Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 25

Ningabakhubi “Laba Abancane”

Ningabakhubi “Laba Abancane”

“Ningadeleli noyedwa walaba abancane.”​—MATH. 18:10.

INGOMA 113 Imfuyo Yethu Yokuthula

AMAZWIBELA *

1. Yini uJehova ayenzele umuntu ngamunye kithi?

UJEHOVA uye wadonsela ngamunye wethu kuye. (Joh. 6:44) Cabanga ukuthi kusho ukuthini lokho. Lapho uJehova ehlolisisa izigidigidi zabantu emhlabeni, wabona okuthile okuyigugu kuwe​—inhliziyo eqotho engakwazi ukumthanda. (1 IziKr. 28:9) UJehova uyakwazi, uyakuqonda, futhi uyakuthanda. Lokho kusikhuthaza ngempela!

2. UJesu wayifanisa kanjani indlela uJehova anaka ngayo imvu yaKhe ngayinye?

2 UJehova ukukhathalela ngokujulile wena nabo bonke abafowenu nodadewenu abangamaKristu. Ukuze acacise leli phuzu, uJesu wafanisa uJehova nomalusi. Uma imvu eyodwa kwezingu-100 iduka emhlanjini, uzokwenzani umalusi? ‘Uzoshiya ezingu-99 phezulu ezintabeni ahambe ayofuna leyo edukile.’ Lapho eyithola imvu edukile, ngeke ayithukuthelele. Uzojabula. Sifundani? Zonke izimvu zibalulekile kuJehova. UJesu wathi: “UBaba osezulwini akafisi ukuba kushabalale ngisho noyedwa walaba abancane.”​—Math. 18:12-14.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Asifuni nangephutha ukudikibalisa noma imuphi kubafowethu nodadewethu. Singakugwema kanjani ukukhuba abanye? Yini esingayenza uma kukhona osiphatha kabi? Sizophendula leyo mibuzo kulesi sihloko. Kodwa ake siqale sifunde kabanzi “ngalaba abancane” okukhulunywa ngabo kuMathewu 18.

BANGOBANI “LABA ABANCANE”?

4. Bangobani “laba abancane”?

4 “Laba abancane” ngabafundi bakaJesu abancane nabadala. Akukhathaliseki ukuthi baneminyaka emingaki, ‘banjengabantwana’ ngomqondo wokuthi bazimisele ukufundiswa uJesu. (Math. 18:3) Nakuba bevela ezizindeni ezingafani futhi benamasiko, imibono nobuntu obungafani; bonke babonisa ukholo kuKristu. UKristu naye ubathanda kakhulu.​—Math. 18:6; Joh. 1:12.

5. Uzizwa kanjani uJehova lapho othile ekhuba noma ezwisa omunye wabantu baKhe ubuhlungu?

5 Bonke “laba abancane” bayigugu kuJehova. Ukuze siqonde indlela azizwa ngayo, masicabange ngendlela thina esizizwa ngayo ngabantwana. Bayigugu kithi. Sifuna ukubavikela ngoba abanawo amandla, ulwazi nokuhlakanipha abantu abadala abanakho. Empeleni, nakuba engekho umuntu esifuna ezwe ubuhlungu, siphatheka kabi​—size sithukuthele—​lapho sibona umuntu ezwisa ingane ubuhlungu. Ngendlela efanayo, uJehova ufuna ukusivikela. Uphatheka kabi​—aze athukuthele—​uma kukhona okhuba noma ozwisa abantu baKhe ubuhlungu!​—Isaya 63:9; Marku 9:42.

6. Ngokwencwadi yoku-1 Korinte 1:26-29, izwe libabheka kanjani abafundi bakaJesu?

6 Abafundi bakaJesu bafana ngayiphi enye indlela nalaba “abancane”? Kahle-kahle, abantu abanjani izwe elibabheka njengababalulekile? Abacebile, abadumile nabanegunya. Ngokuphambene nalokho, abafundi bakaJesu babonakala bengabantu “abancane” abangabalulekile. (Funda eyoku-1 Korinte 1:26-29.) Kodwa uJehova akababheki kanjalo.

