eqinisweni, bathi sebeqala ukujwayela kwenzeka into embi kakhulu.KUGADLA INHLEKELELE
Ubaba waqala ukugula. Lokhu kwasimangaza, ngoba wayehlale engumqemane. Sasingakaze simbone egula. Kwatholakala ukuthi unomdlavuza, futhi wahlinzwa. Ngokudabukisayo, washona ngemva kweviki.
Angikwazi nokuyichaza indlela okwaba nzima ngayo lokhu kithi, ikakhulukazi ngenxa yezimo zethu. Ngangineminyaka engu-13 nje kuphela. Sasingakulindele ukushona kukababa, kwaba sengathi sasingeke siphinde sikwazi ukujabula. Kwamthatha isikhathi umama ukwamukela ukuthi umyeni wakhe akasekho. Noma kunjalo, sabona ukuthi ukuphila kumelwe kuqhubeke futhi ngosizo lukaJehova sakhuthazela. Lapho ngina-16, ngaqeda isikole eCaracas, ngaba nesifiso esikhulu sokusiza ngondle umndeni wami.
Kwathi kusenjalo, udadewethu uSana washada noRubén Araujo, owayethweswe iziqu eSikoleni saseGileyadi, wayesebuyela eVenezuela. Bathuthela eNew York. Ekhaya banquma ukuthi ngiye eyunivesithi eNew York, ngakho ngahlala nabo. Udadewethu nomyeni wakhe bangisiza ngasondelana noJehova njengoba ngangihlala nabo. Ngaphezu kwalokho, kwakunabazalwane abaningi abavuthiwe ebandleni lethu leSpanishi eBrooklyn. Ababili babo engabazisa kakhulu kwakunguMilton Henschel noFrederick Franz; babekhonza eBethel yaseBrooklyn.
Njengoba unyaka wami wokuqala eyunivesithi wawusuzophela, ngaqala ukucabanga ngalokho engangikwenza ekuphileni. Ngangifunde futhi ngazindla ngezihloko ezikuyi-Nqabayokulinda ezikhuluma ngamaKristu azibekela imigomo emihle. Ngabona indlela amaphayona ayejabule ngayo kanye nezikhonzi zaseBethel ebandleni lethu futhi ngangifisa ukufana nabo. Kodwa ngangingakabi umKristu obhapathiziwe. Kungekudala, ngabona ukubaluleka kokunikezela ukuphila kwami kuJehova. Ngazinikezela ngase ngibhapathizwa ngoMashi 30, 1957.
IZINQUMO EZIBALULEKILE
Njengoba ngase ngisithathile leso sinyathelo esibalulekile, ngacabanga ngesinye engangifuna ukusithatha—ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngangifisa ngempela ukukwenza lokhu, kodwa ngabona ukuthi ukuthatha lesi sinyathelo kwakuzoba nzima. Ngangizoyenza kanjani leyo nkonzo ngibe ngisafunda eyunivesithi? Sasilokhu sibhalelana izincwadi nomndeni wami, ngibachazela ngesinqumo sami sokuyeka eyunivesithi, ngibuyele ekhaya eVenezuela ngiyoba iphayona.
Ngabuyela eCaracas ngoJuni 1957. Nokho, ngabona ukuthi izimo zasekhaya azihambi kahle. Babedinga omunye umuntu ozobasiza ngokwezimali. Ngangizosiza kanjani? Ngathola ithuba lokusebenza ebhange, kodwa ngangikufuna ngempela
ukuphayona. Empeleni yilokho engangikubuyele. Ngangizimisele ukukwenza kokubili. Ngasebenza iminyaka eminingi ebhange ngibe ngikhonza njengephayona. Ngangimatasa kodwa ngangijabule kakhulu!Okwangenza ngajabula nakakhulu, ukuhlangana noSylvia, udade omuhle ongumJalimane owayenothando olujulile ngoJehova, ngashada naye. Yena nabazali bakhe babethuthele eVenezuela. Ngokuhamba kwesikhathi saba nezingane ezimbili, indodana yethu uMichel (Mike), kanye nendodakazi yethu uSamira. Ngaqala nokunakekela umama. Weza wazohlala nathi. Nakuba kwadingeka ngiyeke ukuphayona ukuze nginakekele umndeni wami, ngakwazi ukuqhubeka ngishiseka enkonzweni. Mina noSylvia sasiba amaphayona asizayo uma izimo zivuma ngamaholidi.
