Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 24

Ungaphunyuka Ezingibeni ZikaSathane!

Ungaphunyuka Ezingibeni ZikaSathane!

‘Phunyuka ogibeni lukaDeveli.’​—2 THIM. 2:26.

INGOMA 36 Siqapha Izinhliziyo Zethu

AMAZWIBELA *

1. USathane ufana kanjani nomzingeli?

UMZINGELI unomgomo owodwa qha​—ukubamba inyamazane noma ukuyibulala. Angase asebenzise izicupho noma izingibe ezihlukahlukene, ngisho nalezo abaduduzi bamanga bakaJobe abakhuluma ngazo. (Jobe 18:8-10) Umzingeli wenzenjani ukuze aholele isilwane ogibeni lwakhe? Uyasibhekisisa leso silwane. Sihamba ziphi izindawo? Sithandani? Angasibamba kanjani singalindele? USathane ufana nalowo mzingeli. Uyasibhekisisa. Unaka izindawo esizihambayo nalokho esikuthandayo. Bese ebeka ugibe enethemba lokuthi uzosibamba singalindele. Noma kunjalo, iBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uma sibanjwa, singakwazi ukuphunyuka. Lisifundisa nendlela yokuzigwema lezo zingibe.

Ukuqhosha nobugovu yizingibe ezimbili zikaSathane eziphumelela kakhulu (Bheka isigaba 2) *

2. Yiziphi izingibe ezimbili uSathane azisebenzisa ngokuphumelelayo?

2 Izingibe ezimbili ezimsebenzela kakhulu uSathane ukuqhosha nobugovu. * Sekuphele izinkulungwane zeminyaka uSathane ezisebenzisa ngokuphumelelayo lezi zimfanelo ezimbi. Ufana nomcuphi wezinyoni ohehela inyoni esicuphweni sakhe noma oyicuphe ngenethi. (IHu. 91:3) Kodwa akufanele sivume ukubanjwa uSathane. Kungani? Ngoba uJehova usitshelile ukuthi uSathane usebenzisa maphi amaqhinga.​—2 Kor. 2:11.

Singafunda ezibonelweni eziyisixwayiso, sigweme izingibe zikaDeveli noma siphunyuke kuzo (Bheka isigaba 3) *

3. Kungani uJehova enza ukuba kube nezibonelo ezithile eBhayibhelini?

3 Enye yezindlela uJehova azisebenzisayo ukuze asixwayise ngokuqhosha nobugovu, ukusikhuthaza ukuba sifunde ekuphileni kwabanye. Ezibonelweni ezilandelayo, sizoxoxa ngendlela uSathane ákwazi ngayo ukubamba ngisho nezinceku ezivuthiwe zikaJehova. Ingabe lokhu kusho ukuthi nathi ngeke siphumelele? Lutho neze. UJehova wazifaka eBhayibhelini lezi zibonelo ukuze “zibe yisixwayiso kithi.” (1 Kor. 10:11) Uyazi ukuthi singafunda ezibonelweni eziyisixwayiso bese sigwema izicupho zikaSathane noma siphunyuke kuzo.

UGIBE OLUWUKUQHOSHA

Bheka isigaba 4

4. Ukuqhosha kuholelaphi?

4 USathane ufuna siqhoshe. Uyazi ukuthi uma siqhosha noma sizidla, sizofana naye singabe sisakuthola ukuphila okuphakade. (IzAga 16:18) Ngakho, umphostoli uPawulu waxwayisa ngokuthi umuntu angase “aqhoshe bese ethola isahlulelo esikhishelwe uDeveli.” (1 Thim. 3:6, 7) Lokho kungenzeka kunoma ubani, kungakhathaliseki ukuthi sibasha eqinisweni noma sesineminyaka eminingi sikhonza uJehova.

5. Ngokwencwadi kamShumayeli 7:16, 20, kungabonakala kanjani ukuqhosha?

5 Ukuqhosha kuwuhlobo oluthile lobugovu. USathane uzama ukusenza sibe nobugovu, sigxile kakhulu kithi kunakuJehova, ikakhulukazi lapho sinezinkinga. Ngokwesibonelo, wake wamangalelwa yini ngamanga? Noma waphathwa ngendlela engenabulungisa? USathane ufuna usole uJehova noma abafowenu. UDeveli ufuna ucabange ukuthi okuwukuphela kwekhambi onalo ukwenza izinto ngendlela yakho, esikhundleni sokulandela isiqondiso uJehova akunika sona ngeZwi lakhe.​—Funda umShumayeli 7:16, 20.

