ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 26
Indlela Uthando Olusisiza Ngayo Sinqobe Ukwesaba
“UJehova ungakimi; ngeke ngesabe.”—IHU. 118:6.
INGOMA 105 “UNkulunkulu Uluthando”
AMAZWIBELA *
1. Yiziphi izinto abantu abavame ukuzesaba?
CABANGA ngalezi zinto ezilandelayo ezenzeka ngempela. UNestor nomkakhe, uMaría, babefuna ukuyokhonza endingekweni. * Nokho, ukuze bakwazi ukukwenza lokho kwakuzodingeka bashintshe indlela abaphila ngayo. Kodwa babesaba ukuthi bangase bangajabuli ngempela uma bephila ngemali encane. Ngesikhathi uBiniam eba omunye woFakazi BakaJehova ezweni lapho umsebenzi wethu uphikiswa khona, waqaphela ukuthi njengomunye wabantu bakaNkulunkulu, wayengase ashushiswe. Kwakumesabisa lokho. Kodwa ayekwesaba nakakhulu ukuthi umndeni wakhe wawuyosabela kanjani lapho uzwa ngenkolo yakhe entsha. UValérie wathola ukuthi wayenesifo somdlavuza esibi kakhulu, futhi kwakunzima ukuba athole udokotela ozohlonipha izinkolelo zakhe ezisekelwe eBhayibhelini endabeni yegazi. Kuyaqondakala-ke ukuthi wayesaba ukuthi angase afe.
2. Kungani kudingeka silwele ukunqoba ukwesaba?
2 Wake wabhekana nokwesaba okunjalo? Iningi lethu lake labhekana nakho. Uma singafundi ukulawula ukwesaba, cishe siyokwenza izinqumo ezimbi ezingaze ngisho ziphazamise ubuhlobo bethu noJehova. Yilokho akufunayo uSathane. Uzama nokusebenzisa ukwesaba esinakho ukuze asenze singayilaleli imithetho kaJehova, ehlanganisa nomyalo wokushumayela izindaba ezinhle. (IsAm. 12:17) USathane ukhohlakele, unonya futhi unamandla. Kodwa ungakwazi ukuzivikela kuye. Kanjani?
3. Yini ezosisiza sinqobe ukwesaba?
3 Lapho siqiniseka ngokuthi uJehova uyasithanda—ukuthi ungakithi—singayinqoba imizamo kaSathane. (IHu. 118:6) Ngokwesibonelo, umbhali weHubo 118 wabhekana nezimo ezicindezela kakhulu. Wayenezitha eziningi, ezinye zaziyizikhulu (amavesi 9, 10). Ngezinye izikhathi, wabhekana nobunzima obukhulu (ivesi 13). Wayethole nesijeziso esinzima esivela kuJehova (ivesi 18). Noma kunjalo, lowo mhubi washukumiseleka ukuba ahube: “Ngeke ngesabe.” Yini eyamenza wazizwa ephephile futhi evikeleke kangaka? Wayazi ukuthi nakuba ayemjezisile, uJehova, uBaba wakhe osezulwini, wayemthanda kakhulu. Umhubi wayeqiniseka ngokuthi kungakhathaliseki ukuthi ubhekana nasiphi isimo, uNkulunkulu wakhe onothando wayehlale ekulungele ukumsiza.—IHu. 118:29.
4. Yikuphi ukwesaba esingakunqoba uma siqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyasithanda?
4 Kudingeka siqiniseke ngokuthi uJehova uthanda ngamunye wethu. Ukuqiniseka ngalokho kungasisiza sikwazi ukunqoba izinto ezintathu ezivame ukwesatshwa: (1) ukwesaba ukuthi ngeke sikwazi ukondla umndeni wethu, (2) ukwesaba abantu (3) nokwesaba ukufa. Abantu okukhulunywe ngabo esigabeni sokuqala bakwazi ukunqoba ukwesaba ngoba babeqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyabathanda.
