Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDABA YOKUPHILA

Izinto Ezijabulisayo Ebesingazilindele Nezifundo Esizithole Ngokukhonza UJehova

Izinto Ezijabulisayo Ebesingazilindele Nezifundo Esizithole Ngokukhonza UJehova

NGESIKHATHI ngisewumfana, njalo lapho ngibona ibhanoyi lindiza, ngangihalela ukundiza ngalo ngiye kwelinye izwe. Kimi, lokho kwakubonakala kuyiphupho nje.

Phakathi neMpi Yezwe II abazali bami bahamba e-Estonia baya eJalimane lapho ngazalelwa khona. Ngemva kokuba sengizelwe baqala ukulungiselela ukuthuthela eCanada. Umuzi esaqala ukuhlala kuwo eduze kwase-Ottawa, eCanada, wawuyindlu encane okwakuhlala kuyo nezinkukhu. Sasihlupheka kakhulu, noma kunjalo sasidla amaqanda ekuseni.

Ngelinye ilanga oFakazi BakaJehova bafundela umama isAmbulo 21:3, 4. Lokho akufunda kwamthinta kakhulu kangangokuba wakhala. Imbewu yeqiniso yakhula, bobabili umama nobaba bathuthuka ngokushesha balungela ukubhapathizwa.

Abazali bami babengasazi kahle isiNgisi kodwa babezimisele ngempela ukukhonza uJehova. Cishe njalo ngeMigqibelo, ngisho nalapho esebenza ubusuku bonke embonini encibilikisa izinsimbi eSudbury, e-Ontario, ubaba wayehamba nami nodadewethu omncane uSylvia siye enkonzweni. Maviki onke sasitadisha INqabayokulinda njengomndeni. Umama nobaba baligxilisa ngempela kimi uthando ngoNkulunkulu. Lokho kwangenza nganikezela ukuphila kwami kuJehova ngo-1956 lapho ngineminyaka eyishumi. Indlela ababemthanda ngayo uJehova iye yangikhuthaza ukuba ngiqhubeke ngimkhonza.

Lapho ngiqeda isikole samabanga aphakeme, ngangingasagxilile kangako ekukhonzeni uJehova. Ngangicabanga ukuthi uma ngiba iphayona ngeke ngikwazi ukwenza imali eyanele ezongenza ngifeze iphupho lami lokundiza ngebhanoyi ngibone amazwe. Ngathola umsebenzi wokuba u-DJ esiteshini somsakazo sasendaweni, futhi ngangiwuthanda lowo msebenzi. Kodwa ngangisebenza ebusuku; ngakho ngangivame ukungabibikho emihlanganweni futhi ngazihlanganisa nabantu abangamthandi uNkulunkulu. Ekugcineni, unembeza wami oqeqeshwe ngeBhayibheli wangisiza ngeza izinguquko.

Ngathuthela e-Oshawa, e-Ontario. Lapho, ngahlangana noRay Norman, nodadewabo uLesli namanye amaphayona. Bonke bangamukela ngezandla ezifudumele. Ukubona indlela ababejabule ngayo kwangenza ngaphinde ngacabanga ngemigomo yami. Bangikhuthaza ukuba ngiphayone, futhi yilokho kanye engakwenza ngoSepthemba 1966. Ngangijabule, konke kwakuhamba kahle. Nokho, kwakusazokwenzeka izinto esingazilindele.

UMA UJEHOVA EKUCELA UKUBA WENZE OKUTHILE, ZAMA UKUKWENZA

Ngesikhathi ngisesesikoleni samabanga aphakeme, ngafaka isicelo sokuyokhonza eBethel yaseToronto, eCanada. Kamuva lapho sengiphayona, ngamenywa ukuba ngiyokhonza iminyaka emine eBethel. Kodwa ngangimthanda kakhulu uLesli, futhi ngangesaba ukuthi uma ngisamukela lesi simemo ngeke ngiphinde ngimbone. Ngemva kokuthandaza kanzulu, ngagcina ngisamukele isimemo saseBethel kodwa kwaba buhlungu ukuvalelisa kuLesli.

EBethel ngasebenza elondolo, kamuva ngaba unobhala. Phakathi naleso sikhathi, uLesli waba iphayona elikhethekile eGatineau, eQuebec. Ngangivame ukuzibuza ukuthi kazi wenzani nokuthi ngangenze isinqumo esihle yini. Kwabe sekwenzeka into engangingayilindele eyangijabulisa kakhulu ekuphileni kwami. Umfowabo kaLesli, uRay, wamenyelwa eBethel. Ngangihlala naye endlini! Ngenxa yalokho, saphinde saba abangani noLesli. Sashada ngosuku lokugcina lwesabelo sami seminyaka emine, ngoFebhuwari 27, 1971.

