Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 28

Qhubeka Uzuza Ekwesabeni UNkulunkulu

Qhubeka Uzuza Ekwesabeni UNkulunkulu

“Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova.”​—IZAGA 14:2.

INGOMA 122 Yibani Abagxilile, Abangenakunyakaziswa!

AMAZWIBELA a

1-2. NjengoLoti, iyiphi inselele amaKristu anayo namuhla?

 MAYELANA nokuziphatha okukhuthazwa yileli zwe, sizizwa ngendlela uLoti, indoda elungile, ayezizwa ngayo. “Wayecindezeleke kakhulu ngenxa yokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo kwabantu abangenamthetho,” ngoba wayazi ukuthi uBaba wethu osezulwini uyakuzonda ukuziphatha kabi. (2 Pet. 2:7, 8) Ukwesaba nokuthanda uNkulunkulu kwenza uLoti wasizonda isimilo esixegayo sabantu ababemzungezile. Nathi sizungezwe abantu abangayihloniphi imithetho kaJehova yokuziphatha. Noma kunjalo, singakwazi ukuqhubeka siziphatha ngendlela ehlanzekile uma singayeki ukuthanda uNkulunkulu futhi sifunda ukumesaba ngendlela efanele.​—IzAga 14:2.

2 Ukuze asisize senze lokho, uJehova usinikeza isikhuthazo sothando esebenzisa incwadi yezAga. Wonke amaKristu, amadoda nabesifazane, abasebasha nasebekhulile, angazuza ngempela ngokufunda iseluleko esihlakaniphile esikuleyo ncwadi.

UKWESABA UNKULUNKULU KUYASIVIKELA

Emsebenzini wokuziphilisa, kudingeka siqaphe singabi abangani nabantu abangamthandi uJehova nokwamukela izimemo zokwenza izinto ezingeke zimjabulise (Bheka isigaba 3)

3. IzAga 17:3 zithi kungani kumele sivikele inhliziyo yethu? (Bheka nesithombe.)

3 Isizathu esiyinhloko sokuvikela inhliziyo yethu engokomfanekiso siwukuthi uJehova uyayihlola. Lokho kusho ukuthi ubuka ngale kwalokho esibonakala siyikho kwabanye, abone lokho esiyikho ngempela. (Funda izAga 17:3.) Uzosithanda uma sigcwalisa izingqondo zethu ngokuhlakanipha okuzosisiza siphile phakade. (Joh. 4:14) Uma senza kanjalo ngeke kusilimaze ukuziphatha okubi namanga avela kuSathane nasezweni lakhe. (1 Joh. 5:18, 19) Lapho sisondela kuJehova, siyomthanda futhi simhloniphe ngisho nakakhulu. Ngenxa yokuthi asifuni ukumzwisa ubuhlungu uBaba wethu, ngisho nemicabango nje yokona siyoyizonda. Lapho sifikelwa isilingo sokwenza okubi, siyozibuza, ‘Ngingamzwisa kanjani nje ubuhlungu uMuntu ongibonise uthando olungaka?’​—1 Joh. 4:9, 10.

4. Ukwesaba uJehova kwamvikela kanjani udade wanganqotshwa isilingo?

4 UMarta, udade waseCroatia owabhekana nesilingo sokuziphatha kabi, wabhala: “Kwakunzima ukucabanga ngendlela ecacile nokulwa nesilingo sokuzijabulisa isikhashana ngesono. Kodwa ukwesaba uJehova kwangivikela.” b Kwamvikela kanjani? UMarta uthi wazindla ngemiphumela eyayizobangelwa isinqumo sakhe esibi. Nathi singenza okufanayo. Umphumela omubi kakhulu uwukuthi singamzwisa ubuhlungu uJehova futhi singalahlekelwa yithuba lokumkhonza phakade.—Gen. 6:5, 6.

5. Ungafundani kulokho okwenzeka kuLeo?

5 Uma simesaba uJehova, siyaqikelela ukuthi asibeki zaba zokuziphatha kabi. ULeo, ohlala eCongo, wasifunda leso sifundo. Ngemva kweminyaka emine ebhapathiziwe, waba nabangani ababenza izinto ezimbi. Wayecabanga ukuthi uma nje yena engazenzi izinto ezimbi, wayengoni kuJehova. Nokho, ngokushesha abangani bakhe bamenza waphuza ngokweqile futhi waziphatha kabi ngokocansi. Wabe esecabanga ngalokho abazali bakhe abangamaKristu ababemfundise kona nenjabulo ayenayo esakhonza uJehova. Waba yini umphumela? Wavuka emaqandeni. Abadala bamsiza wabuyela kuJehova. Namuhla uyajabula futhi ukhonza njengomdala nanjengephayona elikhethekile.