UKWESABA UKUTHI NGEKE SIKWAZI UKONDLA UMNDENI WETHU
5. Yiziphi izimo ezingase zenze inhloko yomndeni ikhathazeke kakhulu? (Bheka isithombe esisekhasini 1.)
5 Inhloko yomndeni engumKristu ayisithathi kalula isibopho sokuqiniseka ukuthi umndeni wayo uyazithola izinto ozidingayo ukuze uphile. (1 Thim. 5:8) Uma uyinhloko yomndeni, kungenzeka ukuthi phakathi nobhubhane lwamuva uye wakhathazwa ukuthi ungase ulahlekelwe umsebenzi . Kungenzeka wakhathazwa ukuthi ungase udonse kanzima, ungakwazi ukuthenga ukudla nokukhokhela indawo yokuhlala. Kungenzeka wawesaba nokuthi uma ulahlekelwa umsebenzi, ngeke ukwazi ukuthola omunye. Noma njengoNestor noMaría, okukhulunywe ngabo ekuqaleni, kungenzeka wanqikaza ukwenza ushintsho emsebenzini olwaluzophazamisa indlela ophila ngayo. USathane uye waphumelela kakhulu ekusebenziseni lokho kwesaba ukuze asenze siyeke ukukhonza uJehova.
6. Yini uSathane azama ukusenza siyikholelwe?
6 USathane uzama ukusenza sikholelwe ukuthi uJehova akanandaba nathi nokuthi sishiywe dengwane uma kuziwa ekunakekeleni imindeni yethu. Ngenxa yalokho, singase siphethe ngokuthi kudingeka senze noma yini ukuze singalahlekelwa umsebenzi, ngisho noma lokho kusho ukungazinaki izimiso ezingokomBhalo.
7. Yini uJesu asiqinisekisa ngayo?
7 UJesu, owazi uYise ukwedlula noma yimuphi umuntu, usiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu wethu “uyakwazi [esikudingayo] ngisho [singakakuceli] kuye.” (Math. 6:8) UJesu uyazi nokuthi uJehova ukulungele ukunakekela izidingo zethu. NjengamaKristu, singamalungu omndeni kaNkulunkulu. Singaqiniseka ngokuthi njengoba eyiNhloko yomndeni, uJehova uyosihlonipha isimiso asibhala kweyoku-1 Thimothewu 5:8.
8. (a) Yini ezosisiza sinqobe ukwesaba ukuthi ngeke sikwazi ukondla umndeni wethu? (Mathewu 6:31-33) (b) Singawulingisa kanjani umndeni osesithombeni ohambisela udade ukudla?
8 Uma siqiniseka ngokuthi uJehova uyasithanda nangokuthi uyawuthanda umndeni wethu, kuyoba lula ukukholelwa ukuthi sizozithola izinto esizidingayo. (Funda uMathewu 6:31-33.) UJehova uyafuna ukusinakekela futhi unguMondli onothando nonesandla esivuleke ngempela! Lapho edala umhlaba, wenza okungaphezu kokumane nje asinikeze izinto eziyisisekelo esizidingayo ukuze siphile. Ngothando, wagcwalisa umhlaba ngezinto ezaziyosinikeza injabulo emangalisayo. (Gen. 2:9) Ngisho noma ngezinye izikhathi sinezinto esizophila ngazo isikhashana nje, kuhle sigxile eqinisweni eliwukuthi sinazo izinto esizophila ngazo. UJehova akahluleki ukusinika esikudingayo. (Math. 6:11) Kudingeka sikhumbule ukuthi noma yini esiyidelayo manje ayilutho uma iqhathaniswa nalokho uNkulunkulu wethu onothando azosinika kona manje nayosinika kona esikhathini esizayo. Yilokho okwaqashelwa uNestor noMaría.—Isaya 65:21, 22.