Siqala umsebenzi wokujikeleza ngo-1975

SinoLesli sabelwa ukuba siyokhonza ebandleni elikhuluma isiFulentshi eQuebec. Ngemva kweminyaka embalwa, ngamangala lapho ngimenywa ukuba ngibe umbonisi wesigodi ngineminyaka engu-28. Ngacabanga ukuthi ngisemncane kakhulu futhi ngangingenalo ulwazi olwanele, kodwa amazwi akuJeremiya 1:7, 8 angikhuthaza. ULesli wayebe sezingozini zemoto eziningana futhi wayengalali kahle. Pho sasizojikeleza kanjani? Noma kunjalo, wathi, “Uma uJehova esicela ukuba senze okuthile, akufanele yini sizame ukukwenza?” Sasamukela leso simemo futhi sakujabulela ukujikeleza iminyaka engu-17.

Ngangimatasa emsebenzini wokujikeleza, ngingenaso isikhathi esanele sokunaka uLesli. Kwadingeka ngifunde esinye isifundo. Ngelinye ilanga ngoMsombuluko ekuseni, kwangqongqoza umuntu emnyango. Uma ngivula, kwakungekho muntu, kunobhasikidi nje wepikiniki onendwangu, izithelo, ushizi, isinkwa, iwayini, izingilazi nomyalezo ongabhaliwe ukuthi uvela kubani, othi, “Hambisa umkakho epikinikini.” Ilanga lalibalele ngalolo suku. Kodwa ngamchazela uLesli ukuthi kunezinkulumo okumele ngizilungiselele ngakho ngeke ngikwazi ukuhamba. Wakuqonda engangikusho kodwa waphatheka kabi. Njengoba ngihleli edeskini lami, unembeza wangihlupha. Ngacabanga ngeyabase-Efesu 5:25, 28. Ingabe lawo mazwi avela kuJehova ayengikhuthaza ukuba ngicabangele imizwa yomkami? Ngemva kokuthandaza, ngathi kuLesli, “Asihambe,” wajabula wafa. Saya endaweni enhle eseduze komfula, sandlala indwangu lapho futhi saba nesikhathi esimnandi kakhulu. Ngakwazi nokulungiselela izinkulumo zami.

Izindawo esasijikeleza kuzo zaziningi futhi kumnandi ukuba kuzo, zisuka eBritish Columbia ziye eNewfoundland. Isifiso sami sokuhamba izindawo safezeka. Ngangiye ngacabanga ngokuya eSikoleni SaseGileyadi kodwa ngangingathandi ukuba isithunywa sevangeli kwelinye izwe. Kwakubonakala sengathi izithunywa zevangeli zingabantu abakhethekile futhi ngangizizwa ngingafaneleki. Ngaphandle kwalokho, ngangesaba ukuthi singase sithunyelwe ezweni lase-Afrika elihlushwa isifo esithile noma okuliwayo kulo. Ngangijabule lapho sasikhonza khona eCanada.

ISIMEMO ESINGASILINDELE SOKUYOKHONZA E-ESTONIA NASEMAZWENI ASEBALTIC

Sikwelinye lamazwe aseBaltic

Ngo-1992 ngesikhathi umsebenzi uvulwa emazweni ayephethwe iSoviet, sabuzwa ukuthi singathanda yini ukuba yizithunywa zevangeli e-Estonia. Samangala kakhulu, kodwa sathandaza ngakho. Saphinde sacabanga, ‘Uma uJehova esicela ukuba senze okuthile, akufanele yini sizame ukukwenza?’ Sasamukela leso simemo, futhi ngacabanga ngathi, ‘Okungenani asiyi e-Afrika.’

Ngokushesha saqala ukufunda ulimi lwase-Estonia. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa sikulelo zwe, sacelwa ukuba sijikeleze. Sasizohambela amabandla angaba ngu-46 kanye namaqembu asemazweni amathathu aseBaltic siye naseKaliningrad, eRussia. Lokho kwakusho ukuthi kufanele sifunde isiLatvia, isiLithuania nesiRashiya. Kwakungelula. Noma kunjalo, abafowethu nodadewethu bajabula lapho besibona sizama futhi basisiza. Ngo-1999, kwavulwa ihhovisi legatsha e-Estonia, ngabelwa ukukhonza eKomitini Yegatsha kanye noToomas Edur, uLembit Reile noTommi Kauko.

