ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 25
INGOMA 7 UJehova Ungamandla Ethu
Khumbula Ukuthi UJehova “UnguNkulunkulu Ophilayo”
“UJehova uyaphila!”—IHU. 18:46.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizuza kakhulu lapho sikhumbula ukuthi uNkulunkulu esimkhonzayo “unguNkulunkulu ophilayo.”
1. Yini esiza abantu bakaJehova ukuba baqhubeke bemkhonza naphezu kwezinkinga ababhekana nazo?
“IZIKHATHI ezibucayi okunzima ukubhekana nazo”—iBhayibheli lisichaza kanjalo isikhathi esiphila kuso. (2 Thim. 3:1) Naphezu kwezinkinga sonke esibhekana nazo kule lizwe elibi likaSathane, abantu bakaJehova kudingeka babhekane nokuphikiswa nokushushiswa. Yini esisiza ukuba siqhubeke sikhonza uJehova naphezu kwalezi zinkinga? Isizathu esiyinhloko ukuthi simbonile uJehova esisiza futhi siyazi ukuthi “unguNkulunkulu ophilayo.”—Jer. 10:10; 2 Thim. 1:12.
2. Yini esiyaziyo ngoJehova engasenza siqine?
2 UJehova ungokoqobo, uyasisiza lapho sibhekene novivinyo futhi ubheka amathuba okusisekela. (2 IziKr. 16:9; IHu. 23:4) Ukumbheka njengoNkulunkulu ophilayo kungasisiza sibhekane ngokuphumelelayo nanoma yiluphi uvivinyo esibhekana nalo. Cabanga ngendlela iNkosi uDavide eyakwenza ngayo lokho.
3. Wayesho ukuthini uDavide lapho ethi “uJehova uyaphila”?
3 UDavide wayemazi uJehova futhi wayethembela kuye. Lapho izitha zakhe okuhlanganisa neNkosi uSawule zifuna ukumbulala, wathandaza kuJehova ecela usizo. (IHu. 18:6) Ngemva kokuba uNkulunkulu ephendule umthandazo wakhe futhi wamsindisa, uDavide wathi: “UJehova uyaphila!” (IHu. 18:46) Ngokusho la mazwi, uDavide wayengavumi nje kuphela ukuthi uNkulunkulu ukhona. Enye incwadi ibonisa ukuthi uDavide wayeveza ukuqiniseka ayenakho kokuthi uJehova “njengoNkulunkulu ophilayo uyohlale ebasiza abantu bakhe.” Ngempela, izinto uDavide abhekana nazo zamenza waqiniseka ukuthi uNkulunkulu wakhe uyaphila, lokho kuqiniseka kwamenza wazimisela nakakhulu ukukhonza uJehova nokumdumisa.—IHu. 18:28, 29, 49.
4. Kusizuzisa kanjani ukubheka uJehova njengoNkulunkulu ophilayo?
4 Ukuqiniseka ngokuthi uJehova unguNkulunkulu ophilayo kungasisiza simkhonze ngentshiseko. Siyoba namandla okukhuthazelela uvivinyo, sikhuthazeke nokuba siqhubeke sisebenza kanzima enkonzweni yakhe. Sizozimisela nokuhlale sisondelene noJehova.
UNKULUNKULU OPHILAYO UZOKUNIKA AMANDLA
5. Yini esingaqiniseka ngayo lapho sibhekene novivinyo? (Filipi 4:13)
5 Sizokwazi ukukhuthazelela noma yiluphi uvivinyo, kungakhathaliseki ukuthi lukhulu noma luncane, uma sikhumbula ukuthi uJehova uyaphila nokuthi ukhona ukuze asisize. Ngaphezu kwakho konke, noma iyiphi inkinga esibhekana nayo ngeke imehlule uNkulunkulu wethu. UnguMninimandla Onke, angasinika amandla okuba sikhuthazele. (Funda eyabaseFilipi 4:13.) Ngakho lokho kusenza sibe namandla lapho sibhekene novivinyo. Ukubona indlela uJehova asisekela ngayo lapho sibhekene novivinyo oluncane kusenza siqiniseke ngokuthi uzosisiza nalapho sibhekene novivinyo olukhulu.