9. Ungafundani esibonelweni sikaNestor noMaría?
9 UNestor noMaría babephila ukuphila okuntofontofo eColombia. Bathi, “Sasicabanga ngokwenza ukuphila kwethu kube lula futhi sandise inkonzo yethu, kodwa sasesaba ukuthi ngeke sijabule uma siphila ngemali encane.” Yini eyabasiza banqoba ukwesaba? Bakhumbula izindlela eziningi uJehova ayebonise ngazo ukuthi uyabathanda. Beqiniseka ngokuthi uyohlale ebanakekela, bayiyeka imisebenzi yabo eholela kahle. Badayisa umuzi wabo, bathuthela engxenyeni yezwe enesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso. Bazizwa kanjani ngesinqumo abasithatha? UNestor uthi: “Sikubonile ukuba yiqiniso kukaMathewu 6:33. Asikaze siswele lutho esiludingayo. Ukuphila kwethu sekujabulisa nakakhulu manje.”
UKWESABA ABANTU
10. Kungani kuqondakala ukuthi abantu bayabesaba abanye abantu?
10 Abantu banomlando omubi wokulimazana. (UmSh. 8:9) Ngokwesibonelo, abantu balisebenzisa kabi igunya abanalo, izigebengu zenza izenzo zobudlova, iziqhwaga esikoleni zigcona futhi zisongele ezifunda nabo kanti abanye baze bahlukumeze namalungu omndeni wabo. Yingakho nje abantu bebesaba abanye abantu! USathane usizakala kanjani ngokwesaba kwethu abanye abantu?
11-12. USathane ukusebenzisa kanjani ukwesaba kwethu abantu ukuze amelane nathi?
11 USathane usebenzisa ukwesaba kwethu abantu ukuze azame ukusiphoqa ukuba siyekethise futhi siyeke ukushumayela. Bethonywe uSathane, ohulumeni baye bavimbela umsebenzi wethu, basishushisa. (Luka 21:12; IsAm. 2:10) Izingxenye ezithile zezwe likaSathane, zisakaza izinto ezikhohlisayo namanga aluhlaza ngoFakazi BakaJehova. Abantu abakholelwa yilawo manga bangase basigcone noma basishaye ngisho nokusishaya. (Math. 10:36) Ayasimangaza yini amaqhinga kaSathane? Lutho neze. Wayevele ewasebenzisa nangekhulu lokuqala.—IzE. 5:27, 28, 40.
12 USathane akagcini nje ngokusebenzisa isikhali esiwukwesaba ukuthi ohulumeni bazomelana nathi. Kwabanye, ukuthi umndeni uzosabela kanjani eqinisweni, kwethusa ukwedlula ukushaywa. Bazithanda kakhulu izihlobo zabo, bafuna zimazi futhi zimthande uJehova. Kubazwisa ubuhlungu ukuzwa izihlobo zabo zidelela uNkulunkulu weqiniso nezikhonzi zakhe. Nokho, kwezinye izimo, izihlobo ezaziphikisa ekuqaleni ziye zalamukela iqiniso kamuva. Kodwa ake sithi amalungu omndeni wethu awafuni lutho olusihlanganisa nawo ngenxa yezinkolelo zethu ezintsha? Siyokwenzenjani?
13. Ukuqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyasithanda kungasisiza kanjani lapho amalungu omndeni esilahla? (IHubo 27:10)
13 Angasiduduza amazwi amnandi asencwadini yeHubo 27:10. (Yifunde.) Ukukhumbula ukuthi uJehova usithanda kangakanani, kusenza sizizwe silondekile lapho siphikiswa. Siyaqiniseka nangokuthi uzosivuza ngokukhuthazela kwethu. Indlela uJehova azonakekela ngayo izidingo zethu ezingokwenyama, ezingokomzwelo nezingokomoya iyedlula kude indlela omunye umuntu angazinakekela ngayo! Yilokho okwenzeka kuBiniam, okukhulunywe ngaye ekuqaleni.