Left: Nginikeza inkulumo emhlanganweni eLithuania

Right: IKomiti Yegatsha e-Estonia eyamiswa ngo-1999

Sazana noFakazi abaningi ababekade bedingiselwe eSiberia ngaphambili. Naphezu kokuphathwa ngesihluku emajele nokuhlukaniswa nemindeni yabo, abazange babe nenzondo. Baqhubeka bejabule futhi beshiseka enkonzweni. Lokho kwasisiza sabona ukuthi singakwazi ukukhuthazela futhi sijabule ngaphansi kwezimo ezinzima.

Njengoba iminyaka ihamba, sisincane nesikhathi sokuphumula, uLesli waqala ukuzizwa ekhathala ngendlela exakile. Asizange sisheshe sibone ukuthi lokho kukhathala kubangelwa isifo esibizwa ngokuthi i-fibromyalgia. Sakucabangisisa ngempela ukuphindela eCanada. Lapho simenyelwa esikoleni samalungu amakomiti egatsha ePatterson, eNew York, e-U.S.A., ngangingaqiniseki ukuthi sizokwazi ukuya. Nokho, ngemva kokuthandaza ngokujulile kaningi, sasamukela leso simemo. UJehova wasibusisa leso sinqumo. ULesli waze welashwa ngesikhathi sikulesi sikole. Ngenxa yalokho, sakwazi ukuqhubeka nezinto esasivame ukuzenza.

ENYE INTO ESASINGAYILINDELE​—SITHUNYELWA KWELINYE IZWEKAZI

Ngobunye ubusuku ngo-2008 ngise-Estonia, ngathola ucingo luvela endlunkulu bebuza ukuthi singathanda yini ukuyokhonza eCongo. Ngamangala kakhulu ikakhulukazi ngoba kwakudingeka ngiphendule ngakusasa. Ngaqale ngangamtshela uLesli ngoba ngangazi ukuthi ngeke alale ngalobo busuku. Okumangalisayo-ke ukuthi yimina engingalalanga, ngilokhu ngithandaza kuJehova ngimtshela izinto ezingikhathazayo ngokuya e-Afrika.

Ngakusasa lapho ngitshela uLesli, sathi: “UJehova usicela ukuba siye e-Afrika. Sazi ngani ukuthi sizohluleka uma singazami?” Ngakho ngemva kweminyaka engu-16 sise-Estonia, saya eKinshasa, eCongo. Ihhovisi legatsha lalinegceke elihle eliluhlaza futhi linokuthula. Enye yezinto zokuqala uLesli ayibeka endlini kwakuyikhadi ayeligcine kusukela sisuka eCanada. Lalibhalwe ukuthi “Jabula lapho ukhona.” Ngemva kokubonana nabazalwane, ukuqhuba izifundo zeBhayibheli nokuzwa ubumnandi bokuba izithunywa zevangeli, injabulo yethu yanda. Ngokuhamba kwesikhathi, saba nelungelo lokuvakashela amanye amagatsha asemazweni angu-13 ase-Afrika. Lokho kwasenza sahlangana nabantu abaningi abanobuntu obuhle abaphila ngendlela ehlukile. Ixhala enganginalo ekuqaleni laphela futhi sambonga uJehova ngokusithumela e-Afrika.

ECongo safundiswa ukudla izilwanyana ezincane engangicabanga ukuthi sizohluleka ukuzidla. Kodwa lapho sibona abafowethu bezidla, nathi sazizama futhi asizange sizisole.

Sakwazi ukuya empumalanga yezwe siyokhuthaza abazalwane sibaphathele nezinto abazidingayo ngoba kulezi zindawo kwakunabantu abahlaselayo futhi bahlukumeze abesifazane nezingane. Iningi labazalwane lalihlupheka. Noma kunjalo, ukholo lwabo oluqinile ovukweni, uthando lwabo ngoJehova nobuqotho babo enhlanganweni kwasithinta izinhliziyo. Isibonelo sabo sasenza sazihlola, saqinisa nokholo lwethu. Abanye abazalwane balahlekelwa amakhaya abo nokudla ababekutshalile. Lokho kwagcizelela kimi ukuthi izinto esinazo zinganyamalala ngokushesha kangakanani nokuthi okubaluleke kakhulu ubuhlobo esinabo noJehova. Naphezu kobunzima, abazalwane babengavamile ukukhononda. Umbono wabo ngezinto wasikhuthaza ukuba nathi sibhekane nobunzima nezinkinga zempilo ngesibindi.