6. Yiziphi izinto ezenzeka kuDavide lapho esemusha ezamenza wamethemba nakakhulu uJehova?
6 Cabanga ngezinto ezimbili ezenzeka ekuphileni kukaDavide ezamenza wamethemba nakakhulu uJehova. Ngesikhathi uDavide esengumfana engumalusi, ibhere nebhubesi lathatha izimvu zikayise. Kuzo zombili lezi zenzakalo, ngesibindi uDavide wajaha ibhere nebhubesi wasindisa izimvu. Nokho, akazange athi lokhu ukwenze ngamandla akhe. Wayazi ukuthi nguJehova owayemnike amandla okwenza lokho. (1 Sam. 17:34-37) UDavide akazange akukhohlwe lokho okwenzeka. Ukuzindla ngalezi zinto kwamenza waqiniseka ukuthi uNkulunkulu ophilayo uyomnika amandla nasesikhathini esizayo.
7. Ukuba nombono ofanele kwamsiza kanjani uDavide ukuba alwe noGoliyati?
7 Kamuva, cishe esengumfana, uDavide wavakashela ikamu lebutho lakwa-Israyeli. Wathola ukuthi amasosha ayethukile ngenxa yokuthi umdondoshiya ongumFilisti okuthiwa uGoliyati ‘wayeliphonsele inselele ibutho lakwa-Israyeli.’ (1 Sam. 17:10, 11) Amasosha ayesaba ngoba ayegxile endleleni uGoliyati ayewumdondoshiya ngayo nasezintweni ayezisho kuwo. (1 Sam. 17:24, 25) Nokho, uDavide wayesibheka ngenye indlela lesi simo. Wabheka lokho okwakwenzeka njengenselele, hhayi nje inselele eyayibhekene nebutho lempi lama-Israyeli kodwa eyayibhekene ‘nebutho lempi likaNkulunkulu ophilayo.’ (1 Sam. 17:26) UDavide wayecabanga ngoJehova. Wayemethemba uNkulunkulu owamsiza ngesikhathi esengumalusi ukuthi wayezophinde amsize nakulesi simo. Eqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uzomsiza, uDavide walwa noGoliyati futhi nangempela wanqoba!—1 Sam. 17:45-51.
8. Yini engasenza siqiniseke ukuthi uJehova uzosisiza lapho sibhekene novivinyo? (Bheka nesithombe.)
8 Nathi singakwazi ukubhekana novivinyo ngokuphumelelayo uma sikhumbula ukuthi uNkulunkulu ophilayo ukulungele ukusisiza. (IHu. 118:6) Singakwethemba nakakhulu lokho uma sicabanga ngasenzele kona esikhathini esidlule. Funda izindaba eziseBhayibhelini ezikukhumbuza indlela uJehova abasindisa ngayo abakhulekeli bakhe. (Isaya 37:17, 33-37) Funda noma ubukele imibiko kuwebusayithi yethu ethi jw.org ebonisa indlela uJehova abasekele ngayo abafowethu nodadewethu esikhathini sethu. Ngaphezu kwalokho, khumbula izikhathi uJehova akusize ngazo. Ungazizwa kabi uma kungekho okukhumbulayo okumangalisayo akusize kukho, mhlawumbe into efana nokulwa nebhere noma nebhubesi. Kungani? Iqiniso liwukuthi uJehova usekwenzele izinto eziningi ekuphileni kwakho! Ukudonsele kuye ukuze ube umngani wakhe. (Joh. 6:44) Ngisho kwamanje, usaqhubeka umkhonza ngenxa yosizo lwakhe. Kungani ungamceli akusize ukhumbule izikhathi lapho aphendule khona imithandazo yakho, wakusekela ngesikhathi esifanele noma wakusiza lapho ubhekene nesimo esinzima? Ukucabanga ngalezi zinto kuzokusiza uqiniseke nakakhulu ukuthi uJehova uzoqhubeka ekusiza.
