Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ngemva kokuzalwa kukaJesu, kungani uJosefa noMariya baqhubeka behleli eBhetlehema esikhundleni sokubuyela ekhaya eNazaretha?

IBhayibheli alisho. Kodwa liyasitshela imininingwane okungenzeka yabenza bangaphindela eNazaretha.

Ingelosi yatshela uMariya ukuthi wayezokhulelwa bese eyabeletha. Ngesikhathi ingelosi iletha lo myalezo, uMariya noJosefa babehlala eNazaretha, idolobha lakubo kaJosefa eliseGalile. (Luka 1:26-31; 2:4) Kamuva, lapho sebebuya eGibhithe, baphindela eNazaretha. UJesu wakhulela lapho waba umNazaretha. (Math. 2:19-23) Yingakho sicabanga ngoJesu, uJosefa noMariya lapho kukhulunywa ngeNazaretha.

UMariya wayenesihlobo okuthiwa u-Elizabethe esasihlala kwaJuda. U-Elizabethe wayeshade nompristi uZakariya, kamuva waba unina kaJohane uMbhapathizi. (Luka 1:5, 9, 13, 36) UMariya wavakashela u-Elizabethe kwaJuda, wafike wahlala naye izinyanga ezintathu. Ngemva kwalokho, waphindela eNazaretha. (Luka 1:39, 40, 56) Ngakho, uMariya wayeyijwayele indawo yakwaJuda.

Ngokuhamba kwesikhathi uJosefa walalela umyalo wokuba “bayobhaliswa.” Ngakho, uJosefa wasuka eNazaretha waya eBhetlehema, ‘okwakuyidolobha likaDavide’ futhi okwakuprofethwe ukuthi uMesiya uyozalelwa kulo. (Luka 2:3, 4; 1 Sam. 17:15; 20:6; Mika 5:2) Ngemva kokuba uMariya esebelethile, uJosefa akazange alindele ukuba athathe uhambo olude aphindele eNazaretha nosana. Bahlala eBhetlehema, elaliqhele ngamakhilomitha angu-9 uma usuka eJerusalema. Ngakho, kwakuzoba lula ngabo ukuyisa lolu sana ethempelini, benze umnikelo ofanele.​—Lev. 12:2, 6-8; Luka 2:22-24.

Ngaphambili, ingelosi kaNkulunkulu yayitshele uMariya ukuthi indodana yakhe yayiyonikwa “isihlalo sobukhosi sikaDavide” ‘ibuse njengeNkosi.’ Kungenzeka yini ukuthi uJosefa noMariya bakubona kubalulekile ukuthi uJesu wazalelwa edolobheni likaDavide? (Luka 1:32, 33; 2:11, 17) Kungenzeka bakubona kuhlakaniphile ukuqhubeka behleli lapho baze bathole ukuthi yini enye uNkulunkulu ayefuna bayenze.

Asazi ukuthi base behlale isikhathi esingakanani eBhetlehema lapho kufika ababhula ngezinkanyezi. Kodwa ngaleso sikhathi lo mndeni wawusuhlala endlini, nomfana wabo ‘esengumntwana,’ engaselona usana. (Math. 2:11) Kubonakala sengathi kunokuba baphindele eNazaretha, bazinza eBhetlehema.

UHerode wayala ukuba “kubulawe bonke abafana eBhetlehema . . . kusukela kwabaneminyaka emibili ubudala nangaphansi.” (Math. 2:16) Ngemva kokuba uJosefa ethole isixwayiso esivela kuNkulunkulu ngokuqondene nalo myalo, uJosefa noMariya babalekela eGibhithe noJesu, bahlala khona kwaze kwaba yilapho uHerode efa. Kamuva, uJosefa wathatha umndeni wakhe baya eNazaretha. Kungani bengabuyelanga eBhetlehema? Kungoba ngaleso sikhathi eJudiya kwakubusa indodana kaHerode, u-Arkelawu, futhi yayingumuntu onesihluku. Okunye futhi ukuthi ingelosi yaphinde yaxwayisa uJosefa ngengozi yokubuyela eBhetlehema. SebeseNazaretha, uJosefa wayengakhulisela uJesu endaweni ephephile ukuze akhonze uNkulunkulu.​—Math. 2:19-22; 13:55; Luka 2:39, 52.

Kubonakala sengathi uJosefa washona uJesu engakayivuli indlela yokuyophila ezulwini. Ngakho, uJosefa uyovuselwa lapha emhlabeni. Abaningi bayombona bese bethola imininingwane eyengeziwe kuye yokuthi kungani yena noMariya baqhubeka beseBhetlehema ngemva kokuzalwa kukaJesu.