6. Yibaphi abesifazane abangokomfanekiso ababili esizoxoxa ngabo manje?

6 Ake sixoxe ngezAga isahluko 9, lapho sifunda khona ngabesifazane ababili, omunye umelela ukuhlakanipha, omunye umelela ubuwula. (Qhathanisa neyabaseRoma 5:14; Galathiya 4:24.) Njengoba senza kanjalo, khumbula ukuthi izwe likaSathane lihlanyiswa ucansi nezithombe ezingcolile zocansi. (Efe. 4:19) Ngakho kubalulekile ukuqhubeka simesaba uNkulunkulu nokufulathela okubi. (IzAga 16:6) Uma senza kanjalo, sonke, kungakhathaliseki ukuthi singabesilisa noma singabesifazane, singazuza kulokho esikufunda kulesi sihloko. Ngamunye walaba besifazane uchazwa ngokuthi umema abangenalwazi​—“abantula ukuhlakanipha.” Kufana nokuthi ngamunye wabo uthi, ‘Ngenani endlini yami nizodla.’ (IzAga 9:1, 5, 6, 13, 16, 17) Kodwa kunomehluko omkhulu emiphumeleni etholwa yilabo abamukela lezi zimemo.

GWEMA UKWENZA NGENDLELA EBONISA UBUWULA

“Owesifazane oyisiphukuphuku” ukhipha isimemo esingaholela emiphumeleni edabukisayo (Bheka isigaba 7)

7. NgokwezAga 9:13-18, esinye salezi zimemo siholelaphi? (Bheka nesithombe.)

7 Funda isimemo esivela ‘kowesifazane oyisiphukuphuku.’ (Funda izAga 9:13-18.) Ngesibindi ubiza labo abantula ukuhlakanipha, uthi, ‘Ngenani lapha’ sizitike. Uba yini umphumela? “Ikhaya lakhe liyindlu yabafile.” Kungenzeka uyayikhumbula inkulumo engokomfanekiso ethi ayifane engasekuqaleni kwencwadi yezAga. Lapho, sixwayiswa ‘ngowesifazane ondindayo nongenasimilo.’ Siyatshelwa: “Ukuya endlini yakhe kufana nokuya ekufeni.” (IzAga 2:11-19) IzAga 5:3-10 zisixwayisa ngomunye “wesifazane ondindayo,” ‘izinyawo zakhe ezehlela ekufeni.’

8. Yisiphi isinqumo okumele sisenze?

8 Labo abezwa isimemo esivela ‘kowesifazane oyisiphukuphuku’ kumele benze isinqumo: Bazosamukela yini noma bazosenqaba? Nathi kungase kudingeke senze isinqumo esinjalo. Lapho othile ezama ukusenza siziphathe kabi ngokocansi noma sizithela ezithombeni zocansi ezingcolile kuyi-inthanethi, siyokwenzenjani?

9-10. Yiziphi ezinye zezizathu ezenza sigweme ukuziphatha kabi ngokocansi?

9 Kunezizathu ezinhle zokuthi kungani kufanele sigweme ukuziphatha kabi ngokocansi. “Owesifazane oyisiphukuphuku” uthi: “Amanzi ebiwe amtoti.” Ayini la “manzi ebiwe”? IBhayibheli lifanisa ucansi olwenziwa abantu abashadile namanzi aqabulayo. (IzAga 5:15-18) Indoda nomkayo abashade ngokusemthethweni bangazijabulela izenzo zocansi ezifanele emshadweni wabo. Nokho, kuhlukile uma sekuziwa ‘emanzini ebiwe.’ Angase asho ukuziphatha kabi ngokocansi. Lokho kuziphatha kabi kuvame ukwenzeka ekusithekeni, njengoba nje nesela livame ukweba ekusithekeni lingabonwa muntu. “Amanzi ebiwe” angase abonakale emtoti, ikakhulukazi uma labo abawebayo benomuzwa wokuthi akekho ozokuthola abakwenzile. Ukuzikhohlisa okudabukisayo lokho! UJehova ubona yonke into. Ayikho into ebuhlungu njengokulahlekelwa umusa kaJehova. (1 Kor. 6:9, 10) Kodwa akupheleli lapho.

10 Ukuziphatha kabi ngokocansi kungenza umuntu azizwe elulazekile, engelutho, kubangele ukukhulelwa okungahleliwe, kubhidlize nemindeni. Kuyacaca ukuthi kuwukuhlakanipha ukugwema ‘indlu’ yowesifazane oyisiphukuphuku nokudla kwakhe. Ngaphezu kokulahlekelwa ubuhlobo obuhle noJehova, abantu abaningi abaziphatha kabi bangenwa yizifo ezingababulala. (IzAga 7:23, 26) Ivesi 18 lesahluko 9 liphetha ngala mazwi: “Izivakashi zakhe zisekujuleni kweThuna.” Pho, kungani-ke abaningi besamukela isimemo sakhe esikhohlisayo esiholela enhlekeleleni?​—IzAga 9:13-18.