Left: Nginikeza inkulumo eqenjini lababaleki

Right: Sihambisa izinto ezazidingwa abazalwane eDungu, eCongo

ISABELO ESISHA E-ASIA

Kwabe sekwenzeka okunye esasingakulindele. Sacelwa ukuba sithuthele egatsheni laseHong Kong. Sasingakaze sicabange ukuthi singahlala e-Asia! Kodwa ngemva kokubona ukuthi uJehova wayesisizile kuzo zonke ezinye izabelo, sasamukela nalesi. Ngo-2013, sihlengezela izinyembezi, sashiya abafowethu nodadewethu esibathandayo nobuhle be-Afrika, singazi ukuthi yini esihlalele phambili.

Kwakuwushintsho olukhulu ukuhlala eHong Kong ngoba yayiyidolobha eliphithizelayo elinabantu abaningi abavela kwamanye amazwe. Kwakunzima ukufunda isiCantonese. Kodwa abazalwane basamukela ngezandla ezifudumele futhi sasikujabulela nokudla kwendawo. Umsebenzi wawanda ngokushesha kodwa izindawo zokuhlala zase zibiza kakhulu. Ngakho, ngokuhlakanipha iNdikimba Ebusayo yanquma ukudayisa eziningi zezakhiwo zegatsha. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngo-2015, sayiswa eNingizimu Korea lapho sikhonza khona njengamanje. Kwadingeka sifunde olunye futhi ulimi olunzima, kodwa kusithinta izinhliziyo ukuthi nakuba sisabhidilisha, abazalwane bayayibona intuthuko esiyenzayo ekukhulumeni isiKorea.

Left: SesiseHong Kong

Right: Igatsha laseKorea

IZIFUNDO ESIZIFUNDILE

Ukwenza abangani akulula ngaso sonke isikhathi, kodwa sithole ukuthi uma sithatha isinyathelo kuqala sibameme, singashesha ukubazi. Sithole ukuthi abazalwane banezinto eziningi abafana ngazo kunezibahlukanisayo nokuthi uJehova usenze ngendlela emangalisayo sakwazi ukuvula izinhliziyo zethu sathanda abafowethu nodadewethu abaningi kangaka.​—2 Kor. 6:11.

Sisibonile isidingo sokwamukela abantu njengoJehova nesokubona ubufakazi bokuthi uyasithanda futhi uyasiqondisa. Noma nini lapho sizizwa sidikibele noma sizibuza ukuthi abafowethu nodadewethu bayasithanda yini, siphinde sifunde amakhadi akhuthazayo noma izincwadi ezivela kubo. Siyibonile ngempela indlela uJehova aphendule ngayo imithandazo yethu, esiqinisekisa ngokuthi uyasithanda, esinika namandla okuqhubeka.

Eminyakeni edlule mina noLesli sifunde ukubaluleka kokwenza isikhathi sokuba ndawonye, kungakhathaliseki ukuthi simatasa kangakanani. Sikubonile nokubaluleka kokuba sizihleke lapho senza amaphutha, ikakhulukazi lapho sizama ukufunda ulimi olusha. Njalo ebusuku sizama ukuthola into esiyijabulele esingambonga ngayo uJehova.

Uma ngikhuluma iqiniso, ngangicabanga ukuthi angisoze ngakwazi ukuba isithunywa sevangeli noma ukuhlala kwamanye amazwe. Kodwa ngikujabulele ukufunda ukuthi zonke izinto zingenzeka ngosizo lukaJehova. Ngikhumbula amazwi omprofethi uJeremiya, owathi: “O Jehova, ungikhohlisile.” (Jer. 20:7) Ziningi izinto ezinhle ebesingazilindele asiphe zona, wasipha nezibusiso esingazange sizicabange, waze wafeza ngisho nesifiso sami sokuhamba ngebhanoyi. Ziningi kakhulu izindawo esizihambe ngebhanoyi kunalezo engangizicabanga ngisewumfana, ngavakashela namagatsha emazwekazini ayisihlanu. Kuzo zonke izabelo esizenzile, engikubonga nakakhulu ukusekelwa uLesli nomoya wakhe ovumayo.

Sihlale sizikhumbuza ukuthi esikwenzayo sikwenzela bani nokuthi kungani sikwenza. Izibusiso esizithola manje zisibonisa ukuthi kuyoba mnandi kangakanani ukuphila phakade lapho uJehova ‘esevula isandla [sakhe] anelise isifiso sayo yonke into ephilayo.’​—IHu. 145:16.