9. Yini okufanele siyikhumbule lapho sibhekana novivinyo? (IzAga 27:11)
9 Ukubheka uJehova njengoMuntu ongokoqobo kuzosenza sibheke uvivinyo esibhekana nalo ngendlela efanele. Kanjani? Sizobheka uvivinyo esibhekana nalo njengempikiswano enkulu ephakathi kukaJehova noSathane. UDeveli uthi uma sibhekana nezimo ezinzima sizomshiya uJehova. (Jobe 1:10, 11; funda izAga 27:11.) Kodwa uma sihlala siqotho kuJehova naphezu kovivinyo esibhekana nalo, sibonisa ukuthi siyamthanda nokuthi uDeveli ungumqambimanga. Ingabe ubhekene nokuphikiswa uhulumeni, izimo zomnotho ezinzima, abantu obashumayezayo abakulaleli, noma olunye uvivinyo? Uma kunjalo, khumbula ukuthi isimo obhekene naso sikunikeza ithuba lokujabulisa uJehova. Khumbula nokuthi ngeke avumele ukuba ulingwe ngaphezu kwalokho ongakuthwala. (1 Kor. 10:13) Uzokunika amandla okukhuthazela.
UNKULUNKULU OPHILAYO UZOKUVUZA
10. Yini uNkulunkulu ophilayo azoyenzela labo abamkhonzayo?
10 UJehova uyabavuza labo abamkhonzayo. (Heb. 11:6) Usinikeza ukuthula nokwaneliseka manje futhi esikhathini esizayo uyosinika ukuphila okuphakade. Singathembela kuJehova, siqiniseka ngokuthi unesifiso namandla okusivuza. Lokho kuqiniseka kusenza sihlale simatasa ekumkhonzeni, njengoba nezinceku ezithembekile zikaNkulunkulu zangesikhathi esidlule zenza kanjalo. Yilokho uThimothewu akwenza ekhulwini lokuqala.—Heb. 6:10-12.
11. Yini eyenza uThimothewu wasebenza kanzima ebandleni? (1 Thimothewu 4:10)
11 Funda eyoku-1 Thimothewu 4:10. UThimothewu wathembela kuNkulunkulu ophilayo. Ngakho, wayenesizathu esihle sokusebenza kanzima nesokuzikhandla. Wakwenza kanjani lokho? Umphostoli uPawulu wamkhuthaza ukuba athuthuke ekufundiseni enkonzweni yasensimini nasebandleni. UPawulu watshela uThimothewu nokuba abe yisibonelo esihle kwakholwa nabo, abancane nabadala. Wanikwa nezabelo ezinzima, ezazihlanganisa ukunikeza isiyalo esiqinile kodwa esibonisa uthando kulabo ababesidinga. (1 Thim. 4:11-16; 2 Thim. 4:1-5) UThimothewu wayengaqiniseka ngokuthi ngisho nalapho abanye babengawuboni umsebenzi awenzayo noma bengawazisi, uJehova wayeyomvuza.—Roma 2:6, 7.
12. Yini engakhuthaza abadala ukuba bahlale bematasa emsebenzini wabo? (Bheka nesithombe.)
12 Namuhla, abadala nabo bangaqiniseka ngokuthi uJehova uyawubona futhi uyawazisa umsebenzi omuhle abawenzayo. Naphezu kokwalusa, ukufundisa nokushumayela, abadala abaningi basiza emisebenzini yokwakha nalapho kugadle khona izinhlekelele. Abanye basiza emaKomitini Okubonisana Nezibhedlela noma emaQenjini Avakashela Iziguli. Abadala abakulungele ukwenza le misebenzi babheka ibandla njengelungiselelo likaJehova, hhayi elomuntu. Ngenxa yalokho, izabelo zabo bazenza ngomphefumulo wonke futhi bamethemba ngokugcwele uNkulunkulu ukuthi uzobavuza ngenxa yalokho abakwenzayo.—Kol. 3:23, 24.
13. UJehova uzizwa kanjani ngemizamo oyenzayo enkonzweni yakhe?
13 Akuyena wonke umuntu ongaba umdala. Kodwa sonke kukhona esingamenzela kona uJehova. UNkulunkulu wethu ujabula kakhulu lapho senza konke esingakwenza ukuze simkhonze. Uyayibona iminikelo esiyinikela emsebenzini womhlaba wonke, kungakhathaliseki ukuthi ingakanani. Uyajabula lapho siphakamisa isandla emihlanganweni ukuze siphendule ngisho noma sinamahloni, uyajabula nalapho sibathethelela abasonayo. Ngisho noma unomuzwa wokuthi ngeke ukwazi ukwenza lokho obungathanda ukukwenza, qiniseka ngokuthi uyakwazisa lokho okwazi ukumenzela kona. Uyakuthanda ngenxa yemizamo oyenzayo futhi uzokuvuza.—Luka 21:1-4.