7. UJehova ufuna sizizwe kanjani ngabafowethu nodadewethu?

7 UJehova uzithanda zonke izikhonzi zakhe, kungakhathaliseki ukuthi zineminyaka eminingi zimkhonza noma zisezintsha eqinisweni. Bonke abafowethu nodadewethu babalulekile kuJehova, ngakho kufanele babaluleke nakithi. Sifuna ukubathanda ‘bonke esikholwa nabo’, hhayi abathile kuphela. (1 Pet. 2:17) Kumelwe sizimisele ukwenza noma yini ukuze sibavikele futhi sibakhathalele. Uma sizwise othile ubuhlungu noma simkhubile, akufanele sikushalazele lokho, siphethe ngokuthi uyashesha ukuzwela, kuzomel’ azibone. Kungani abanye bengase bakhubeke? Mhlawumbe ngenxa yesizinda sabo, abanye abazalwane nodade bayazenyeza. Abanye basebasha eqinisweni, abakakwazi ukubekezelela amaphutha abanye abantu. Kunoma ikuphi, kumelwe senze konke esingakwenza ukuze silungise ukungezwani. Ngaphezu kwalokho, umuntu ovame ukukhubeka kalula kufanele aqaphele ukuthi unobuntu obungathandeki okudingeka abulungise. Kudingeka akwenze lokho ukuze abe nokuthula kwengqondo futhi akwazi ukwakha ubungane nabanye.

BHEKA ABANYE NJENGABAKHULU

8. Iyiphi indlela yokucabanga eyayivamile eyathonya abafundi bakaJesu?

8 Kungani uJesu akhuluma ‘ngalaba abancane’? Abafundi bakhe babembuze umbuzo: “Ubani ngempela omkhulu kunabo bonke eMbusweni wamazulu?” (Math. 18:1) AmaJuda amaningi ngaleso sikhathi ayebheka izikhundla njengezibaluleke kakhulu. Omunye umfundi uthi: “Abantu babheka ukuhlonishwa, idumela, udumo, nokwamukelwa abanye njengezinto ezibalulekile ekuphileni.”

9. Yini abafundi bakaJesu okwadingeka bayenze?

9 UJesu wayazi ukuthi kwakumelwe abafundi bakhe basebenze kanzima ukuze bakhiphe umoya wokuncintisana owawugxile ezinhliziyweni zabo, owawusungene wajula kumaJuda. Wathi kubo: “Omkhulu kunani nonke makabe njengomncane kunani nonke, nalowo oholayo abe njengokhonzayo.” (Luka 22:26) Siziphatha “njengomncane” lapho ‘sibheka abanye njengabakhulu’ kunathi. (Fil. 2:3) Lapho sihlakulela lesi simo sengqondo, ayoba mancane amathuba okukhuba abanye.

10. Yisiphi iseluleko sikaPawulu okufanele sisisebenzise?

10 Bonke abafowethu nodadewethu bakhulu kunathi ngandlela thile. Kulula ukukubona lokho uma sigxila ezintweni ezinhle ngabo. Kufanele sicabange ngeseluleko umphostoli uPawulu asinika abaseKorinte: “Ngoba ubani okwenza uhluke komunye? Yini onayo ongazange uyamukele? Uma ngempela uyamukele, kungani uziqhayisa njengokungathi awuzange uyamukele?” (1 Kor. 4:7) Kufanele siqaphe noma isiphi isilingo esenza sifune ukubukwa noma sicabange ukuthi sibakhulu kunabanye. Uma umzalwane ebeka izinkulumo ezinhle noma udade enekhono lokuqala izifundo zeBhayibheli kufanele asheshe ukuyisa udumo kuJehova.

THETHELELA “NGOKUSUKA ENHLIZIYWENI”

11. Laliyini iphuzu likaJesu emfanekisweni wenkosi nenceku yayo?

11 Ngokushesha ngemva kokuba uJesu exwayise abalandeli bakhe ukuthi bangabakhubi abanye, wenza umfanekiso omayelana nenkosi nenceku yayo. Inkosi yesula isikweletu esikhulu inceku yayo eyayingeke ikwazi ukusikhokha. Kamuva, yona kanye leyo nceku yenqaba ukwesula isikweletu esincane kakhulu senye inceku. Ekugcineni, inkosi yayiphonsa ejele leyo nceku engenamusa. Sifundani? UJesu wathi: “UBaba osezulwini naye uyokwenza kini ngendlela efanayo uma ngamunye wenu engamthetheleli umfowabo ngokusuka enhliziyweni.”​—Math. 18:21-35.