14. Ungafundani esibonelweni sikaBiniam?
14 UBiniam waba omunye woFakazi BakaJehova nakuba ayazi ukuthi angase ashushiswe ngonya. Cabanga ngokuthi ukwazi ukuthi uJehova uyamthanda kwamsiza kanjani uBiniam wanqoba ukwesaba abantu. Uthi: “Ushushiso lwalungaphezu kwalokho engangikucabanga. Kodwa ukuphikiswa umndeni wami ngangikwesaba ukwedlula ukushushiswa uhulumeni. Ngangesaba ukuthi isinqumo sami sokuba uFakazi KaJehova sasiyomdumaza ubaba owayengeyena uFakazi nokuthi umndeni wami wawuyocabanga ukuthi ngiyisehluleki.” Nokho, uBiniam wayeqiniseka ngokuthi uJehova uhlale ebanakekela labo abathandayo. Uyachaza: “Ngacabangisisa ngendlela uJehova ayesize ngayo abanye bakhuthazelela ukudonsa kanzima ngokwezimali, ubandlululo nokuhlaselwa iqembu. Ngangazi ukuthi uma ngihlala ngithembekile kuJehova, wayeyongibusisa. Lapho ngiboshwa kaningi ngize ngishaywe, ngazibonela ngokwami indlela uJehova asisiza ngayo ngesikhathi esisuke simdinga ngaso uma sihlala sithembekile kuye.” UJehova waba nguBaba wangempela kuBiniam futhi abantu baKhe baba umndeni wangempela kuye.
UKWESABA UKUFA
15. Kungani kungokwemvelo ukwesaba ukufa?
15 IBhayibheli liyavuma ukuthi ukufa kuyisitha. (1 Kor. 15:25, 26) Singase sikhathazeke lapho sicabanga ngokufa, ikakhulu uma thina noma umuntu esimthandayo egula kakhulu. Kungani sikwesaba ukufa? Kungoba uJehova wasidala sinesifiso sokuphila phakade. (UmSh. 3:11) Ukwesaba ukufa ngezinga elifanele kungasisiza sivikele ukuphila kwethu. Ngokwesibonelo, kungasikhuthaza ukuba sidle ukudla okunempilo, sibe nohlelo lokuzivocavoca, sifune usizo lodokotela, sithole nemithi uma kudingeka futhi sigweme ukufaka ukuphila kwethu engozini ngokungenasidingo.
16. USathane uwusebenzisa kanjani umuzwa ongokwemvelo wokwesaba ukufa?
16 USathane uyazi ukuthi siyakwazisa ukuphila. Nokho, uthi singadela noma yini esinayo—ngisho nobungane bethu noJehova—ukuze nje sisindise ukuphila kwethu. (Jobe 2:4, 5) Ushaye phansi kwashunqa uthuli! Noma kunjalo, uSathane, “lowo onendlela yokubangela ukufa,” uzama ukusebenzisa umuzwa ongokwemvelo wokwesaba ukufa ukuze asenze silahle uJehova. (Heb. 2:14, 15) Ngezinye izikhathi, abantu abangaphansi kwethonya likaSathane basongela ukubulala izikhonzi zikaJehova uma zingaluphiki ukholo lwazo. Kwezinye izimo, uSathane angase asizakale ngokugula okusongela ukuphila kwethu ukuze azame ukusenza siyekethise. Odokotela noma izihlobo ezingebona oFakazi bangasicindezela ukuba simpontshelwe igazi, okuwukwephula umthetho kaNkulunkulu. Noma othile angase asigqugquzele ukuba sicabangele enye indlela yokwelashwa engqubuzana nezimiso ezingokomBhalo.
17. Ngokuvumelana neyabaseRoma 8:37-39, kungani kungadingeki sikwesabe ukufa?
17 Nakuba singakufuni ukufa, siyazi ukuthi uJehova uzoqhubeka esithanda ngisho noma singafa. (Funda eyabaseRoma 8:37-39.) Lapho abangane bakaJehova befa, bahlala enkumbulweni yakhe njengokungathi basaphila. (Luka 20:37, 38) Uyakulangazelela ukubavusa. (Jobe 14:15) UJehova ukhokhe inani elikhulu kakhulu ukuze ‘sithole ukuphila okuphakade.’ (Joh. 3:16) Siyazi ukuthi uJehova usithanda futhi usikhathalela ngokujulile. Ngakho, kunokuba silahle uJehova lapho sigula noma sisongelwa ukufa, sisondela kuye ukuze sithole induduzo, ukuhlakanipha namandla. Yilokho kanye okwenziwa uValérie nomyeni wakhe.—IHu. 41:3.