6. Yini oyifundayo endabeni kadade waseNetherlands?

6 Cabanga ngokwenzeka kudade waseNetherlands owacasulwa amaphutha abanye. Wanquma ukungabe esasibekezelela leso simo. Uthi, “Ngangifa umzwangedwa futhi ngingasakwazi ukushintsha indlela engizizwa ngayo. Ngatshela umyeni wami ukuthi asithuthele kwelinye ibandla.” Wabe esebukela uhlelo lukaMashi 2016 lwe-JW Broadcasting®. Lolo hlelo lwalunamacebiso okubhekana namaphutha abanye. Lo dade uthi: “Ngabona ukuthi kufanele ngithobeke ngicabange ngamaphutha ami esikhundleni sokuzama ukushintsha abafowethu nodadewethu ebandleni. Lolo hlelo lwangisiza ngagxila kuJehova nasebukhosini bakhe.” Uyalithola iphuzu? Lapho ubhekene nenkinga, gxila kuJehova. Mcele akusize ubheke abanye ngendlela yena ababheka ngayo. UBaba wakho osezulwini uyawabona amaphutha abo, kodwa uzimisele ukubathethelela. Ufuna nawe wenze okufanayo.​—1 Joh. 4:20.

Bheka isigaba 7

7. Yini eyenzeka eNkosini u-Uziya?

7 Ukuqhosha kwenza inkosi yakwaJuda u-Uziya yenqaba iseluleko futhi yagabadela. U-Uziya wayenamakhono amaningi. Wayephumelela empini, emisebenzini yokwakha nakwezolimo. “UNkulunkulu weqiniso wamenza wachuma.” (2 IziKr. 26:3-7, 10) IBhayibheli lithi, “Kwathi nje lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yazidla umphumela kwaba ukulimala kwakhe.” Ekuqaleni, uJehova wayekhiphe umyalo othi abapristi kuphela okufanele bashise impepho ethempelini. Kodwa iNkosi u-Uziya yagabadela, yangena ethempelini ukuze ishise impepho. Lokho akumjabulisanga uJehova, ngakho wayishaya ngochoko leyo ndoda eyayiqhosha. U-Uziya waba nochoko waze washona.​—2 IziKr. 26:16-21.

8. Ngokuvumelana neyoku-1 Korinte 4:6, 7, singakugwema kanjani ukuqhosha?

8 Kungenzeka yini ukuqhosha kusenze sibanjwe ugibe olufana noluka-Uziya? Cabanga ngesibonelo sikaJosé. Wayengusomabhizinisi ophumelela kakhulu futhi engumdala webandla ohlonishwayo. Wayebeka izinkulumo emihlanganweni emikhulu nemincane, nababonisi besigodi babecela iseluleko kuye. Uyavuma, “Ngaqala ukuthembela emakhonweni ami nasolwazini enginalo. Ngamdedisela kude uJehova. Ngangicabanga ukuthi angidingi lutho, ngakho angizilalelanga izixwayiso zikaJehova neseluleko sakhe.” UJosé wenza isono esikhulu, wasuswa ekuhlanganyeleni. Eminyakeni eminingana edlule, wabuyiselwa. Uthi: “UJehova ungifundise ukuthi into ebalulekile, akukhona ukuba nesikhundla esithile, kodwa ukwenza lokho akufunayo kithi.” Masikhumbule ukuthi noma imaphi amakhono esinawo nanoma iziphi izabelo esizithola ebandleni kuvela kuJehova. (Funda eyoku-1 Korinte 4:6, 7.) Uma siqhosha, uJehova ngeke asisebenzise.

UGIBE LOBUGOVU

Bheka isigaba 9

9. Ubugovu babangela ukuba bobabili uSathane no-Eva benzeni?

9 Uma sicabanga ngobugovu, ngokushesha nje kufika uSathane engqondweni. Ngesikhathi eseyingelosi kaJehova, kumelwe ukuba uSathane wayenamalungelo amaningi. Kodwa wayefuna okwengeziwe. Wayefuna ukukhulekelwa, okuyinto efanele uJehova kuphela. USathane ufuna sifane naye, ngakho uzama ukusenza singaneliswa yilokho esinakho. Wakuzama lokhu okokuqala lapho ekhuluma no-Eva. Ngothando, uJehova wanika u-Eva nomyeni wakhe inala yokudla okwanelisayo ababengakudla​—“kuzo zonke izihlahla ezisensimini” ngaphandle kwesisodwa. (Gen. 2:16) USathane wakhohlisa u-Eva ngokumenza acabange ukuthi kwakudingeka adle kuleso sihlahla okwathiwa bangadli kuso. U-Eva akaneliswanga yilokho ayenakho; wafuna okungaphezu kwalokho. Siyazi ukuthi kwaholelaphi lokho. U-Eva wawela esonweni futhi ekugcineni wafa.​—Gen. 3:6, 19.