HLALA USONDELENE NONKULUNKULU OPHILAYO
14. Ukuhlala sisondelene noJehova kusisiza kanjani sihlale sithembekile? (Bheka nesithombe.)
14 Uma uJehova engokoqobo kithi, kuzoba lula ukuhlala sithembekile kuye. Kwakunjalo nangoJosefa. Wakwenqaba ngokuphelele ukuziphatha kabi ngokocansi. UNkulunkulu wayengokoqobo kuye futhi wayengafuni ukumdumaza. (Gen. 39:9) Ukuze uJehova abe ngokoqobo kithi, kudingeka sibe nesikhathi sokuthandaza nesokutadisha iZwi lakhe. Ubungani bethu naye buzobe sebuyakhula. Uma nathi njengoJosefa sinobungani obuseduze noJehova, ngeke sifune ukwenza noma yini ezomdumaza.—Jak. 4:8.
15. Yisiphi isifundo esingasifunda kulokho okwenzeka kuma-Israyeli ngesikhathi esehlane? (Hebheru 3:12)
15 Labo abakhohlwayo ukuthi uJehova unguNkulunkulu ophilayo bangaqhela kalula kuye. Cabanga ngalokho okwenzeka kuma-Israyeli ngesikhathi esehlane. Ayazi ukuthi uJehova ukhona, kodwa aqala ukungabaza ukuthi uzowanakekela. Aze abuza: “Ingabe uJehova ukhona phakathi kwethu noma cha?” (Eks. 17:2, 7) Ngemva kwalokho avukela uNkulunkulu. Ngokuqinisekile, sifuna ukugwema ukulingisa ukungalaleli kwawo, okuyisibonelo esiyisixwayiso kithi.—Funda eyamaHebheru 3:12.
16. Yini engavivinya ukholo lwethu?
16 Izwe likwenza kube nzima ukuba sihlale sisondelene noJehova. Abaningi bayaphika ukuthi uNkulunkulu ukhona. Ngokuvamile, labo abakushaya indiva lokho okufunwa uNkulunkulu babonakala bephumelela. Lapho sibona lokho kwenzeka, ukholo lwethu lungavivinyeka. Nakuba singase singaphiki ukuthi uNkulunkulu ukhona, singase siqale ukuzibuza ukuthi uzosisiza yini. Umbhali weHubo 73 naye wake wazizwa ngaleyo ndlela. Wabona labo ababemzungezile beyishaya indiva imithetho kaNkulunkulu kodwa bephila kamnandi. Ngenxa yalokho, waqala ukuzibuza ukuthi kwakumsiza yini ukukhonza uNkulunkulu.—IHu. 73:11-13.
17. Yini ezosisiza sihlale sisondelene noJehova?
17 Yini eyagcina isize umhubi ukuba alungise umbono wakhe? Wazindla ngalokho okwakuyokwenzeka kulabo abakhohlwa uJehova. (IHu. 73:18, 19, 27) Wacabanga nangezinzuzo ezitholakala ngokukhonza uNkulunkulu. (IHu. 73:24) Nathi singacabanga ngezibusiso uJehova asinike zona. Cabanga ukuthi ukuphila kwethu bekuyoba njani ukube besingamkhonzi uJehova. Ukwenza kanjalo kungasisiza sihlale sithembekile, njengomhubi sithi: “Ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.”—IHu. 73:28.
18. Kungani kungadingeki sikwesabe okuzokwenzeka esikhathini esizayo?
18 Singakwazi ukubhekana nanoma yiziphi izinkinga ezingasehlela phakathi nalezi zinsuku zokugcina ngenxa yokuthi ‘siyizinceku zikaNkulunkulu ophilayo noweqiniso.’ (1 Thes. 1:9) UNkulunkulu wethu unguMuntu ongokoqobo obasizayo labo abamkhonzayo. Wabonisa ukuthi wayezisekela izinceku zakhe esikhathini esidlule, nathi uyasisekela namuhla. Maduze sizobhekana nosizi olukhulu olungakaze lube khona emhlabeni. Kodwa ngeke sibhekane nalo sisodwa. (Isaya 41:10) Kwangathi sonke singaba “nesibindi futhi sithi: ‘UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe.’”—Heb. 13:5, 6.
INGOMA 3 Ungamandla Nethemba Lethu, Sincike Kuwe