18. Ungafundani esibonelweni sikaValérie?
18 Lapho eneminyaka engu-35, uValérie wathola ukuthi unesifo somdlavuza esibi kakhulu esingajwayelekile. Cabanga ukuthi uthando lwamsiza kanjani wakwazi ukunqoba ukwesaba ukufa. Uyachaza: “Ukuthola ukuthi nginomdlavuza kwavele kwakushintsha ukuphila kwethu. Kwakudingeka ngihlinzwe ukuze ngisinde. Ngabonisana nodokotela abaningi kodwa bonke benqaba ukungihlinza ngaphandle kokusebenzisa igazi. Ngangethukile kodwa ngenxa yokulalela umyalo kaNkulunkulu, ngangingeke ngivume ukumpontshelwa igazi! UJehova uye wangibonisa uthando olukhulu ukuphila kwami konke. Manje ngase nginethuba lokumbonisa ukuthi ngiyamthanda. Njalo lapho ngithola izindaba ezimbi, ngangizimisela nakakhulu ukwenza uJehova aziqhenye futhi ngidumaze uSathane. Ngagcina ngikwazile ukuhlinzwa ngaphandle kwegazi. Nakuba izinkinga zami zempilo zisekhona, uJehova ubehlale esinika esikudingayo. Ngokwesibonelo, ngempelasonto yangaphambi kokuba ngithole ukuthi nginomdlavuza, emhlanganweni webandla saxoxa ngesihloko esithi ‘Ukubhekana Nezinkathazo Zanamuhla Ngesibindi.’ * Lesi sihloko sasisiza kakhulu. Sasifunda ngokuphindaphindiwe. Izihloko ezifana nalesi nokukhuthalela izinto ezingokomoya, kunike mina nomyeni wami ukuthula kwangaphakathi, kwasisiza sakwazi ukulinganisela, senza nezinqumo ezinhle.”
UKUNQOBA UKWESABA
19. Yini ezokwenzeka maduze?
19 Ngosizo lukaJehova, amaKristu emhlabeni wonke aye akwazi ukubhekana nezimo ezinzima futhi amelana noDeveli ngokuphumelelayo. (1 Pet. 5:8, 9) Nawe ungakwazi. Maduze nje, uJehova uzoqondisa uJesu nababusa kanye naye ukuba ‘babhidlize imisebenzi kaDeveli.’ (1 Joh. 3:8) Ngemva kwalokho, labo abakhonza uNkulunkulu emhlabeni ‘ngeke besabe noma bethuswe yilutho.’ (Isaya 54:14; Mika 4:4) Kodwa ngaphambi kokuba kufike leso sikhathi, kudingeka sisebenze kanzima ukuze sinqobe ukwesaba.
20. Yini ezosisiza sinqobe ukwesaba?
20 Kumelwe siqhubeke siqiniseka ngokuthi uJehova uyazithanda futhi uyazivikela izinceku zakhe. Ukuzindla nokukhuluma ngendlela uJehova aye wavikela ngayo izinceku zakhe esikhathini esidlule, kuzosisiza sikwazi ukwenza kanjalo. Singakhumbula nokuthi uye wasisiza kanjani thina sakwazi ukubhekana nezimo ezicindezelayo. Ngosizo lukaJehova, singakwazi ukunqoba ukwesaba!—IHu. 34:4.
INGOMA 129 Masiqhubeke Sikhuthazela
^ Ukwesaba kuwumuzwa ovamile ongasivikela engozini. Kodwa ukuvumela ukunqotshwa ukwesaba okungaphezu kokuvamile kungenza okuphambene nalokho; kungasifaka engozini. Kanjani? USathane uzosebenzisa lokho kwesaba ukuze amelane nathi. Kuyacaca ukuthi kumelwe silwe kanzima ukuze silawule lolo hlobo lokwesaba. Yini ezosisiza? Njengoba sizobona kulesi sihloko, lapho siqiniseka ngokuthi uJehova ungakithi nangokuthi uyasithanda, singanqoba noma yikuphi ukwesaba.
^ Amanye amagama ashintshiwe.