Bheka isigaba 10

10. Ubugovu baba kanjani ugibe eNkosini uDavide?

10 Ubugovu benza iNkosi uDavide yakhohlwa izinto uJehova ayeyinike zona, okuhlanganisa, ingcebo, udumo kanye nokunqoba izitha zayo eziningi. Ebonisa ukwazisa, uDavide wavuma ukuthi izipho zikaNkulunkulu ‘zaziziningi kakhulu ukuba angazibala.’ (IHu. 40:5) Kodwa kunesikhathi lapho uDavide akhohlwa ukuthi uJehova wayemnikeni. Wayengasanelisekile, wayefuna okwengeziwe. Nakuba uDavide ayenamakhosikazi amaningi, wavumela isifiso esibi sokufuna inkosikazi yenye indoda sakheke enhliziyweni yakhe. Leyo nkosikazi kwakunguBhati-sheba, umyeni wayo kungu-Uriya umHeti. Ngobugovu, uDavide walala noBhati-sheba futhi wakhulelwa. Okwaba kubi nakakhulu ukuthi naphezu kobubi uDavide abenza, wayala ukuba kubulawe u-Uriya! (2 Sam. 11:2-15) Wayecabangani uDavide? Ingabe wayecabanga ukuthi uJehova akaboni? Leyo nceku kaJehova eyayithembekile, yaba nobugovu futhi yabhekana nemiphumela ebuhlungu. Kodwa okujabulisayo, ngokuhamba kwesikhathi uDavide walivuma iphutha lakhe futhi waphenduka. Wayazisa kakhulu intethelelo kaJehova!​—2 Sam. 12:7-13.

11. Ngokwabase-Efesu 5:3, 4, yini engasisiza silwe nokuhaha?

11 Sifundani esibonelweni sikaDavide? Sifunda ukuthi singalwa nobugovu noma ukuhaha ngokuhlale sikwazisa lokho uJehova asinike kona. (Funda eyabase-Efesu 5:3, 4.) Kumelwe saneliswe izinto esinazo. Abantu esiqala ukubafundela iBhayibheli kufanele sibakhuthaze ukuba bacabange ngesinye sezibusiso abanaso futhi babonge uJehova ngaso. Uma umuntu ekwenza lokho nsuku zonke ngeviki elilodwa, kungasho ukuthi uthandazele izinto eziyisikhombisa ezingafani. (1 Thes. 5:18) Ingabe nawe wenza okufanayo? Uma uzindla ngakho konke uJehova akwenzele kona, uyokwazi ukubonisa ukwazisa. Uma unokwazisa, uzokwaneliswa izinto onazo. Uma wanelisekile, ngeke ubanjwe ubugovu.

Bheka isigaba 12

12. UJuda Iskariyothe wenzani ngenxa yobugovu?

12 Ubugovu benza uJuda Iskariyothe waba imbuka elinonya. Kodwa wayengenjalo ekuqaleni. (Luka 6:13, 16) UJesu wamkhetha njengomphostoli. Kusobala ukuthi uJuda wayethenjwa, ngoba wayenakekela ibhokisi lemali. UJesu nabafundi bakhe babesebenzisa leyo mali ukuze bakhokhele izindleko zabo emsebenzini wokushumayela. Kungafaniswa neminikelo yomsebenzi womhlaba wonke namuhla. Kodwa ngemva kwesikhathi, uJuda waqala ukweba, naphezu kokuzizwa kaningi izixwayiso zikaJesu mayelana nokuhaha. (Marku 7:22, 23; Luka 11:39; 12:15) UJuda akazinakanga lezo zixwayiso.

13. Babonakala nini ubugovu bukaJuda?

13 Ubugovu bukaJuda babonakala phakathi nesenzakalo sangaphambi kokubulawa kukaJesu. UJesu nabafundi bakhe, okuhlanganisa uMariya nodadewabo uMarta, babeyizimenywa endlini kaSimoni onochoko. Lapho besadla, uMariya wasukuma wathela amafutha anamakha abiza kakhulu ekhanda likaJesu. UJuda nabanye abafundi bathukuthela. Abanye abafundi kungenzeka bacabanga ukuthi kungcono leyo mali isetshenziselwe inkonzo. Kodwa izisusa zikaJuda zazihlukile. ‘Wayeyisela’ futhi efuna ukweba imali ebhokisini. Kamuva, ubugovu benza uJuda wakhaphela uJesu ngenxa nje yemali.​—Joh. 12:2-6; Math. 26:6-16; Luka 22:3-6.