11. Kungani ukubukela izithombe zocansi ezingcolile kuyingozi kakhulu?

11 Isicupho esivamile yizithombe zocansi ezingcolile. Abanye bacabanga ukuthi ukuzibukela akulimazi. Kanti ziyalimaza, ziyalulaza futhi zikwenza umlutha. Azisuki engqondweni, kunzima ukuzikhohlwa. Ngaphezu kwalokho, izithombe zocansi ezingcolile azizibulali izifiso ezingafanele; zizenza zibe namandla. (Kol. 3:5; Jak. 1:14, 15) Abaningi abazibukelayo bagcina sebeziphathe kabi.

12. Singabonisa kanjani ukuthi siyazama ukugwema izithombe ezivusa inkanuko?

12 Thina maKristu, yini okufanele siyenze uma kuvela isithombe socansi esingcolile emshinini wethu wezobuchwepheshe singalindele? Kufanele sibalekise amehlo ethu ngokushesha. Into engasisiza senze kanjalo ukukhumbula ukuthi into ebaluleke kunazo zonke ubuhlobo bethu noJehova. Empeleni, izithombe ezingabhekwa njengezithombe ezingcolile zocansi zingase ziyivuse inkanuko. Kungani kufanele sizigweme? Kungoba asifuni ngisho ukuthatha isinyathelo esincane esingaholela ekuphingeni ezinhliziyweni zethu. (Math. 5:28, 29) Umdala waseThailand okuthiwa uDavid uthi: “Ngiye ngizibuze: ‘Ngisho noma lezi zithombe kungezona izithombe zocansi ezingcolile, uzojabula yini uJehova uma ngiqhubeka ngizibuka?’ Le ndlela yokucabanga iyangisiza ngenze isinqumo esihlakaniphile.”

13. Yini esisiza senze ngokuhlakanipha?

13 Ukwesaba uJehova ngendlela efanele kungasisiza senze ngokuhlakanipha, singamdumazi. Ukwesaba uNkulunkulu “kungukuqala,” noma isisekelo ‘sokuhlakanipha.’ (IzAga 9:10) Lokhu kuboniswe kahle ekuqaleni kwencwadi yezAga isahluko 9, lapho sifunda khona ngomunye wesifazane ongokomfanekiso, obizwa ngokuthi “ukuhlakanipha kweqiniso.”

YAMUKELA ISIMEMO ESIVELA ‘EKUHLAKANIPHENI KWEQINISO’

14. Yisiphi isimemo esihlukile esisencwadini yezAga 9:1-6?

14 Funda izAga 9:1-6. Lapha sifunda ngesimemo esivela kuMdali wethu ohlakaniphile, onguMthombo neSisekelo sokuhlakanipha kweqiniso. (IzAga 2:6; Roma 16:27) Umfanekiso osetshenziswe lapha ukhuluma ngendlu enkulu enezinsika eziyisikhombisa. Lokhu kubonisa ukuthi uJehova akancishani ngalokhu kuhlakanipha, ubapha bonke abafuna ukukusebenzisa ekuphileni kwabo.

15. UNkulunkulu usicela ukuba senzeni?

15 UJehova uyapha futhi unesandla esivulekile. Kulo wesifazane ongokomfanekiso obizwa ngokuthi “ukuhlakanipha kweqiniso” encwadini yezAga isahluko 9, ziyabonakala lezi zimfanelo. Le ndaba ekhuluma ngowesifazane ongokomfanekiso ithi useyilungisile inyama, waxuba iwayini, wadeka netafula emzini wakhe. (IzAga 9:2) Ngaphezu kwalokho, ivesi 4 no-5 lithi: “[Ukuhlakanipha okwenziwe samuntu] kontula ukuhlakanipha kuthi: ‘Woza udle isinkwa sami.’” Kungani kufanele siye endlini yokuhlakanipha kweqiniso sidle ukudla kwako? Kungoba uJehova ufuna izingane zakhe zihlakaniphe futhi ziphephe. Akafuni sifunde kanzima​—sifunde emaphutheni ethu futhi sihlale sizisola. Yingakho ‘abaqotho ebagcinela ukuhlakanipha.’ (IzAga 2:7) Uma simesaba ngendlela efanele uJehova siyofuna ukumjabulisa. Siyasilalela iseluleko sakhe esihlakaniphile, siyakujabulela nokusisebenzisa.​—Jak. 1:25.

