INQABAYOKULINDA​—EFUNDWAYO Mashi 2018

Lo magazini unezihloko ezifundwayo zika-Ephreli 30 kuya kuJuni 3, 2018.

Ukuze Sibe AmaKristu Kumelwe Sibhapathizwe

Yini efundiswa yiBhayibheli ngokubhapathizwa? Yiziphi izinyathelo okufanele umuntu azithathe ngaphambi kokuba abhapathizwe? Kungani kufanele umKristu acabange ngokubhapathizwa lapho efundela izingane zakhe noma umuntu amfundisa iBhayibheli?

Bazali, Niyazisiza Yini Izingane Zenu Ukuba Zibhapathizwe?

Yini abazali abangamaKristu abafuna ukuqiniseka ngayo ngaphambi kokuba izingane zabo zibhapathizwe?

IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungani emidwebweni yoFakazi BakaJehova kuvezwa umphostoli uPawulu enempandla noma enezinwele ezincane?

Siyakudinga Ukungenisa Izihambi!

Kungani imiBhalo ikhuthaza amaKristu ukuba ameme abanye? Yimaphi amathuba esinawo okumema abanye? Singabhekana kanjani nezinto ezingasivimba singabamemi abanye?

INDABA YOKUPHILA

UJehova Akakaze Angidumaze!

U-Erika Nöhrer Bright usekhonze njengephayona elivamile, iphayona elikhethekile nesithunywa sevangeli. Ukhumbula indlela uNkulunkulu amvikela namqinisa ngayo eminyakeni eminingi esenkonzweni.

Isiyalo Siwubufakazi Bokuthi UNkulunkulu Uyasithanda

Yini esiyifunda kulabo abayalwa uNkulunkulu endulo? Lapho kudingeka sinike abantu isiyalo, singamlingisa kanjani uJehova?

“Lalelani Isiyalo Nihlakaniphe”

UJehova usifundisa kanjani ukuzikhuza? Singazuza kanjani esiyalweni esingase sisithole ebandleni lobuKristu?