12. Uma singathetheleli, balimala kanjani abanye?

12 Isinqumo sale nceku asilimazanga yona kuphela, kodwa salimaza nabanye. Okokuqala, yaba nesihluku yangayibonisa isihe enye inceku lapho iyala ukuba “iphonswe ejele ize ikhokhe lokho eyayikukweleta.” Okwesibili, yalimaza ezinye izinceku ezakubona lokho eyayikwenzile. Ngesikhathi “izinceku ezikanye nayo zibona okwakwenzekile, zaba lusizi kakhulu.” Ngendlela efanayo, izenzo zethu ziyabathinta abanye. Uma othile esiphatha kabi bese senqaba ukumthethelela, yini engenzeka? Okokuqala, simzwisa ubuhlungu ngokungamthetheleli, nalapho simziba futhi singambonisi uthando. Okwesibili, senza nabanye ebandleni bangakhululeki lapho bebona ukuthi kunokungezwani phakathi kwethu nalowo muntu.

Ingabe uzobamba igqubu noma uzothethelela ngokusuka enhliziyweni? (Bheka izigaba 13-14) *

13. Ufundani kokwenzeka kwelinye iphayona?

13 Lapho sithethelela abafowethu nodadewethu, kuzuza thina kanye nabanye. Kwaba njalo kudadewethu oyiphayona esizombiza ngoCrystal. Waphathwa kabi omunye udade ebandleni. UCrystal uthi: “Indlela ayekhuluma kabi ngayo nami yayihlaba njengommese ngezinye izikhathi. Uma siyoshumayela, ngangingafuni ngisho nokuhamba ngemoto eyodwa naye. Ngaqala ukuphelelwa intshiseko nenjabulo.” UCrystal wayecabanga ukuthi unesizathu esizwakalayo sokuthukuthela. Kodwa akayivumelanga inzondo ukuba imnqobe noma adabuke ngokweqile. Wathobeka, wasebenzisa iseluleko esitholakala esihlokweni esithi “Thethelela Ngokusuka Enhliziyweni” esikuyi-Nqabayokulinda ka-Okthoba 15, 1999. Wamthethelela udadewabo. UCrystal uthi: “Sengiyabona ukuthi sonke sizama ukugqoka ubuntu obusha nokuthi uJehova usithethelela ngokukhululekile usuku nosuku. Ngizwa sengathi ngethulwe umthwalo omkhulu emahlombe. Isibuyile injabulo yami.”

14. Ngokwencwadi kaMathewu 18:21, 22, umphostoli uPetru wabhekana nayiphi inkinga, wena ufundani empendulweni kaJesu?

14 Siyazi ukuthi kumelwe sithethelele, kuyinto okufanele siyenze. Kodwa kungase kube nzima ukwenza kanjalo. Kungenzeka umphostoli uPetru wazizwa kanjalo ngezinye izikhathi. (Funda uMathewu 18:21, 22.) Yini engasiza? Okokuqala, zindla ngokuthi zingakanani izinto uJehova asekuthethelele kuzo. (Math. 18:32, 33) Ayisifanele intethelelo yakhe, kodwa usithethelela ngokukhululekile. (IHu. 103:8-10) Ngesikhathi esifanayo, “sibophekile ukuba sithandane.” Ngakho ukuthethelela akuyona indaba yokuthi uyathanda noma awuthandi. Yilokho esibakweleta kona abafowethu nodadewethu​—ukubathethelela. (1 Joh. 4:11) Okwesibili, cabangisisa ngokwenzekayo uma sithethelela abanye. Singase sisize umuntu osiphathe kabi, sakhe ubunye ebandleni, sivikele ubungane bethu noJehova futhi sethule umthwalo emahlombe ethu. (2 Kor. 2:7; Kol. 3:14) Okokugcina, masithandaze kuNkulunkulu ofuna sithethelele. Ungamvumeli uSathane aphazamise ukuthula okujabulela nabafowenu nodadewenu. (Efe. 4:26, 27) Sidinga usizo lukaJehova ukuze singabanjwa ugibe lukaSathane.

