Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izihloko Eziseceleni Ze-Nqabayokulinda Efundwayo

Izihloko Eziseceleni Ze-Nqabayokulinda Efundwayo

Abamemezeli abaningi basebenzisa i-JW Library® ukuze balungiselele imihlangano futhi bayayijabulela indlela ekwenza kube lula ngayo ukuya ezihlokweni ezifundwayo ze-Nqabayokulinda. Kodwa ngokuvamile INqabayokulinda efundwayo iba nezihloko eziseceleni ezisifundisa ngoNkulunkulu. Ungazithola kanjani lezi zihloko futhi uzuze kuzo usebenzisa i-JW Library?

  • Ekupheleni kwesihloko esifundwayo ngasinye se-Nqabayokulinda, kunesihlokwana esithi “Additional Reading.” Ngaphansi kwaleso sihlokwana, chofoza ilinki ethi “Other articles in this issue.” Bheka okuphakathi kulo magazini, uphawule indlela izihloko ezifundwayo ezibhalwe ngayo ngokucacile nenamba yesihloko esifundwayo ngasinye. Chofoza isihloko esiseceleni ofisa ukusifunda.

  • Ekhasini lokuqala le-JW Library engxenyeni ethi “Okusha” (“What’s New”) dawuniloda INqabayokulinda efundwayo entsha uma isivela. Vula umagazini owudawunilodile, ubheke okuphakathi ukuze uqiniseke ukuthi uyazuza kuzo zonke izihloko.