14. Indoda nomkayo basisebenzisa kanjani isifundo esitholakala kuLuka 16:13?

14 UJesu wabakhumbuza leli qiniso abalandeli bakhe: “Anikwazi ukuba izigqila zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” (Funda uLuka 16:13.) Lokho kuseyiqiniso. Cabanga ngendlela indoda nomkayo baseRomania abavumela ngayo amazwi kaJesu ukuba abathonye. Banikwa umsebenzi wesikhashana ezweni elichumayo. Bayavuma, “Sasinesikweletu esikhulu sasebhange okwakumele sisikhokhe, ngakho saqale sacabanga ukuthi lo msebenzi uyisibusiso esivela kuJehova.” Kodwa kwakunenkinga. Umsebenzi wawuzophazamisa inkonzo abayenzela uJehova. Ngemva kokufunda isihloko esithi “Londoloza Ubuqotho Ngenhliziyo Enobunye” kuyi-Nqabayokulinda ka-Agasti 15, 2008, benza isinqumo. Bathi: “Uma izisusa zethu zokuyosebenza kwelinye izwe kuwukuthola imali eyengeziwe, sizobe sibeka ubungane bethu noJehova endaweni yesibili. Sasiqiniseka ngokuthi ingokomoya lethu lizokwehla.” Ngakho basenqaba leso sicelo. Kwenzekani? Umyeni wathola umsebenzi ezweni lakubo owakwazi ukunakekela izidingo zabo. Inkosikazi ithi: “UJehova uhlale ezisiza izinceku zakhe.” Le ndoda nomkayo bayajabula ngokuthi benza uJehova waba iNkosi yabo, hhayi imali.

GWEMA IZINGIBE ZIKASATHANE

15. Kungani singaqiniseka ngokuthi singakwazi ukuphunyuka ezingibeni zikaSathane?

15 Kuthiwani uma sibona ukuthi sibanjwa ukuqhosha noma ubugovu? Singaphunyuka! UPawulu wathi labo ‘ababanjwe bephila’ uDeveli bangakwazi ukuphunyuka ogibeni. (2 Thim. 2:26) UDavide wasilalela iseluleko sikaNathani, wabuyeka ubugovu walungisa nobungane bakhe noJehova. Ungakhohlwa, uJehova unamandla kunoSathane. Uma silwamukela usizo lukaJehova, sizophunyuka kunoma iluphi ugibe uSathane asibekela lona.

16. Yini eyosisiza sigweme izingibe zikaSathane?

16 Empeleni, kunokuzama ukuphunyuka ezingibeni zikaSathane, kufanele sivele sizigweme ngokuphelele. Singenza kanjalo kuphela ngosizo lukaNkulunkulu. Akumelwe sizethembe ngokweqile! Ngisho nabantu asebemkhonze isikhathi eside uJehova kuyenzeka baqhoshe noma babe nobugovu. Ngakho mcele nsuku zonke uJehova akusize ubone uma lezo zimfanelo ezimbi seziqala ukuthonya indlela ocabanga nowenza ngayo. (IHu. 139:23, 24) Ungalokothi uvume ukuba zikubambe!

17. Yini ezokwenzeka ngokushesha kuDeveli, isitha sethu?

17 Sekuphele izinkulungwane zeminyaka uSathane engumzingeli. Kodwa maduze uzoboshwa agcine ebhujisiwe. (IsAm. 20:1-3, 10) Siyasilangazelela leso sikhathi. Okwamanje, qapha izingibe zikaSathane. Zikhandle ukuze ungalawulwa ukuqhosha noma ubugovu. Zimisele ‘ukumelana noDeveli, uzokubalekela.’​—Jak. 4:7.

INGOMA 127 Uhlobo Lomuntu Okufanele Ngibe Yilo

^ par. 5 USathane ufana nomzingeli onekhono. Uzama ukusibamba, akanandaba nokuthi sesimkhonze isikhathi eside kangakanani uJehova. Kulesi sihloko, sizobona ukuthi uSathane ukusebenzisa kanjani ukuqhosha nobugovu ukuze aqede ubungane bethu noNkulunkulu. Sizofunda nasezibonelweni zabanye ababa nenkinga yokuqhosha nobugovu, sibone indlela esingazigwema ngayo lezo zingibe.

^ par. 2 INCAZELO YAMAGAMA: Lesi sihloko sigxile ekuqhosheni okungafanele, ukucabanga ukuthi omunye umuntu ungcono kunomunye, nasekubeni nobugovu, isifiso esingalawuleki sokuba nemali eningi, amandla, ucansi, noma ezinye izinto.

^ par. 53 INCAZELO YEZITHOMBE: Ngenxa yokuqhosha, umzalwane unqaba iseluleko esihlakaniphile. Udade onezinto eziningi ucabanga ukwengeza ezinye.

^ par. 55 INCAZELO YEZITHOMBE: Ukuqhosha kwathonya indodana kaNkulunkulu ewumoya neNkosi u-Uziya. Ubugovu benza u-Eva wadla esihlahleni esenqatshelwe, benza uDavide waphinga noBhati-sheba, benza noJuda wantshontsha imali.