ESINYE ISINQUMO ESIKHULU
Izingane zazisafunda isikole ngesikhathi ngibhekana nesimo engisichaze ekuqaleni kwale ndaba. Ngiyavuma ukuthi ngangiphila kamnandi, nezinye izisebenzi zasebhange zazingihlonipha. Kodwa mina into engangiyifuna ngempela kwakuwukubhekwa njengesikhonzi sikaJehova. Leyo micabango yayingafuni ukusuka engqondweni yami ngalolo suku. Ngakho ngahlala phansi nomkami saxoxa ngesimo sethu sezimali. Uma ngiyeka ukusebenza ebhange, kunezimali engangizozithola. Ngenxa yokuthi sasingenazo izikweletu, sabona ukuthi uma sinciphisa izinto esinazo, sizoba nemali eyanele ezosiqhuba isikhathi eside.
Kwakungelula ukwenza leso sinqumo, kodwa umkami nomama basisekela ngokugcwele. Ngakho ngangizophinde ngibe isikhonzi sesikhathi esigcwele. Ngajabula kakhulu! Izinto zazibonakala zihamba kahle. Kungakabiphi, sathola izindaba ezasimangaza sonke.
KWENZEKA ESINGAKULINDELE!
Ngolunye usuku, udokotela waqinisekisa ukuthi uSylvia ukhulelwe. Sasingakulindele lokho! Lokho kwasijabulisa kakhulu, kodwa ngacabanga ngesinqumo engisithathile—sokuba iphayona. Sasizothinteka kanjani leso sinqumo? Sazilungisa ngokushesha izingqondo zethu, saqala ukulangazelela ukuba nelungu elisha emndenini. Kwakuzokwenzekani kodwa ngezinhlelo zami ezase zikhona?
Ngemva kokuxoxa ngemigomo yethu, sakhetha ukuqhubeka nesasikuhlelile. Indodana yethu uGabriel yazalwa ngo-Ephreli, 1985. Noma kunjalo, ngawushiya umsebenzi wasebhange ngaphinde ngaba iphayona ngoJuni, 1985. Ngokuhamba kwesikhathi, ngaba nelungelo lokukhonza
eKomitini Yegatsha. Kodwa igatsha lalingekho eCaracas, okwakusho ukuthi kwakudingeka ngihambe ibanga elingaba u-80 km izinsuku ezimbili noma ezintathu ngeviki.SIYATHUTHA FUTHI
Ihhovisi legatsha laliseLa Victoria, ngakho njengomndeni sanquma ukuthuthela khona ukuze sibe seduze naseBethel. Lolo kwakuwushintsho olukhulu kithi. Ngiswele imilomo eyizinkulungwane engingabonga ngayo umndeni wami. Indlela ababecabanga ngayo yaba usizo olukhulu. Udadewethu uBaha wayezimisele ukunakekela umama. UMike wayeseshadile, kodwa uSamira noGabriel babesahlala ekhaya. Ngakho lapho bethuthela eLa Victoria kwadingeka bashiye abangani babo eCaracas. Nomkami engimthandayo kwadingeka ajwayelane nezimo edolobhaneni elincane esikhundleni sokuba sendaweni ephithizelayo. Sonke kwadingeka sijwayelane nokuhlala emzini omncane. Kuningi okwakuhilelekile lapho sithutha sisuka eCaracas siya eLa Victoria.
Nokho, izinto zaphinde zashintsha. UGabriel washada, uSamira wahlala kwenye indawo. Ngo-2007, mina noSylvia samenywa ukuba siyokhonza eBethel, okuyilungelo esisalijabulela namanje. UMike, indodana yethu endala, ukhonza njengomdala futhi bayaphayona benomkakhe uMonica. UGabriel naye ungumdala, bakhonza e-Italy benomkakhe u-Ambra. USamira uyaphayona aphinde avolontiye eBethel esebenzela ekhaya.
NGINGENZA IZINQUMO EZIFANAYO FUTHI
Kwadingeka ngenze izinqumo ezinkulu ekuphileni kwami. Kodwa angizisoli nakancane. Ngingazenza futhi izinqumo ezifanayo. Ngizazisa kakhulu zonke izabelo namalungelo engibe nawo ekukhonzeni uJehova. Njengoba iminyaka iqhubeka, ngibonile ukuthi kubalulekile ukugcina ubungane obuqinile noJehova. Kungakhathaliseki ukuthi sidinga ukuthatha izinqumo ezincane noma ezinkulu, angasinika ukuthula “okudlula konke ukuqonda.” (Fil. 4:6, 7) Mina noSylvia sijabulela inkonzo yethu engcwele eBethel, futhi siyabona ukuthi izinqumo esizithathile ekuphileni zibusisiwe—izinqumo esizithathe sicabanga ngoJehova.