16. Ukwesaba uNkulunkulu kwamsiza kanjani u-Alain ukuba enze isinqumo esihlakaniphile, futhi kwaba namuphi umphumela?

16 Cabanga indlela ukwesaba uNkulunkulu okwamsiza ngayo u-Alain wenza isinqumo esihlakaniphile. Lo mdala onguthisha esikoleni wathi, “Ozakwethu abaningi babebheka amafilimu abonisa ucansi njengayindlela yokuzifundisa ngocansi.” Kodwa u-Alain wayazi ukuthi amanga lawo. Wathi: “Ngenxa yokuthi ngiyamthanda futhi ngiyamhlonipha uJehova, ngenqaba ngaphetha ukubukela lawo mafilimu. Ngachazela nozakwethu ukuthi kungani ngingawabukeli.” Wayesebenzisa iseluleko esivela ‘ekuhlakanipheni kweqiniso’ sokuba ‘ahambe endleleni yokuqonda.’ (IzAga 9:6) Bebona indlela enza ngayo u-Alain, abanye othisha manje sebetadisha iBhayibheli futhi bayaya nasemihlanganweni yobuKristu.

Ukwamukela isimemo esivela ‘ekuhlakanipheni kweqiniso’ kungaholela ekuphileni okuphakade (Bheka izigaba 17-18)

17-18. Bathola ziphi izibusiso labo abamukela isimemo esivela ‘ekuhlakanipheni kweqiniso,’ futhi yini abangayilindela esikhathini esizayo? (Bheka nesithombe.)

17 Esebenzisa abesifazane ababili abangokomfanekiso, uJehova usibonise indlela esingaba ngayo nekusasa elijabulisayo. Labo abamukela isimemo esivela ‘kowesifazane oyisiphukuphuku’ onomsindo, bagxila ekujabuleleni ukuziphatha okubi abakwenza ekusithekeni. Eqinisweni, baphilela olwanamuhla, abanandaba nekusasa. Isiphetho sabo ‘sisekujuleni kweThuna.’​—IzAga 9:13, 17, 18.

18 Lesi siphetho sihluke kakhulu kwesalabo abamukela isimemo esivela ‘ekuhlakanipheni kweqiniso’! Manje izimenywa zako zijabulela idili elilungiselelwe kahle nelinokudla okunempilo nokuzenza zisondele kuJehova. (Isaya 65:13) Ngomprofethi u-Isaya, uJehova uthi: “Ngilalelisiseni, nidle okuhle, niyothola injabulo enkulu kulokho okucebe ngempela.” (Isaya 55:1, 2) Sifunda ukuthanda lokho okuthandwa uJehova nokuzonda lokho akuzondayo. (IHu. 97:10) Kuyasijabulisa nokumema nabanye ukuba bazuze ‘ekuhlakanipheni kweqiniso.’ Kunjengokungathi ‘simemeza siphezu kwezindawo eziphakeme zedolobha, sithi: “Noma ubani ongenalwazi, makangene lapha.”’ Izinzuzo esizitholayo nezitholwa yilabo abamukela lesi simemo azipheleli lapha. Zihlala phakade, zisenze ‘siphile’ phakade njengoba ‘sihamba endleleni yokuqonda.’​—IzAga 9:3, 4, 6.

19. Ngokuvumelana nalokho okushiwo umShumayeli 12:13, 14, yini okufanele sizimisele ukuyenza? (Bheka nebhokisi elithi “ Ukwesaba UNkulunkulu Kuyasizuzisa.”)

19 Funda umShumayeli 12:13, 14. Kwangathi ukwesaba uNkulunkulu kungaqhubeka kulonda izinhliziyo zethu, kusisize siziphathe ngendlela ehlanzekile futhi sisondelane noJehova kulezi zinsuku zokugcina ezimbi. Lokho kwesaba uNkulunkulu ngendlela efanele kuzosikhuthaza ukuba siqhubeke simema abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bafune “ukuhlakanipha kweqiniso” futhi bazuze kukho.

INGOMA 127 Uhlobo Lomuntu Okufanele Ngibe Yilo

a AmaKristu afuna ukufunda ukwesaba uNkulunkulu ngendlela efanele. Ukwesaba okunjalo kungazilonda izinhliziyo zethu, kusivikele ekuziphatheni kabi ngokocansi nasekubukeleni izithombe ezingcolile zocansi. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngencwadi yezAga isahluko 9, ekhuluma ngabesifazane ababili, omunye umelela ubuwula, omunye umelela ukuhlakanipha kweqiniso. Lesi sihloko singasisiza sizuze manje nasesikhathini esizayo.

b Amanye amagama ashintshiwe.