UNGAVUMI UKUKHUBEKA

15. Ngokuvumelana neyabaseKolose 3:13, yini esingayenza uma siphazanyiswa izenzo zomfowethu noma udadewethu?

15 Kuthiwani-ke uma okholwa naye eye wakuzwisa ubuhlungu? Kufanele wenzeni? Yenza konke okusemandleni ukuze ugcine ukuthula. Thandaza ngobuqotho kuJehova. Mcele abusise lo muntu okucasulile futhi akusize ubone izinto ezinhle kulowo muntu​—okuyizimfanelo ezenza uJehova amthande. (Luka 6:28) Uma ungeke ukwazi ukushalazela okwenziwe umfowenu, cabanga ngokuthi ungakhuluma kanjani naye. Ikhambi elisebenzayo ukuhlale sicabanga ukuthi umfowethu akasoze asilimaza ngamabomu. (Math. 5:23, 24; 1 Kor. 13:7) Lapho usukhuluma naye, ungashesh’ ufinyelele iziphetho. Kuthiwani uma engafuni ukwenza ukuthula? ‘Qhubeka umbekezelela.’ Ungalilahli ithemba ngomfowenu. (Funda abaseKolose 3:13.) Okubaluleke nakakhulu, ungambambeli igqubu, ngoba lokho kuyolimaza ubungane bakho noJehova. Ungavumeli lutho lukukhube. Uma wenza kanjalo usuke ubonisa ukuthi uJehova umthanda ukwedlula noma yini enye.​—IHu. 119:165.

16. Yisiphi isibopho umuntu ngamunye kithi anaso?

16 Siyalazisa ilungelo lokukhonza uJehova ngobunye ‘simhlambi munye ngaphansi komalusi oyedwa!’ (Joh. 10:16) Incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, ekhasini 165, ithi: “Njengoba uzuza kulobo bunye, unomthwalo wemfanelo wokusiza ekubulondolozeni.” Ngakho kudingeka “siziqeqeshe ukuba sibheke abafowethu nodadewethu ngendlela uJehova ababheka ngayo.” KuJehova, sonke ‘singabancane’ abayigugu. Ingabe ubabheka kanjalo abafowenu nodadewenu? UJehova ukubona konke okwenzayo ukuze ubasize futhi ubanakekele, uyakwazisa lokho.​—Math. 10:42.

17. Yini esizimisele ukuyenza?

17 Sibathanda bonke abafowethu nodadewethu. Ngakho ‘sizimisele ukuba singabeki sikhubekiso phambi komfowethu.’ (Roma 14:13) Sibheka abafowethu nodadewethu njengabakhulu kunathi futhi sifuna ukubathethelela ngokusuka enhliziyweni. Kwangathi singelokothe sivume ukuba abanye basikhube. Kunalokho, “masilwele ukwenza izinto ezibangela ukuthula nezakhayo komunye nomunye.”​—Roma 14:19.

INGOMA 130 Yiba Othethelelayo

^ par. 5 Ngenxa yokuba nesono, singase senze noma sisho izinto ezingalimaza abafowethu nodadewethu. Senzenjani? Siyashesha yini ukulungisa ukungezwani? Siyashesha yini ukuxolisa? Noma sivele siphethe ngokuthi uma bephatheke kabi, inkinga yabo leyo, asingeni ndawo? Kuthiwani uma sivame ukucasulwa izinto abanye abazishoyo noma abazenzayo? Ingabe sibeka izaba sithi vele mina nginje​—umthetho wami? Siyabona yini uma indlela esisabela ngayo iveza ubuthaka okudingeka sibulungise?

^ par. 53 INCAZELO YESITHOMBE: Udade ucasulwe omunye udade ebandleni. Ngemva kwalokho bayixazulula ngasese indaba, bayidlulise bese bekhonza uJehova ndawonye ngenjabulo.